Ngo-2017
Ukukhomba Phakathi Nendawo
Januwari 2017


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, uJanuwari 2017

Ukukhomba Phakathi Nendawo

Kungekude nje, ngabuka isixuku sabantu sizijwayeza umdlalo womcibisholo Ngokubuka nje, kwabonakala ngokusobala kimi ukuba uma ufuna ngempela ukunqoba umcibisholo, kuthatha isikhathi eside kanye nokuzijwayeza.

Angicabangi ukuba ungathola udumo lokuba ngumzingeli oqavile ngokudubula udonga olungenalutho bese-ke udweba isigcibisholo eduzane nomcibisholo. Kumele ufunde indlela okuyona yokuthola isigcibisholo kanye nokuqondisa esweni lenkunzi.

Ukudweba Izigcibisholo

Ukuqala ngokudubula bese udweba isigcibisholo emva kwalokho kungabukeka kungenamqondo, kepha ngezinye izikhathi thina sibonisa leyondlela ezimweni zempilo zethu.

Njengamalunga eBandla, sinomkhuba wokuzibandakanya nezinhlelo zevangeli, izinkinga, kanye nezimfundiso lezo ezihehayo, ezibalulekile, noma ezijabulisa thina. Siyalingeka ngokuba sidwebe izigcibisholo kuzo, okusenza sikholwe ukuthi sikhomba phakathi kwevangeli.

Lokhu kulula ukukwenza.

Eminyakeni edlulile sithole ukweluleka okuhle kakhulu kanye nogqozi oluvela kubaprofethi bakaNkulunkulu. Futhi sithola indlela kanye nencazelo evela ezincwadini ezahlukahlukene, izincwadi eziphathwa ngezandla, kanye nezincwadi zeBandla ezikhombisayo. Singakwazi kalula ukukhetha isahluko esithandwa yithi sevangeli, sidwebe iso lenkunzi kuso, sibe nesiqiniseko sokuthi silikhombile iphakathi levangeli.

UMsindisi Uyachaza

Lena akuyona inkinga yezinsuku zethu. Emandulo, abaholi benkolo bachitha isikhathi esiningi behlela, beqhathanisa, futhi bephikisana ngokuthi kwimiyalelo engamakhulu kwakuyiphi eyayibaluleke kakhulu.

Ngolunye usuku isixuku sabafundi benkolo sazama ukufaka uMsindisi kwingxoxo ababenayo. Bamcela ukuba akale udaba lolo abambalwa ababekwazi ukuvumelana ngalo.

“Nkosi,” bembuza Yena “imuphi umyalelo omkhulu kunawo wonke emthethweni na?”

Siyazi sonke ukuthi uJesu waphendula wathini: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.

“Yilowo umyalo wokuqala futhi omkhulu.

“Owesibili ofana nawo uthi, Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

“Kuleyo miyalelo emibili kubambelela wonke umthetho kanye nabaprofethi.”1

Buka ngokuqaphelisisa kulo musho wokugcina: “Kuleyo miyalelo emibili kubambelela wonke umthetho kanye nabaprofethi .”

Umsindisi akazange asibonise kuphela isigcibisholo, kepha uye wathola neso lenkunzi.

Ukuhlaba Isigcibisholo

Njengamalungu eBandla, siyathembisa ukuba siyakuthatha igama likaJesu Kristu kithina. Okuphakathi kwalomyalelo ukuzwisisa ukuthi sizozama ukuba sifunde ngoNkulunkulu, simthande, sikholwe kakhulu Kuyena, simhloniphe, sihambe ezinyathelweni Zakhe, futhi sibe ngofakazi Bakhe abaqotho ngaso sonke isikhathi.

Uma sifunda kabanzi ngoNkulunkulu futhi sizwa uthando Lwakhe, yima sibona ukuthi umnikelo kaJesu Kristu ongapheliyo uyisipho sikaNkulunkulu. Futhi uthando lukaNkulunkulu lusigqugquzelela ukuba sisebenzise indlela yokuguquka ngeqiniso, leyo ezosiholela ekuxolelweni okuyisimangaliso. Le ndlela isenza ukuba sibe nothando olukhulu kanye nozwelo kulabo abaseduze kanye nathi. Sizofunda ukungabuki ibala lomuntu. Sizonqoba isilingo sokukhomba noma sehlulele abanye ngezono zabo, ukuhluleka kwabo, ububi, ezepolitiki, ukubeka icala ngokwenkolo, izinhlanga, noma ibala lesikhumba.

Sizobona wonke umuntu esihlangabezana naye njengomtwana kaBaba wethu waseZulwini—umfowethu noma udadewethu.

Sizosiza abanye ngokuzwana kanye nangothando—ngisho nalabo okungalula ukuba sibathande. Sizozila kanye nalabo abazilile futhi siduduze labo abadinga induduzo.2

Sizobona ukuthi asikho isidingo sokuphikisana mayelana nokuthi yisiphi isigcibisholo sevangeli esiyiqiniso.

Imiyalelo emibili emikhulu iyisgcibisholo. “Kulemiyalelo emibili beka wonke umthetho kanye nabaprofethi.”3 Ngesikhathi samukela lokhu, zonke ezinye izinto ezilungile zizakubakhona.

Uma ukuzimisela kwethu, imicabango, kanye nemizamo kubheke phakathi ekukhuliseni uthando lwethu kuNkulunkulu Usomandla kanye nokuvula izinhliziyo zethu kwabanye, sizokwazi ukuthi sisitholile isigcibisholo seqiniso futhi siqondise esweni lenkomo—sibe ngabafundi beqiniso bakaJesu Kristu.

IMfundiso Evela kuloMlayezo

Ngaphandle kokuba wabelane ngalomyalezo, ungahlabelela “Our Savior’s Love” (AmaHubo, no. 113). Bese ucabange ukukhuthaza labo obavakashelayo ukuthi becabange “ngezigcibisholo” ezimpilweni zabo. Ungaxoxisana ngezindlela ezingaqinisekisa ukuthi imiyalelo emibili emikhulu—ukuba “uthande iNkosi uNkulunkulu wakho” futhi “uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena” (bona uMatewu 22:37, 39)—njalo zihola izenzo zabo. Ungahle futhi wabelane ngezindlela ezithize lapho wena wanikela ngempilo yakho kuMsindisi futhi wabelane ngobufakazi bakho ukuthi kuyibusise kanjani impilo yakho.

Shicilela