“Ngo-Agasti 25–31: ‘Nifumane Ukuphelela Kwakhe’: IMfundiso neziVumelwano 93,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 93,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Agasti 25–31: “Nifumane Ukuphelela Kwakhe”
IMfundiso neziVumelwano 93
“Uma ugibela isitebhisi,” kwafundisa uJoseph Smith, “kumele uqale ezansi, bese ukhuphuka kancane kancane, uze ufike phezulu; futhi kunjalo ngezimiso zevangeli—kumele uqale ngesokuqala, bese uyaqhubeka uze uzifunde zonke izimiso zokuphakanyiswa” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 268).
Ngesinye isikhathi leso sitebhisi sokuphakanyiswa sibukeka siphezulu kakhulu, kepha sizalelwe ukuthi sigibele size sifinyelele phezulu ngosizo loMsindisi oluqhubekayo. Noma yikuphi esikubonayo kithi okusikhubazayo, uBaba oseZulwini neNdodana Yakhe babona into enhle kakhulu kithi, into efana njengonkulunkulu. Njengoba uJesu Kristu “wayekhona ekuqaleni noBaba,” nathi “ngokunjalo” (iMfundiso neziVumelwano 93:21, 23). Njengoba Naye “waphikelela wanda ngomusa, waze wafumana ukuphelela,” nani ngokunjalo “niyofumana umusa ngenxa yomusa” (amavesi 13, 20). Ivangeli elibuyiselwe lifundisa ngobunjalo bukaNkulunkulu beqiniso, futhi kanjalo lifundisa ngobunjalo bakho bangempela kanye nesiphetho sakho. Ungumntwana kaNkulunkulu ngempela futhi ungakwazi “ngesikhathi esifanele [u]fumane ukuphelela kwakhe.” (ivesi 19).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
NjengoJesu Kristu, ngingadunyiswa futhi ngithole “ukugcwaliswa” kukaNkulunkulu.
UmProfethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “uma abantu bengasiqondisisi isimilo sikaNkulunkulu, kusho akuthi abaziqondi bona” (Teachings: Joseph Smith, 40). Ngesikhathi ufunda ngoMsindisi ngokuthi ufunde IMfundiso neziVumelwano 93, bheka ukuthi yikuphi okunye okufundayo ngawe. Isibonelo, yikuphi okufundayo Ngaye kulamavesi 3, 12–13, 21, naleli 26? Ngabe yimaphi amaqiniso owatholayo ngawe kulamavesi 20, 23, nalawa 28–29? (Bheka futhi 1 NgokukaJohane 3:2; 3 Nefi 27:27). Lemibuzo elandelayo ingakusiza uqonde futhi usebenzise amaqiniso akulesisigaba:
-
Uzwa ukuthi usho ukuthini ukwamukela “umusa ngenxa yomusa” nokuphikelela “wand[e] ngomusa”? (amavesi 12–13). Uma ungasiza, ungafunda “Umusa” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (uMthombo woLwazi weVangeli).
-
Yini oyitholayo kulesisambulo mayelana nendlela uNkulunkulu akusiza ngayo ukuthi ukhule futhi ufunde? Ngabe ukwazi lokhu kuthinta kanjani indlela ophatha ngayo abanye—nendlela oziphatha ngayo wena?
-
Ufundani ngokuthi “kukhonzwa kanjani, kanye … nokuthi nikhonzani”? (ivesi 19; bheka futhi iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukukhonza,” UMthombo woLwazi weVangeli).
IMfundiso neziVumelwano 93:1-39
Inkazimulo kaNkulunkulu ukukhanya neqiniso.
