Ngo-2017
Ukukhumbula iNkosi Nsuku Zonke
Ngo-Okhthoba 2017


Intsha

Ukukhumbula iNkosi Nsuku Zonke

Abangani, umsebenzi wasendlini, umsebenzi wasekhaya, umabonakude—ziningi izinto ezifuna ukuthi sizinake. Kodwa lonke isonto, sithembisa uBaba oseZulwini “ukuthi sizohlezi sikhumbula [Indodana Yakhe, uJesu Kristu]” (iMf&V 20:79).

Umongameli u-Eyring uthi “singakwazi ukwenza izinqumo nsuku zonke” ezisisizayo ukuthi sikhumbule uMsindisi. Cabanga ukwenza umgomo kulenyanga ukukhumbula uMsindisi kakhulu usuku nosuku. Ungenza ikhalenda uzibophezele ukwenza into eyodwa njalo ngosuku ukwakha ubuhlobo bakho kanye Naye. UMongameli u-Eyring ubhala izinto ezifana nokufunda imibhalo engcwele, ukukhuleka ngokukholwa, kanye nokusebenzela uMsindisi nabanye. Kukhona ukubhala encwadini yakho yokuloba izigigaba zosuku, ukuya esontweni, ukulalela umhlangano omkhulu, ukuya ethempelini, ukucula isihlabelelo—uhlu luyaqhubeka! Uma sikhumbula uMsindisi njalo, uMongameli u-Eyring uyethembisa ukuthi “izibusiso… zizoza kancane kancane… [futhi] zizosiguqula ukuze sibe abafundi beqiniso beNkosi uJesu Kristu.”

Shicilela