IMfundiso neziVumelwano 2021
Juni 7-13. IMfundiso neziVumelwano 63: “Lokho Okusuka Phezulu Kungcwele”


“Juni 7-13. IMfundiso neziVumelwano 63–11: ‘Lokho Okusuka Phezulu Kungcwele,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Juni 7-13. IMfundiso neziVumelwano 63,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Insimu yaseMissouri

Spring Hill, Daviess County, Missouri (eSpring Hill, esiFundazweni saseDaviess, eMissouri), nguRobinson Oborn

Juni 7-13

IMfundiso neziVumelwano 63

“Lokho Okusuka Phezulu Kungcwele”

Inkosi yathi, “Nifumana uMoya ngokukhuleka” (IMfundiso neziVumelwano 63:64). Cabanga ngokukhulekela ukuthi uMoya uhole ukufunda kwakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Indawo yedolobha leSiyoni yayisikhethiwe. Abaholi beBandla base beyivakashele lendawo futhi bayihlukanisela ukuba ibe yindawo yokubuthana kwabaNgcwele. Ngokomlando kaJoseph Smith, “izwe laseSiyoni manje lase lingelibaluleke kakhulu kunazo zonke izinhloso zasemhlabeni ezazibhekiwe” (IMfundiso neziVumelwano 63, isihloko sesigaba). Kepha imibono ngezwe laseSiyoni yayishayisana. AbaNgcwele abaningi babekulangazelela ukuqala babuthane eMissouri. Ngakolunye uhlangothi, abantu abafana no-Ezra Booth babedumele ngezwe laseSiyoni futhi bakuzwakalisa lokho. Eqinisweni, ngesikhathi uJoseph ebuyela eKirtland ephuma eMissouri, wathola ukuthi ukungezwani kanye nokuhlubuka kwase kungenile eBandleni ngenkathi yena engekho. Isambulo esitholakala kwi Mfundiso neziVumelwano 63 satholakala kukhona lesi simo. Lapha iNkosi yakhuluma ngokuthengwa komhlaba kanye nokuhambiswa kwabaNgcwele baye eMissouri. Kodwa nakuba kwakukhona izidingo ezinjena iNkosi yabakhumbuza yathi: “mina, iNkosi, ngikhuluma izwi lami, futhi lizothotshelwa” (ivesi 5). Izwi Lakhe, intando Yakhe, umyalo Wakhe, konke “[okuvela] phezulu”—akufanele kuphathwe ngokuphika ukulunga noma ngokungaqondwa. “Kungcwele futhi kumele kukhulunywe ngokuqaphela” (ivesi 64).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 63:1–6, 32–37

Intukuthelo yeNkosi yokheleke kwababi nabayivukelayo.

Ngesikhathi lesi sambulo sitholakala, uJoseph Smith wayebhekene nokugxekwa okubi okwakuvela kumalungu amaningi eBandla ayesemphendukele. (bheka kumqulu othi “Ezra Booth and Isaac Morley,” Revelations in Context, 130-36). Ngabe yiziphi izexwayiso ezanikezwa yiNkosi kwi Mfundiso neziVumelwano 63:1-6, 32-37 mayelana “nababi nabangivukelayo” na? Izexwyaiso ezinjena zikhombisa kanjani ukuthi uNkulunkulu unothando na?

IMfundiso neziVumelwano 63:7–12

Izibonakaliso zivela ngokholo nangentando kaNkulunkulu.

Izibonakaliso noma izimangaliso zizodwa azilakhi ukholo olungapheliyo. Ngasekuqaleni konyaka ka-1831 u-Ezra Booth, umfundisi wamaWeseli waseKirtland, wathatha isinqumo sokubhabhadiswa emva kokubona uJoseph Smith ephulukisa ngesimangaliso ingalo yomngani wakhe u-Elsa Johnson.

Kepha, emva kwezinyanga ezimbalwa, uBooth walahlekelwa wukholo lwakhe wase eba nokumgxeka uMphrofethi. Ngabe kwenzeka kanjani lokhu, uma ucabanga ngesimangaliso asibona na? Ake udlinze ngalokhu ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 63:7–12. Ungacabanga futhi ngokuthi kungani abanye abantu bethola izibonakaliso “bengafuneli ukusizakala kwabantu nodumo lwami” (ivesi 12) abanye bazithola “ukuze babekwe icala” (ivesi 11). Ngokwalokhu okufundile, uma ucabanga ngabe iNkosi ifuna ukuthi ucabange ini ngezibonakaliso na?

Bheka futhi uMathewu 16:1–4; uJohane 12:37; uMormoni 9:10–21; u-Etere 12:12, 18.

IMfundiso neziVumelwano 63:13–23

Ubumsulwa buchaza ukuthi ngigcina imicabango kanye nezenzo zami kumsulwa.

