IMfundiso neziVumelwano 2021
Meyi 10–16. IMfundiso neziVumelwano 49–50: “Lokho okungokukaNkulunkulu kungukuKhanya”


“Meyi 10–16. IMfundiso neZivumelwano 49-50: “Lokho okungokukaNkulunkulu kungukuKhanya,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neZivumelwano 2021 (2020)

“Meyi 10–16. IMfundiso neziVumelwano 49-50,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nezemindeni: 2021

Isithombe
ichibi ekuphumeni kwelanga

Meyi 10–16

IMfundiso neziVumelwano 49–50

“Lokho okungokukaNkulunkulu kungukukhanya”

“Lowo owemukela ukukhanya, nohlala kuNkulunkulu, ufumana ukukhanya okuningi; futhi lokho kukhanya kuyakhula futhi kukhule kuze kube semini” (IMfundiso neziVumelwano 50:24). Ake uzindle ngokuthi ukuthola kanjani ukukhanya ngokuhlala kuNkulunkulu.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UMsindisi “ungumelusi omuhle” wethu (IMfundiso neZivumelwano 50:44). Uyazi ukuthi ngesinye isikhathi izimvu ziyandinda futhi nokuthi ehlane kunobungozi obuningi. Ngakho-ke Uyasiholela ekuphepheni kwesimfundiso Zakhe, kude nezingozi ezinjenge “mimoya ekhohlisayo, esabalele izwe lonke, ikhohlisa umhlaba” (IMfundiso neziVumelwano 50:2). Ukulandela Yena imvamisa kusho ukuthi sishiye phansi imiqondo noma amasiko angalungile. Kwaba njalo nakuLeman Copley nabanye e-Ohio abalamukela ivangeli elibuyiselwe kodwa ababesa bambelele kwezinye izinkolelo ezazingalungile. Kwi Mfundiso neziVumelwano 49, iNkosi yakhuluma amaqiniso ayelungisa izinkolelo zikaLeman zangaphambilini mayelana nomshado nokuBuya kwesiBili kukaMsindisi. Kwathi lapho amakholwa ase-Ohio “emukela … imimoya [aye] ngeke ayiqonde,” iNkosi yawafundisa ukuthi angazibona kanjani izibonakaliso zeqiniso zoMoya (iMfundiso neziVumelwano 50:15). UMelusi Olungileyo wayenesineke, Wayazi ukuthi labaNgcwele bokuqala—njengathi sonke—bangaba “ntwana abancane” “okufanele bakhula emseni nasolwazini lweqiniso” (iMfundiso neziVumelwano 50:40).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 49:5-23

Amaqiniso evangeli angangisiza ngikwazi ukubona izimfundiso zamanga.

Ngaphambi kokungena kuleliBandla, uLeman Copley wayeyingxenye yeqembu lenkolo elaziwa ngokuthi i-United Society of Believers in Christ’s Second Appearing, elalaziwa futhi ngokuthi amaShakers. Emva kwengxoxo noLeman, uJoseph Smith wafuna incazelo eNkosini mayelana nezinye zezimfundiso zamaShakers, iNkosi yase iphendula ngalesi sambulo kwisigaba 49.

Ungazithola ezinye zezinkolelo zamaShakers kukhulunywa ngazo esihlokweni sesigaba 49. Cabanga ukudwebela noma ubhale phansi amaqiniso ku mavesi 5–23 alungisa lezo zinkolelo. Ake ucabange ngezinye izimfundiso ezingamanga noma amasiko angalungile namhlanje. Yimaphi amaqiniso evangeli angakusiza ukugweme konke lokho na?

IMfundiso neziVumelwano 49:15-17

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane ubalulekile ngokuphathelene nesu Lakhe.

Yimaphi amaqiniso owafundayo ngomshado kwiMfundiso neziVumelwano 49:15-17? Ngokucabanga kwakho ngabe umshado ubaluleke ngani ngokuphathelene nesu likaBaba oseZulwini na? IGosa uDavid A. Bednar wanika izizathu ezimbili ukuphendula lowo mbuzo: “Isizathu sokuqala: Ubunjalo bemimoya yowesilisa nowesifazane benza ukuba baphelelisane uma bendawonye, ngakho-ke amadoda nabesifazane kuhloswe ukuba bakhule ndawonye baze bafinyelele ekuphakanyisweni. … Isizathu sesibili: Ngecebo laphezulu, indoda nowesifazane bobabili bayadingeka ukuletha abantwana emhlabeni nokuthi bakhe isimo esihle kakhulu lapho kungakhuliswa khona abantwana” (“Marriage Is Essential to His Eternal Plan,” Ensign, Juni 2006, 83–84).

