“NgoJulayi 28–Agasti 3: ‘Amandla obuNkulunkulu’: IMfundiso neziVumelwano 84,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neZivumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoJulayi 28–Agasti 3: “Amandla obuNkulunkulu”
IMfundiso neziVumelwano 84
Selokhu kwabuyiselwa ubuphristi ngo-1829, abaNgcwele abangaphambilini babusisiwe ngalawo mandla angcwele. Babhabhadiswa, baqiniswa njengamalungu eBandla, futhi babizwa ukuba benze imisebenzi ethile ngegunya lobuphristi, njengoba senza namhlanje. Kepha ukukwazi ukuthola izibusiso zamandla obuphristi akufani nokubuqondisisa ubuphristi, futhi uNkulunkulu wayenokuningi ayefuna abaNgcwele Bakhe bakuqonde—ikakhulukazi ngokubuyiselwa okwakuza kwezimiso zasethempelini. Isambulo ngonyaka ka-1832 sobuphristi, manje osekuyi Mfundiso neziVumelwano 84, sandisa umbono wabaNgcwele ngokuthi buyini kahle-hle ubuphristi. Futhi kungaba njalo nakithi namhlanje. Vele, kuningi okumele kufundwe ngamandla avela kuNkulunkulu aphethe “isikhiye sokwazi ngoNkulunkulu,” okubonakalisa “amandla obuNkulunkulu,” futhi okusilungiselela ukuthi “sibone ubuso bukaNkulunkulu, ngisho uBaba, futhi [siphile]” (amavesi 19–22).
Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 84:17–32
Ngiyakwazi ukuthola amandla obuphristi bukaNkulunkulu kanye nezibusiso.
Uma ucabanga igama elithi ubuphristi, yini efika emqondweni? Ubuphrist bukaNkulunkulu bukuhola kanjani empilweni yakho na?
Emva kokudlinza ngalemibuzo, funda kwiMfundiso neziVumelwano 84:17–32, futhi ucabange ngokuthi ngabe iNkosi ifuna wazini mayelana namandla obuphristi Bayo. Dlinza ukuthi ungawasebenzisa kanjani lamavesi ukuchazela omunye umuntu ngobuphristi nangenhloso yabo.
Okukodwa ongakuthola ukuthi ezimisweni zobuphristi “amandla obunkulunkulu ayembulwa” (bheka amavesi 19–21). Mhlawumbe ungabala izimiso zobuphristi osuwake wazenza (izinhlu ezikwi-General Handbook, 18.1, 18.2, zingasiza). Lezizimiso zobuphristi—kanye nezivumelwano ezihambisana nazo—ziwalethe kanjani amandla kaNkulunkulu empilweni yakho na? Ngabe impilo yakho ingahluka kanjani ngaphandle kwazo?
UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi: “Wonke umuntu wesifazane nowesilisa owenza izivumelwano noNkulunkulu futhi azigcine lezo zivumelwano, futhi obuye azamukele izimiso zobuphristi ngokufaneleyo, unokufinyelela okuqondile emandleni kaNkulunkulu” (“Spiritual Treasures,”) iLiyahona, ngoNov. 2019, 77). Cabanga ukufunda umyalezo kaMongameli uNelson, ubheka izindlela “ongadonsa amandla kaMsindisi empilweni [yakho].”
Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 25:10, 13, 15; 121:34–37, 41–46; Topics and Questions, “Priesthood,” “Joseph Smith’s Teachings about Priesthood, Temples and Women,” Umtapo Wolwazi Wevangeli; Genereal Handbook, 3.6, Umtapo Wolwazi Wevangeli.
IMfundiso neziVumelwano 84:31–44
Ubuphristi butholwa ngesifungo nangesivumelwano.
Isifungo nesivumelwano sobuphristi (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:31–44) budlala indima esikhethekile kwamadodana kaBaba oseZulwini abagcotshwele isikhundleni sobuphristi, kodwa izibusiso eziningi ezithenjisiwe kulamavesi ziyatholakala yizo zonke izingane zaNkulunkulu. Ziyini lezizethembiso, futhi uNkulunkulu ucela ukuthi senzeni ukuze sizithole na?
IGosa uPaul B. Pieper lasifundisa wathi: “Kuletha umnako ukuthi esifungweni nasesivumelwaneni sobuphristi [bheka IMfundiso neZivumelwano 84:31–44], iNkosi isebenzisa izenzo zoku thola kanye nokwamukela. Ayisisebenzisi isenzo soku gcoba. Kusethempelini lapho abesilisa kanye nabesifazane—ndawonye—bethola futhi bamukela izibusiso kanye namandla obuphristi buka-Aroni kanye nobukaMelkesideki” (“Revealed Realities of Mortality,” kwi-Ensign, yangoJanuwari 2016, 21).
Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 84:31–44, dlinza ngokuthi angachazani angachazani amagama athi “thola” kanye nelithi “yamukela” ubuphristi. Ngabe kuhluke ngani lokhu kunokugcotshwa esikhundleni sobuphristi na? Yini okunye iNkosi ekumema ukuba uyamukele kulamavesi na? Ukwenza kanjani lokho na?
Ngabe yikuphi okutholayo okukukhuthazayo ukuba wethembeke kakhulu ekwamukeleni uMsindisi, uBaba Wakhe, izinceku Zakhe, kanye namandla obuphristi Bakhe na?
Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 121:36–46.
IMfundiso neziVumelwano 84:43–61
Ukuphila ngezwi likaNkulunkulu kuletha ukukhanya kanye neqiniso empilweni yami.
Ngabe yimaphi amaqiniso owathola kwiMfundiso neziVumelwano 84:43–61 akusizayo uqonde ukuthi kungani udinga njalo ukufunda izwi likaNkulunkulu na? Qaphela umehluko phakathi kokukhanya nobumnyama kulamavesi; ukulandela kwakho “ngokukhuthala amazwi okuphila” kukusize kanjani ukukulethela ukukhanya, iqiniso kanye “noMoya kaJesu Kristu” empilweni yakho na? (amavesi 43, 45).
Bheka futhi 2 uNefi 32:3.
IMfundiso neziVumelwano 84:62–91
INkosi izoba nami uma ngisemsebenzini Wayo.
Ngesikhathi ufunda lamavesi, ungaqaphela izindlela iNkosi ethe izosekela ngayo izinceku Zayo. Zingasebenza kanjani lezi zethembiso emsebenzini acele ukuba uwenze na? Isibonelo, zifezeke kanjani izethembiso ezise vesini 88 empilweni yakho na?
IMfundiso neziVumelwano 84:106–110
Wonke umuntu angalekelela emsebenzi kaNkulunkulu.
Yikuphi okufundayo kulamavesi mayelana nokuthi iNkosi iwufeza kanjani umsebenzi Wayo na? Yisiphi iseluleko nezibusiso ozitholayo? Ungase ucabange futhi ngokuthi wena wake “wakheka ngobumnene bonke” kanjani ngoba wasebenza nomuntu owaye “namandla eMoyeni”, kubandakanye namalungu omndeni wakho.
Amasu okuFundisa Abantwana
IMfundiso neziVumelwano 84:4–5
Izimiso zasethempelini ziyangisiza ukulungisa ukubuyela ukuyophila noBaba oseZulwini.
-
Ukusiza izingane zakho zifisele ukuya ethempelini, ungase wakhe iphazili ngezithombe zethempeli. Ngemuva kwesihlephu ngasinye, ungabhala into esiyenzayo ethempelini, njengokubhabhadiselwa okhokho bethu, ukubopha nemindeni yethu, nokwenza izivumelwano noNkulunkulu. Funda IMfundiso neziVumelwano 84:4–5 nezingane zakho, futhi uzicele zilalele ukuthi iNkosi yale abaNgcwele ukuthi bakheni. Njengoba wena nezingane zakho nihlanganisa izingcezu, abelana ndawonye ngezinto ongazenza ukuzilungiselela ukungena ethempelini.
IMfundiso neziVumelwano 84:19–22
Ngingathola amandla kaBaba oseZulwini ngezimiso zobuphristi.
-
Ukusiza izingane zakho ziqonde ukuthi isimiso siyini, cabanga ngokubheka izithombe zezimiso zobuphristi eziningana nazo, njenge ncwadi Yobuciko beVangeli, izinombolo 103–8, noma ikhasi lomsebenzi lalelisonto. Cabanga ngokubacela bachaze ukuthi kwenzakalani esithombeni ngasinye. Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 84:19–22. Ngabe kungani uBaba oseZulwini efuna samukele lezimiso na? Tshela izingane zakho ukuthi wake wawezwa kanjani amandla kaNkulunkulu ngenxa yezimiso osuzimukelile futhi nezivumelwano ozenzile. (Bheka futhi “Amandla obuPhristi, Igunya, kanye Nezikhiye” kwisithasiselo A noma isithathiselo B.)
Ngingumngani kaJesu ngesikhathi ngimlandela.
-
Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 84:77 ndawonye, buza izingane zakho ukuthi kuchazani ukuba umngani. Ungakhuluma ngabangani bakho abalungileyo owake waba nabo. Usikhombisa kanjani uJesu ukuthi Ufuna sibe abangani Bakhe? Singabonisa kanjani ukuthi siyakufuna nathi lokho na? Iculo elinjengo “I’m Trying to Be like Jesus” (Children’s Songbook (Iculo labantwana), 78–79) lingasiza ngalengxoxo.
UBaba oseZulwini uyazisiza izinceku Zakhe.
-
Izingane zakho zingakujabulela ukuzwa ngokuthi abefundisi bevangeli bakusiza kanjani wena, umndeni wakho, noma okhokho bakho ukwamukela ivangeli. Emva kwalokho ungafunda ngesithembiso esikhethelekile iNkosi eyasenza kubafundisi bevangeli kwiMfundiso neziVumelwano 84:88. Mhlawumbe izingane zakho zingacabanga izinyathelo ezihambiselana nalelivesi. Cabanga ngokwabelana ngesikhathi lapho owawusebenzela iNkosi futhi wezwa ukuthi Inawe, njengoba kuchaziwe kwivesi 88. Ungase futhi usize izingane zakho zicabange izindlela ezingaba abefundisi bevangeli kwayimanje. Fakaza ukuthi uBaba oseZulwini uyasisiza ukuba sazi ukuthi sikhulume ngani ngesikhathi sikhuluma nabanye ngoJesu Kristu.