“Ngo-Agasti 11–17: ‘Misani … Indlu kaNkulunkulu’: IMfundiso neziVumelwano 88,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 88,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Agasti 11–17: “Misani … Indlu kaNkulunkulu”
IMfundiso neziVumelwano 88
Kaningi, iNkosi isinikeza amazwibela amancane “ngobukhosi nangamandla” Akhe angenamkhawulo (IMfundiso neziVumelwano 88:47) ngezambulo ezinhle. IMfundiso neziVumelwano 88 isambulo esinjalo—esokukhanya nenkazimulo nemibuso engenza okuningi okusihluphayo kwasemhlabeni kubonakale kukuncane ngokuqhathanisa. Ngisho singangakwazi ukukuqonda konke, kepha siyakwazi ukubona ukuthi kuningi okukhona kwiphakade kunalokho esake sakuqaphela. Kunjalo, iNkosi ayabelani ngalamaqiniso amakhulu ukusesabisa noma ukusenza sizizwe sibancane. Empeleni wathembisa ukuthi, “Usuku luyofika lapho niyoqonda ngisho uNkulunkulu” (ivesi 49; ukugcizelela kwengeziwe). Mhlawumbe kwakungenxa yaloku kukhazimula okuzayo ukuthi iNkosi yayala abaNgcwele Bayo eKirtland ukuthi bakhe Isikole sabaProfethi. “Zihleleni,” kwasho Yona. “Lungisani konke okudingekayo; futhi nimise … indlu kaNkulunkulu” (ivesi 119). Ngaphezu kwanoma iyiphi enye indawo, yingaphakathi kwendlu engcwele kaNkulunkulu—nasemakhaya ethu—lapho engakwazi khona ukuphakamisa umbono wethu ngaphezu kwalomhlaba ofayo, “[asembulele] ubuso bakhe,” futhi asilungiselele “ukubekezelela inkazimulo yesilestiyali” (amavesi 68, 22).
Bheka Abangcwele, 1;164-66.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UJesu Kristu unginika ukuthula.
Emva kwezinsuku isexwayiso sokuthi impi “izothululwa phezu kwezizwe zonke” (iMfundiso neziVumelwano 87:2), iNkosi yanika uJoseph Smith isambulo esibizwa ngokuthiwa “iqabunga lomnqumo,” okuwuphawu lwendabuko lokuthula (iMfundiso neziVumelwano 88, isihloko sesigaba; bheka futhi uGenesise 8:11). Kuso sonke isifundo sakho sesigaba 88 kulelisonto,bheka imiyalezo yeNkosi yokuthula kuwe.
IMfundiso neziVumelwano 88:6–67
Ukukhanya nomthetho kuvela kuJesu Kristu.
Igama elithi ukukhanya kanye nelithi umthetho aphindwe kaningi esigabeni 88. Maka noma qaphela amavesi lapho othola khona lamagama kulamavesi 6–67, bese ubhala phansi ukuthi ufundani ngokukhanya nomthetho—kanye nangoJesu Kristu. Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuba uyenze ukuze wamukele ukukhanya futhi uphile “umthetho kaKristu”? (ivesi 21).
Bheka futhi u-Isaya 60:19; NgokukaJohane 1:1–9; u-3 Nefi 15:9; uTimothy J. Dyches, “Light Cleaveth unto Light,” Liyahona, ngoMeyi 2021, 112–15; uSharon Eubank, “Christ: The Light That Shines in Darkness,” Liyahona, ngoMeyi 2019, 73–76.
IMfundiso neziVumelwano 88:62–64
“Sondelani eduze kwami.”
Yiziphi izenzakalo eziye zakubonisa ukuthi izithembiso ezikulamavesi ziyiqiniso? Isiphi isinyathelo sakho esilandelayo soku “sondela eduze” kukaKristu? -
IMfundiso neziVumelwano 88:67–76
Ngingaba ohlanzekileyo ngeNhlawulo kaJesu Kristu.
Umyalo weNkosi othi “zingcweliseni” uvela kabili kwisigaba 88 (kumavesi 68, 74). Ucabanga ukuthi usho ukuthini lomusho? Ungase ubuyekeze ezinye zezindima ezingaphansi “kokuNgcweliswa” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (UMthombo woLwazi weVangeli). singcweliseka kanjani? Vumela lombuzo uqondise ukufunda kwakho iMfundiso neziVumelwano 88:67–76, bese ubhala noma yikuphi ukuqonda okungokomoya okutholayo.
IMfundiso neziVumelwano 88:77–80, 118–26
Funani ukuthola ulwazi, ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa.”