Bheka futhi uGenesisi 2:20-24; 1 AbaseKhorinte 11:11; “Umndeni: Isaziso Emhlabeni Wonke,” Ensign noma iLiyahona yangoMeyi 2017, 145.

Isithombe
izithandani ngaphandle kwethempeli

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 50

Izimfundiso zeNkosi zingangivikela ngingakhohliswa nguSathane.

Amakholwa amasha e-Ohio ayekulangazelele ukuthola izobonakaliso zomoya ezithenjiswe embhalweni engcwele, kodwa uSathane naye wayelangazelele ukubakhohlisa. Babezibuza ukuthi , Uma umuntu ememeza noma equleka, ngabe lokho kwenziwa wuMoya na?

Ake sithi wawucelwe ukuthi usize lamakholwa amasha aqonde ukuthi angazibona kanjani izibonakaliso zeqiniso zikaMoya oNgcwele nokuthi bangakhohliswa yimifaniso kaSathane. Yiziphi izimfundiso ozitholayo kwiMfundiso neziVumelwano 50 ongabakhombisa zona? (bheka ikakhulukazi lamavesi 22–25, 29–34, 40–46).

Bheka futhi ku 2 Thimothewu 3:13–17.

IMfundiso neziVumelwano 50:13-24

Othisa nabafundi bayakheka ndawonye ngoMoya.

Enye indlela yokufunda IMfundiso neziVumelwano 50:13–24 wukudweba isithombe sothisha nomfundi bese kuthi, eduze kwesithombe ngasinye, ubhale amagama nemisho avela kulamavesi ekufundisa okuthile mayelana nokufunda nokufundisa ivangeli. Ngabe yinini lapho usuke wabona khona ukubaluleka koMoya oNgcwele uma kufundiswa noma kufundwa na? Ake ucabange ngokuthi yikuphi ongakwenza ukuthuthukisa imizamo yakho njengomfundi nothisha wevangeli.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 49:2.Kuchaza ukuthini “ukulangazelela ukwazi ingxenye yeqiniso, kodwa hhayi lonke” na? Mhlawumbe ungatshengisa isithombe esimbozwe ingxenye bese unikeza amalungu omndeni ithuba lokuthi aqagele ukuthi ngesani leso sithombe. Kwenzakalani uma semukela ingxenye yeqiniso na? (bheka ku 2 Nefi 28:29). Ngabe ivangeli eliphelele liyisibusiso kanjani kithi na?

IMfundiso neziVumelwano 49:26-28.Ngabe sibusiseka kanjani ngesethembiso seNkosi “Ngizohamba phambi kwenu futhi ngibe ngasemumva kwenu; futhi ngiyoba ngaphakathi kwenu”? Amalungu omndeni wakho angabelana ngasebekubonile ngesikhathi bezwa ukuthi iNkosi ibi “hamba phambi [kwabo]” noma bezwa ukuthi ibi “phakathi [kwabo]”.

IMfundiso neziVumelwano 50:23-25.Ningahlangana ndawonye egumbini elimnyama nifunde IMfundiso neziVumelwano 50:23–25 bese kancane kancane nengeze ukukhanya ngokukhanyisa ikhandlela noma ukukhanyisa isibani ngasinye. Ningawafunda futhi lamavesi ngesikhathi nibuka ilanga liphuma ekuseni. Yikuphi esingakwenza ukuze ukukhanya kwevangeli kuqhubeke nokukhula na? Uma amalungu omndeni efunda okusha ngevangeli kulelisonto, bakhuthaze ukuba babelane ngakho emndenini ngokubhala epheshaneni bese belinamathisela elambini noma esibanini esithile sasendlini.

IMfundiso neziVumelwano 50:40-46.Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 50:40–46, ungatshengisa isithombe soMsindisi esihambisana nalesi sifundo bese ubuza lombuzo: Ukubona ngani ukuthi uMsindisi uyazithanda izimvu zakhe na? Ngabe uMsindisi unjengomelusi kanjani kithi? Yimiphi imisho emibhalweni engcwele etshengisa ukuthi uMsindisi ungumelusi nathi siyizimvu Zakhe na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Shine On,” Children’s Songbook, 144.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Lindela noma yini. Izikhathi ezinhle zokufundisa, ikakhulukazi ekhaya, zivamise ukuzenzekela futhi ngokungalindelekile: isidlo somndeni singakhuthaza ingxoxo ngokuzitika ngezwi likaNkulunkulu, futhi ukuna kwemvula kungaba yithuba lokufakaza ngamanzi aphilayo. Uma ukulungele ngokomoya, iNkosi ingakunika “ngaleso sikhathi, eniyokusho” (IMfundiso neziVumelwano 100:6).

Isithombe
UJesu kanye nemvana

uMelusi Omnene, nguKim Yongsung

Shicilela