IMfundiso neziVumelwano 2021
Meyi 31–Juni 6. IMfundiso neziVumelwano 60–62: “Yonke Inyama Isesandleni Sami”


Meyi 31–Juni 6. IMfundiso neziVumelwano 60–62: “Yonke Inyama Isesandleni Sami,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

Meyi 31–Juni 6. IMfundiso neziVumelwano 60-62,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UMfula iMissouri

Campfire eMissouri, nguBryan Mark Taylor

Meyi 31–Juni 6

IMfundiso neziVumelwano 60–62

“Yonke Inyama Isesandleni Sami”

UMongameli u-Ezra Taft Benson wasifundisa ukuthi uma siyifunda imibhalo engcwele, “ubufakazi bethu buzokhula. Sizoqina ekuzinikeleni. Imindeni yethu izoqiniswa. Sizothola kakhulu izambulo” (“The Power of the Word,” kwi Ensign, ngoMeyi 1986, 81).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

NgoJuni ngonyaka ka-1831, uJoseph Smith wabamba umhlangano namagosa eBandla eKirtland. Lapho, iNkosi yahlela amanye amagosa ukuba ahambe ngababili yase ibathumela eJackson County, eMissouri, futhi yabanika lomyalelo: “Mabashumayele endleleni” (IMfundiso neziVumelwano 52:10). Iningi lamagosa lenza njalo ngenkuthalo, kodwa amanye awakwenzanga lokho. Ngesikhathi sekufika isikhathi sokuhamba kubuyelwe emuva eKirtland, iNkosi yathi, “Kodwa ngabanye [amagosa] angithokozile kahle, ngokuba abayivuli imilomo yabo, kodwa bayalifihla ithalente engibanike lona, ngenxa yokwesaba abantu” (IMfundiso neZivumelwano 60:2). Abaningi bethu bangazwelana nawo lamagosa––nathi singazizwa singabaza ukuvula imilomo yethu sazise abanye ngevangeli. Mhlawumbe nathi sivinjwa “ukwesaba abantu.” Mhlawumbe sinokungabaza ngokufaneleka kwethu noma ngamakhono ethu. Noma ngabe yiziphi izizathu zethu, iNkosi “iyabazi ubuthakathaka babantu iyazi ukuthi ingasisiza kanjani” (iMfundiso neziVumelwano 62-1). Kuneziqinisekiso ezigcwele kuzo zonke lezi zambulo ezingasisiza sinqobe ukwesaba kwethu ngokwazisa abanye ivangeli—noma okunye ukwesaba esisabhekene nakho: “Mina, iNkosi, ngibusa emazulwini phezulu.” “Ngiyakwazi ukukwenza ube ngcwele.” “Yonke inyama isezandleni zami.” Futhi “yibani nenjabulo, bantwana abancane; ngokuba ngiphakathi kwenu.” (IMfundiso Nezivumelwano 60:4, 7; 61:6, 36.)

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 60;62

INkosi iyajabula uma ngivula umlomo wami ukwazisa abanye ngevangeli.

Sonke sesike saba namathuba okwazisa abanye ngevangeli, kodwa ngesizathu thizeni asizange. Ngesikhathi ufunda amazwi eNkosi abhekiswe kubashumayeli bevangeli bakuqala abahluleka “ukuvula imilomo yabo,” cabanga ngawakho amathuba okwazisa abanye ngevangeli. Ubufakazi bakho bevangeli bufana kanjani ne “thalente,” noma igugu elivela kuNkulunkulu na? Yiziphi izindlela esingase “sifihle ngazo amathalente [ethu]”? (IMfundiso neziVumelwano 60:2; bheka futhi uMathewu 25:14-30.

INkosi yabalungisa abafundisi bakuqala, kodwa futhi yazama nokubakhuthaza. Yimiphi imilayezo ekhuthazayo evela Kuye esiyithola kwi sigaba 60 kanye nesigaba62? Ngabe lemilayezo ikwakha kanjani ukuzethemba ukuze wazise abanye ngevangeli na? Ezinsukwini ezizayo, bheka amathuba okuvula umulomo wakho wasize abanye ngalokho uNkulunkulu akubeke kuwe.

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 33:8-10; 103:9-10; uDieter F. Uchtdorf, “Missionary Work: Sharing What Is in Your Heart,” kwi Ensign noma iLiahona yangoMeyi 2019, 15–18.

Isithombe
abefundisi besebhasini

UNkulunkulu ufuna ngazise abanye ngevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 61:5–6, 14–18

Ngabe wonke amanzi aqalekiswe yiNkosi na?

