IMfundiso neziVumelwano 2021
Juni 14–20. IMfundiso neziVumelwano 64–66: “INkosi Idinga Inhliziyo neNgqondo eFisayo”


“Juni 14–20. IMfundiso neZivumelwano 64–66: ‘INkosi Idinga Inhliziyo neNgqondo eFisayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni 2021 (2020)

“Juni 14–20. IMfundiso neziVumelwano 64–66,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
idlelo ekuphumeni kwelanga

eDaviess County, eMissouri

Juni 14–20

IMfundiso neziVumelwano 64–66

“INkosi Idinga iNhliziyo neNgqondo eFisayo”

UMongameli uHenry B. Eyring wathi “ngivamise ukuya ezincwadini ezingcwele nemibuzo ‘UNkulunkulu angafisa ngenzenjani?’ noma ‘Angafisa ngizizwe kanjani?’ Njalo ngithola amasu kanye nemicabango emisha engingakaze ngaba nayo ngaphambilini” (“How God Speaks to Me through the Scriptures,” Feb. 6, 2019, blog ChurchofJesusChrist.org).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi ilanga lishisa kakhulu ngo-Agasti 1831, amagosa amaningi ayehamba ebuyela emumva eKirtland emva kokuhlola umhlaba weSiyoni eMissouri njengokuyalelwa yiNkosi. Kwakungesilo uhambo olumnandi. Izihambi—uJoseph Smith, u-Oliver Cowdery, uSidney Rigdon, u-Ezra Booth, kanye nabanye—babeshiselwa futhi bekhathele, futhi izingxabano zajika zaba umbango ngokushesha. Kwakungabukeka sengathi ukwakha iSiyoni, idolobha lothando, ubumbano, kanye nokuthula kwakuzothatha isikhathi eside.

Ngenhlanhla, ukwakha iSiyoni—eMissouri ngo-1831 noma ezinhliziyweni kanye nasemawadini ethu namhlanje—akusidingi ukuthi sibe ngabantu abazi konke. Esikhundleni kwalokho, “kuwena kudingeka ukuthi uxole,” kwasho iNkosi (IMfundiso neziVumelwano 64:10). Idinga “inhliziyo nengqondo efisayo” (ivesi 34). Futhi Idinga ukubekezela kanye nokukhuthala, ngoba iSiyoni sakhiwe ngaphezulu kwesisekelo “sezinto ezincane,” ezenziwe yilabo “abangakhathali ekwenzeni kahle” (ivesi 33).

Bheka futhi ku Saints, 1:133–34, 136–37.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 64:1–11

Ngidingeka ukuba ngixolele wonke umuntu.

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 64:1–11, cabanga ngesikhathi lapho iNkosi yakuxolela khona. Ungaphinda futhi ucabange ngomunye odinga ukumxolela. Ngabe ububele boMsindisi buyithinta kanjani imizwa yakho ngawe kanye neyabanye? Uma ucabanga kungani iNkosi isiyalela ukuthi “sixolele konke na”? (ivesi 10). Uma unenkinga nokuxola, cabanga ukuthi lezi zinsiza ezilandelayo zikufundisani ngokuthi uMsindisi angakusiza kanjani: uJeffrey R. Holland, “The Ministry of Reconciliation,” kwi-Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba 2018, 77-79; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Xolela,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 64:31–34

UNkulunkulu udinga inhliziyo yami nengqondo efisayo.

Wake wazizwa “ukhathele” ngakho konke “okuhle” ozama ukukufeza? Bheka umyalezo weNkosi kuwena kwi Mfundiso neziVumelwano 64:31–34. Kuqonde ukuthini ukunikeza “inhliziyo yakho nengqondo efisayo” kuNkulunkulu? (ivesi 34).

IMfundiso neziVumelwano 64:41–43

ISiyoni siyoba “isibonakaliso kubantu.”

Isibonakaliso “ifulegi noma umgomo lapho abantu behlangana ngokubumbana ngenjongo noma ubunikazi” (IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ensign,” scriptures ChurchofJesusChrist.org). Ngabe iSiyoni—noma iBandla leNkosi—sekube kanjani isibonakaliso kuwena? Cabanga ngalezi zibonelo zezinto ezibanjwa phezulu, njengesibonakaliso, ukubusisa abantu: Numeri 21:6–9; Matewu 5:14–16; Alima 46:11–20. Ngabe lamavesi akufundisani ngokuthi ungalisiza kanjani iBandla ukuthi libe yisibonakaliso lapho ohlala khona? Bheka ezinye izindlela iNkosi echaza ngayo iSiyoni kwi Mfundiso neziVumelwano 64:41–43.

Isithombe
Ukapteni uMoroni

UKapteni uMoroni ePhethe isiBonakaliso seNkululeko, nguGary E. Smith

IMfundiso neziVumelwano 65

“Lungisani nina indlela yeNkosi.”

