Wozani, Ngilandeleni 2024
Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli: Ubufakazi “boMbono”


“Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli: Ubufakazi ‘boMbono’,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“Ubufakazi ‘boMbono’,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa: Ubufakazi “boMbono”

UWilford Woodruff

Portrait of Wilford Woodruff.

UWilford Woodruff wangena eBandleni ngoDisemba ngonyaka ka-1833, cishe eminyakeni emibili emva kokuthi uJoseph Smith noSidney Rigdon bethole umbono obhalwe kwi Mfundiso neziVumelwano 76. Wayehlala eNew York ngaleso sikhathi futhi wafunda ngalo “Mbono” ngesikhathi efundiswa ngabefundisi beBandla kuleyo ndawo. Ngemva kweminyaka, wakhuluma ngemizwa yakhe ngalesi sambulo:

“Ngafundiswa ngisemncane ukuthi kwakukhona iZulu elilodwa neSihogo esisodwa, futhi ngatshelwa ukuthi bonke ababi bayothola isijeziso esisodwa nabalungileyo bayothola inkazimulo eyodwa. …

“… Ngesikhathi ngifunda lombono … , wakhanyisa ingqondo yami wanginika injabulo enkulu, kwaba sobala kimi ukuthi uNkulunkulu owembula lemfundiso wayehlakaniphile, eqotho futhi eneqiniso, enesimilo esihle kakhulu nolwazi, Ngezwa ukuthi wayehambisana nothando, umusa, ukulunga nokwahlulela, ngezwa ngiyithanda iNkosi kakhulu kunakuqala empilweni yami.”

“Umbono yisambulo esinika ukukhanya, iqiniso nemfundiso kunazo zonke izambulo ezikhona kwezinye izincwadi esake sazifunda. Wenza sisicacele kahle isimo sethu samanje, lapho esivela khona, kungani silapha, futhi nokuthi siyakuphi. Wonke umuntu angazi kahle ngenxa yalesi sambulo ukuthi isimo sakhe sizoba njani.”

“Ngaphambi kokubona uJoseph ngathi anginendaba nokuthi ungakanani ngobudala noma mncane kangakanani, ngangingenandaba nokuthi ubukeka kanjani—noma izinwele zakhe zazizinde noma zimfushane; indoda eyaletha lesosambulo [isambulo esiqoshwe esigabeni 76] yayingumprofethi kaNkulunkulu. Ngangizazela ngokwami.”

UPhebe Crosby Peck

Ngesikhathi uPhebe Peck ezwa uJoseph noSidney befundisa “uMbono,” wayehlala eMissouri ekhulisa abantwana abahlanu eyedwa. Umbono wamhlaba umxhwele wamkhuthaza nokuthi aze abhale lokhu okulandelayo ukwabelana ngokuthi yikuphi akufunda nomndeni wakhe nezihlobo:

“INkosi yembula izimfihlakalo zoMbuso wezulu kuBantwana bakhe. … UJoseph Smith noSidney Rigdon basivakashela ngentwasahlobo edlule, futhi ukuhlangana kwethu kwaba yinjabulo ngesikhathi belapha, futhi ziningi izimfihlakalo abasivezela zona, okwanginika induduzo kakhulu. Singakubona ukuzehlisa kukaNkulunkulu ngesikhathi elungisa izindlu eziningi zokuthula zabantwana bakhe. Futhi lowo ongalemukeli ivangeli elipheleleyo futhi ame njengesosha eliqinile emsebenzini kaKristu akakwazi ukuhlala lapho kukhona khona uBaba neNdodana. Kodwa ikhona indawo elungiselwe bonke labo abangeke bakwemukele lokhu, kodwa kuyindawo yenkazimulo engaphansi kunokuhlala embusweni weSilestiyali. Angeke ngizame ukusho okunye mayelana nalezi zinto njengoba manje sezibhaliwe futhi ziya emhlabeni wonke. Mhlawumbe nawe uzoba nethuba lokuzifundela ngokwakho, futhi uma ukwenza lokho, ngiyethemba uzofunda ngenhliziyo enomkhuleko neqaphelayo, ngoba lezi zinto kufanele zaziwe. Futhi ngiyafisa ukuthi uzihlole ngokwakho lezi zinto, ngoba ziyilokho okusilethela injabulo kulomhlaba nasemhlabeni ozayo.”

Amanothi

  1. “Amazwi,” Deseret News, ngoMeyi 27, 1857, 91.

  2. Deseret News, ngoAgasti. 3, 1881, 481; bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2004), 120–21.

  3. “Amazwi,” Deseret Weekly, ngoSept. 5, 1891, 322.

  4. “Phebe Crosby Peck incwadi eyaku Anna Jones Pratt,” Aug. 10, 1832, Umtapo wolwazi womlando webandla , eSalt Lake City; isipelingi nezimpawu zokuloba zenziwe zibe zesimanje.