Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 21–27: Lapho “Kuphiwe Okuningi Kufuneka Okuningi”: IMfundiso neziVumelwano 81–83


“NgoJulayi 21–27: Lapho ‘Kuphiwe Okuningi Kufuneka Okuningi’: IMfundiso neziVumelwano 81–83,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 81–83,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

UKristu ekhuluma nensizwa enothile

Imininingwane ithathelwe ku- Christ and the Rich Young Ruler [Kristu noMbusi Osemusha oNothileyo], nguHeinrich Hofmann

NgoJulayi 21–27: Lapho “Kuphiwe Okuningi Kufuneka Okuningi”

IMfundiso neziVumelwano 81–83

NgoMashi ka-1832, iNkosi yabiza uJesse Gause ukuba abe ngumeluleki kaJoseph Smith kubuMungameli bobuPhristi obuKhulu (manje osebubizwa ngobuMongameli bokuQala). IMfundiso neziVumelwano 81 yisambulo kuMfowethu uGause meyalana nobizo lwakhe olusha. Kodwa uJesse Gause wayengasebenzanga ngokwethembeka, ngakho-ke uFrederick G. Williams wabizwela esikhundleni sakhe. Igama laMfowabo uWilliams lafakwa esikhundleni saMfowabo uGause kulesisambulo.

Lokhu kungabonakala sengathi kuyinto encane nje, kepha kusho iqiniso elibalulekile: izambulo eziningi kwiMfundiso neziVumelwano zibhekiswe kubantu abathize, kepha nathi singakwazi ukuthola izindlela zokuzisebenzisa ezimpilweni zethu (bheka uNefi 19:23). Ngesikhathi sifunda iseluleko seNkosi kuFrederick G. Williams soku “qinisa amadolo axegayo,” singasenza nathi sicabange ngalabo okudingeka sibaqinise (IMfundiso neziVumelwano 81:5). Ngesikhathi sifunda isimemo seNkosi kumalungu eNkampani yoBumbano ukuba “bazibophe ngalesi sivumelwano,” kungasenza nathi sicabange ngezethu izivumelwano. Futhi singafunda isethembiso Sakhe, “ngizibophezele uma nenza lokho engikushoyo,” kube sengathi Ukhuluma nathi (IMfundiso neziVumelwano 82:10, 15). Singakwenza lokhu ngoba, njengoba iNkosi ikushilo ukuthi, “Engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke” (ivesi 5).

Bheka “Newel K. Whitney and the United Firm,” “Jesse Gause: Counselor to the Prophet,” kwiRevelations in Context, 142–47, 155–57.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 81:4–5; 82:18–19

“Uyokwenza obukhulu kakhulu ubuhle kubantu bakini.”

Emishweni eminingana ekwiMfundiso neziVumelwano 81–83, iNkosi iyasimema ukuba sisize abantu abadinga usizo. Cabanga ngokumaka lemishwana ngesikhathi uyithola. Eminye yezibonelo echaza kabanzi itholakala kwiMfundiso neziVumelwano 81:4–5. Nansi imibuzo ezokusiza udlinze lawamavesi:

  • Yiziphi ezinye zezindlela umuntu angaba “buthakathaka” ngazo na? Kusho ukuthini ukuthi “niyobasiza” na? Inini lapho kwangisiza khona ngizizwa ngibuthakathaka ukusebenzela obunjengokwaKristu okuvela kubantu na?

  • Yini engenza izandla zomuntu ukuthi ngokulinganisa “zilenge” na? Singazi “phakamisa” kanjani lezo zandla?

  • Ngabe usho ukuthini lomushwana othi “amadolo axegayo”? Baqiniswa kanjani na?

Ngabe uMsindisi ukwenzela kanjani lezizinto na?

Mhlawumbe ukufunda leli vesi sekulethe umuntu emqondweni wakho “ongamsiza,” “umphakamise,” noma “umqinise.” Ngabe yini ozoyenza ukusiza lowo muntu na?

