“Ephreli 19–25. IMfundiso neZivumelwano 41–44: “Umthetho Wami Wokuphatha iBandla,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)
“Ephreli 19–25. IMfundiso neZivumelwano 41–44,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021
Ephreli 19–25
IMfundiso neziVumelwano 41:-44
“Umthetho Wami Wokuphatha iBandla”
“Uma uyocela,” kwethembisa iNkosi, “uyonikwa isambulo phezu kwesambulo, ulwazi phezu kolwazi” (iMfundiso neziVumelwano 42:61). Yimiphi imibuzo ongayibuza ukuze uthole isambulo osidingayo na?
Yibhale phansi imizwa onayo
Ukukhula ngokushesha kweBandla ngonyaka ka–1830 kuya koka–1831—ikakhulu ukuthutheleka ngamandla kwabazalwane beza eKirtland, e–Ohio—kwakethusa futhu kubakhuthaza abaNgcwele. Kodwa futhi kwaletha izinkinga. Ulihlanganisa kanjani iqembu lamakholwa elikhulayo, ikakhulu uma beza nezimfundiso nemikhuba evela kumabandla abasuka kuwo na? Isibonelo, kwathi uma uJoseph Smith efika eKirtland ekuqaleni kwenyanga kaFebruwari ngo 1831, wathola amalungu amasha ehlala ndawonye ngenhloso yokulingisa amakholwa eTestamente Elisha (bheka Izenzo 4:32–37). INkosi kuningi eyakulungisa futhi yakucacisa mayelana nalesi sihloko nezinye, ngesambulo esibhalwe kwiMfundiso neziVumelwano 42, eyasibiza ngokuthi “umthetho wami wokubusa ibandla lami” (ivesi 59). Kulesi sambulo, sifunda ngamaqiniso agqamile ngokumisa iBandla leNkosi ezinsukwini zokugcina, kuhlanganisa nesethembiso esibalulekile esicacisa ukuthi kuningi esisazokufunda: “uma uyocela, uyonikwa isambulo phezu kwesambulo, ulwazi phezu kolwazi” (IMfundiso neZivumelwano 42:61).
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
“Lowo owemukelayo umthetho wami futhi awenze, nguye lowo ongumfundi wami.”
Kwathi ekuqaleni konyaka ka–1831, abaNgcwele base beqala ukuthutheleka e–Ohio, bemagange ukwemukela umthetho iNkosi eyayethembise ukuthi izowembula lapho (bheka iMfundiso neZivumelwano 38:32). Kodwa okokuqala, iNkosi yafundisa ukuthi abafundi Bayo kwakufanele bazilungisele kanjani ukuze bemukele umthetho Wayo. Ngabe yimiphi imigomo oyitholayo emavesini 1–5 eyayizosiza abaNgcwele ukuba bawemukele umthetho kaNkulunkulu na? Lemigomo ingakusiza kanjani wena ukuze ukwazi ukwemukela imfundiso evela Kuye na?
Imithetho kaNkulunkulu ibusa iBandla futhi ingazibusa nezimpilo zethu.
AbaNgcwele isambulo esitholakala kwiMfundiso neziVumelwano 42:1–71 babesithatha njengesibalulekile uMphrofethi ake asithola. Singesinye zokuqala ezakhishwa futhi savela nasemphephandabeni amabili ase–Ohio, futhi sasaziwa ngokuthi “umthetho.” Eziningi izimfundiso kulesi sigaba iNkosi isike yazembula phambilini. Nakuba lesi sigaba singenayo yonke imiyalelo iNkosi eyayifuna abaNgcwele Bayo bayihloniphe, kubalulekile ukuzindla ngokuthi kungani lezi zimfundiso kwakufanele ziphindwe eBandleni elibuyiselwe.
Kungakusiza ukuthi isigaba 42 usifunde ngezingxenye ezincane njengalezi zibonelo ezilandelayo, futhi uqaphele imigomo efundiswayo kwingxenye ngayinye. Ngesikhathi ufunda, cabanga ngokuthi lomthetho olawula iBandla ungakusiza kanjani wena ulawule eyakho impilo ngawo na?
Bheka futhi ku 3 Nefi 15:9.
IMfundiso neziVumelwano 42:30-42
Ngabe abaNgcwele “banikela [kanjani] ngempahla [yabo]” ukuze bondle abampofu na?
