“Ngo-Agasti 4–10: ‘Yimani Ezindaweni Ezingcwele’: IMfundiso neziVumelwano 85–87,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 85–87,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Agasti 4–10: “Yimani Ezindaweni Ezingcwele”
IMfundiso neziVumelwano 85–87
Usuku lukaKhisimusi lujwayele ukuba yisikhathi sokucabanga imiyalezo “enjengokuthula emhlabeni” (bheka NgokukaLuka 2:14). Kodwa ngoDisemba 25, ngonyaka ka-1832, ingqondo kaJoseph Smith yayigcwele usongo lwempi. I-South Carolina eseMelika yayisanda kuqhudelana nohulumeni wakhona futhi yayilungiselela impi. Futhi iNkosi yembula kuJoseph Smith ukuthi lokhu kwakusayisiqalo: “Impi,” Yamemezela, “izotheleleka kuzo zonke izizwe” (IMfundiso neziVumelwano 87:2). Kwakubukeka sengathi isiphrofetho sasizogcwaliseka ngokushesha.
Kodwa-ke akwanzekanga. Emasontweni ambalwa, i-South Carolina kanye nohulumeni waseMelika bafika esiyekethisweni, impi yavinjwa. Kodwa, isambulo asigcwaliswa njalo ngesikhathi noma ngendlela esiyilindele. Cishe emva kweminyaka engama-30, kudala emva kokuba uJoseph Smith abulawe, i-South Carolina yahlubuka futhi impi yezikhali yalandela. Namuhla, impi emhlabeni wonke seyidale ukuthi “umhlaba ulile” (IMfundiso neziVumelwano 87:6). Ukubaluleka kwalesi sambulo kuncane kunalokho kokubikezela ukuthi inhlekelele ingeza nini bese kwanda ekufundiseni ukuthi ungenza njani ngenkathi ifika. Iseluleko siyafana ngonyaka ka-1831, 1861, kanye no-2025: “Yimani ezindaweni ezingcwele, futhi ninganyakaziswa” (ivesi 8).
Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 85:1–2
INkosi ifuna mina “ngigcine umlando.”
Qaphela ukuthi iNkosi ifuneni ukuba ibalwe “kumlando” njengoba kuchaziwe kwiMfundiso neziVumelwano 85:1–2. Ucabanga ukuthi kungani Efuna abaNgcwele Bakhe ukuba bagcine umlando na? Yini ongayiloba mayelana “nendlela yakho yokuphila, inkolo [yakho], kanye nemisebenzi” engaba yisibusiso kuwena kanye nasezizukulwaneni ezizayo? Ukugcina umlando wakho siqu kungakusiza kanjani ukuthi uze kuKristu na?
Bheka futhi “Journals: ‘Of Far More Worth than Gold,’” Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2011), 125–33; “Turning Hearts” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.
UMoya ukhuluma “ngezwi elincane.”
Cabanga ngamazwi uJoseph Smith awasebenzisile ukuchaza uMoya kwiMfundiso neziVumelwano 85:6. Izwi likaMoya ngabe “lithule” futhi “lincane” ngayiphi indlela na? Cabanga lezi zincazelo ezinikezwe uJoseph Smith: IMfundiso neziVumelwano 6:22–24; 8:2–3; 9:7–9; 11:12–13; 128:1. Ukhuluma nawe kanjani uMoya na?
Bheka futhi NgokukaLuka 24:32; uMosiya 5:2; u-Alima 32:28; u-Helamani 5:30; IMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 11:12–13.
Abalungile bayahlanganiswa ezinsukwini zokugcina.
IMfundiso neziVumelwano 86 iqukethe incazelo yomfanekiso wokolweni kanye nokhula, olutholakala kuNgokukaMathewu 13:24–30, 37–43. Ngesikhathi ufunda ngencazelo yalomfanekiso, cabanga ngokugcwalisa ishadi elifana naleli:
Izimpawu |
Izincazelo ezingenzeka |
Imibuzo ongazindla ngayo |
---|---|---|
Izimpawu Abahlwanyeli bembewu | Izincazelo ezingenzeka AbaProfethi nabaphostoli | Imibuzo ongazindla ngayo Nhloboni “yezimbewu” ezitshalwaabaprofethi nabaphostoli na? |
Izimpawu Isitha | Izincazelo ezingenzeka USathane | Imibuzo ongazindla ngayo Ngabe isitha sizama kanjani ukuvimba umsebenzi weNkosi na? |
Izimpawu | Izincazelo ezingenzeka | Imibuzo ongazindla ngayo |
Izimpawu | Izincazelo ezingenzeka | Imibuzo ongazindla ngayo |
Nansi imibuzo eningayicabanga:
-
Emva kokuchaza lomfanekiso, iNkosi yabe isikhuluma ngobuphristi, ukubuyiselwa, kanye nokusindiswa kwabantu Bayo (bheka amavesi 8–11). Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwalezingqithi kanye nomfanekiso wakolweni kanye nokhula na?
-
Ithini indima yakho ekubeni “ukukhanya kwabeZizwe” futhi “njengomsindisi kubantu [beNkosi]”? (ivesi 11).
Ukuthula kutholakala “ezindaweni ezingcwele.”
