IMfundiso neziVumelwano 2021
Mashi 29–Ephreli 4. IPhasika: “Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa”


“Mashi 29–Ephreli 4. IPhasika: ‘Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Mashi 29–Ephreli 4. Iphasika,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Isifaniso sikaKristu

Mashi 29–Ephreli 4

Iphasika

“Nginguye Ophilayo, Nginguye Owabulawa”

Ngesikhathi ulungiselela ukukhumbula uVuko loMsindisi Kwabafileyo ngeSonto lePhasika, cabanga ngendlela isambulo samanje sesiqinise ngayo ukholo lwakho ukuthi uJesu Kristu yiNdodana kaNkulunkulu eZelwe Yodwa kanye noMhlengi womhlaba wonke.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngo–Ephreli 3, 1836, kwakuyiSonto lwePhasika. Emva kokupha isidlo abaNgcwele ababehlangene eThempelini laseKirtland elisha, uJoseph Smith no–Oliver Cowdery bathola indawo ethuli emva kwesihenqo ethempelini bazithoba bakhuleka ngokuthula. Bese, ngalolusuku olungcwele lapho amaKristu yonke indawo ejabulela ukuVuka kwabafileyo kukaJesu Kristu, uMsindisi imbala ovukile wafika etempelini wathi “Nginguye ophilayo, Nginguye owabulawa” (IMfundiso neziVumelwano 110:4).

Kusho ukuthini ukuthi uJesu Kristu “unguye ophilayo”? Akuqondile ukuthi wavuka ethuneni ngosuku lwesithathu wase evela kwabafundi Bakhe baseGalile. Kuqonde ukuthi Uyaphila namhlanje. Ukhuluma kubaphrofethi namhlanje. Uhola iBandla Lakhe namhlanje. Uyayilungisa imimoya enamanxeba kanye nezinhliziyo eziphukile namhlanje. Ngakho, singaqhafaza amazwi obufakazi bukaJoseph Smith obunamandla: “Manje, emva kobufakazi obuningi osebunikiwe ngaye, nabu ubufakazi, ekugcineni kwakho konke, esibunikayo ngaye: Ukuthi uyaphila!”(IMfundiso neziVumelwano 76:22). Siyalizwa izwi lakhe kulezi zambulo. Siyakwazi ukubona isandla Sakhe ezimpilweni zethu. Futhi siyayizwa “injabulo elethwa yilesi sisho: ‘Ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila!’”(Hymns, no. 136).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 29:5; 38:7; 62:1; 76:11–14, 20–24; 110:1–10

UJesu Kristu uyaphila.

UMphrofethi uJoseph Smith wabona uMsindisi ovukile kwabafileyo izikhathi ezimbalwa, okubili kuphela kwalezehlakalo okubhalwe kwiMfundiso neziVumelwano. Ngesikhathi ufunda izigaba 76:11–14, 20–24; 110:1–10, yikuphi okukuchazayo ngobufakazi bukaJoseph Smith? Kungani ubufakazi bakhe buyigugu kuwe?

KwiMfundiso neziVumelwano yonke, uMsindisi wayefakaza ngomsebenzi Wakhe nobungcwele Bakhe. Yini oyifundayo ngoKristu ophilayo kwamazwi Akhe kwiMfundiso neZivumelwano 29:5; 38:7; 62:1? Ungacabanga ukubhala izimemezelo ezinje ozitholayo ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano.

Bheka futhi kuJoseph Smith—Umlando 1:17.

IMfundiso neziVumelwano 29:26–27; 42:45–46; 63:49; 88:14–17, 27–31; 93:33–34

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyovuka kwabafileyo.

UJoseph Smith wayazi ukuthi kunjani ukuzilela ukufa kwabantu obathandayo. Abafo bakhe ababili, u–Alvin noDon Carlos, bashona beyizinsizwa ezincane. UJoseph no–Emma bangcwaba izingane eziyisithupha zonke zingaphansi kweminyaka embili. Kodwa kwizambulo azithola, uJoseph Smith, wathola umbono ongunaphakade ngokufa kanye nesu likaNkulunkulu elingunaphakade. Bona amaqiniso ambuliwe kwiMfundiso neziVumelwano 29:26–27; 42:45–46; 63:49; 88:14–17, 27–31; 93:33–34. Lezi zambulo ziyishintsha kanjani indlela obona ngayo ukufa? Zingayishintsha kanjani indlela ophila ngayo?

Bheka futhi ku–1 Korinte 15;M. Russell Ballard,”The Vision of the Redemption of the Dead,” Ensign noma Liahona, Nov. 2018, 71–74; Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 174–76.

