Ngo-2017
Ukukhulekela ukuthula
Februwari 2017


Intsha

Ukukhulekela ukuthula

Umbhali uhlala e-Arizona, USA.

Abazali bami babejwayele ukuhamba imihlangano emva kwesonto, mina ngangisala ngigade abafowethu ngibasize senze isidlo sasemini yize babelambile futhi ngesinye isikhathi benenhliziyo encance. Ngokujwayelekile kwakuthi uma beqale ngokulwa, ngangibalamula masishane. Kodwa ngesinye isikhathi kwakuba nzima ukuletha ukuthula uma impi isize yaqala ngoba kwamina ngangiphazamiseka.

Ngolunye usuku, abafowethu babenenkinga yokungezwani. Ngathola ukuthi imizamo yami yokuthi ngilethe ukuthula ayenza izinto zibe zimbi kakhulu ngoba kwamina ngase ngicasukile. Ngakho-ke ngavele ngazenzela ukudla kwami ngedwa ngathula. Ekugcineni ngathi kubo, “Ngizokhuleka manje. Ngicela nithule nje umzuzu owodwa.” Kuthe sebehlise umoya, ngacela isibusiso ekudleni Ngaphambi kokuba ngivale umkhuleko, ngase ngithi, “ Sisize ukuba sibe abantu abathanda ukuthula.”

Ekuqaleni kwaba sengathi abezwanga futhi baqhubeka nokulwa. Ngangicasukile kodwa ngangazi ukuthi kwakufanele ngibe nothando nomoya ophansi ngoba ngangiqeda ukukhulekela ukuthula. Emva komzuzu, ngazizwa nginokuthula. Ngazidlela ukudla kwami ngongasho lutho, ekugcineni abafana bayeka ukulwa. Kwangicacela ukuthi ukuthula engangikuzwa kwakuyimpendulo yomkhuleko. Ngangikhulekele ukuletha ukuthula, UBaba wethu oseZulwini wangisiza ukuthi ngikwazi ukwehlisa umoya ngesikhathi ngangifuna ukuthetha. Ngiyazi ukuthi Yena uyakwazi ukusinika ukuthula.

Shicilela