“Ngo-Agasti 18–24: ‘Umgomo Onesithembiso’: IMfundiso neziVumelwano 89–92,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 89–92,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Agasti 18–24: “Umgomo Onesithembiso”
IMfundiso neziVumelwano 89-92
Esikoleni sabaProfethi, uMphrofethi uJoseph Smith wafundisa amagosa akwa-Israyeli mayelana nokwakha uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni. Babexoxisana ngamaqiniso womoya, bakhuleke ndawonye, bazile ukudla, belungiselela ukushumayela ivangeli. Kodwa kwakukhona okwakukhona ngalesi simo okungabukeka kungejwayelekile kuthina namhlanje, futhi kwakungabukeki kukuhle naku-Emma Smith. Phakathi nomhlangano, amadoda ayebhema, futhi ahlafune ugwayi, okwakujwayelekile ngaleso sikhathi, kodwa wawungcolisa indawo yaphansi endlini ibe mnyama bese ishiye iphunga emoyeni. U-Emma wabelana ngokuthinteka kwakhe noJoseph, futhi uJoseph wabuza iNkosi. Impendulo Yakhe kwaba isambulo esadlula ngaphezulu kokubhema kanye namabala ogwayi. Sanikeza Abangcwele, eminyakeni elandelayo, “umgomo onesithembiso”—izethembiso zempilo yomzimba, “ukuhlakanipha,” kanye “nengcebo eminingi yolwazi” (IMfundiso neziVumelwano 89:3, 19).
Bheka futhi Abangcwele, 1:166–68.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
INkosi yangipha Izwi lokuHlakanipha ukungisiza ukuba ngiphile kahle emzimbeni nasemoyeni.
Ngesikhathi amagosa eSikoleni sabaPhrofethi ezwa uJoseph Smith efunda Izwi lokuHlakanipha okokuqala, “alahla amapayipi kanye nezivimbo zokuhlafuna ugwayi emlilweni ngokushesha” (Saints,, 1:168). Babefuna ukubonisa ukuzimisela kwabo ukulala iNkosi. Mhlawumbe “usuzilahlile” empilweni yakho zonke izinto Izwi lokuHlakanipha elixwayisa ngazo, kodwa yikuphi okunye ongakufunda kulesi sambulo? Cabanga lamasu:
-
Cabanga ngalesi sambulo “njengomgomo onesithembiso” (uvesi 3)—ukubekezelela amaqiniso ahola ukwenza isinqumo. Yimiphi imigomo oyitholayo engahola izinqumo zakho? Yiziphi izibusiso iNkosi ezithembisayo (bheka amavesi 18–21). Ngabe Yena uzigcwalise kanjani lezo zethembiso empilweni yakho na?
-
Yiziphi izibonelo osuzibonile “zokubi nemisongoza … ezinhliziyweni zabantu abahlela okubi” ezihlobene neZwi lokuHlakanipha? (ivesi 4). Ngaphezu kwalesi sambulo, yini iNkosi ekunike yona ukuze ikusize ugweme noma unqobe lobu bubi?
-
Yikuphi okufundiswa yilesi sambulo ngeNkosi? Ngabe iZwi lokuHlakanipha lihlobene kanjani neMfundiso neziVumelwano 29:34–35?
-
Yikuphi okhuthazeka ukuthi ukwenze ukunakekela umzimba wakho kahle?
Kungenzeka ukuthi ube namathuba okuchazela abanye ukuthi kungani uphila Izwi lokuHlakanipha—futhi ungase ube namathuba amaningi esikhathini esizayo. Cabanga ukuthi ungasebenzisa kanjani lamathuba ukufakaza ngoMsindisi, ubungcwele bemizimba yethu, kanye namanye amaqiniso kamoya. Okwemibono, bheka “Your body is sacred,” For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (Umhlahlandlela wokwenza izinqumo), 22-29.
Bheka futhi 1 kwabaseKhorinte 6:19–20; Thomas S. Monson, “Principles and Promises,” Liahona, Nov. 2016, 78–79; Topics and Questions, “IZwi lokuHlakanipha,” Umtapo woLwazi weVangeli; “Izwi lokuHlakanipha,” in Revelations in Context, 183–91; “Addiction,” “Physical Health,” Life Help, uMtapo woLwazi weVangeli.
IMfundiso neziVumelwano 90:1–17
UbuMongameli bokuQala bubambe “izikhiye zombuso.”
Kwisigaba 90, iNkosi yanika umyalezo mayelana “nokusiza nobumongameli” (uvesi 12) bukaJoseph Smith, uSidney Rigdon, kanye noFrederick G. Williams—amalunga alokhu esikubiza ngobuMongameli bokuQala manje. Ufundani mayelana nobuMongameli bokuQala kulamavesi 1–17? Cabanga ukubheka imiyalezo emisha ephuma emalungeni obuMongameli bokuQala. Yini abayenzayo “ukubeka emgqeni izindaba zebandla nombuso”? (ivesi 16). Ungatshengisa kanjani ukuthi abasiyo “into encane” kuwena? (ivesi 5).
- Umsebenzi wobuMongameli bokuQala ukusize kanjani ukuthi wazi uBaba waseZulwini kanye noJesu Kristu?
“Zonke izinto ziyosebenza ndawonye ngokulungele [mina].”
