Ngo-2017
Ukusonga Ngothando Labo Abaphambukile
Ngo-Okhthoba 2017


Umyalezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, ngo-Okthoba 2017

Ukusonga Ngothando Labo Abaphambukile

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukwazi ngenhloso yeNhlangano Yabesimame Yenkululeko kuwalungiselela kanjani amadodakazi kaNkulunkulu ukuba athole izibusiso zempilo engunaphakade?

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo Umndeni Inkululeko

“Empeleni ayikho imindeni eqotho kahle hle… ,” kwasho uMongameli uDieter F. Uchtdorf, uMeluleki wesiBili kubuMongameli bokuQala. “Noma ngabe yiziphi izinkinga umndeni wakho obhekene nazo, noma ngabe yini ongayenza ukuzixazulula, isiqalo nesiphetho sokuzixazulula isihe, esiwuthando olumsulwa lukaKristu.”1

Kulabo abangalibambi iqhaza ngokuphelele evangelini, uLinda K. Burton, owangaphambilini uMongameli omkhulu weNhlangano Yabesimame Yenkululeko wathi: “UBaba oseZulwini ubathanda bonke abantwana bakhe… Noma ngabe bakuphi—endleleni noma baphambukile—ufuna babuye ekhaya.”2

“Kodwa ke noma ngabe ingane yakho iyihlongandlebe, uma ukhuluma nayo, ungakhulumi uthukuthele, noma ucasukile, ngomoya wokujezisa,” kwafundisa uMongameli uJoseph F. Smith (1838–1918). “Khuluma nabo ngesihle.”3

Igosa uBrent H. Nielson wabangamaShumi ayisiKhombisa waphindisisa imiyalelo yoMsindisi kulabo ababenezingcezu eziyi-10 zesiliva bese belahlekelwa eyodwa: “Icinge uze uyithole. Uma lena elahlekile kuyindodana noma indodakazi, umfowenu noma udadewenu, … emva kwakho konke ongakwenza, muthande loyo muntu ngenhliziyo yakho yonke. …

“Engathi mina nawe singathola isambulo sokwazi kangcono ukuthi singenza kanjani ukusondela kulabo abalahlekile ezimpilweni zethu, uma kudingeka, sibe nesineke nothando lukaBaba oseZulwini kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, njengoba thina sithanda, sibuka, futhi siyilinda indodana yolahleko.”4

UMongameli Henry B. Eyring, uMeluleki Wokuqala kubuMongameli Bokuqala, wathi: “Sengikhuleke ngokukholwa ukuthi umuntu engimuthandayo uzowacinga futhi awezwe amandla eNhlawulo. Ngikhulekile ngokukholwa ukuthi abantu abayizingelosi bazofika bazosiza, nangempela bafika.

“UNkulunkulu usungule izindlela zokusindisa izingane Zakhe ngayinye.”5

Imibhalo eNgcwele kanye nolwazi olwengeziwe

uMathewu 18:12; uAlima 31:35; 3 Nefi 13:32; iMf&V 121:41–42

reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Dieter F. Uchtdorf, “Ukubonga labo abasindisayo,” iLiyahona, uMeyi 2016, 79, 80.

  2. uLinda K. Burton, kuSarah Jane Weaver, “Udade uBurton, udade uWixom bavakashela iBandla endaweni yasePacific,” Izindaba zeBandla, Apr. 2, 2013, lds.org/church/news.

  3. Bona Izimfundiso ZaboMongameli beBandla: Joseph F. Smith (1998), 254.

  4. Dieter F. Uchtdorf, “Ukulinda ingane yolahleko,” iLiyahona, uMeyi 2015, 103.

  5. UHenry B. Eyring, “Abazukulu Bami,”iLiyahona, uNov. 2013, 71

Shicilela