IMfundiso neziVumelwano 2021
Juni 28–Julayi 4. IMfundiso neziVumelwano 71–75: “Asikho Isikhali Esakhelwe Ukuqeda Wena esiyoPhumelela”


“Juni 28–Julayi 4. IMfundiso neziVumelwano 71–75: ‘Asikho Isikhali Esakhelwe Ukuqeda Wena esiyoPhumelela,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Juni 28–Julayi 4. IMfundiso neziVumelwano 71–75,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UJesu nezimvu

Basondelene Nenhliziyo yoMelusi, nguSimon Dewey

Juni 28–Julayi 4

IMfundiso neziVumelwano 71–75

“Asikho Isikhali Esakhelwe Ukuqeda Wena esiyoPhumelela”

IGosa uQuentin L. Cook wafundisa, “Umthelela woMoya oyiNgcwele uvamise ukuhambisana nokufunda izincwadi ezingcwele kanye nomkhuleko uwedwa ekhaya” (“Deep and Lasting Conversion to Heavenly Father and the Lord Jesus Christ,” Ensign noma Liahona, Nov. 2018, 10).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kusukela esangumfanyana, uJoseph Smith wayebhekana nokugxekwa—ngisho nezitha—ngesikhathi ezama ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Kepha kufanele ukuthi kwakukhathaza kakhulu ekupheleni konyaka ka-1831 ngesikhathi u-Ezra Booth eqala ukuhleka iBandla emphakathini, ngoba kulelicala umgxeki wayelikholwa elingasalihambi isonto. U-Ezra wayembonile uJoseph esebenzisa amandla kaNkulunkulu ukuphilisa owesifazane. Wayemenywe ukuba aphelezele uJoseph kucwaningo lokuqala lomhlaba weSiyoni eMissouri. Kodwa wayeselahlekelwe wukholo lwakhe futhi, ekuzameni ukuhlambalaza uMphrofethi, washicilela uchungechunge lwezincwadi kwiphephandaba lase-Ohio. Imizamo yakhe yayibonakala isebenza: “imizwa engenamusa … ephikisana neBandla yayisithuthukisiwe” endaweni )IMfundiso neziVumelwano 71, isihloko sesigaba). Amakholwa angenzenjani ezimweni ezinjengalezi? Ngesikhathi kungekho ngisho neyodwa impendulo elungile yasona sonke isimo, kubukeka kujwayelekile—kubalwa khona isimo sangonyaka ka-1831—ingxenye yempendulo yeNkosi ukuvikela iqiniso nokulungisa amanga ngoku “memezela ivangeli” (uvesi 1). Yebo, umsebenzi weNkosi uyohlezi unabagxekayo, kodwa ekugcineni, “asikho isikhali esakhelwe ukuliqeda esiyophumelela” (uvesi 9).

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

iMfundiso neziVumelwano 71

INkosi izobabopha abagxeki bomsebenzi Wakhe ngesikhathi Sakhe.

Singathinteka uma sizwa abantu begxeka noma behleka iBandla noma abaholi balo, ikakhulukazi uma sesaba ukuthi abantu esibaziyo nesibathandayo bazotheleleka ngalokho kugxeka. Ngesikhathi into efanayo yenzeka e-Ohio ngonyaka ka-1831 (bheka isihloko sesigaba kwiMfundiso neziVumelwano 71), umyalezo weNkosi kuJoseph Smith noSidney Rigdon kwakuyilowo wokholo, hhayi ukwesaba. Ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 71, yikuphi okutholayo ukwakha ukholo lwakho eNkosini nasemsebenzini Wayo na? Yikuphi okukuchazayo mayelana nomyalezo iNkosi eyawunika abasebenzi Bayo kulesi simo?

­

IMfundiso neziVumelwano 72

OBhishobhi bangabaphathi bazo zonke izindaba zomoya nezasemhlabeni embusweni weNkosi.