Kungenzeka ubone ukuthi amagama anjenge nkazimulo, ukukhanya, kanye neqiniso avela kaningi kulesambulo. Ngesikhathi ufunda amavesi 20–39 bhala uhla lamaqiniso owafundayo ngalemiqondo. Ukwenza Itafula elinjengaleli kungasiza:
Ivesi |
Lokho engikufundayo |
Imibuzo ongazindla ngayo |
---|---|---|
Ivesi | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo Ziningi izinkohliso emhlabeni. Ngingalazi kanjani iqiniso? (Bheka futhi uJakobe 4:13). |
Ivesi | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo |
Ivesi | Lokho engikufundayo UNkulunkulu uyisidalwa sokukhanya neqiniso. | Imibuzo ongazindla ngayo |
Ivesi | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo Ubani engimaziyo obonakala ekwazi ukumelana namathonya amabi? Kungani bekwazi ukwenza lokhu? |
Ivesi | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo |
Ivesi | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo |
Ivesi Bheka futhi: iMfundiso neziVumelwano 50:24 | Lokho engikufundayo | Imibuzo ongazindla ngayo |
Yikuphi okutholayo kulamavesi okukukhuthaza ukuba ufune ukukhanya okukhulu neqiniso? Kungani ukukhanya kanye neqiniso kuyizibongo ezinhle zaJesu Kristu? (bheka uNgokukaJohane 8:12; 14:6). Lamaqiniso ayithinta kanjani impilo yakho?
Ungase futhi uqaphele izithembiso mayelana nesiphetho sakho saphakade kulamavesi 20, 22, 28, 33–35. Buyini ubudlelwano phakathi kwalezi zithembiso kanye nokuthola ukukhanya?
Cabanga ukubheka “Walk in God’s light” (For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (Umhlahlandlela wokwenza izinqumo), 18–21) ukuthola ukuthi yini ongayenza ukuze uthole ukukhanya nokuthi iNkosi ithembisa ukukubusisa kanjani. Amavidiyo “Ukukhanya Neqiniso, Ingxenye 1” kanye “Nengxenye 2” (uMtapo wolwazi weVangeli) inganikeza imibono eyengeziwe.
Bheka futhi “Teach Me to Walk in the Light,” Amaculo, nombolo. 304; Izihloko nemibuzo, “Umoya oNgcwele,” Umtapo wolwazi weVangeli.
IMfundiso neziVumelwano 93:40–50
“Lungisa indlu yakho ihleleke.”
Umyalo “wokulungisa indlu yakho ihleleke” (ivesi 43) akuwona owokuhlela amakhabethe nezingubo kodwa kumayelana nokufundisa—nokufunda—“ukukhanya neqiniso” (ivesi 42). Cabanga ukuthi uzama kanjani ukulandela lesi seluleko. Yiziphi izingqinamba obhekana nazo? Yimaphi amaqiniso kwiMfundiso neziVumelwano 93 angasiza?
Yikuphi ukuqonda okutholayo kulezi zimfundiso zeGosa uDavid A. Bednar?
“Ehhovisi lami kunomdwebo omuhle wensimu kakolweni. Umdwebo uyiqoqo elikhulu lemivimbo ebhulashi angawodwana—okungekho kuwo okukodwa okuthakazelisa kakhulu noma okuhlaba umxhwele. Eqinisweni, uma umi eduze neseyili, ongakubona nje inqwaba yemigqa ebonakala ingahlobene futhi ingakhangi yopende ophuzi nosagolide nonsundu. Kodwa-ke, njengoba usuka kancane kancane kuseyili, wonke imivimbo yebhulashi angawodwana ahlangana ndawonye futhi akhiqize indawo enhle yensimu kakolweni. Imivimbo yamabhulashi amaningi ajwayelekile, angawodwana asebenza ndawonye ukuze akhe umdwebo okhangayo nomuhle.
“Umkhuleko ngamunye womndeni, isikhathi ngasinye sesifundo somndeni semibhalo engcwele, kanye nobusuku ngabunye bomndeni basekhaya kungumbala othile opendeka kuseyile yemiphefumulo yethu. Asikho isenzakalo esisodwa esingabonakala sibabazeka noma sikhumbuleka kakhulu. Kepha njengoba nje ukupenda ngombala ophuzi nowegolide nonsundu kuphelelisana futhi kuveza ubuciko obuhlaba umxhwele, kanjalo nokuma njalo kwethu ekwenzeni izinto ezibonakala zincane kungaholela emiphumelweni ebalulekile yangokomoya. ‘Ngalokho-ke, ningakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba nibeka isisekelo somsebenzi omkhulu. Futhi ezintweni ezincane kuyovela lokho okukhulu’ [iMfundiso neziVumelwano 64:33]. Ukungaguquguquki kuwomgomo obalulekile njengoba sibeka isisekelo somsebenzi omkhulu ezimpilweni zethu ngabanye futhi njengoba sikhuthala futhi sikhathalela kakhulu emakhaya ethu” (“More Diligent and Concerned at Home,” iLiyahona, Nov 2009, 19–20).
