IMfundiso neziVumelwano 2021
Ephreli 26–Meyi 2. IMfundiso neziVumelwano 45: “Izethembiso … Zizogcwaliseka”


“Ephreli 26–Meyi 2. IMfundiso neziVumelwano 45: ‘Izethembiso … Zizogcwaliseka,’”Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Ephreli 26–Meyi 2. IMfundiso neziVumelwano 45,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
intsha engaphandle kwethempeli

Ephreli 26–Meyi 2

IMfundiso neziVumelwano 45

“Izethembiso … Zizogcwaliseka”

UMongameli uRussell M. Nelson wasifundisa wathi: “Yibhale phansi imicabango efika engqondweni yakho. Yibhale phansi nemizwa yakho ebese ulandela ngezenzo ophusheleka ukuba uzenze” (“Revelation for the Church, Revelation for Our Lives,” kwi-Ensign noma iLiyahona yangoMeyi 2018, 95–96).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Siphila esikhathini esiyingozi, futhi lokho kungasikhathaza. Ngisho nabafundi baJesu, ngesikhathi bemuzwa ephrofetha ngezinhlekelele ezizovela ngezinsuku zethu, “bakhathazeka” (IMfundiso neZivumelwano 45:34). AbaNgcwele bokuqala eKirtland, e-Ohio, nabo babekhathazekile ngezikhathi ezazinobungozi ababephila kuzo. Phakathi kwezinye izinto ezazikhona “imibiko eminingi engamanga … nezindaba eziwubuwula” zaziwuchitha umlayezo wevangeli (Isihloko sesigaba seMfundiso neziVumelwano 45). Kepha impendulo yeNkosi manje nasekuqaleni, ukuthi “ningakhathazeki” (ivesi 35). Yebo, bukhona ububi, kepha nobufakazi bukhona bokuthi uNkulunkulu uyawusheshisa umsebenzi Wakhe. Yebo, kunobungozi okubikezelwe ukuthi buzokwandulela Ukuza Kwesibili, futhi kufanele sazi ngalobo bungozi. Kepha lezi akusizo izexwayiso zobungozi nje kuphela; kodwa ziyizimpawu zokuthi izethembiso zikaNkulunkulu sezizofezeka. Mhlawumbe yingakho kwi Mfundiso neziVumelwano 45—isambulo esichaza kabanzi ngeziningi zalezi zimpawu—sanikwa “ukuze kujabule abaNgcwele” (isihloko sesigaba).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 45:1-5

UJesu Kristu ungummeli wethu kuBaba.

Wake wazizwa wehluleka noma ungafanelekile phambi kukaNkulunkulu? Ungakuthola ukuqinisekiswa kwi Mfundiso neziVumelwano 45:1-5. Amagama athi “ummeli” kanye “nokuphendulela ecaleni” ngabe akhombisa ukuthini kuwe na? Ngabe uMsindisi ukumela kanjani, noma ukuphendulela kanjani ecaleni lakho na? Ngabe kuchaza ukuthini kuwe ukwazi ukuthi uKristu ungummeli wakho na?

Lamagama alandelayo akhulunywa nguMongameli uJoseph Fielding Smith angakusiza ukuthi uzindle ngalamavesi: “uJesu ungummeli wethu, uyasinxusela njengomlamuleli wethu ngobufundisi Bakhe kanye nangemisebenzi Yakhe ukuze sibuyisane, ukusenza sivumelane noNkulunkulu” (kumbhalo womhlangano, ngo-Okthoba 1953, 58).

Bheka futhi u2 Nefi 2:8–9; uMosiya 15:7–9; uMoroni 7:27–28; IMfundiso neziVumelwano 29:5; 62:1.

IMfundiso neziVumelwano 45:9-10

Ivangeli liyisibonelo sezizwe.

Kudala isibonelo kwakuba yindwangu yombuso noma yifulegi okwakuyiwa nalo empini. Lalihlanganisa amasosha futhi laliwasiza ukuba azi ukuthi ahlangane kuphi nokuthi enzeni. Isibonelo kungaba wumthetho ezinye izinto ezingalinganiswa nawo. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 45:9-10, ake uzindle ngokuthi ngabe izivumelwano zevangeli sezibe yisibonelo kanjani kuwe. Ngabe impilo yakho ihluke kanjani ukuba ubungenazo lezi zivumelwano na?

Bheka futhi u-Isaya 5:26; 11:10–12; IMfundiso neziVumelwano 115:5–6.

IMfundiso neziVumelwano 45:11-75

Izethembiso zeNkosi zizofezeka.

Izimpi, ububi, nencithakalo kuzokwandulela Ukuza kwesiBili. Kepha “Ningakhathazeki,” kwasho iNkosi, “ngokuba, uma zonke lezi zinto sezenzeka, anokwazi ukuthi izethembiso ezenziwe kini ziyogcwaliseka” (IMfundiso neziVumelwano 45:35).