Yikuphi okunye okufundayo ngosiza abanye kwiMfundiso neziVumelwano 82:18–19? Ungabuye ubuke ividiyo ethi “Teachings of Thomas S. Monson: Resuing Those in Need” (Umtapo Wolwazi Wevangeli). Amulungu ewadi lomBhishobhi uMonson asenza kanjani isibonelo ngalokho okufundiswe kulamavesi na?

5:1

Teachings of Thomas S. Monson: Rescuing Those in Need

Bheka futhi uJakobe 2:17–19; uMosiya 18:8–9; “Works of God” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.

4:21

Works of God

UJesu Kristu echibini laseBethesda.

UCarl Heinrich Bloch (1834–1890), Christ Healing the Sick at Bethesda [UKristu Elapha Abagulayo eBethesda], 1883, amafutha kukhanvasi, 256 x 319 amasentimitha. INdlu yemiBukiso yezoBuciko yaseNyuvesi iBrigham Young, eyathengwa ngesambulo esaphuma kuJack R, noMary Lois Wheatley, 2001.

IMfundiso neziVumelwano 82:3

UMsindisi usengiphe okuningi futhi udinga okuningi kimi.

Ukufunda lelivesi kungakugqugquzela ukuhlela osukunikiwe nguNkulunkulu—zombili izibusiso ezingokwenyama futhi nezomphefumulo. Ukubeke emqondweni lokhu ngesikhathi ufunda inqubeko yesigaba 82. Yini oyizwayo ukuthi uNkulunkulu uyayifuna kuwe na?

Bheka futhi “Because I Have Been Given Much,” Hymns, no. 219.

IMfundiso neziVumelwano 82:8–10

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Imiyalelo iwubufakazi bothando lukaNkulunkulu ngathi.

Uma wena noma umuntu omaziyo senike nazibuza ukuthi kungani iNkosi isinika imiyalelo emining kangaka, IMfundiso neziVumelwano 82:8–10 inganisiza. Yikuphi ukuqonda okulamavesi okungakusiza ukuthi uchazele umuntu thizeni ukuthi kungani ukhetha ukulandela imiyalelo yeNkosi na? Yini ongayiqhathanisa nemiyalelo okungasiza na? Ungathola eminye imibono kwiMfundiso neziVumelwano 1:37–38; 130:20–21 futhi nevidiyo “Blessed and Happy Are Those Who Keep the Commandments of God” (Umtapo Wolwazi Wevangeli). Yiziphi izenzakalo ezikufundisile ukubona imiyalelo njengezibusiso na?

5:41

Blessed and Happy Are Those Who Keep the Commandments of God

Cabanga ngeminye imiyalelo uNkulunkulu asekunike yona. Yini esikufundise yona lemiyalelo Ngaye nentando Yakhe na? (bheka ivesi 8). Impilo yakho isike yathinteka kanjani ngenxa yokugcina lemiyalelo na?

Yini oyifundayo ngeNkosi kuvesi 10? Ucabanga ukuthi kuchazani ukuthi iNkosi “ibophezelelwe” na? (bheka futhi ivesi 15).

INkosi izigcine kanjani izethembiso Zayo empilweni yakho na? Yini ongase uyitshele umuntu ongazizwa egqugquzekile ukugcina imiyalelo ngoba akakazitholi izibusiso ebekade ezifisa na? Ikhona imicabango ekusizayo kumyalezo weGosa uD. Todd Christofferson “Our Relationship with God”? (iLiyahona, ngoMeyi 2022, 78–80).

Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Commandments,” Umtapo Wolwazi Wevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 82:10

INkosi iyasibusisa ngezindlela Zayo ezimangalisayo.

