IMfundiso neziVumelwano 2021
Meyi 3–9. IMfundiso neziVumelwano 46 48: “Bhekani Nina Ngokuzikhandla Izipho Ezinhle”


“Meyi 3–9. IMfundiso neziVumelwano 46–48: ‘Funani Ngeqiniso Izipho Ezinhle Kakhulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Meyi 3–9. IMfundiso neziVumelwano 46-48,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
abantu behlangene ngasechibini

Umhlangano weNkambu, nguWorthington Whittredge

Meyi 3–9

IMfundiso neziVumelwano 46:-48

“Funani Ngeqiniso Izipho Ezinhle Kakhulu”

Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 46-48, yibhale phansi imizwa oyitholayo. Emveni kwalokho ungabuza, njengoba iGosa uRichard G. Scott esifundisa ukuthi, “Ngabe kukhona yini okunye okufanele ngikwazi na?” (“To Acquire Spiritual Guidance,” Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2009, 8).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi uParley P. Pratt, uOliver Cowdery, uZiba Peterson, kanye noPeter Whitmer Jr.behamba eKirtland bethuthela kwezinye izindawo zokusebenza, bashiya amakholwa amasha angaphezulu kwekhulu ayenogqozi olukhulu kodwa engakaboni okuningi okholweni. Zazingekho izincwadi zokufundisa, imihlangano yokuqeqesha abaholi ingekho, kungekho kusakaza umhlangano omkhulu weBandla—empeleni, kwakungekho ngisho amakhophi eNcwadi kaMormoni amaningi ayetholakala. Amaningi alamakholwa amasha ayehehwe yizethembiso ezimangalisayo ezibonakaliswa nguMoya, ikakhulukazi lezo ababezazi ngokufunda iTestamente Elisha (bheka, isibonelo, 1 AbaseKhorinte 12 1–11). Maduzane, kwabonakala emihlanganweni yabo izindlela ezingajwayelekile zokudumisa—okubalwa kuzo nokuwa phansi noma ukukhalisa okwenyoka. Abaningi bakuthola kunzima ukwehlukanisa phakathi kwezibonakaliso zikaMoya nalezo okwakungesizo ezikaMoya. Ebona ukudideka kwabantu, uJoseph Smith wathandazela usizo. Impendulo yeNkosi kuye ibaluleke ngokulinganayo nanamhlanje, ngesikhathi abantu bejwayele ukuzenqaba noma ukungazinaki izinto zikaMoya. INkosi yembula ukuthi izibonakaliso zomoya zikhona ngempela futhi yakucacisa ukuthi ziyini—yizipho ezivela kuBaba oseZulwini onothando, “zinikiwe ukuze kuzuze labo [abamthandayo] nabagcina yonke imiyalelo [Yakhe]” (IMfundiso neziVumelwano 46:9).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 46:1-6

Bonke abafuna ulwazi ngeqiniso bemukelekile ukuzokhonza eBandleni leNkosi.

Ezinkonzweni zeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kufanele abantu bazizwe bemukelekile kakhulu futhi bethola nentshisekelo. Ngabe iNkosi iseluleka kanjani kwiMfundiso neziVumelwano 46:1-6 ngokuphathelene nokwemukela labo abeza ezinkonzweni zethu na? Ngabe abangani bakho nomakhelwane bakho bazizwa bamukelekile enkonzweni yenu yokukhonza na? Ngabe yini oyenzayo ukwenza izindawo zenu zokukhonza kube yizindawo lapho abantu bengathanda ukubuya kuzo na? Ake uzindle ngokuthi imizamo yakho yokulandela uMoya oNgcwele enkonzweni ingaletha muphi umehluko.

Bheka futhi ku 3 Nefi 18:22–23; Moroni 6:5–9.

IMfundiso neziVumelwano 46:7-33

UNkulunkulu usiphe izipho zomoya ukubusisa abantwana Bakhe

AbaNgcwele bokuqala babekholelwa iziphweni zomoya kepha babedinga ukufundiswa ngokuthi kuhlosweni ngazo. Ngesikhathi ufunda ngezipho zoMoya kwi Mfundiso neziVumelwano 46:7–33, ake uzindle ngokuthi kubaluleke ngani ukuhlezi “nikhumbula njalo ukuthi zinikelwani” (ivesi 8). Ake ucabange ukuthi lamavesi ahambisana kanjani nalenkulumo yeGosa uRobert D. Hales: “Lezi zipho zinikwa labo abathembekile kuKristu. Zizosisiza ukuthi siwazi futhi siwafundise amaqiniso evangeli. Zizosisiza ukuthi sibusise abanye. Zizosihola sibuyele kuBaba oseZulwini” (“Gifts of the Spirit,” Ensign, Feb. 2002, 16). Yikuphi okunye okufundayo kulamavesi ngezibonakaliso zomoya na? Lamaqiniso angakusiza kanjani ukuthi “ungakhohliseki” na? (uvesi 8).

