“Juni 21–27. IMfundiso neZivumelwano 67–70: “Zibaluleke … Njengengcebo Yomhlaba Wonke,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neZivumelwano 2021 (2020)
“Juni 21–27. IMfundiso neziVumelwano 67-70,” Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni: 2021
Juni 21–27
IMfundiso neziVumelwano 67–70
IMfundiso neziVumelwano 67–70: “Zibaluleke … Njengengcebo Yomhlaba Wonke”
Yize izambulo eziningi zeMfundiso neziVumelwano zazibhekiswe ngqo kubantu abathile ababesezimweni ezithile, “zinenzuzo kubo bonke” (“Ubufakazi babaPhostoli abayiShumi namBili ngobuQiniso beNcwadi yeMfundiso neziVumelwano,” isandulelo seMfundiso neziVumelwano). Ngesikhathi ufunda, bheka amaqiniso nemigomo ozozuza ngayo.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Kusukela ngonyaka ka-1828 kuya koka-1831, uMphrofethi uJoseph Smith wathola izambulo eziningi ezivela eNkosini, kubandakanya nezeluleko ezivela kuNkulunkulu ezaziqondene nabantu abathile, imiyalo yokuphatha iBandla, kanye nemibono eyayikhuthaza yezinsuku zokugcina. Kepha abaningi babaNgcwele babengakazifundi. Izambulo zazingakakhishwa, futhi amakhophi ambalwa ayetholakala ayebhalwe ngesandla emaphepheni ayesakazwa phakathi kwamalungu eBandla futhi ayephathwa ngabefundisi bevangeli.
Kwase kuthi ngoNovemba ka-1831, uJoseph wabiza umkhandlu wabaholi beBandla ukuzokhuluma ngokukhishwa kwalezi zambulo. Emva kokufuna intando yeNkosi, labaholi benza izinhlelo zokukhipha Incwadi yemiYalelo––eyaba yisandulela seMfundiso neziVumelwano esikhona manje. Maduzane wonke umuntu wayezobe esekwazi ukuzifundela izwi uNkulunkulu alembula ngomphrofethi ophilayo, ubufakazi obubonakalayo bokuthi “izikhiye zezimfihlakalo zombuso woMsindisi wethu seziphinde zaphathiswa abantu futhi.” Ngalezi zizathu nezinye eziningi, abaNgcwele bangaleso sikhathi kanye nabamanje bacabanga ukuthi lezi zambulo “zibaluleke … njengengcebo yomhlaba wonke” (IMfundiso neziVumelwano 70, isihloko sesigaba).
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
IMfundiso neziVumelwano 67:1–9; 68:3–6
UNkulunkulu uyazisekela izinceku Zakhe namazwi eziwakhuluma egameni Lakhe.
Ukuthatha isinqumo sokukhipha izambulo ezatholwa nguJoseph Smith kubukeka sengathi kulula, kepha abanye abaholi beBandla bokuqala babengaqinisekile ukuthi kwakuwumqondo omuhle lowo. Enye yezinto ezazikhathaza kwakuwulimi olwalunamaphutha olwalusetshenziswa nguJoseph Smith ukubhala lezi izambulo. Isambulo kwi sigaba 67 safika ephendula leso sikhalazo. Yikuphi okufundayo ngabaphrofethi nesambulo emavesini 1–9 na? Ngabe yiluphi olunye ulwazi olufihlekileyo oluthola kwisigaba 68:3–6 na?
IMfundiso neziVumelwano 68:1-8
Intshisekelo yoMoya oNgcwele itshengisa intando yeNkosi.
Amagama akulamavesi ayekhulunywe ngesikhathi u-Orson Hyde kanye nabanye bebizwa “ukuba bashumayele ivangeli laphakade, ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kubantu ngabantu, futhi kumazwe nangamzwe” (ivesi 1). Ngabe okushiwo evesini 4 kungamsiza kanjani umuntu othunywa ukuba ayoshumayela ivangeli na? Kuwe lamagama ngabe asho ukuthini na? Cabanga ngesikhathi lapho “wawuholwe uMoya oNgcwele” (ivesi 3) ukusho noma ukwenza into ethize. Yikuphi okutholayo kulamavesi okungakwenza ube nethemba lokulandela okunyenyezelwa nguMoya kuwe na?
