Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 14–20: “Ngizonihola Phambili”: IMfundiso neziVumelwano 77–80


NgoJulayi 14–20: ‘Ngizonihola Phambili’: IMfundiso neziVumelwano 77–80,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 77–80,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

UJesu Kristu njengomelusi

Ukuya Ekhaya, nguYongsun Kim

NgoJulayi 14–20: “Ngizonihola Phambili”

IMfundiso neziVumelwano 77–80

Kungakapheli iminyaka embili emva kokubuyiselwa kweBandla likaJesu Kristu, lalinamalungu angaphezu kwezi-2000 futhi lalikhula ngokushesha. NgoMashi ngonyaka ka-1832 uJoseph Smith wahlangana nabanye abaholi beBandla “ukukhuluma ngebhizinisi leBandla”: isidingo sokukhipha izambulo, ukuthenga umhlaba okuzohlanganelwa kuwo, kanye nokunakekela abampofu (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 78, isihloko sesigaba). Ukuhlangabezana nalezi zidingo, iNkosi yabiza abaholi abambalwa beBandla ukuthi bakhe iNkampani yoBumbano, eyayizohlanganisa imizamo “ukuqhuba inhloso” yeNkosi (ivesi 4) kulezi zindawo. Kepha ngisho nasezindabeni zokuphatha, iNkosi yayigxila ezintweni zaphakade. Ekugcineni, inhloso yokuba kube khona umshini wokugaya noma indlu yokugcina izimpahla—njengakho konke okukhona embusweni kaNkulunkulu—wukulungiselela abantwana Bakhe ukuba bathole “indawo ezweni lesilestiyali” kanye “nengcebo yaphakade” (amavesi 7, 18). Futhi uma lezo zibusiso kunzima ukuziqonda manje, phakathi nobuphithiphithi bempilo yansuku zonke, Uyasiqinisekisa ukuthi, “[masibe] nenjabulo, ngokuba ngizonihola phambili” (ivesi 18).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 77

UNkulunkulu unomusa kulabo abaphendukela Kuye.

Ngesikhathi uJoseph Smith kanye noSidney Rigdon besebenza ekuhunyushweni okuphefumulelwe kweBhayibheli, baba nemibuzo ngencwadi yeSambulo, njengoba abantu abaningi benayo. Futhi njengoba uJoseph wayazi kahle, uma wayentula ukuhlakanipha, wayengacela kuNkulunkulu. Imibono ayitholile itholakala kwiMfundiso neziVumelwano 77. Ngesikhathi ufunda lesigaba, cabanga ngokubhala ulwazi olufihlekile olutholayo ezahlukweni ezifanele encwadini yeSambulo. Ufundani ocwaningweni lwakho mayelana nokwamukela isambulo?

uJoseph Smith noSidney Rigdon befunda iBhayibheli

Translation of the Bible (UkuHunyushwa kweBhayibheli), nguLiz Lemon Swindle

IMfundiso neziVumelwano 78

Ngabe kwakuyini iNkampani yoBumbano na?

INkampani yoBumbano yasungulwa ngenhloso yokubhekana nezidingo zokukhipha izincwadi nezindaba zebhizinisi zeBandla e-Ohio naseMissouri. Kuyo kwakukhona uJoseph Smith, uNewel K. Whitney, kanye nabanye abaholi beBandla abahlanganisa amasu abo ukuze kufezeke izidingo zeBandla elikhulayo. Ngeshwa iNkampani yoBumbano yaba nezikweletu futhi yachithwa ngonyaka ka-1834 ngesikhathi izikweletu zingasalawuleki.

Bheka futhi “uNewel K. Whitney and the United Firm,” ku Zambulo zomongo, 142–47; Church History Topics, “United Firm (‘United Order’),” Oumtapo wolwazi weVangeli.

IMfundiso neziVumelwano 78:1–7

Ngingasiza “ukuqhuba inhloso” kaKristu kanye neBandla Lakhe.

INkosi yatshela uJoseph Smith nabanye abaholi beBandla ukuthi ukuphatha indlu yokubeka izimpahla kanye neyokugaya izincwadi kuzosiza “ukuqhuba inhloso, enizinikele kuyo” (IMfundiso neZivumelwano 78:4). Ungathi yini “inhloso” yeBandla loMsindisi na? Ake ucabange ngalokhu ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 78:1-7. Yiziphi ezinye izindlela ezahlukahlukene ongasiza ngazo ekuthuthukiseni leyo nhloso—kubalwa nomndeni wakho?