UDade uVirgina H. Pearce, owake waba kubuMongameli Jikelele Wamantombazane, wakhuluma ngowesimame owayekhathazekile kakhulu ngezingane zakhe ezazenza izinqumo ezingalungile. Ngokuphithizela kwakhe, wazama konke ayekwazi ukukucabanga ukubatholela izibusiso zeNkosi. Ngaphezu kwemikhulekho engenakukhathala, wazinqumela isifiso esikhulu sokuya ethempelini ngaphezu kwalokho ayekuhambe ngaphambilini futhi wayeqinisekisile ukuba iNkosi yayizowamukela lomnkilelo wakhe ngokugugqula izinhliziyo zezingane zakhe. Lona wesimame wabelana wathi:

“Emva kweminyaka eyilishumi yokuhamba ethempelini ngaphezu kwalokho kwasekuphambilini nemikhuleko engakhathali, ngiyaxolisa ukusho ukuthi izinqumo zezingane zami aziguqukanga. …

“Kodwa mina sengiguqukile. Sengingowesimame oseguqukile. … Senginehlinziyo ethambileyo. Ngigcwele ububele. Empeleni sengingenza okuningi futhi angisenako ukwesaba, ukukhathazeka, ukuzinyeza, ukusola, kanye novalo. Sengiziyekile izinqumo zami zesikhathi futhi sengiyakwazi ukulinda eNkosini. Futhi sengibone izibonakaliso eziningi zamandla eNkosi. Uthumela umusa wakhe, imiyalezo emincane ekhombisa uthando lwakhe ngami futhi nezingane zami. Imilindelo yami isiguqukile. Kunokuba ngilindele izingane zami ukuba ziguquke, ngilindela lowomusa futhi ngigcwele ukubonga ngawo. …

“Imikhulekho yami isiguqukile. Nginikeza uthando kakhulu kunakuqala futhi nokubonga. … INkosi isebenza ngezindlela ezimangalisayo, futhi ngempela ngigcwele ukuthula okudlula konke ukuqonda” (kwi-“Prayer: A Small and Simple Thing,” At the Pulpit [2017], 288–89).

IMfundiso neziVumelwano 83

“Abafelokazi nezintandane bayokondliwa.”

Ngo-Ephreli wonyaka ka-1832, njengoba ayeyalwe iNkosi, uJoseph Smith wahamba cishe ibanga elingamakhilomitha angama-1288 ukuvakashela abaNgcwele ababeqoqene eMissouri (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 78:9). Ngesikhathi elapho, wavakashela umphakathi wabafelokazi abaningana owawukhulisa izingane zabo bebodwa. Abanye babo kwakunguPhebe Peck kanye no-Anna Rogers, uMprofethi ayebazi yena uqobo. EMissouri ngonyaka ka-1830, imithetho yezwe yayinikeza umfelokazi amalungelo amancane ngokuphathelene nempahla yomyeni wakhe ongasekho emhlabeni. Ufundani kwisigaba 83 ngemizwa yeNkosi ngabafelokazi kanye nezintandane na? Ukhona yini omaziyo okulesi simo ongazuza okuthile ngothando nokumkhathalela ongamnika kona na? Yiziphi ezinye izindlela ongabelana ngalokho onakho nabafelokazi, izintandane, onina abakhulisa izingane zabo bodwa, kanye nabanye abaswele na?

Bheka futhi U-Isaya 1:17; EkaJakobe 1:27.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IMfundiso neziVumelwano 81:3

Ngingakhuleka kuNkulunkulu “ngokuzwakala nangenhliziyo [yami].”

  • Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 81:3 nezingane zakho, zisize zicabange izindawo “zomphakathi” futhi “nezingasese” lapho ezingakhuleka khona. - - Ungase futhi ukhulume ngokukhuluma ngokuhlonipha kuBaba oseZulwini.

  • Ukugqugquzela izingane zakho ukuba zikhuleke ezinhliziyweni zazo, ungazinikeza izinhliziyo zephepha uzimeme ukuba zidwebe noma zibhale into ezifuna ukukhuleka ngayo kuBaba oseZulwini. Fakaza ngokuthi uBaba oseZulwini uyazi ukuthi sicabangani futhi imizwa yethu ithini futhi Uyayizwa imikhuleko yethu noma singayisho ngokuzwakala. Ungabelana nazo isenzakalo lapho owakhulekha khona enhliziyweni yakho uBaba oseZulwini wakuzwa.

