IMfundiso neziVumelwano 2021
Meyi 24–30. IMfundiso neziVumelwano 58-59: “Mabazibandakanye Ngokukhuthala Emsebenzini Omuhle”


“Meyi 24–30. IMfundiso neziVumelwano 58–59: ‘Mabazibandakanye Ngokukhuthala Emsebenzini Omuhle,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Meyi 24–30. IMfundiso neziVumelwano 58–59,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Umgwaqo wase-Independence eMissouri

e-Independence, eMissouri, ngu–Al Rounds

Meyi 24–30

IMfundiso neziVumelwano 58–59

“Mabazibandakanye Ngokukhuthala Emsebenzini Omuhle”

UMongameli uDallin H. Oaks wasifundisa wathi, “Imibhalo engcwele izosisiza ukuxazulula imibuzo yethu esinayo ngoba ngokuyifunda simema futhi siyafaneleka ukuthi sithole ukuyalwa nguMoya oyiNgcwele, ozosiholela kulona lonke iqiniso” (kuDavid A. Edwards, “Are My Answers in There?New Era, ngoMeyi 2016, 42).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi amagosa eBandla ebona isiza sedolobha iSiyoni—e-Independence, eMissouri okokuqala—kwakungekhona lokhu ababekulindele. Abanye babecabanga ukuthi babezothola umphakathi okhulayo, nokhuthele wabaNgcwele. Esikhundleni salokho bathola indawo enabantu abayidlanzana, engenayo impucuko abayijwayele futhi kuhlala izifiki ezingenamasiko esikhundleni sabaNgcwele. Kuyavela-ke ukuthi iNkosi yayingabaceli ukuthi beze eSiyoni nje kuphela—Yayifuna ukuthi bayakhe imbala.

Uma esikulindele kungahambisani nesikubonayo emhlabeni, kufanele sikhumbule ukuthi iNkosi yabatshelani abaNgcwele ngonyaka ka-1831: “Anikwazi ukubona ngamehlo enu enyama okwamanje, isu likaNkulunkulu … nenkazimulo ezolandela emva kosizi olukhulu” (iMfundiso neziVumelwano 58:3). Yebo, impilo igcwele ubunzima, ngisho nobubi, kodwa singakwazi “ukwenza ukulunga okuningi; ngokuba amandla [akithi]” (amavesi 27-28).

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Imfundiso neziVumelwano 58:1–5, 26–33, 44; 59:23

Izibusiso zifika ngesikhathi esibekwe uNkulunkulu nangokukhuthala kwethu.

AbaNgcwele basibeka isisekelo seSiyoni eJackson County, eMissouri, lapho babhekana khona nobunzima obuningi. Nakanjani babenethemba lokuthi ngezikhathi zabo zokuphila lendawo yayizokhula ibe yindawo lapho bonke abaNgcwele babengabuthanela khona. Kodwa, abaNgcwele bakhishwa eJackson County eminyakeni embalwa, futhi iNkosi yembula ukuthi abantu Bayo kuyofanele “balinde isikhashana kuze kubuyiselwe iSiyoni” (iMfundiso neziVumelwano 105:9).

Ngesikhathi ufunda lemisho elandelayo, bheka izizathu ezingenza ukuthi izibusiso zibanjwe okwesikhashana. Lemibuzo engezansi ingakusiza uzindle ngayo.

IMfundiso neziVumelwano 58:1-5; 59:23. Yimiphi imiyalezo kulamavesi ekusizayo ukuthi uqinise ikhono lakho lokuthwala ubunzima bakho ngokubekezela na? Yiziphi izibusiso osuzitholile emva kobunzima na? Uma ucabanga kungani ezinye izibusiso zifika emva kobunzima na?

IMfundiso neziVumelwano 58:26-33. Iyiphi indima edlalwa “ukuzibandakanya ngokukhuthala emsebenzini omuhle” ekugcineni izethembiso zikaNkulunkulu na? Iyiphi indima edlalwa ukuhlonipha kwakho na?

IMfundiso neziVumelwano 58:44. Yibuphi ubudlelwane phakathi “komthandazo wokholo” kanye nentando yeNkosi ngathi na?

IMfundiso neziVumelwano 59, isihloko sesigaba

Ngabe kwakungubani uPolly Knight na?

UPolly Knight kanye nomyeni wakhe, uJoseph Knight Sr., babengabanye bokuqala ukukholelwa obizweni lukaJoseph Smith lobuphrofethi. UPolly noJoseph bameseka kakhulu uMphrofethi emsebenzini wokuhumusha iNcwadi kaMormoni. Umndeni wakwaKnight wahamba waya eColesville, eNew York, ukuyohlanganyela nabanye abaNgcwele e-Ohio futhi emva kwesikhashana bayalelwa ukuthi bathuthele eJackson County, eMissouri. Ngesikhathi besahamba, impilo kaPolly yaqala ukuba ntekenteke, kodwa waye phikelela ekuboneni iSiyoni ngaphambi kokuba ashone. Wayesehlale eMissouri izinsukwana nje ngesikhathi edlula emhlabeni. IMfundiso neziVumelwano 59 yatholwa ngosuku adlula ngalo emhlabeni, futhi ivesi 1 nelesi 2 kungathi abhekiswe kuyena ngqo.