Bheka futhi uHenry B. Eyring, “A Home Where the Spirit of the Lord Dwells,” Liyahona, ngoMeyi 2019, 22–25.
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 93:2–21
UJesu Kristu ungukuKhanya nokuPhila koMhlaba.
-
Cabanga ngokubonisa isithombe soMsindisi futhi ubuze abantwana bakho ukuthi kungani kubalulekile ukufunda nokulandela uJesu Kristu. Bese ningafunda ndawonye iMfundiso neziVumelwano 93:19 ukuthola isizathu esisodwa esibalulekile.
-
Ungase ufune ukukhetha amaqiniso amaningana ngoKristu kwisigaba 93 ezikhuthazayo kuwe futhi zisize izingane zakho zizithole futhi ziziqonde (bheka futhi “Chapter 33: A Revelation about Jesus Christ,” ku Zindaba zeMfundiso neziVumelwano, 126–27, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli). Kulelo nalelo qiniso olikhethayo, unganikeza abantwana bakho igama noma umushwana abazolilalela njengoba nifunda ivesi ndawonye. Isibonelo, uJesu Kristu:
IMfundiso neziVumelwano 93:23, 29, 38
Ngahlala noBaba oseZulwini ngaphambi kokuba ngize emhlabeni.
-
Umsindisi wagcizelela kathathu kwisigaba 93 ukuthi sasihlala noNkulunkulu “ekuqaleni” (amavesi 23, 29, 38). Ukusiza abantwana bakho bathole lokhu, ungabamema ukuba bafunde kwiMfundiso neziVumelwano 93:23, 29, 38 futhi babheke iqiniso ngabo eliphindaphindwayo kulamavesi. Kungani uBaba oseZulwini efuna sazi leli qiniso? Ungase ubuze abantwana bakho lokho abakwaziyo ngempilo yethu noBaba oseZulwini ngaphambi kokuba sizalwe. Ukuze ubasize bafunde kabanzi, funda nabo isiqephu sombhalo ongcwele esisodwa noma eziningi ezilandelayo: uJeremiya 1:5; iMfundiso neziVumelwano 138:53–56; uMose 3:5; u-Abrahama 3:22–26.
-
-
IMfundiso neziVumelwano 93:24–39
Ngithola ukukhanya neqiniso ngesikhathi ngilalela uNkulunkulu.
-
Ukuze usize abantwana bakho basebenzise amaqiniso aphathelene nokulalela kwiMfundiso neziVumelwano 93, cabanga ukubhala imibhalo engcwele embalwa evela kulesi sigaba emaphepheni. Emaphepheni ahlukene, bhala amaqiniso afundiswa yilelo nalelo vesi. Abantwana bakho bangasebenza ndawonye ukuze bafunde amavesi futhi baqondanise amaqiniso nezinkomba zemibhalo engcwele. Izibonelo zingabala:
-
Ivesi 24: Iqiniso ukwazi izinto ezingokoqobo ezikhathini ezedlule, ezamanje nezesikhathi esizayo.
-
Ivesi 28: Ngingathola ukukhanya kanye neqiniso ngesikhathi ngigcina imiyalelo.
-
Ivesi 37: Uma nginokukhanya neqiniso, ngiyakwazi ukumelana nobubi.
-
Ivesi 39: Ngilahlekelwa ukukhanya neqiniso uma ngingalaleli.
Ungafuna ukwabelana ngezibonelo zamaqiniso osuwazi njengoba ugcine imiyalelo yeNkosi.
-