“NgoJulayi 7–13: ‘Uyoba MkhuluUmvuzo Wabo futhi Iyoba NgeyaPhakade Inkazimulo Yabo’: IMfundiso neziVumelwano 76,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 76,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoJulayi 7–13: “Uyoba Mkhulu Umvuzo Wabo futhi Iyoba NgeyaPhakade Inkazimulo Yabo”
IMfundiso neziVumelwano 76
“Kuzokwenzekani kimi uma sengifa na?” Cishe wonke umuntu ubuza lombuzo ngezindlela ezahlukene. Emakhulwini eminyaka, ngokwejwayelekile amaKristu amaningi, ngokwethembela ezimfundisweni zebhayibheli, afundise ngezulu nesihogo, ngeparadesi yalabo abalungile nokuhlushwa kwalabo ababi. Kodwa ngabe abantu bonke emhlabeni bangahlukaniswa ngokuphelele kanjalo? NgoFebruwari ngonyaka ka-1832, uJoseph Smith noSidney Rigdon babefuna ukwazi kabanzi ngaloludaba (bheka IMfundiso neziVumelwano 76, isihloko sesigaba).
Nakanjani kuningi abakuthola. Ngesikhathi uJoseph noSidney besacabanga ngalezi zinto, iNkosi “yathinta amehlo okuqonda [kwabo] futhi avuleka” (ivesi 19). Bathola isambulo esimangalisayo, esibanzi kakhulu, futhi nesikhanyisayo, kangangoba abaNgcwele bagcina besibiza “ngoMbono.” Savula amawindi ezulu futhi sanika abantwana baNkulunkulu ukubuka ububanzi bephakade. Umbono wembula ukuthi izulu likhulu kakhulu futhi libanzi futhi linokuningi kakhulu kunalokhu abantu abaningi ababekucabanga ngaphambilini. UNkulunkulu unomusa kakhulu futhi unokulunga kakhulu kunalokhu esikwaziyo. Futhi abantwana baNkulunkulu lokho abadalelwe kona kwaphakade kukhazimula kakhulu kunalokho esingakucabanga.
Bheka Saints, 1:147–50; “The Vision,” kwi Zambulo zomongo, 148–54.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
Insindiso iza ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Isigaba 76 siveza amaqiniso abalulekile mayelana nesiphetho sethu saphakade, kodwa bekungeke kuphelele ukusho ukuthi lesi sambulo simayelana nemibuso emithathu yenkazimulo noma nje mayelana nesu lensindiso. Ngokunembe kakhudlwana, isigaba76 sikhuluma ngoJesu Kristu, owenza isu likaNkulunkulu lensindiso yethu nenkazimulo yaphakade lenzeke. Ngesikhathi ufunda, ungabheka amagama noma imisho echaza ubudlelwano phakathi kukaJesu Kristu nabantu abazuza lemibuso eyahlukene yenkazimulo. Mhlawumbe lelitafula njengaleli lelilandelayo lingakusiza ubhale phansi okutholayo.
Umbuso wenkazimulo |
Ubudlelwano noJesu Kristu |
Izibusiso zaphakade |
---|---|---|
Umbuso wenkazimulo ISelestiyali (amavesi 50–70, 92–96) | Ubudlelwano noJesu Kristu
| Izibusiso zaphakade
|
Umbuso wenkazimulo ITherestriyali (amavesi 71–79, 96) | Ubudlelwano noJesu Kristu | Izibusiso zaphakade |
Umbuso wenkazimulo IThilestiyali (amavesi 81–90, 98–106, 109–12) | Ubudlelwano noJesu Kristu | Izibusiso zaphakade |
Yini ozizwa ukhuthazeka ukuba uyenze ukuze uqinise ubuhlobo bakho noMsindisi?
Ngesikhathi uWilford Woodruff efunda lombono wathi, “Ngazizwa ngiyithanda iNkosi kakhulu kunakuqala empilweni yami” (bheka “Voices of the Restoration: Testimonies of ‘the Vision’”). Yikuphi okufundayo ngoJesu Kristu kulamavesi 1–5, 20–24, 39–43, 107–8 ekwenza umthande kakhudlwana?
Bheka futhi 1 Petru 3:18–19; 4:6; uDallin H. Oaks, “What Has Our Savior Done for Us?,” Liyahona, ngoMeyi 2021, 75–77; “I Stand All Amazed,” Amaculo, nombolo. 193.
IMfundiso neziVumelwano 76:5–10, 114–18
Ngiyakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu “ngamandla kaMoya oNgcwele.”