IMfundiso neziVumelwano 81:5

INkosi ifuna ngisize abantu abaswele.

  • Nezingane zakho, dweba izithombe zezandla namadolo, futhi ucele izingane zakho ukuba zithole lamalunga omzimba kwiMfundiso neziVumelwano 81:5. Ngabe yini iNkosi esicela ukuba siyenze kulelivesi na? Ningabelana ndawonye ngezinye izindlela lapho abanye abantu abakuqinisa khona ngesikhathi uzizwa “ungenamandla” noma “ubuthakathaka”. Ividiyo ethi “Pass It On” (ChurchofJesusChrist.org) inganika izingane zakho imibono ngokuthi zibasiza kanjani abanye. Ungase futhi ucule iculo ngokusiza, njengaleli elithi “Have I Done Any Good?” (Amaculo, no. 223). Cabanga ngokusiza izingane zakho zakhe isu lokusiza noma kungaba umuntu oyedwa oswele kulelisonto.

    2:3

    Pass It On

  • Ungase futhi usebenzise izithombe noma amavidiyo ukukhombisa izindaba ezilula ngoJesu Kristu esiza abanye (bheka izithombe kuloluhlaka; Incwadi Yobuciko beVangeli, izinombolo 41, 42, 46, 47, 55; noma enye yamavidiyo kwi- Bible Videos kuMtapo Wolwazi Wevangeli). Singasilandela kanjani isibonelo sikaMsindisi sokusiza abanye?

    Christ raising the daughter of Jairus
UJesu Kristu nowesifazane Amelaphile

Singazama ukusiza abantu abaswele njengoMsindisi.

Siza izingane zakho ukuba zithole olwazo ugqozi. Ukufundisa kusho okuningi kunokukwabelana ngeqiniso qha—kusho ukusiza abanye abantu bakwazi ukuzimela njengabefundi. Kunokuzitshela kuphela izingane zakho ukuthi zingabasiza kanjani abanye abantu, ngokwesibonelo, ungazigqugquzela ukuba zibheke ukuholwa yiNkosi ukwazi ukuthi ubani ezingamusiza.

IMfundiso neziVumelwano 82:10

UBaba oseZulwini uthembisa izibusiso ngesikhathi ngizama ukumlalela Yena.

  • Wena nezingane zakho ningabheka izimpendulo kwiMfundiso neziVumelwano 82:8–10 kumbuzo othi “Kungani uBaba oseZulwini esinikeza imiyalelo na?” Ungase futhi ufune ukusiza izingane zakho zicabange izibonelo zemiyalelo Yakhe (bheka, isibonelo, U-Eksodusi 20:4–17; NgokukaMathewu 22:37–39; IMfundiso neziVumelwano 89:5–17). Kungasiza uma kuwukuthi wena nezingane zakho nithole noma nidwebe izithombe ezifanisa yona. Imiyalelo kaBaba oseZulwini isikhombisa kanjani uthando Lwakhe ngathi na?

  • Mhlawumbe umdlalo olula ungasiza izingane zakho zibone imiyalelo kaNkulunkulu njengezibusiso, hhayi umthwalo. Umuntu oyedwa anganikeza iziyalezo zokusiza omunye umuntu, ovalwe amehlo, ukuwenza into njengokwenza isamishi noma ukudweba isithombe. Cabanga ngento ejabulisayo futhi enizenzele yona! Xoxani ngokuthi imiyalelo kaNkulunkulu ifana kanjani nemiyalo ekulomudlalo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

UJesu Kristu nendoda ayilaphile.

Umfanekiso kaJesu elapha indoda, nguDan Burr

ikhasi lomsebenzi labantwana