IMfundiso neziVumelwano 18:10–13; 19:16–19; 45:3–5; 76:69–70

UJesu Kristu wenza “inhlawulo ephelele.”

Enye yezindlela esingacabanga ngazo uMsindisi ngesikhathi sePhasika ukufunda izambulo kwiMfundiso neziVumelwano ezifundisa ngomnikelo wenhlawulo Yakhe. Okunye kutholakala kwiMfundiso neziVumelwano 18:10-13; 19:16–19; 45:3–5; 76:69–70. Mhlawumbe ungabhala uhla lamaqiniso eNhlawulo yoMsindisi owatholayo kulamavesi. Ukuqinisa ukufunda kwakho, ungaqhubeza uhla lwakho ngokubheka eminye imibhalo engcwele ebhalwe ngaphansi kwegama elithi “Nhlawulo” (IziHloko zemiBhalo eNgcwele, scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

Nansi imibuzo egakusiza uma ufunda:

  • Kungani UJesu Kristu wakhetha ukuhlupheka?

  • Yikuphi okumele ngikwenze ukuze ngithole izibusiso zomnikelo Wakhe?

  • Ngingabona kanjani uma iNhlawulo Yakhe inomthelele empilweni yami?

Isithombe
UJesu ekhuleka

INkosi yomKhuleko, nguYongsun Kim

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Umhlangano omkhulu.Ngoba umhlangano omkhulu uqondene neSonto lwePhasika kulonyaka, ungacabanga indlela imiyalezo yomhlangano (kanye nomculo) ingaqinisa ngayo ubufakazibomndeni wakho kuJesu Kristu. Isibonelo, abantwana abancane bangadweba isithombe soMsindisi, noma baphathe isithombe Sakhe, uma bezwa umyalezo noma iculo elingoJesu Kristu. Amanye amalunga omndeni angakha uhla lwamaqiniso abawezwayo ngoMsindisi. Emva kwakho konke, amalunga omndeni angakhombisana izithombe noma uhla nobufakazi babo ngoJesu Kristu.

IMfundiso neziVumelwano 88:14-17; 138:17, 50.Umndeni wakho ungase uthande ukucabanga ngomfaniso noma yinto ezochaza ukuthi kuqonde ukuthini ukufa kanye nokuvuka kwabafileyo—into ekhombisa umzimba nomphefumulo kuhlakana bese kuhlangana futhi, njengesandla negilavu. Lamavesi aqinisa kanjani ukubonga lokho uMsindisi asenzele khona?

“UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli.”Ukugqugquzela ingxoxo ngobufakazi ngoMsindisi obuvela kubaphrofethi besimanje, unganikeza ilunga lomndeni ngalinye ukuba lifunde ingxenye ya “Kristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli” (kwi–Ensign noma iLiahona, yangoMeyi 2017, ngaphakathi kwekhasi lokuqala) bese bayabelana ngalokhu abakufundayo ngoJesu Kristu Ungakhombisa nevidiyo “Apostle Testimony Montage” (ChurchofJesusChrist.org). Yimaphi amaqiniso esiwatholayo asikhuthazayo?

“Ngiyazi Ukuthi UMhlengi Wami Uyaphila.”Ukusiza umndeni wakho ucabange izindlela uKristu ovukile kwabafilyo asibusisa ngazo namhlanje, ningase nicule ndawonye “I Know That My Redeemer Lives” (Hymns, no. 136) bese nihlanganisa amaqinso atholakala kwiculo namaqiniso afundiswa embhalweni ongcwele olandelayo:IMifundiso NesiVumelwano 6:34; 45:3–5; 84:77; 98:18; 138:23. Umndeni wakho ungase ukuthokozele ukubhala amanye amavesi eculo achaza indlela abazi ngayo ukuthi uMhlengi uyaphila.

Uma ufuna iziqephu zePhasika nokunye bheka ku Easter.ComeUntoChrist.org.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “Jesus Has Risen,” Children’s Songbook, 70.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Thola izifundo ezintweni zansuku-zonke. Cabanga indlela inkulumo yamaqiniso evangeli ingaqala ngayo kumndeni wakho ezintweni ezenzeka nsuku-zonke (bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 4). Isibonelo, ukunetha kwemvula kungaba ithuba lokukhuluma ngendlela uNkulunkulu anethisa ngayo izibusiso kubantwana Bakhe.

Isithombe
UJesu efika kuJoseph Smith no–Oliver Cowdery

UJesu Kristu efika kuJoseph Smith no–Oliver Cowdery, nguWalter Rane

Shicilela