Isiprofetho esigabeni 87 sisixwayisa ngezingozi zomzimba ezihlangene nempi ngezinsuku zokugcina. Kodwa iseluleko esikulesi sambulo siyasebenza nasezingozini ezingokomoya. Zindla imibuzo enjengalena elandaleyo:
-
Isiprofetho siyisambulo esiphuma kuNkulunkulu siya kumprofethi, ikakhulukazi esikhathini esizayo. Yiziphi ezinye izibonelo zeziprofetho ezathulwa abaprofethi basemandulo nabamanje na? (bheka NgokukaJohane 3:14; uMosiya 3:5; uHelamani 14:2–6). Zagcwaliseka kanjani na? (bheka NgokukaLuka 23:33; NgokukaMathewu 15:30–31; 3 uNefi 1:15–21).
-
Yiziphi izibusiso zokwamukela iziphrofetho zabaprofethi baNkulunkulu na?
Unalemicabango emqondweni, funda isigaba 87. (Ukuze uthole umongo womlando, ungase futhi ufune ukufunda isingeniso salolu hlaka.) Ngabe yini oyifundayo mayelana nesiprofetho kulesambulo nendlela esagcwaliseka ngaso na? Ungathini kumuntu ongabaza isiprofetho ngoba asifezeki khona manje na?
Ngabe yisiphi iseluleko iNkosi eyasinikeza evesini 8? Yiziphi “izindawo ezingcwele” zakho lapho uthola khona ukuthula nokuphepha na? Yini eyenza indawo ibe ngcwele na? Ngaphezulu kwezindawo ezibonakalayo, mhlawumbe kukhona izikhathi ezingcwele, amasiko angcwele, noma imicabango engcwele okungaletha ukuthula. Isibonelo, amazwi abaprofethi bakaNkulunkulu angaba kanjani indawo engcwele kini na? Kuqonde ukuthini “ukuma” futhi “ukunganyakaziswa” kulezi zindawo na?
Bheka futhi, “Where Love Is,” Children’s Songbook, 138–39; Saints, 1:163–64; “Peace and War,” kwi-Revelations in Context, 158–64.
Amasu okuFundisa Abantwana
UMoya ukhuluma “ngezwi elithule nelincane.”
-
Zingathini izingane zakho mangabe umuntu ezibuza ukuthi zona zazi kanjani musukhuluma nabo uMoya oNgcwele na? Zimeme ukuthi zifunde ngendlela eyodwa uJoseph Smith achaza ngayo izwi laMoya kwiMfundiso neziVumelwano 85:6. Bese zingazama ukulalela futhi nokukhuluma ngezwi elincane. Ungase futhi wabelane ngezenzakalo lapho uMoya wakhuluma nawe ngezwi elithule, nelincane.
-
- Cela enye yezingane ukuthi iqagele ukuthi iyiphi ingoma kuyilapho ezinye izingane zenza imisindo ephazamisayo. Bese ungaphinda ingoma ngaphandle kweziphazamiso. Yiziphi iziphazamiso esingazisusa ezimpilweni zethu ukuze sizwe uMoya kaningi?
Ngingasiza ukuqoqa abantu baNkulunkulu.
-
Ukusiza izingane zakho ukuba ziqonde isifanekiso esichazwe esigabeni 86, ungalungisa izithombe ezincanyana eziningana noma imidwebo yokolweni uzifihle phakathi egumbini. Chazela izingane zakho isifanekiso sokolweni nokhula (bheka NgokukaMathewu 13:24–30), futhi nifunde ndawonye incazelo yeNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 86:1–7. Izingane zakho sezingahlanganisa izithombe ebezifihliwe zokolweni bese zibhala igama lomuntu ezingamu “ukuqoqela” kuJesu Kristu. Kungahle kusho ukuthini ukuqoqa abantu kuJesu Kristu na? Yiziphi ezinye zezindlela esingakwenza ngakho lokhu na?
Ngingaba ukukhanya kwabanye.
-
Nayi imibuzo ongase ubuze izingane zakho ngesikhathi nixoxa ngeMfundiso neziVumelwano 86:11: Ukukhanya kusibusisa kanjani na? Kuba njani ngesikhathi kungekho ukukhanya na? Singaba kanjani ukukhanya kwabanye abantu na? Siza izingane zakho zicabange izindlela ezinga “hlala ebubeleni [bukaJesu]” zabelane nabo nabanye.
IMfundiso neziVumelwano 87:6, 8
Ngiyakwazi “ukuma … ezindaweni ezingcwele.”
-
Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 87:6 ukufunda ngokuthi iNkosi ithe kuzokwenzekalani ezinsukwini zokugcina. Bese ungakhuluma ngezinye zezingqinamba wena nezingane zakho enibhekene nazo. Evesini 8, iNkosi yathi singenzani ezikhathini ezinzima na?
-
Siza izingane zakho zakhe uhlu ngezindawo ezingcwele, imicabango engcwele, futhi nezenzo ezingcwele ezingazisiza zibhekane nobungozi obungokomoya. Okwemibono, bheka amavidiyo “Standing in Holy Places” futhi “Stand Ye in Holy Places—Bloom Where You’re Planted” (Umtapo Wolwazi Wevangeli).