Abantu abaningi bayavuma ukuthi ukuphinga akulungile. Kepha kwi Mfundiso neziVumelwano 63:13–19, uMsindisi wakwenza kwacaca ukuthi imicabango yokhanukayo nayo iba nemiphumela emibi ngokomoya. “Kungani ukukhanuka kuyisono esibi kangaka na?” Igosa uJeffery R. Holland wabuza. “Ngaphezulu kokubulala imimoya yethu, ngicabanga ukuthi kuyisono ngoba kungcolisa ubudlelwano obukhulu nobungcwele kunabo bonke uNkulunkulu asinika bona empilweni yasemhlabeni—uthando oluphakathi kowesilisa nowesifazane nesifiso abanaso sokuletha abantwana emndenini okuhloswe ukuba ube ngowaphakade” (“Place No More for the Enemy of My Soul,” kwi Ensign noma iLiahona, ngoMeyi 2010, 44).

Imiphi imiphumela iNkosi eyishoyo kwi Mfundiso neziVumelwano 63:13–19 ezoba khona kulabo abangaphenduki ngemicabango nezenzo ezingemsulwa na? Qaphela izibusiso uMsindisi azethembisayo ku vesi 20 kanye no23 kulabo abathembekile. Ngabe yiziphi izibusiso ozithola empilweni yakho ngokuthobela umthetho wobumsulwa na? Ngabe uMsindisi ukusiza kanjani ukuze uzigcine umsulwa na?

Bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 121:45; uLinda S. Reeves, “Worthy of Our Promised Blessings,” kwi Ensign noma iLiahona, yangoNovemba 2015, 9-11.

Isithombe
owesilisa kanye nowesifazane ngasethempelini

Siyabusiseka ngesikhathi sigcina imicabango yethu kanye nezenzo kumsulwa.

IMfundiso neziVumelwano 63:24-46

INkosi ilawula konke ukuqondene nomoya nokwasempilweni kwabaNgcwele Bakhe.

Emva kokuba iNkosi ikhombe lapho iSiyoni yayizokwakhiwa khona, abaNgcwele base-Ohio babesadinga ukuholwa ngokuphathelene nokuthi babezoluqala nini uhambo nokuthi babezoyithathaphi imali yokuthenga umhlaba. Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 63:24–46, bheka ukuholwa ngokomoya nangokwezinto zasempilweni iNkosi eyakunika mayelana neSiyoni. Ngabe wena iNkosi ikuhola kanjani ngokomoya nangokwezidingo zakho zasempilweni na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 63:7-12.Indaba ka-Ezra Booth eshiya iBandla yize abona u-Elsa Johnson elashwa (bheka lendaba ebhalwe kafushane esigabeni “Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele” kanye nemidwebo ehambisana nalolu hlelo) ingase isuse ingxoxo ngezimangaliso. Mhlawumbe amalungu omndeni wakho angakhuluma ngezimangaliso eseziqinise ukholo lwabo, kubandakanya nalokho okubonwe ngumndeni wakho noma abanye emlandweni womndeni. Balusebenzisa kanjani ukholo obeludingeka ukuze babone izimangaliso na? Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 63:7-12 ngobudlelwane phakathi kokholo kanye nezimangaliso na?

IMfundiso neziVumelwano 63:13-19.Singazivikela kanjani ezintweni ezingalungile, kubandakanya nokubuka imikhuba? (Maningi amasu okufundisa umndeni wakho ongawathola kulomthombo AddressingPornography.ChurchofJesusChrist.org.) Yiziphi izibusiso zokuphila umthetho wobumsulwa na?

IMfundiso neziVumelwano 63:23.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ukuthi uqonde ukuthi “izimfihlakalo zombuso,” noma amaqiniso evangeli “anjengomthombo wamanzi aphilayo na”? Isibonelo, ungaya emthonjeni noma emfuleni oseduze (noma ungakhombisa isithombe noma i-vidiyo yokukodwa kwalokhu). Amaqiniso evangeli afana kanjani namanzi?

IMfundiso neziVumelwano 63:58.Yiziphi izexwayiso esizithola kwi Mfundiso neZivumelwano 20:13? Yiziphi izexwayiso esizizwa kubaholi beBandla namhlanje na?

IMfundiso neziVumelwano 63:58-64.Khombisa umndeni wakho igugu elithandekayo lomndeni. Ngabe leligugu siliphatha kanjani ngokwehlukile kunezinye izinto ezingabalulekile na? Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 63:58–64 ngokuthi singenza njani ukuhlonipha izinto ezingcwele?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary

Iculo elingaculwa: “Reverance Is Love,” Children’s Songbook, 31.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Kuphile lokho okufundayo. “Ngesikhathi uzwa ukujabula okuvela olwazini lwevangeli, ungathanda ukukwenza lokho okufundile. Lwela ukuphila ngokuvumelana nalokho okwaziyo. Ukwenza njalo kuzoqinisa ukholo lwakho, ulwazi kanye nobufakazi” (Preach My Gospel,19).

Isithombe
UJoseph Smith ebambe isandla sowesifazane

Ukulashwa kweHlombe lika-Elsa Johnson, nguSam Lawlor

Shicilela