IMfundiso neziVumelwano 2021
Mashi 15–21. IMfundiso neziVumelwano 27–28: “Zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo”


“Mashi 15–21. IMfundiso neziVumelwano 27–28: “Zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Mashi 15–21. IMfundiso neZivumelwano 27-28,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021

Isithombe
uJoseph Smith

Mashi 15–21

IMfundiso neziVumelwano 27–28

“Zonke Izinto Kufanele Zenziwe Ngohlelo”

IGosa uD. Todd Christofferson wathi ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele futhi ubhala phansi imizwa oba nayo, “izwi likaNkulunkulu uyolinika indawo enhliziyweni yakho, futhi Naye uyokhuluma nawe” (“When Thou Art Converted,” kwi–Ensign noma iLiahona, yangoMeyi 2004, 11).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Isambulo kwakuseyinto entsha kwabaNgcwele ngesikhathi Ukubuyiselwa kusaqhubeka kwenzeka. Amalunga okuqala eBandla ayazi ukuthi uMphrofethi uJoseph Smith wayengalitholela iBandla isambulo, kodwa–ke ngabe nabanye babengakwenza yini lokho na? Imibuzo enjengalona yabaluleka kakhulu ngesikhathi uHiram Page, omunye woFakazi abayisiShiyagalombili bezingcwephe zegolide, ekholelwa ekutheni wayesetholele iBandla izambulo. Abaningi abaNgcwele abathembekileyo babekholelwa wukuthi lezi zambulo zazivela kuNkulunkulu. INkosi yaphendula ngokufundisa ukuthi eBandleni Layo “zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo” (IMfundiso neZivumelwano 28:13.), okwakusho ukuthi munye kuphela “oyoqokelwa ukuthola imiyalelo nezambulo” eBandleni lonke (iMfundiso neziVumelwano 28:2). Noma kunjalo, abanye babengasithola isambulo esiqondene nabo ngendima yabo emsebenzini weNkosi. Eqinisweni, amazwi eNkosi ku–Oliver Cowdery ayasikhumbuza sonke ukuthi: “kuzokwambulwa kuwe … oyokwenza” (iMfundiso neZivumelwano 28:15).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 27:1-4

Kufanele ngithathe isidlo esingcwele ngeso eliqonde udumo lukaNkulukulu.

USally Knight no-Emma Smith babhabhadiswa ngoJuni 1830, kodwa ukuqiniswa kwabo kwaphazanyiswa wuquqaba lwabachwensi. Kwathi sekudlule izinyanga ezimbili, uSally nomyeni wakhe, uNewel, bavakashela u–Emma noJoseph, futhi ngaleso sikhathi kwase kunqunywa ukuthi sebengaqiniswa eBandleni kwase kuthi emva kwalokho bonke bathathe ndawonye isidlo esingcwele. Kwathi uJoseph esendleleni ukuyothola iwayini lesidlo esingcwele, wamiswa yingelosi. Ngabe ingelosi yamfundisani ngesidlo esingcwele na? (bheka iMfundiso neziVumelwano 27:1–4).

Ngabe lamavesi akufundisani ngedlela uMsindisi afuna sisithathe ngayo isidlo engcwele na? Ngabe kukhona yini ozwa ugqugquzeleka ukukwenza ngenxa yalokho okufundayo na?

Isithombe
Isinkwa nenkomishi yesidlo esingcwele

Isidlo esingcwele sisikhumbuza ngomnikelo owenziwa nguMsindisi.

IMfundiso neziVumelwano 27:15–18

Izikhali zikaNkulunkulu zizongisiza ngikwazi ukumelana nobubi.

UMongameli uM. Russell Ballard wathi: “Akukho lutho enkulu esingayenza ukuze sizihlomise ngokomoya. Amandla omoya avela ezenzweni eziningi ezincane okuthi zonke zigcine sezenze inqaba esivikelayo kubo bonke ububi” (Be Strong In The Lord,” kwi–Ensign, yangoJulayi 2004, 8).

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 27:15–18, ungenza ishadi elinjengaleli elilapha ngaphansi. Yikuphi okwenzayo ukuze ugqoke zonke izikhali zikaNkulunkulu na?

Ingxenye yezikhali

Ingxenye yomzimba evikelekile

Ngabe leyongxenye yomzimba imeleni

Isivikelo sesifuba sokulunga

Inhliziyo

Izifiso zethu nesikuthandayo

Isigqoko sensindiso

Ikhanda noma ingqondo

Bheka futhi kwabaseFesu 6:11–18; 2 Nefi 1:23.

iMfundiso neziVumelwano 28

Umphrofethi ophilayo nguye ongumkhulumeli kaNkulunkulu emhlabeni.

