IMfundiso neziVumelwano 2021
Meyi 17-23. IMfundiso neziVumelwano 51-57: “Umphathi Othembekile, Olungile, futhi Ohlakaniphile”


“Meyi 17-23. IMfundiso neziVumelwano 51-57: ‘Umphathi Othembekile, Olungile, futhi Ohlakaniphile,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Meyi 17-23. IMfundiso neziVumelwano 51-57,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
umlimi nenkabi

Umsele Wokuqala, nguJames Taylor Harwood

Meyi 17-23

IMfundiso neziVumelwano 51–57

“Umphathi othembekile, olungile, futhi ohlakaniphile”

Ukufunda imibhalo engcwele kuyakusiza ukwazi , ukuzwa izwi leNkosi, ngokuba imibhalo engcwele yanikwa Nguye ngoMoya Wakhe (bheka IMfundiso neziVumelwano18:34–36).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kumalungu eBandla ngeminyaka yo-1830, ukuqoqwa kwabaNgcwele nokwakha idolobha leSiyoni kwakungumsebenzi okwakufanele wenziwe ngokomoya nangokwenyama , kubandakanya nezinqinamba eziningi okwakufanele kubhekwane nazo: kukhona okwakufanele athenge umhlaba futhi awuhlukanisele abaNgcwele lapho babengahlala khona. Kukhona okwakufanele agaye izincwadi kanye nezinye ezazikhishiwe. Kwakudingeka umuntu ozosebenza esitolo ukuze anikeze ngezimpahla kulabo abaseSiyoni. Ezambulweni ezibhalwe kwi Mfundiso neZivumelwano 51-57, iNkosi yabeka futhi yayala abantu ukuba babhekane nalemisebenzi, futhi Yakhomba i-Independence, eMissouri, njenge “ndawo ephakathi nendawo” yeSiyoni (IMfundiso neZivumelwano 57:3).

Yize amakhono ezintweni ezifana nokuthenga umhlaba, ukugaya izincwadi, kanye nokuphatha isitolo kubalulekile emsebenzini wamanje wokwakha iSiyoni, lezi zambulo zisifundisa ukuthi iNkosi ifisa ukuthi abaNgcwele Bayo bafaneleke ngokomoya ukubizwa ngabantu beSiyoni. Ubiza omunye nomunye wethu ukuba sibe “othembekile, olungile, futhi nohlakaniphile umphathi,” sibe nomoya odabukileyo, “sime siqine” emisebenzini yethu esinikwe yona (bheka IMfundiso neziVumelwano 51:19; 52:15; 54:2. Uma singenza lokho—ngaphandle kwamakhono ethu amanje-iNkosi ingasisebenzisa ukwakha iSiyoni, futhi “Izolisheshisa lelidolobha ngesikhathi salo” (IMfundiso neziVumelwano 52:43).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 51

INkosi ifuna ngibe umphathi othembekile, olungile, futhi ohlakaniphile.

Ukuba wawuyilungu leBandla ngonyaka ka-1831, mhlawumbe wawuzomenywa ukuba uphile umthetho wokunikela, ngokunika umbhishobhi eBandleni yonke impahla yakho. Esikhathini esiningi wayekubuyisela kuwe, lokho okunikelile, ngesinye isikhathi kube khona nokuseleyo. Kepha kwakungasekona okwakho nje kuphela-kwakuba wubuphathi bakho.

Namhlanje izindlela okuqhutshwa ngazo zihlukile, kepha imigomo yokunikela kanye nobuphathi isabalulekile emsebenzini weNkosi. Ake ucabange ngalamagama akhulunywa yiGosa uQuentin L. Cook: “Siphila ezikhathini ezinobungozi lapho khona abaningi bekholelwa wukuthi asiziphenduleli kuNkulunkulu futhi nokuthi asikho isidingo sokuphendula ngesikwenzayo noma asinabo ubuphathi ngezimpilo zethu nezabanye. Abaningi emhlabeni bagxile ekutheni bazanelise bona futhi abakholelwa ekubeni ngabalindi babafowabo. Nokho kuleliBandla sikholwa wukuthi lobu buphathi bubekwe kithi ngobungcwele” (“Stewardship-a Sacred Trust,” kwi Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba 2009, 19).

Ngesikhathi ufunda isigaba 51, cabanga ngalokho uNkulunkulu akubeke kuwe. Ngabe igama elithi “ubuphathi” (ivesi 19) kanye nelithi “ukunikela” (ivesi 5) lisho ukuthini, futhi ngabe lamagama aqondeni ngalokho uNkulunkulu akulindele kuwe na? Ngabe yimiphi imigomo oyithola kwi sigaba 51 futhi nasenkulumweni yeGosa uCook esifundisa ukuthi ngabe kusho ukuthini ukuba umphathi na? (bheka ikakhulukazi amavesi 9, 15-20).

Bheka futhi nakuMathewu 25:14-30.

IMfundiso neziVumelwano 52:14-19

UNkulunkulu wanikeza isifanekiso sokugwema inkohliso.