Bheka futhi General Handbook, 1.2.

IMfundiso neziVumelwano 78:17–18

INkosi izongihola phambili.

Uma ucabanga kungani iNkosi kwesinye isikhathi ibiza abalandeli Bayo “ngabantwana abancane” na? (IMfundiso neziVumelwano 78:17). Yinini lapho ozizwe khona njengomntwana osemncane, mhlawumbe ngenxa yento “ongakayiqondi okwamanje” noma “ongakwazi ukuyibekezelela” na? (amavesi 17–18). Yikuphi okutholayo kulamavesi okungakusiza “ube nenjabulo” (ivesi 18) ezikhathini ezinjenga lezo. Cabanga ngokuthola isithombe sakho usengumntwana, futhi uzindle ngokuthi ukhule kanjani ngokomoya kusukela lapho. Noma cabanga ngento eyayinzima kuwe usemncane kodwa eseyilula manje. Yiziphi izindlela uBaba oseZulwini asafuna ukuthi ube njengomntwana? (bheka uMosiya 3:19). Ngabe “[Ukuhola] kanjani”?

IMfundiso neziVumelwano 78:19

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingamukela zonke izinto ngokubonga.

Ukulungiselela ufunda IMfundiso neziVumelwano 78:19, ungenza uhlu lwezinto ezinhle ezenzeke kuwe namuhla. Bese wenza uhlu lwezinto ezingabonakali njengezibusiso kuwe. Zindla ngaloluhla njengoba ufunda IMfundiso neziVumelwano 78:19. Kwenza mehluko muni empilweni yakho uma wamukela “zonke izinto” ngokubonga—ngisho nezinto ezingase zingabonakali njengezibusiso?

Ukufunda kabanzi ngokuthi ukubonga kuNkulunkulu kungaba nethonya kanjani empilweni yakho, hlola lemiBhalo futhi wenze uhlu lwamaqiniso owatholayo.: iHubo 107:8–9; NgokukaLuka 17:11–19; AbaseFiliphi 4:6–7; uMosiya 2:19–24; u-Alima 34:38; 37:37; IMfundiso neZivumelwano 46:32; 59:7, 15–21.

Cabanga ngokubheka umyalezo kaMongameli uDieter F. Uchtdorf othi “Grateful in Any Circumstances” (Liyahona, ngoMeyi 2014, 70–77) ukuze uthole iseluleko mayelana nokuthi ungabonga kanjani. Ungase ufune iseluleko esifanayo kuvidiyo “uMongameli uRussell M. Nelson ekhuluma ngamandla okuphilisa okubonga” (Umtapo wolwazi weVangeli). Ukubonga kubuthinta kanjani ubuhlobo bakho noJesu Kristu?

11:38

President Russell M. Nelson on the Healing Power of Gratitude​

Bheka futhi wabe. Uma wabelwe ukufundisa, bheka izindlela zokusiza abantu ukuthi bacwaninge imibhalo engcwele noma amazwi abaprofethi—bebodwa noma ngamaqembu amancane—futhi babelane ngalokho abakufundayo. Isibonelo, kulomsebenzi unganikeza umuntu ngamunye noma iqembu ingxenye yomlayezo kaMongameli Uchtdorf futhi ubacele ukuthi babelane ngomshwana noma umusho abanomuzwa wokuthi ufingqa lokho akufundisile.

Bheka futhi “Count Your Blessings,” Amaculo, nombolo 241; Izihloko nemibuzo “Gratitude(Ukubonga),” (Umtapo wolwazi weVangeli).

IMfundiso neziVumelwano 79–80

Ubizo lokusebenzela uNkulunkulu lubaluleke kakhulu kunalapho ngisebenzela khona.

Mayelana neMfundiso neziVumelwano 80, iGosa uDavid A. Bednar wasifundisa wathi, “Mhlawumbe enye yezifundo uMsindisi asifundisa yona kulesi sambulo wukuthi ukunikwa umsebenzi endaweni ethile kuyadingeka futhi kubalulekile kodwa akubalulekile njengokubizelwa emsebenzini uqobo” (“Called to the Work,” kwi Liyahona, ngoMeyi 2017, 68). Ngabe yikuphi osuke wakubona osekukufundise ukuthi amagama eGosa uBednar ayiqiniso na? Yiziphi ezinye izifundo ongazithola kwiMfundiso neZivumelwano 79–80 ezingasiza omunye umuntu oqeda kuthola ubizo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 77:2

UNkulunkulu wadala zonke izidalwa emhlabeni.