UMatewu uchaza uJohane uMbhabhadisi njengomunye owakhala, “Lungisani nina indlela yeNkosi” (Matewu 3:3; ubheke futhi ku-Isaya 40:3). Kwi Mfundiso neziVumelwano 65, iNkosi isebenzisa ulimi olufanayo ukuchaza umsebenzi Wayo ezinsukwini zokugcina. Yikuphi okufanayo phakathi kwalokhu uJohane uMbhabhadisi akwenza (bheka ku Matewu 3:1–12) kanye nalokhu iNkosi efuna sikwenze namhlanje? Yikuphi okutholayo kulesi sambulo okukukhuthaza ukuthi usize ukugcwalisa ubuphrofethi esikuqukethe? Cabangisisa izindlela ongenza “ngayo umsebenzi [kaNkulunkulu] omuhle waziwe phakathi kwabantu” (vesi 4).

IMfundiso neziVumelwano 66

INkosi iyayazi imicabango yenhliziyo yami.

Kafushane emva kokungena eBandleni, uWilliam E. McLellin wacela uJoseph Smith ukuthi amembulele intando yaNkulunkulu ngaye. UJoseph wayengazi, kodwa uWilliam wayenemibuzo emihlanu ayethembe ukuthi iNkosi ingayiphendula ngokusebenzisa uMphrofethi Wakhe. Asiyazi ukuthi imibuzo kaWilliam yayithini, kodwa siyazi ukuthi isambulo esiqondiswe kuyena, manje iMfundiso neziVumelwano 66, saphendula umbuzo ngamunye kaWilliam “ngokugcwele nangokugculiseka okuphelele” (“William McLellin’s Five Questions,” Revelations in Context, 138).

Ngesikhathi ufunda isigaba 66, cabanga ngokuthi yikuphi iNkosi eyayikwazi ngoWilliam McLellin kanye nokukhathazeka nenhloso yenhliziyo yakhe. Ngabe iNkosi isiyembule kanjani ukuthi iyakwazi? Uma unesibusiso sobuphathriyakhi, cabanga ukusifunda. Ngesikhathi wenza njalo, uMoya oyiNgcwele ukusiza kanjani ukuqonda isifiso sikaNkulunkulu ngawe?

Bheka futhi ku Saints, 1:138–40; Gospel Topics, “Patriarchal Blessings,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 64:8–10.Ubudlelwane bomndeni bunika amathuba amaningi okufunda ukuxolela. Mhlawumbe amalungu omndeni angakhuluma ngokuthi ukuxolelana kuwubusise kanjani umndeni wenu. Ngabe uMsindisi usisize kanjani ukuthi sixolelane? Ngabe “sihlupheka” kanjani (uvesi 8) uma singabaxoleli abanye?

IMfundiso neziVumelwano 64:33.Ngabe uBaba oseZulwini ufuna umndeni wakho wenzeni ukuqhubeza “umsebenzi Wakhe omuhle”? Mhlawumbe ukuya ethempelini, ukwabelana ngevangeli nomakhelwane, noma ukunqoba ingxabano. Mhlawumbe, ilungu ngalinye lomndeni lingaqoqa izinto izincane, njengamatshe noma izinkinobho noma izicucu zomdlalo wokudida, bese bekusebenzisa ukuchaza “izinto ezincane” esingazenza nsuku zonke [ukubeka] isisekelo somsebenzi omuhle kaNkulunkulu. Njengomndeni, khethani kulezi zinto ezincane okukodwa eningakulungisa kuleli sonto.

IMfundiso neziVumelwano 66:3.Uzokufundisa kanjani ukubaluleka kokuphenduka? Unganikeza ukudla epletini elingahlanzekile kakhulu bese ufunda amazwi eNkosi ewabhekise kuWilliam McLellin: “Nihlanzekile, kodwa hhayi nonke.” Ungaligeza ipleti bese wabelana ngokudla ngesikhathi nixoxisana ngendlela uJesu Kristu enza ngayo ukuthi sihlanzeke ngokomoya.

IMfundiso neziVumelwano 66:10.Umndeni wakho ungasilandela kanjani iseluleko seNkosi “sokubheka ukuthi ningavinjwa,” noma ningathwali kanzima izinto eziningi okumele nizenze? Ungakhuluma ngendaba kaMary noMartha (bheka kuLuka 10:38–42), bese niyaxoxa ngokuthi umndeni wakho ungazingcina kanjani ungavinjwanga izinto ezingelona igugu laphakade.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Help Me, Dear Father,” Children’s Songbook, 99.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Tholakala futhi ufinyeleleke. Ezinye zezikhathi ezinhle zokufundisa ziqala ngemibuzo noma ukukhathazeka ezinhliziyweni zamalungu omndeni. Yekela amalungu omndeni azi ngamazwi akho nangezenzo zakho ukuthi ukulangazelele ukubezwa. (Bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 16.)

Isithombe
Owesifazane oguqile eduze kwaJesu

uXolelwe, nguGreg K. Olsen. Kutholakale imvumo yokusisebenzisa. www.GregOlsen.com

Shicilela