IMfundiso neziVumelwano 59:9-19

Ukugcina iSabatha lingcwele kuletha izibusiso zesikhashana kanye nezomoya.

Emva kokubathembisa abaNgcwele eSiyoni “ngemiyalelo engembalwa,” iNkosi yagcizelela umyalelo owodwa vo: umyalelo wokuhlonipha “usuku olungcwele” Lwakhe (iMfundiso neziVumelwano 59:4, 9). Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 59:9-19, ake ucabange ukuthi kungani ukuhlonipha iSabatha kwakubaluleke kangaka kulaba abaNgcwele ngesikhathi bezama ukwakha iSiyoni.

Ungaphinda futhi udlinze ngemibuzo enjenga lena: Ngabe ngilusebenzisa usuku lweSabatha ngendlela iNkosi eyayihlose ngayo na? Ngabe ukugcina usuku lweSabatha lingcwele kungisiza kanjani ukungigcina “ngingenasici ezweni na”? (uvesi 9). Ngingenzenjani ukugcwalisa “izethembiso zami koPhakeme kaKhulu”? (uvesi 10).

Emva kokufunda lamavesi alandelayo, yikuphi okhuthazeka ukuba ukwenze ukuze uligcine kangconywana lungcwele usuku lweSabatha na? uGenesisi 2:2–3; Eksodusi 20:8–11; 31:13, 16; Duteronomi 5:12–15; Isaya 58:13–14; Marku 2:27; uJohane 20:1–19; Izenzo 20:7.

Ungaphinde uzuze kwenye yalamavidiyo amaningi noma kwamanye amasu mayelana neSabatha okutholakala ku sabbath.ChurchofJesusChrist.org.

IziHloko zemiBhalo eNgcwele “Usuku lweSabatha.”

Isithombe
isinkwa nezinkomishi zesidlo

Ukudla isidlo enye yezindlela zokugcina iSabatha lingcwele.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 58:26-29.Mhlawumbe amalunga omndeni wakho angenza uhla lwezinye zezinto “abazibandakanye ngokukhuthala” kuzo. Ngabe zonke lezo zinto “ziyimisebenzi emihle na”? Kungani iNkosi ifuna senze “izinto eziningi ngokuthanda [kwethu] ” na? Cela ilungu lomndeni ngalinye ukuthi licabange ukuthi lingenzani kulelisonto “ukwenza okuningi ukulunga.” Emva kwesikhathi bangabika kuwe ngalokho abakwenzile.

IMfundiso neziVumelwano 58:42-43.Ngabe amalunga omndeni azizwa kanjani uma efunda lamavesi na? Ngabe lamavesi angamsiza kanjani umuntu odinga ukuphenduka na?

IMfundiso neziVumelwano 59:3-19.Ngabe kuqonde ukuthini “ukuqheliswa … ngemiyalelo” na? (uvesi 4). Ngesikhathi ufunda imiyalelo emavesini 5–19, xoxisanani ngezibusiso enizitholile ngokuhlonipha lemiyalelo ngayinye.

Ungaqaphela futhi ukuthi amagama anjenge “njabulo,” “ukujabula,” “ukuthokoza,” kanye “nokwenama” asetshenzisiwe ukuchaza umyalelo wokuhlonipha usuku lweSabatha. Ungalenza kanjani usuku lakho lweSabatha ukuthi libe nenjabulo? Mhlawumbe umndeni wakho ungenza umdlalo wokuqhathanisa ngamakhadi atshengisayo izinto ongazenza ukugcina usuku lweSabatha lungcwele.

IMfundiso neziVumelwano 59:18-21.Singenzenjani ukuthi “sivume … isandla [sikaNkulunkulu] kuzo zonke izinto na”? (uvesi 21). Ake ucabange ngokuzithathela uhambo noma ukubuka izithombe, ubheke izinto “ezijabulisa iso … zenamise nenhliziyo” (uvesi 18). Ungathatha noma udwebe izithombe zalokho okutholayo bese niyaxoxa ngokuthi ningakutshengisa kanjani ukubonga ngalezi zinto. Ngabe sisibone kanjani isandla sikaNkulunkulu ezimpilweni zethu na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Choose the Right,” Hymns, no. 239.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Yabelana ngemibhalo engcwele. Nikeza amalungu omndeni wakho isikhathi sokwabelana ngalokho abakutholile emibhalweni engcwele ngesikhathi bezifundela.

Isithombe
intombazane iyathandaza ngesikhathi sesidlo

Umfanekiso wenziwe nguMarti Major

Shicilela