Ngenxa yabantu ababethi babeboniswe izinto ngokomoya, abaNgcwele bokuqala babekhathazekile ngokukhohliswa. Babezombona kanjani “owayemukelekile kuNkulunkulu” na? (ivesi 15). Kwi Mfundiso Nezivumelwano 52:14–19, iNkosi yanika isifanekiso esisizayo ukubona lokho. Ungasisebenzisa kanjani lesi sifanekiso ukuze ukwazi ukubona okungamanga okukhulunywayo kulomhlaba na? Ungasisebenzisa lesi sifanekiso ukuze uzihlole nawe: cabanga ngokusebenzisa imishwana evela kulamavesi ukubhala imibuzo efana nokuthi “Uma ngikhuluma, ngabe umoya wami udabukile na?”

iMfundiso neziVumelwano 54

Ngingaphendukela eNkosini uma ngizwa ubuhlungu ngenxa yezinto ezenziwe ngabanye.

Njengenxenye yokubuthana endaweni yase-Ohio, iqembu labaNgcwele elaliholwa nguNewel Knight lafika livela eColesville, eNew York bedinga indawo yokuhlala. ULeman Copley wayenepulazi elikhulu eduzane nendawo yaseKirtland, futhi wavuma ukudedela abaNgcwele ukuba bahlale epulazini lakhe. Kodwa-ke emveni kokuba baqale ukuhlala lapho, uCopley wangabaza okholweni lwakhe, wasephula isethembiso ayesenzile, futhi wabakhipha abaNgcwele epulazini lakhe.

Njengoba kulotshiwe kwi sigaba 54, iNkosi yatshela uNewel Knight ukuthi abaNgcwele kwakufanele benze njani ngesimo sabo. Yikuphi okutholayo kulesi sambulo okungakusiza uma omunye umuntu ekona ngokuphula isethembiso asenzileyo noma okwenziwa ngomunye umuntu kona impilo yakho na?

Isithombe
Amadlelo aluhlaza

Indawo yepulazi e-Ohio uLeman Copley ayethembisa iBandla.

IMfundiso neziVumelwano 56:14-20

Babusisiwe abampofu abacwebileyo ezinhliziyweni.

Kulamavesi, iNkosi yakhuluma nabacebile kanye nabampofu; kungakuhle ukuqhathanisa iseluleko Sakhe kulamaqembu womabili. Ngabe yikuphi kulamavesi okuzwa kufanele wena na? Ngabe ukuthanda ingcebo “kuzowona”kanjani umoya wakho na?(ivesi 16). Kusho ukuthini kuwe uku “cweba enhliziyweni” (ivesi 18) mayelana nezinto ezibonakalayo na?

Bheka futhi uJakobe 2:17-21.

Isithombe
uphawu lokufundwa kwemibhalo engcwele ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 51:9.Ningadlala umdlalo othandwa yiwo wonke umndeni bese nikhuluma ngokuthi ubuzohluka kanjani lomdlalo ukuba bekukhona okhohlisile. Kubaluleke ngani “ukwethembeka” komunye na? Ngabe ukuba neqiniso kusisiza kanjani ukuthi “sibe munye” na?

IMfundiso neziVumelwano 52:14-19.Ngesikhathi nikhuluma ngesifanekiso esichazwe kulamavesi, umndeni wakho ungahle ukujabulele ukubheka ezinye izifanekiso enizisebenzisayo-njengesifanekiso sokuthunga izingubo noma sokwenza umsebenzi wezandla. Ningasebenza ndawonye ukwenza into ethile eniyithathele kwisifanekiso ngesikhathi nikhuluma ngesifanekiso iNkosi eyasinika ukugwema inkohliso.

IMfundiso neziVumelwano 53:1.Cabanga ngokwabelana nomndeni wakho ngesikhathi wena, njengoSidney Gilbert, ubuza uNkulunkulu “mayelana nobizo lwakho.”

IMfundiso neziVumelwano 54:2; 57:6–7.Ngabe kusho ukuthini ukuthi “mana uqine” (IMfundiso neziVumelwano 54;2) ezintweni uNkulunkulu asicela ukuthi sizenze na? Ungamema amalungu omndeni ukuthi ame futhi asho into uNkulunkulu awacele ukuthi ayenze.

IMfundiso neziVumelwano 55.Ngabe iNkosi yawasebenzisa kanjani amakhono kaWilliam Phelps okubhala nokugaya izincwadi na? (isibonelo, bheka inkomba yombhali encwadini yamaculo ukuze ubone uhla lwamaculo abhalwa nguye). Mhlawumbe amalungu omndeni angakhuluma ngamathalente kanye namakhono abawabona komunye nomunye. Amathalente ethu angasiza kanjani emsebenzini kaNkulunkulu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto encwadini yezifundo ethi Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “‘Give,’ Said the Little Stream,” Children’s Songbook, 236.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Gcina incwadi yokuloba izifundo Kungakusiza ukusebenzisa incwadi yokuloba izifundo noma incwajana yokubhalela ukuze ubhale imicabango, amasu, imibuzo, noma okuzwayo okufika ngesikhathi ufunda.

Isithombe
amalungu enika u-Edward Patridge izipho

uMbishobhi uPartridge Emukela Iminikelo, ngu-Albin Veselka

Shicilela