Cabangisisa nganoma yisiphi isipiliyoni osuke waba naso esifakaza ngesithembiso seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 90:24. Cabanga ngokubhala phansi izipiliyoni zakho bese wabelana ngazo elungeni lomndeni noma othandiweyo—mhlawumbe komunye odinga ukuqinisekiswa noma ukukhuthazwa. Uma usalindele izibusiso ezithile, zindla ngalokho ongakwenza ukuze uhlale uthembekile njengoba ulindele ukubona ukuthi “zonke izinto zizosebenza kanjani ndawonye ngokulungele wena.”
IMfundiso neziVumelwano 90:28–31
Kwakungubani uVienna Jaques?
UVienna Jaques wazalwa ngoJuni 10, 1787, eMassachusetts. Owesifazane wokholo owayenesimo semali esihle, uVienna wahlangana nabefundisi okokuqala ngo-1831. Emva kokuthola ubufakazi bomoya wokuthi umyalezo wabo wawuyiqiniso, wahamba ukuyohlangana noMphrofethi eKirtland e-Ohio, lapho abhabhadiselwa khona.
UVienna wahlonipha iseluleko seNkosi kuyena kwiMfundiso neziVumelwano 90:28–31. Ukuzinikela kwakhe eNkosini, okwakubalwa phakathi iminikelo ayenza ngaphambilini eKirtland, kwafika ngesikhathi esibalulekile eBandleni, ngesikhathi abaholi babezama ukuthenga umhlaba lapho iThempeli laseKirtland lalizokwakhiwa khona. Uvienna “wayethembekile, futhi … engavilaphi” empilweni yakhe yonke futhi wakwazi “ukuhlala kahle ngokwethula” (uvesi 31) eSalt Lake Valley, lapho ashonela khona eneminyaka engama-96.
“UMoya ubonakalisa iqiniso.”
Sonke siyahlangana nemiyalezo equkethe “izinto eziningi … eziyiqiniso” kanye “nezinto eziningi … ezingelona iqiniso” (iMfundiso neziVumelwano 91:1–2). Isiphi iseluleko ositholayo kwisigaba 91 esingakusiza ukuba uqonde iqiniso emilayezweni ohlangana nayo? Ukusize kanjani uMoya ukuba uhlukanise iqiniso emaphutheni na?
Amasu okuFundisa abaNtwana
IZwi lokuHlakanipha liyangisiza ukuba ngiphile kahle emzimbeni nasemoyeni.
-
- Siza abantwana bakho balingise izindlela abanganakekela ngayo imizimba yabo.
-
Ukufunda mayelana nemiyalelo yeNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 89:10–17, wena kanye nabantwana bakho ningadweba noma nibuke izithombe zezinto ezinhle esingazidla noma esingazenza ukuze sigcine imizimba yethu inempilo (bhaka isithombe kanye nekhasi lomsebenzi ekugcineni kwaloluhlaka). Yini iNkosi esixwayise ngayo ukuba singayisebenzisi? Kungani Efuna sinakekele imizimba yethu?
-
IGosa uGary E. Stevenson weluleka intsha ukuba ihlele kusengaphambili lokho ezokwenza uma ilingeka ngotshwala noma izidakamizwa. Wafundisa wathi: “Uyothola ukuthi isilingo asinamandla okukulawula. Uyobe ususithathile isinqumo sokuthi uzosabela kanjani nokuthi uzokwenzani. Ngeke udinge ukukhetha ngaso sonke isikhathi” (“Your Priesthood Playbook,” Liyahona, ngoMeyi 2019, 48). Emva kokufunda ndawonye iMfundiso neziVumelwano 89:4 kanye nesitatimende seGosa uStevenson, lulekana nabantwana bakho mayelana nokuthi banganquma kanjani manje—impilo yabo yonke—ukuphila iZwi lokuHlakanipha. Ungakwazi nokulingisa indlela abangaphendula ngayo uma othile, ngisho umngani, ebanikeza okuthile okuphambene neZwi lokuHlakanipha. INkosi isibusisa kanjani njengoba silalela iZwi lokuHlakanipha ?(bheka amavesi 18–21).
UNkulunkulu unginika abaprofethi ukuba bangiqondise futhi bangivikele.
-
Ungabheka izithombe zabaprofethi basendulo noma ucule ingoma efana nale ethi “Follow the Prophet” (Iculo labantwana, 110–11). UNkulunkulu ubabusise kanjani abantwana Bakhe ngabaprofethi Bakhe? Kungani kufanele silalele abaprofethi baNkulunkulu? (bheka IMfundiso neziVumelwano 90:5). Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabuka isithombe somprofethi ophilayo futhi nabelane ngezinye izinto iNkosi esifundise noma isixwayise ngazo ngaye. Singamulandela kanjani umprofethi?
uMoya ungangisiza ngazi ukuthi yikuphi okuyiqiniso.
-
Ungafingqa isihloko sesigaba seMfundiso neziVumelwano 91 ukusiza abantwana bakho baqonde ukuthi kungani lesi sambulo sanikezwa. Bangase bacabange ngezindawo, njengasemithonjeni yezindaba, lapho sithola khona “izinto eziningi … eziyiqiniso” kanye “nezinto eziningi … ezingelona iqiniso” (amavesi 1–2). Ngabe lamavesi 4–6 asifundisani ngoMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele usisiza kanjani sazi uma into iyiqiniso?