Ake uzindle ngokuthi yiziphi izipho zakho—futhi ungazisebenzisa kanjani ukuthi “kuzuze abantwana bakaNkulunkulu” (ivesi 26). Uma unaso isibusiso sobuphathriyakhe, kungenzeka ukuthi siyaziveza izipho ozinikiwe.

Bheka futhi Izihloko zeVangeli, “Izipho zikaMoya,” naku topics.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 47

INkosi ifuna iBandla Layo ligcine umlando.

Ubizo lukaJohn Whitmer lokuthi agcine umlando weBandla lwenza kube khona umkhuba wesikhathi eside kugcinwa izinto zibhalwe phansi phakathi kwabantwana baNkulunkulu.(bheka ku 2 Nefi 29:11–12; uMose 6:5; u-Abrahamu 1:28, 31). Empeleni, isikhundla soMbhali woMlando noMlobi sisekhona nanamhlanje. Kungani kubalulekile eNkosini ukugcina umlando uma ucabanga? Ake uzindle ngalokhu ngesikhathi ufunda imiyalo Yakhe kuJohn Whitmer ngalomsebenzi kwi sigaba 47. Cabanga futhi ngokuthi yikuphi wena osukubonile empilweni yakho okufanele ukubhale phansi. Isibonelo, ngabe yikuphi wena iNkosi esikufundise kona ofuna kugcineke na?

Ngesikhathi udlinza ngalemibuzo, cabanga ngalolulwazi olufihlekile oluvela kwiGosa uMarlin k. Jensen wabangamaShumi ayisiKhombisa, owayesebenza njengoMbhali woMlando noMlobi eBandleni kusukela ngonyaka ka-2005 kuya koka-2012:

“Sigcina okubhaliweyo ukusisiza sikhumbule. … Sinesifiso sokusiza amalungu eBandla ukuthi akhumbule izinto ezinkulu uNkulunkulu asezenzele abantwana Bakhe. … Izimfundiso zesikhathi esedlule zisisiza ukuthi sikwazi nokumelana nesikhathi sethu samanje ziphinde zisinike ithemba ngesikhathi esizayo” (“There Shall Be a Record Kept among You,” Esign, Dec. 2007, 28, 33).

Ukuze ufunde kabanzi ngomsebenzi owenziwa manje nguMbhali Mlando weBandla, vakashela ku history ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uJohn Whitmer

UJohn Whitmer wabizwa ukuthi agcine umlando weBandla.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 46:2-6.Yini esingayenza singumndeni ukuqiniseka ukuthi abanye bazizwa bemukelekile ezinkonzweni zethu na? (bheka futhi ku 3 Nefi 18:22–23). Isithombe esihambisana nalesi sifundo singasetshenziswa kulengxoxo.

IMfundiso neziVumelwano 46:7-26.Ngabe yiziphi izipho zomoya esizibonayo komunye na? Lezo zipho zingawubusisa kanjani umndeni wethu na?

IMfundiso neziVumelwano 47.Ungawukhuthaza kanjani umndeni wakho ukuthi umuntu ngamunye abhale ngokwenzekile ezimpilweni zabo kuleli sonto na? Ningabelana ngalokho enikubhalile encwadini yakho yokuloba izigigaba zosuku noma nabelane indaba ngokhokho (bheka ku FamilySearch.org). Eminye imindeni izinika isikhashana ngesonto sokuthi wonke umuntu abhale phansi ezincwadini zokuloba izigigaba zosuku. Ungabafaka nogqozi lokuthi babhale okunjengokuthi “Kwenzekeni kulelisonto ongathanda isizukulwane sakho sikwazi?” noma “Usibone kanjani isandla seNkosi empilweni yakho kulelisonto na?” Abantwana bangadweba izithombe zabakubonile ezimpilweni zabo, noma ungabaqopha bexoxa izindaba zabo. Yiziphi izibusiso ezifikayo ngokugcina “ngokulandelana umlando ”na ? (ivesi 1).

IMfundiso neziVumelwano 48.AbaNgcwele e-Ohio bayalwa ukuthi babelane ngendawo yabo kulabo ababezofika e-Ohio bevela empumalanga yezwe laseMelika. Yini esingabelana ngayo ukufeza izidingo zabanye na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Have I Done Any Good?Hymns, no. 223).

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa izindaba nezibonelo. UMsindisi wayevamise ukusebenzisa izindaba nemifanekiso ukufundisa imigomo yevangeli. Cabanga ngezibonelo nezindaba empilweni yakho ezingafundisa kahle ngemigomo yevangeli emndenini wakho (bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 22).

Isithombe
abantu besesontweni

UBaba oseZulwini unika abantwana Bakhe izipho zomoya ukubusisa izimpilo zabanye.

Shicilela