INkosi yatshela abaNgcwele ukuthi bamise “isikole sabaprofethi” eKirtland (iMfundiso neziVumelwano 88:137). Umyalo omningi kwisigaba 88 wabafundisa ukuthi bakwenze kanjani lokho. Lomyalelo ungakusiza futhi “umise … indlu yokufunda”(ivesi 119) empilweni yakho. Empeleni, ungabheka lamavevi 77–80 kanye nalawa 118–26 njengecebo “lokulungisa kabusha ikhaya lakho [noma impilo yakho] kube isikhungo sokufunda ivangeli” kanye “nendlu engcwele yokholo” (uRussell M. Nelson, “Becoming Exemplary Latter-day Saints,” Liyahona, Nov. 2018, 113). Kungase kuthakazelise ukudweba ukuthi “ukulungisa kabusha” kwakho wena kungase kubukeke kanjani, kuhlanganise nemisho evela kulamavesi onomuzwa wokuthi udinga ukuwasebenzisa.
Kungasiza futhi ukuhlola lemibuzo: Kungani ukufunda kanye nemfundo kubalulekile eNkosini? Yikuphi afuna ngikufunde? Ufuna ngifunde kanjani? Bheka izimpendulo zalemibuzo kulamavesi 77–80 nakwi “Truth will make you free” (For the Strength of Youth (Okwakha Intsha: A Guide for Making Choices, 30–33).
Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuthola ulwazi, “ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa”? (ivesi 118). Yikuphi okutholayo kumyalezo weGosa uMathias Held ”(Seeking Knowledge by the Spirit“? (Liyahona, ngoMeyi 2019, 31-33).
Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Ukufuna Iqiniso nokugwema Inkohliso,“ Umtapo wolwazi weVangeli; “A School and an Endowment,“ kwiZambulo zomongo, 174-82.
Amasu okuFundisa abaNtwana
UBaba oseZulwini ungipha izipho ezinhle.
-
Ungaqala ingxoxo mayelana neMfundiso neziVumelwano 88:33 ngokucela abantwana bakho ukuthi bakhulume ngezipho abaphiwe zona—lezo abazithola ngenjabulo kanye nezinye abangazithokozelanga. Mhlawumbe bangalingisa ukuthola isipho ngenjabulo. Bese ungakhuluma ngezipho uBaba oseZulwini asinika zona (njengesipho soMoya oNgcwele) Ngizamukela kanjani lezi zipho ngenjabulo na?
Uma ngifuna uMsindisi, ngizomthola.
-
IMfundiso neziVumelwano 88:63 iqukethe amazwi esenzo angakhuthaza imisebenzi ethile ejabulisayo ukukhuthaza abantwana bakho ukuthi bafune ubukhona beNkosi ezimpilweni zabo. Isibonelo, wena kanye nabantwana bakho ningakwazi yini ukucabanga umdlalo wokuxoxa ngalenkulumo ethi “ngifuneni ngokukhuthala nizongi thola” (ukugcizelela okwengeziwe) noma “ngqongqothani futhi niyovulelwa?
-
Ukugcizelela isimemo soMsindisi sokuthi “sondelani eduze kwami,” ungacela umntwana oyedwa ukuthi abambe isithombe sikaJesu (njengesithombe esisekupheleni kwaloluhlaka) ohlangothini olulodwa lwegumbi ngesikhathi abanye abantwana beme ngakolunye uhlangothi. Ngesikhathi abantwana bakho becabanga izinto abangazenza ukuze basondele kuMsindisi, bangathatha igxathu elibheke esithombeni, bese umntwana ophethe isithombe angathatha igxathu ebheke kwabanye abantwana. Xoxa nabantwana bakho ngokuthi usondela kanjani kuMsindisi nokuthi Usondela kanjani kuwe. Ungakwazi futhi ukucula nabo iculo mayelana nalesi sihloko, njenge lithi “I Feel My Savior’s Love” (Children’s Songbook (Iculo labantwana), 74–75).
IMfundiso neziVumelwano 88:77–80, 118
UBaba oseZulwini ufuna ngifunde.
-
Cela abantwana bakho ukuthi bakutshele ngalokho abakufunda esikoleni noma eNhlanganweni yabaNtwana. Ungase futhi wabelane ngezinto ezithile ozifundayo. Ngemva kwalokho ungabonisa izingane zakho amagama athi yini, kungani, futhi kanjani. Basize babheke iMfundiso neziVumelwano 88:77–79 ukuthola ukuthi yini iNkosi efuna sifunde ngayo. Bese nibheka ndawonye kwivesi 80 ukuthola ukuthi kungani efuna ukuthi sifunde futhi kwivesi 118 ukuthola ukuthi ufuna sifunde kanjani.
IMfundiso neziVumelwano 88:119
Ikhaya lethu lingaba ngcwele njengethempeli.
-
Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 88:119 kubantwana bakho, bangakwazi ukwenza isikhonkwane sethempeli ngezingalo zabo njalo lapho bezwa igama elithi “indlu.” Chaza ukuthi uBaba oseZulwini wayefuna uJoseph Smith kanye nabaNgcwele bakhe ithempeli, noma “indlu kaNkulunkulu.”
-
Ungacela abantwana bakho ukuthi bakhethe amagama ayisikhombisa achaza ikhaya lazo. Emva kwalokho basize bathole kwiMfundiso neziVumelwano 88:119, amagama ayisikhombisa iNkosi ewasebenzisa ukuchaza indlu Yayo. Ungalenza kanjani ikhaya lethu libe “yindlu kaNkulunkulu”?