Ngo-2017
Injongo yeNhlangano yokuSiza yabesiFazane
Januwari 2017


UMYALEZO Wokufundiswa Ngokuvakashelana, uJanuwari 2017

Injongo yeNhlangano yokuSiza yabesiFazane

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Injongo yeNhlangano yokuSiza yabesiFazane uku “lungiselela abesifazane ukuba bathole izibusiso zempilo yangunaphakade,” kusho uLinda K. Burton, uMongameli Jikelele weNhlangano yokuSiza yabesiFazane.1 Ngokukholwa, umndeni, kanye nenkululeko sikwazi ukuzibandakanya “nengxenye yethu ebalulekile emsebenzini.”2

“INhlangano yokuSiza yabesiFazane “umsebenzi ophelayo futhi wongomoya ongcwele,” kusho u Carole M. Stephens, Umeluleki Wokuqala KubuMongameli Jikelele weNhlangano yokuSiza yabesiFazane. “Yikona lokho abesifazane babekwenza ngezinsuku zikaMsindisi, futhi siqhubeka senza lokho”3

Njengoba sibuka owesifazane ongumsamarithiya ngalapho kukhiwa amanzi, loyo awashiya phansi ikhamba lakhe wase egijima ayotshela abanye abantu ukuthi uJesu ungumprofethi (bona uJohane 4:6–42) noma uPhebe, owasebenzela ukusiza abantu empilweni yakhe yonke ( bona AbaseRoma 16:1–2) sibona izibonelo zabesifazane ngezinsuku zikaMsindisi abathatha ithuba lokuba noKristu. Uyena ovula indlela yethu eya empilweni yangunaphakade (bona uJohane 3:16

Njengoba sibuka kumavulandlela angodade eNauvoo, Illinois, ahlangana ekhaya lika Sarah Kimball ngomhlaka ka-1842 ukuze bakhe iqembu labo, sibona uhlelo lukaNkulunkulu lokuletha iNhlangano yokuSiza yabesiFazane ukuba ihambisane ndawonye kanye nobuphristi. Emva kokuba u-Eliza R. Snow ebhale umthetho sisekelo, uMprofethi uJoseph Smith wawufunda. Wabona ukuthi iBandla alihlangene ngokupheleleyo ngaphambi kokuba abesifazane bahlangane. Wathi iNkosi Iwamkelile umnikelo wabo kepha kwakusekhona into engcono ebebengayenza. “Ngizohlanganisa abesimame ngaphansi kobupristi emva kwephethini yobupristi.” wakhuluma4

“INhlangano yokuSiza yabesiFazane yayingelona elinye iqembu labesifazane abahlangene bezama ukwenza okuhle emhlabeni. Yayihlukile. Kwakuyinto ‘engcono ngempela’ ngokuba yasungulwa ngaphansi komthetho wobuphristi Inhlangano yayo kwakwiyisinyathelo esasidingekile ukuze kwembule umsebenzi kaNkulunkulu lapha emhlabeni.”5

Imibhalo eNgcwele kanye nolwazi olungeziwe

IMfundiso neziVumelwano 25:2–3;10; 88:73; reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. uLinda K. Burton, kuSarah Jane Weaver, “Relief Society Celebrates Birthday and More March 17,” Izindaba zeBandla, Mar. 13, 2015, news.lds.org

  2. uLinda K. Burton, kuWeaver, “Relief Society Celebrates Birthday.”

  3. uCarole M. Stephens, e Weaver, “Relief Society Celebrates Birthday.”

  4. Joseph Fielding Smith, e Amadodakazi eMbusweni Wami: Umlando kanye noMsebenzi weNhlangano Yabesimame Ekhululekile (2011), 11–12

  5. Amadodakazi Embusweni Wami, 16.

Ake Ucabange Ngalokhu

Ingabe INhlangano yokuSiza yabesiFazane ibasiza kanjani abesifazane bakwazi ukufeza injongo engcwele kaBaba oseZulwini futhi iba holele empilweni yangunaphakade?

Shicilela