Isexwayiso seNkosi kwi Mfundiso neziVumelwano 61 ngenye indlela, sasexwayisa ngezingozi abantu Bakhe ababezohlangana nazo ngenkathi behamba beya eSiyoni behamba eMfuleni iMissouri, owawaziwa ngaleso sikhathi ngokuthi uyingozi. Lesi sexwayiso akusho ukuthi kumele sicabange ukuthi sisho ukuthi kufanele sikubalekele ukuhamba emanzini. INkosi inawo “wonke amandla,” ngisho amandla phezu kwamanzi (ivesi 1)

IMfundiso neziVumelwano 61-62

INkosi inamandla onke futhi ingangigcina.

Endleleni ebuyela eKirtland, uJoseph Smith kanye nabanye abaholi beBandla kukhona ababhekana nakho okwakubeka izimpilo zabo engozini eMfuleni iMissouri. INkosi yasebenzisa leli thuba ukuba yexwayise futhi iyale izinceku Zayo. Yikuphi okutholayo kwi  Mfundiso neziVumelwano 61 okukukhuthaza ukuthi wethembe iNkosi ngesikhathi ubhekene nezakho izinkinga na? Isibonelo, kubaluleke ngani ukwazi ukuthi uNkulunkulu “usuka phakade kuya phakade na”? (ivesi 1).

Kukhona olunye ulwazi olufanayo olufihlekile esigabeni 62. Yikuphi iNkosi ekufundisayo Ngaye kanye namandla Akhe kulesi sambulo na?

Ake udlinze ngalokho osuke wakubona okwenza ukholo lukhule ngesikhathi iNkosi ikusiza ukuthi unqobe ubunzima bomoya nobenyama.

IMfundiso neziVumelwano 62

INkosi ifuna ngithathe izinqumo “njengoba kubonakala kukuhle [kimi].”

Ngesinye isikhathi iNkosi iyasiyala ngokuphathelene nokuthile, kodwa kwesinye isikhathi iyekela kithi ukuba sizithathele izinqumo. Ngabe lomgomo uwubona ukhonjiswa kanjani kwi Mfundiso neziVumelwano 62? (bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 60:5; 61:22). Ngabe lomgomo uwubone usebenza kanjani empilweni yakho na? Kungani kukuhle kithi ukuthi sizithathele ezinye izinqumo ngaphandle kokuthola ukuyalwa nguNkulunkulu na?

Bheka futhi u-Etere 2:18–25; IMfundiso neziVumelwano 58:27–28.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 60:2–3.Yingani abanye babafundisi bevangeli bokuqala babenokungabaza ngokwazisa ngevangeli na? Yingani nathi singabaza ngezinye izikhathi na? Ake ucabange ngokulingisa ukuthi amalungu omndeni wakho angabazisa kanjani abanye ngevangeli ezimweni ezahlukahlukene.

IMfundiso neziVumelwano 61:36-39.Yikuphi kulamavesi okusenza “sibe nenjabulo” na? (bheka futhi uJohane 16:33). Mhlawumbe umndeni wakho ungabhala noma udwebe izithombe zezinto ezibalethela injabulo bese beziqoqela esitsheni “senjabulo”. (Qinisekisa ukuthi ufake izithombe zoMsindisi nokusikhumbuza ngothando Lwakhe ngathi.) Kulo lonke isonto ngesikhathi amalungu omndeni wakho edinga okuzobakhumbuza ngezizathu zokuba nenjabulo, bangakhetha okuthile kuleso sitsha.

IMfundiso neziVumelwano 61:36.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ukuthi ukhumbule ukuthi uMsindisi “uphakathi kwethu” na? Ningathatha isinqumo ndawonye sokuthi nizosibekaphi isithombe Sakhe lapho esizogqama khona ekhaya lenu. Singammema kanjani uMsindisi ezimpilweni zethu zansuku zonke na?

IMfundiso neziVumelwano 62:3.Mhlawumbe ningaba nomhlangano wokufakaza njengomndeni emva kokufunda leli vesi. Ukuze ubachazele ukuthi buyini ubufakazi, ungabafundela ingxenye yenkulumo ka M. Russell Ballard ethi “Pure Testimony” (kwi-Ensign noma kwiLiahona, yangoNovemba 2004, 40–43). Kubaluleke ngani ukubhala ubufakazi bethu na?

IMfundiso neziVumelwano 62:5, 8.Kungani iNkosi ingasiniki imiyalelo ngayo yonke into ezimpilweni zethu na? Ngokuka vesi 8, singazithatha kanjani izinqumo?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Testimony,” Hymns, no. 137.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Vumela uMoya uhole ukufunda kwakho. Vumela uMoya oNgcwele ukuhole. Shesha ukuzwe ukunyenyezela Kwakhe ngesikhathi ekuholela ezintweni okufanele uzifunde nsuku zonke, ngisho noma ngabe ekunyenyezela ukuba ufunde isihloko esehlukile kunaleso obungasifunda noma ngendlela ehlukile.

Isithombe
uJesu ephethe imvu

uMelusi oMuhle, nguDel Parson

Shicilela