IMfundiso neziVumelwano 68:25–28
Abazali banomthwalo wokuba bafundise abantwana babo ivangeli.
Udadewethu uJoy D. Jones, uMongameli oneGunya eliKhulu eBandleni Lonke eNhlanganweni Yabantwana, wafundisa, wathi, ”[U]khiye wokusiza abantwana bakwazi ukumelana nesono ukuqala ukubafaka ngothando izimfundiso nemigomo okuyisisekelo sevangeli––okuvela emibhalweni engcwele, Imibhalo Yokholo, incwajana For the Strength of Youth, amaculo eNhlangano Yabantwana, amahubo, kanye nobufakazi bethu uqobo––konke okuzoholela abantwana kuMsindisi” (“A Sin-Resistant Generation,” kwi-Ensign noma iLiahona, ngoMeyi 2017, 88).
Ngokwe Mfundiso neziVumelwano 68:25–25, yikuphi okunye “okuyizimfundiso eziyisisekelo zevangeli” okwashiwo ngudadewethu uJones abazali okufanele bakufundise abantwana babo na? Kungani lomthwalo obalulekile unikwa abazali na? Yini ongayisho kumzali ozizwa ehluleka ukufundisa abantwana bakhe lezi zinto na?
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
IMfundiso neziVumelwano 67:10–14.Ngabe umona, ukwesaba kanye nokuzazisa kusivimba kanjani ukuba sisondelane neNkosi na? Kungani “umuntu wemvelo” angeke akumela ukuba phambi kukaNkulunkulu na? (ivesi 12; bheka futhi uMosiya 3:19). Ngabe yikuphi esikuthola kulamavesi okusikhuthazayo ukuba “[si]qhubeke nokubekezela [si]ze [si]phelelisiwe”? (ivesi 13).
-
IMfundiso neziVumelwano 68:3–4.Amalungu omndeni wakho angabelana ngezinto azibonile ezimpilweni zawo eziqinise ukholo lwawo ngokuthi amazwi ezinceku zeNkosi “ayintando yeNkosi,” “wumqondo weNkosi,” futhi “amandla kaNkulunkulu aletha isindiso” (ivesi 4). Noma angabheka umyalezo womhlangano omkhulu osanda kudlula ongasiza umndeni wakho ngesimo obhekene naso.
-
IMfundiso neziVumelwano 68:25–35.Lamavesi aqukethe iseluleko esibalulekile “kubahlali baseSiyoni” (ivesi 26). Yikuphi esikhuthalela ukukwenza kangcono emva kokufunda lamavesi? Kungajabulisa ukwenza izithombe ezikhombisa eminye yalemigomo kulamavesi futhi nizifihle ndawana thizeni ekhaya. Bese kuthi, ezinsukwini ezizayo uma kukhona othola esinye sezithombe, ningasebenzisa lelo thuba ukufundisa ngalowo mgomo. Kungani ikhaya kuyindawo enhle yokuthi abantwana bafunde lezi zinto na?
-
IMfundiso neziVumelwano 69:1–2.U-Oliver Cowdery wathunyelwa eMissouri namakhophi abhalwe izambulo zoMphrofethi ezazizogaywa, kanye nemali yokusiza ukwakha iBandla lapho. Ngabe yisiphi iseluleko iNkosi eyasinikeza evesini 1 ngohambo luka Oliver na? Kubalukeke ngani ukuba nabantu “abaneqiniso futhi abathembekile” na? (ivesi 1). Yinini lapho abangani bebe nomthelela osenza ukuthi sithathe izinqumo ezinhle noma ezimbi na? Singaba umthelela omuhle kanjani kwabanye na?
-
IMfundiso neziVumelwano 70:1–4.INkosi yanikeza amagosa athile umsebenzi wokubheka ukukhishwa kwezambulo. Yize singenawo lowo msebenzi, yingamuphi umqondo lapho nathi singathathwa “njengabaphathi bezambulo nemiyalelo” na? (ivesi 3).
Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.
Iculo elingaculwa: “Home Can Be a Heaven on Earth,” Hymns, no. 298.