Akuwona wonke amalungu eBandla asamukela kalula isambulo esikwisigaba 76, ngoba wawufundisa ukuthi cishe wonke umuntu uyosindiswa futhi uyothola izinga elithile lenkazimulo. Isibonelo, uBrigham Young wathi: “Amasiko ami ayenjalo, kangangokuthi lapho uMbono ufika kuqala kimi, wawuphambene ngqo futhi uphikisana nemfundo yami yangaphambili. Ngathi, Ima isikhashana. Angizange ngiwulahle; kodwa ngangingawuqondi.” Wachaza ukuthi kwakufanele “acabange futhi athandaze, afunde futhi acabange, kuze kube yilapho sengikwazi futhi ngikuqonde ngokugcwele ngokwami” (“kwiThe Vision,” kwi Zambulo zomongo, 150). Yini oyifundayo kulokhu ayebhekene nakho engakusiza lapho uNkulunkulu embula izinto ezihlukile kulokho okuqondayo manje? Yini oyifundayo ngoNkulunkulu kwiMfundiso neziVumelwano 76:5–10, 114–18? Lamavesi afundisani ngendlela ongaqonda ngayo “okuhle ngentando [kaNkulunkulu]”? (ivese 7).
IMfundiso neziVumelwano 76:39–44, 50–70
Ukuphakanyiswa yindlela ephakeme kakhulu yensindiso.
IMfundiso neziVumelwano 76:39–44 chaza insindiso ngokujwayelekile. Amavesi 50–70 achaza ukuphakanyiswa, uhlobo oluthile lwensindiso. Ungawuchaza kanjani umehluko phakathi kwensindiso nokuphakanyiswa? Iyini indima yoMsindisi kukho kokubili? Yikuphi okutholayo kulamavesi okukukhuthaza ukuba ufune ukuphakanyiswa?
Bheka futhi NgokukaJohane 3:16–17; IMfundiso neziVumelwano 132:20–25.
IMfundiso neziVumelwano 76:50–70, 92–95
UBaba oseZulwini ufuna ngithole impilo yaphakade embusweni wesilestiyali.
Wake wazibuza—noma wakhathazeka—ukuthi ungaba yini uhlobo lomuntu oluyothola inkazimulo yesilestiyali , njengoba kuchazwe kwiMfundiso neziVumelwano 76:50–70, 92–95? Nakuba kubalulekile ukwazi ukuthi uNkulunkulu ulindeleni kithi, cabanga futhi ngokubheka kulamavesi lokho uNkulunkulu asesenzele khona—nakwenzayo—ukusisiza ukuba sifane Naye. Kungani uzwa imizamo yakho ibalulekile Kuye?
Ngabe umbono wenkazimulo yesilestiyali uyithinta kanjani indlela ofuna ukuphila ngayo impilo yakho yansuku zonke na?
Bheka futhi uMose 1:39; nenkulumo kaJ. Devn Cornish, ethi “Am I Good Enough? Will I Make It?,” Liyahona, Nov. 2016, 32–34.
Amasu okuFundisa abaNtwana
Sonke singabantwana baNkulunkulu.
-
Ukuze usize abantwana bakho baqonde amandla abo kaNkulunkulu, ungababonisa izithombe zabantwana nabazali babo. Ungabe usufunda IMfundiso neziVumelwano 76:24 futhi nabelane omunye nomunye ukuthi kungani nijabula ukwazi ukuthi sonke “singamadodana namadodakazi kaNkulunkulu.”
-
- -
IMfundiso neziVumelwano 76:5, 41–42, 69
UJesu Kristu unguMsindisi wami.
-
Cabanga ukulingisa nabantwana bakho isimo lapho othile ebuza, “Yini uJesu Kristu angenzele yona?” Wena nabantwana bakho ningabheka okungenzeka kube yizimpendulo kumavesi 5, 41–42, noma 69 kwisigaba 76. Ngingacula futhi iculo elithi “He Sent His Son,” Iculo labantwana, 34–35. Singatshengisa kanjani ukubonga kwethu ngalokho uMsindisi asenzele kona na?
UBaba oseZulwini ufuna ngibuyele ngiyohlala Naye ingunaphakade.
-
Wena kanye nabantwana bakho ningafunda noma nibuke ingxenye noma sonke “Isahluko 26: The Three Kingdoms of Heaven“ (kwiZindaba zeMfundiso neziVumelwano, 97–103, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli) bese nabelane omunye nomunye ngokuthanda kwakho ngombono uJoseph Smith aba nawo. Vumela abantwana bakho babelane ngemicabango kanye nemizwa yabo mayelana nokuthi kungabanjani ukuhlala noBaba waseZulwini embusweni wesilestiyali.
-
Ungase ufunde futhi IMfundiso neziVumelwano 76:62 bese umema abantwana bakho ukuthi badwebe izithombe zabo noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu embusweni wesilestiyali (bheka ikhasi lomsebenzi lakulelisonto).
IMfundiso neziVumelwano 76:12, 15–19, 114–16
Ukufunda imibhalo engcwele kungangisiza “ngiqonde izinto zikaNkulunkulu.”
-
Ungamema abantwana bakho bafunde amavesi 15–19 ukuthola ukuthi uJoseph Smith noSidney Rigdon babenzani ngesikhathi bebona umbono kwiMfundiso neziVumelwano 76. Tshela abantwana bakho ngesikhathi lapho owathola khona ugqozi ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, futhi ubuze abantwana bakho ukuthi bake baba nakho yini okufanayo.