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 45:11-75, cabanga ngokungagxili kuphela kulezo zehlakalo okwakuphrofethwe ngazo kodwa nasezibusisweni iNkosi ezithembisayo (isibonelo, isethembiso emavesini 54-59 amayelana nokubusa kukaMsindisi ngeminyaka eyinkulungwane). Lokhu ungakwenza ngokudala uhlu noma ngokumaka amavesi. Ngabe yikuphi okuthola kukusiza “ungakhathazeki” mayelana nezinsuku zokugcina na?

IMfundiso neziVumelwano 45:31-32, 56-57

“Yimani ezindaweni ezingcwele,” futhi ninganyakaziswa.

Esinye sezizathu esenza uMsindisi nabaphrofethi Bakhe basifundise ngezimpawu zoKuza kwesiBili ukusisiza silungiselele. Ufundani kwiMfundiso neziVumelwano 45:31-32, 56-57 ngokulungiselela Ukuza KwesiBili kweNkosi na? Kungakusiza ukubheka umfanekiso wezintombi eziyishumi, otholakala ku Mathewu 25:1-13. UMsindisi waqhathanisa u-oyela okulo mfanekiso neqiniso noMoya oNgcwele (bheka IMfundiso neziVumelwano 45:57). Yikuphi okusithekileyo okutholayo uma ufunda umfanekiso ngalendlela na?

Isithombe
izintombi eziyishumi

Umfanekiso Wezintombi Ezilishumi, nguDan Burr

IMfundiso neziVumelwano 45:11-15; 66-71

ISiyoni yindawo yokuphepha kwabaNgcwele baNkulunkulu.

AbaNgcwele besikhathi sikaJoseph Smith babenesifiso sokwakha iSiyoni, iJerusalema Entsha, njengoba kuchaziwe eNcwadini kaMomoni (bheka uEtere 13:2-9) futhi nokuhunyushwa kabusha kweBhayibheli okwenziwa nguJoseph Smith (bheka uMose 7:62-64). Ngabe yikuphi okufundayo ngeSiyoni-edolobheni lakudala lezinsuku zika-Enoshe kanye nedolobha lezinsuku-zokugcina—okukhulunywa ngayo kwi Mfundiso neZivumelwano 45:11-15, 66-71?

Namhlanje umyalo wokusungula iSiyoni usho ukumisa umbuso kaNkulunkulu nomaphi lapho sihlala khona, nomaphi lapho abantwana bakaNkulunkulu bebuthana khona ukuzophephela “esivumelwaneni sakhe saphakade” (ivesi 9). Yikuphi ongakwenza ukusiza ukwakha iSiyoni lapho ukhona na?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele,”ISiyoni,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufundwa kwemibhalo engcwele ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 45:3-5.Ngabe ummeli usenzelani na? Xoxani ngokuthi kungani uMsindisi ebizwa ngommeli wethu na?

IMfundiso neziVumelwano 45:9-10.Ukuba umndeni wakho “ubunesibonelo,” noma ifulege, elimele ukuzibophezela kwenu evangelini, belingabukeka kanjani? Kungaba yintokozo ukwenza ifulege lomndeni ndawonye bese nixoxa ngokuthi ningabasiza kanjani abanye balandele izibonelo zevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 45:32.Yiziphi izindawo zethu “ezingcwele” na? Kusho ukuthini “ukunganyakaziswa”? Ungalenza kanjani ikhaya lakho libe yindawo engcwele na?

IMfundiso neziVumelwano 45:39-44.Ungawasiza kanjani amalungu omndeni aqonde ukuthi kuchaza ukuthini ukulindela Ukuza KwesiBili kukaMsindisi na? Mhlawumbe ungacabanga ngokuthile enikulindele okuzokwenzeka futhi nabelane ngokuthi ngabe nikulindele kanjani lokho. Noma ningabhaka into ethize ndawonye bese nibheka ukuthi ngabe yiziphi izimpawu ezikhombisa ukuthi lokho sekulungele ukudliwa na? Ngabe yikuphi esikwenzayo ukulindela Ukuza Kwesibili kukaMsindisi na?

IMfundiso neziVumelwano 45:55.Ukufunda ku 1 Nefi 22:26 kanye neSambulo 20:1–3 kungasiza umndeni wakho uqonde ukuthi uSathane “uzoboshwa” ngesikhathi seminyaka eyinkulungwane. Singambopha kanjani uSathane ezimpilweni zethu?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “When He Comes Again,” Children’s Songbook, 82–83; bheka futhi “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumdeni.”

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa izinsiza ezikhona emibhalweni engcwele Sebenzisa izenezelo kwiTopical Guide , iBible Dictionary kanye neziHloko zemiBhalo eNgcwele ukuthola ulwazi olufihlekile emibhalweni engcwele.

Isithombe
UKristu ehla

Ukuza kukaKristu, nguJubal Aviles Saenz

Shicilela