IMfundiso neziVumelwano 2021
Mashi 22–28. IMfundiso neziVumelwano 29: “uJesu Kristu Uzohlanganisa Abantu Bakhe


“Mashi 22–28. IMfundiso neziVumelwano 29: ‘uJesu Kristu Uzohlanganisa Abantu Bakhe,’”Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Mashi 22–28. IMfundiso neziVumelwano 29,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UJesu emile phambi kwabantu abaguqile

Wonke Amadolo Ayokhothama, ngu–J. Kirk Richards

Mashi 22–28

IMfundiso neziVumelwano 29

UJesu Kristu Uzohlanganisa Abantu Bakhe

Ezinye zezinjongo zokufunda imibhalo engcwele ukufunda izimfundiso noma amaqiniso evangeli esiwadingayo ukuze sisindiswe. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 29 kulelisonto, bheka izimfundiso ezibalulekile kuwe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Noma iBandla likaJesu Kristu lalihlelwe ngo-1830, amaqiniso amaningi evangeli ayesazokwembulwa, futhi amalunga eBandla ambalwa ayenemibuzo. Babefunde iziphrofetho eNcwadini kaMormoni ngokuqoqwa kwa-Israyeli kanye nokwakhiwa kweSiyoni (bheka ku–3 Nefi 21). Lokhu kwakuzokwenzeka kanjani? Izambulo uHiram Paige ayethi uzitholile zazikhuluma ngalesisihloko, okwenza amalunga afune ukwazi kabanzi (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 28). Abanye abantu babezibuza ngoKuwa kuka–Adamu no–Eva kanye nokufa komoya. INkosi yawamukela lemibuzo ngo-1830: “Noma yini eniyoyicela ngokukholwa,” Watshela Amakholwa, “nimunye emkhulekweni ngokusho umyalelo wami, niyokuthola.” (IMfundiso neZivumelwano 29:6). Futhi nanamuhla Uyayamukele imibuzo yethu; Usilindele ukuthi simbuze Yena ngomkhuleko. Kahle kahle, njengoba isambulo esigcwele imfundiso kwiMfundiso neziVumelwano 29sitshengisa, Ubuye asiphendule ngokusinikeza iqiniso nolwazi olungaphezulu kwalokho esikucelile kwasekuqaleni.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 29

UBaba Wethu osezulwini wasilungiselela icebo eliphelele lensindiso yethu.

IMfundiso neziVumelwano 29 ifundisa amaqiniso amaningi ngesu likaNkulunkulu alakhele abantwana Bakhe. Ngesikhathi ufunda, bheka amaqiniso owafundayo ngazo zonke lezi zingxenye zesu:

Yikuphi okusha okutholayo? Impilo yakho ingahluka kanjani uma kuthiwa awuwazi lamaqiniso?

Ungafunda kabanzi ngesu likaBaba Osezulwini ku “Isu Lensindiso” (Preach My Gospel: A Guide to Missionary Service, rev. ed. [2018], ChurchofJesusChrist.org/manual/missionary).

IMfundiso neziVumelwano 29:1-8

UJesu Kristu uzohlanganisa abantu Bakhe ngaphambi kokuBuya Kwakhe kweSibili.

UJesu Kristu ukhuluma ngokuqoqa abantu Bakhe “njengesikhukhukazi siqoqela amachwane ngaphansi kwamaphiko aso” (iMfundiso neZivumelwano 29:2). Ngabe lesi sithombe sikufundisani ngesifiso soMsindisi sokuqoqa wena? Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 29:1-8, bheka ukuthi kungani sihlanganisa, ubani ozohlanganisa, futhi singasiza kanjani ukuhlanganisa “abakhethiweyo” (vesi 7).

Ezinsukwini zethu, ukuhlanganisa iSiyoni kuchaza ukubumbana ezigxobeni zeSiyoni emhlabeni wonke. Ukuhlanganyela njengabaZalwane kusisizaphi ukuthi “silunge kuzo zonke izinto” ezinkingeni ezizofika ngaphambi kokuBuya okweSibili koMsindisi? (vesi 8; bheka futhi amavesi 14-28).