Ake ucabange nje ukuthi bekungaba njani ukuba noma ngubani utholela iBandla lonke imiyalelo nezambulo. Kwathi uma uHiram Page ethi utholele ibandla izambulo, kwaba khona ukudideka phakathi kwamalungu eBandla. KwiMfundiso neziVumelwano 28, iNkosi yembula uhlelo lokutholakala kwezambulo eBandleni Lakhe. Ngabe yikuphi okufundayo kulesi sigaba ngendima kaMongameli weBandla na? Yikuphi okufundayo ngamazwi eNkosi abhekiswe ku–Oliver Cowdery evesini 3 na? Yikuphi okufundayo kulesi sigaba ngokuthi angakuqondisa kanjani uNkulunkulu na?

Bheka futhi uDallin H. Oaks, “Two Lines of Communication,” kwi–Ensign noma iLiahona, Nov. 2010, 83–86.

IMfundiso neziVumelwano 28:8-9

Kwakubaluleke ngani ukuthunywa kuka–Oliver Cowdery kumaLamani na?

Enye yezinhloso zeNcwadi kaMormoni wukuthi “amaLamani afinyelele ekwazini oyise, futhi ukuthi azi ngezethembiso zeNkosi” (IMfundiso neziVumelwano 3:20). Lokhu kwakuhambisana nezethembiso iNkosi eyazenza kubaphrofethi abaningi eNcwadini kaMormoni (isibonelo, bheka ku 1Nefi 13:34–41; Enoshe 1:11–18; Helamani 15:12–13). Amalunga okuqala eBandla amaNdiya aseMelika ayewabuka njengesizukulwana sabantu okukhulunywa ngabo eNcwadini kaMormoni. (Okwaziwa yileliBandla ngokusemthethweni wukuthi amaLamani “angabanye bokhokho bamaNdiya aseMelika” [Isandulelo seNcwadi kaMomoni].)

Lokhu kuthunywa kuka-Oliver ngabe kukufundisani wena ngeNkosi nomsebenzi Wayo na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 27:1–2.Yiziphi izindlela esingamkhumbula ngazo uMsindisi nomnikelo awenzayo ngesikhathi sithatha isidlo esingcwele na?

IMfundiso neziVumelwano 27:5–14.Yikuphi esikwaziyo ngabaphrofethi okukhulunywa ngabo kulamavesi na? Ungabheka ulwazi ngabo kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngabe yiziphi izibusiso esezidedelwe kithi ngezikhiye abaziphethe na? Ukuze uthole olunye ulwazi ngalezi zikhiye, bheka kuMathewu 16:16–19; IMfundiso neziVumelwano 110:11–16..

IMfundiso neziVumelwano 27:15–18.Mhlawumbe umndeni wakho ungakuthokozela ukwenza umdlalo wokulwa empini nigqoke ezinye izimpahla ezimele izikhali zikaNkulunkulu, njenge zigqoko, amaphinifa, amavesti, noma izicathulo. Ngabe izikhali zisisiza kanjani empini na? Khulumani ngezimfundiso ezimbi umndeni wakho obhekana nazo nangezinto eningazenza ukuze nigqoke izikhali ngokomoya. Cabanga ngokubakhombisa i-vidiyo ethi “Put on the Whole Armor of God” (ChurchofJesusChrist.org).

IMfundiso neziVumelwano 28:2–7.Ngabe yikuphi esikufundayo kulamavesi ngobizo lukamphrofethi na? Mhlawumbe amalunga omndeni wakho angafunda futhi imiyalezo kamphrofethi ophilayo bese bekhuluma ngokuthi ngabe iziyalo zakhe zisisiza kanjani ukuba silandele uJesu Kristu.

IMfundiso neziVumelwano 28:11.Uma ufuna ukulungisa omunye, yingani kubalulekile ukuba udaba ukhulume ngalo “ninodwa naye kuphela”na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Come, Listen to a Prophetʼs Voice,” Hymns, no. 21.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funda amazwi abaphrofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina. Funda ukuthi bafundisani abaphrofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele. Cabanga futhi ngokufunda ngezihloko zezinkulumo zomhlangano omkhulu webandla ku conference.ChurchofJesusChrist.org noma kwi Gospel Library app.

Shicilela