  • Ngesikhathi wena nabantwana bakho nifunda iMfundiso neziVumelwano 77:15–2 ndawonye, ungase ubheke izithombe zezilwane, kuhlanganise izinambuzane nezinyoni. Abantwana bakho bangakhomba izithombe ngesikhathi ufunda amagama athi “izilwane,” “izilwanyana ezinwabuzelayo,” kanye “nezinyoni zezulu.” Yabelanani omunye nomunye ukuthi indalo kaNkulunkulu ikusiza kanjani ukuthi uzwe uthando Lwakhe.

uvemvane

UNkulunkulu wadala zonke izidalwa emhlabeni.

IMfundiso neziVumelwano 78:4

Ngingasiza “ukuqhuba inhloso” kaJesu Kristu.

  • Ukusiza abantwana bakho ukuthi bacabange ngezindima zabo emsebenzini weNkosi, cabanga ukufunda nabo iMfundiso neziVumelwano 78:4 ukuthola “inhloso” “esavumelana ngayo” (esayamukela noma esakhetha ukuyesekela) ngesikhathi sibhabhadiswa. Basize babheke ezindimeni zemibhalo engcwele ezinjengalezi ukuze bathole izimpendulo ezingaba khona: uMosiya 18:8–10; iMfundiso neziVumelwano 20:37; uMose 1:39. Abantwana bakho bangajabulela ukulingisa ukuthi bangasiza kanjani emsebenzini weNkosi. Isibonelo, kubukeka kanjani “ukuthwalelana imithwalo yomunye nomunye” noma “ukubizwa ngegama likaJesu Kristu” na? Lokhu “[Kiyi]qhuba [kanjani] inhloso” kaJesu Kristu?

IMfundiso neziVumelwano 78:6

Ngingakwazi ukwabelana nabanye ngalokho enginakho.

  • Ukufundisa ukuthi kusho ukuthini “ukulingana ezintweni zasemhlabeni” (kwivesi 6), unganikeza abantwana bakho izithombe zabantu abaswele (abalambile, abalimele, noma abagodolayo) nezinto ezingasiza (njengokudla, ibhandishi, noma ingubo yokumbatha). Emva kwalokho abantwana bangaqhathanisa izithombe nezinto ezibaliwe. Yini esingayaba ukusiza abantu abaswele?

  • Ukuthola umongo othile kwisigaba 78, funda nabantwana bakho imisho engaphansi kwezithombe ezimbili zokuqala ze “Sahluko 28: The Prophet Joseph Goes to Missouri Again” (kwiZindaba zeMfundiso neziVumelwano, 108, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli). Emva kwalokho abantwana bakho bangase benze sengathi basiza othile ukwakha indlu, ukwaba ukudla, noma ukusiza ngenye indlela.

    2:39

    Chapter 28: The Prophet Joseph Goes to Missouri Again: March–May 1832

IMfundiso neziVumelwano 78:18

UJesu Kristu uzongihola phambili.

  • Kungase kube mnandi ebantwaneni bakho ukukhuluma ngokuthi kusho ukuthini ukuba umholi bese uhola umsebenzi othile. Emva kokufunda ndawonye iMfundiso neziVumelwano 78:18, ningaxoxa ngezikhathi lapho sidinga uJesu ukuba asihole. Cabangela ukucula ingoma efana nale ”I Will Walk with Jesus” Umtapo wolwazi weVangeli)

IMfundiso neziVumelwano 78:19

Ngingamukela “zonke izinto ngokubonga.”

  • Funda nabantwana bakho iMfundiso neziVumelwano 78:19 ukuthola lokho iNkosi ekuthembisa abantu ababongayo. Siza abantwana bakho baqonde ukuthi kusho ukuthini “okuphindwe ngekhulu,” mhlawumbe ngokubabonisa into encane bese uphinda ubatshengisa ikhulu laleyonto efanayo. Mhlawumbe bangadweba izithombe zezinto abazithole kuNkulunkulu “ngokubonga.”

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

ingadi enezilwane

God’s Garden (Ingadi kaNkulunkulu), nguSam Lawlor

ikhasi lomsebenzi labantwana