Bheka futhi ImiBhalo yoKholo 1:10; uRussell M. Nelson kanye noWendy W. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide devotional for youth, June 3, 2018, ChurchofJesusChrist.org).

Isithombe
Isikhukhukazi namachwane

Izikhathi Ezingaki, nguLiz Lemon Swindle

IMfundiso neziVumelwano 29:31-35

“Zonke izinto kimi ezomoya.”

Yiziphi izinto ezenza yonke imiyalelo ibe ngeyomoya? Ukwazi ukuthi yonke imiyalelo eyomoya kukufundisani ngenjongo yemiyalelo? Ungabhala imiyalelo emibalwa bese ucabanga ngemigomo yomoya ehlobene nomyalelo ngamunye.

Yikuphi okungashintsha uma ubheka injongo yomoya kukho konke okwenzayo?

Bheka futhi AmaRoma 8:6; 1 Nefi 15:30–32.

IMfundiso neziVumelwano 29:36-50

UJesu Kristu usisindisa Ekuweni.

Lesi sambulo sivula ngeNkosi izazisa njengoMhlengi wethu “owahlawulela izono zethu” (vesi 1). Isambulo siqhubeka sichaza ezinye zezizathu zokuthi sidinge uMhlengi. Cabanga ngokuthi ungawasebenzisa kanjani lamavesi 36-50 ukuchaza ukuthi siyidingelani insindiso kuMsindisi uJesu Kristu. Amanye amasiko okholo abuka Ukuwa njengento embi; yikuphi okutholayo kulamavesi okufundisa okuhle Ngokuwa? (Bheka futhi 1 Korinte 15:22; 2 Nefi 2:6–8, 15–29; Mosiya 3:1–19; Mose 5:9–12.)

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 29.Sebenzisa izithombe ezingemumva kwaloluhlaka kanye neMfundiso neziVumelwano 29 ukufundisa umndeni wakho ngesu lensindiso. Isibonelo, amalunga omndeni angafunda ngezingxenye ezahlukene zesu ngokufunda kanye nokuxoxisana lamavesi aphakanyisiwe. Bangathola amanye amaqiniso kwiziHloko zeVangeli (topics.ChurchofJesusChrist.org) noma uHlelo Lemibhalo Engcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Bhala phansi okufundayo. Kungani sibonga ukwazi ngesu lensindiso? Ukulazi kusiza kanjani ukuphila kwethu kwansuku–zonke?

IMfundiso neZivumelwano 29:2, 7-8.Kusho ukuthini ukuqoqwa nguMsindisi? Singamsiza kanjani aqoqe abakhethekile?

IMfundiso neziVumelwano 29:3-5.Yikuphi esikufundayo ngoMsindisi kulamavesi okusisiza “siphakamise izinhliziyo [zethu] futhi sijabule”? (vesi 5). Ividiyo “We Can Find Happiness” (ChurchofJesusChrist.org) inganisiza nixoxe ngokuthi ukwazi ngesu lensindiso kuwulethele kanjani umndeni wakho injabulo.

IMfundiso neziVumelwano 29:34-35.Ukufunda lamavesi kunganika umndeni wakho ithuba lokukhuluma ngezizathu zomoya ezingemumva kweminye yemiyalelo noma izeluleko zobuphrofethi ozama ukuzilandela. Isibonelo, kungani iNkosi ifuna sifunde imibhalo engcwele singumndeni? Yikuphi okuhle esikubonile ngokugcina imiyalelo?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “Israel, Israel, God Is Calling,” Hymns, no. 7.

UKuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Bheka uJesu Kristu, Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi yonke indalo kaNkulunkulu ifakaza ngoJesu Kristu (bheka kuMose 6:62–63), ngakho–ke Mubheke ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele. Cabanga ukubhala amavesi akhuluma Ngaye.

Shicilela