Ingxenye ebalulekile yalomthetho eyembulwa kwiMfundiso neziVumelwano 42 yagcina isiyaziwa njengomthetho wokunikela nowobuphathi. Lomthetho wafundisa abaNgcwele ngoku “hlanganyela izinto zonke” (Izenzo 2:44; 4 Nefi 1:3), kungabikho “ompofu phakathi kwabo” (Mose 7:18). AbaNgcwele babenikela ngempahla yabo eNkosini, ngokuyinika uMbhishobhi (bheka iMfundiso neziVumelwano 42:30–31). UMbhishobhi wayebabuyisela lokho ababekudinga (bheka ivesi 32)—imvamisa kwakuba yilokho ababenikele ngakho nangaphezulu. Amalungu ayenikela ngokwakusele ukusiza abampofu (bheka amavesi 33–34). Lomthetho waba yisibusiso esikhulu kwabaNgcwele, ikakhulukazi kulabo ababeshiye konke ukuza e–Ohio. Abaningi abaNgcwele baba nobubele ngeminikelo yabo.
Nakuba sikwenza ngendlela eyehlukile namhlanje, abaNgcwele beziNsuku zokuGcina basawuphila umthetho wokunikela. Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 42:30–42, ake uzindle ngokuthi unganikela kanjani ngalokho uNkulunkulu akuphe kona ukuze wakhe umbuso Wakhe futhi ubusise nalabo abadingayo.
Bheka futhi uLinda K. Burton ethi, “I Was a Stranger,” Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2016, 13–15; “The Law,” Revelations in Context, 93–95 history.ChurchofJesusChrist.org.
IMfundiso Nezivumelwano 42:61; 65–68; 43:1–16
UNkulunkulu unika isambulo ukuze aqondise iBandla Lakhe.
Ake ucabange uxoxa nelungu leBandla elisha elijabuliswe wukuthi iBandla liqondiswa ngesambulo. Ungasisebenzisa kanjani isambulo esikwiMfundiso neziVumelwano 43:1–16 ukumchazela ngesifanekiso seNkosi sokuqondisa iBandla Layo ngoMphrofethi Wayo na? Ungayisebenzisa kanjani iMfundiso neziVumelwano 42:61, 65–68 ukumfundisa ngesambulo esiqondene nomuntu uqobo na?
Bheka futhi “All Things Must Be Done In Order,” Revelations in Context, 50–53, history.ChurchofJesusChrist.org.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
IMfundiso neziVumelwano 41:1–5.Yiziphi izibonelo zemithetho yomphakathi, futhi ngabe isisiza ngani lemithetho na? Ngabe imithetho noma imiyalelo kaNkulunkulu isibusisa kanjani na? Amalungu omndeni wakho angazidweba ehlonipha imithetho kaNkulunkulu.
-
IMfundiso neziVumelwano 42:45, 88.Yikuphi okungawusiza umndeni wakho ukuba “uhlale ndawonye ngothando” na? (bheka futhi kuMosiya 4:14–15). Cabanga ngokuthi nibhale noma nisho izinto ezinhle omunye komunye noma nicule iculo elimayelana nothando emndenini, njengaleli elithi “Love at Home” (Hymns, no. 294).
-
IMfundiso neziVumelwano 42:61.Mhlawumbe ningawafunda lamavesi ngesikhathi nihlanganisa umdlalo wamagama. Usebenzise lomdlalo wamagama ngenhloso yokufundisa ukuthi uNkulunkulu uzembula kanjani izimfihlakalo Zakhe—”isambulo phezu kwesinye isambulo, ulwazi phezu kolunye ulwazi.” Amalungu omndeni angakhuluma ngokuthi uNkulunkulu ulembule kanjani iqiniso kubo kancane kancane.
-
IMfundiso neziVumelwano 43:25.Mhlawumbe kukhona umndeni wakho ongakusebenzisa ukwenza umsindo wokuduma kwezulu ngaphambi kokukhuluma ngevesi 25. Ngabe izwi leNkosi li “yizwi lokuduma” kanjani na? Cingani ndawonye kulelivesi ngezindlela iNkosi esibiza ngazo ukuba siphenduke. Singakhombisa kanjani eNkosini ukuthi siyezwa na?
Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.
Iculo elingaculwa: “I Want to Live the Gospel,”Children’s Songbook, 148; bheka “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni.”