Ngesikhathi uNewel K. Whitney ebizelwa ukuba asize njengobhishobhi wesibili eBandleni, imisebenzi yakhe yayihluke kancane kunale ababhishobhi bamanje abayenzayo. Isibonelo, uBhisobhi uWhitney wayebhekane nokunikelelwa kwempahla kanye nemvume yokuhlala eMissouri, emhlabeni weSiyoni. Kodwa ngesikhathi ufunda mayelana nobizo nemisebenzi yakhe kwi Mfundiso neziVumelwano 72, ungabona ukuxhumana nalokhu okwenziwa obhishobhi namhlanje—kodwa ke ngokomoya, uma kungekona okuqondene, nomsebenzi wabo. Isibonelo, iyiphi indlela “owusizo ngayo” kubhishobhu wakho? (uvesi 5). Iyiphi indlela ubhishobhi wakho “agcina igumbi lokugcina izinto zeNkosi” futhi akwazi ukulawula iminikelo yamalunga ewadi ngayo? (bheka ku mavesi 10, 12). Ngabe ubhishobhi usekusize kanjani?

Bheka futhi Izihloko zeVangeli, “Bishop,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
imiphongolo namasaka okudla

UNewel K. Whitney wayelawula igumbi lokugcina izinto likabhishobhi.

IMfundiso neziVumelwano 73

Ngingabheka amathuba okwabelana ngevangeli

Emva kokuthi uJoseph Smith noSidney Rigdon babuye emsebenzini wabo omncane wokushumayela ukulungisa omunye womonakalo owawenziwe u-Ezra Booth (bheka IMfundiso neziVumelwano 71), iNkosi yabatshela ukuthi baphindele emsebenzini wokuhumusha iBhayibheli (bheka Bible Dictionary, “Joseph Smith Translation”). Kodwa Yayifuna nokuthi baqhubeke nokushumayela ivangeli. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 73, cabanga ngokuthi ungakwenza kanjani ukushunyayelwa kwevangeli kube yingxenye yento eqhubekayo “ukwenzeka” (uvesi 4)—noma eyenzeka ngeqiniso—empilweni yakho ebalwa kweminye yemisebenzi yakho.

IMfundiso neziVumelwano 75:1-12

INkosi iyababusisa labo abamemezela ivangeli Lakhe ngokukholwa.

Ukuphendula umyalelo wokuthi “hambani bo nina emhlabeni wonke” ukuyoshumayela ivangeli (IMfundiso neziVumelwano 68:8) amagosa anokholo amaningi afuna imininingane eyengeziwe mayelana nokuthi iNkosi yayifuna bawufeza kanjani lo myalelo. Yimaphi amagama nemishwana oyitholayo kwi Mfundiso neziVumelwano 75:1-12 okukusizayo uqonde ukuthi ungalishumayela kanjani ivangeli ngempumelelo? Yiziphi izibusiso iNkosi ezithembisa izithunywa zevangeli ezinokholo? Cabanga ukuthi lemiyalezo nezibusiso zisebenza kanjani kuwena ngesikhathi wabelana ngevangeli.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 71.Ngabe uJoseph Smith noSidney Rigdon babecelwe ukuthi benzeni ngesikhathi abanye babegxeka iBandla kanye nabaholi balo? Ngabe “siyilungiselela kanjani indlela” yabantu ukuthi bathole izambulo zikaNkulunkulu? (IMfundiso neziVumelwano 71:4).

IMfundiso neziVumelwano 72:2.Ngabe ababhishobhi bayibusise kanjani imindeni yethu? Yikuphi esakucelwa ubhishobhi wethu ukuthi sikwenze, futhi singameseka kanjani? Mhlawumbe umndeni wakho ungenza ikhadi ukubonga ubhishobhi ngomsebenzi wakhe.

IMfundiso neziVumelwano 73:3-4.Umndeni wakho ungazuza na ekufundeni mayelana neBhayibheli eliHumushwe uJoseph Smith na? (bheka iBible Dictionary, “Joseph Smith Translation”). Ungahlola imishwana emincane ebukeziwe emHumushweni kaJoseph Smith bese niyaxoxisana ngamaqiniso amahle iNkosi ewaveze kuMphrofethi. Ezinye izibonelo, bheka umHumusho kaJoseph Smith waGenesisi 14:25-40 kanye noGenesisi 50:24-38 kwisithasiselo seBhayibheli; imibhalo ephansi ku Matewu 4:1-11; kanye NgokukaLuka 2:46, umbhalo ophansi c.

IMfundiso neziVumelwano 74:7.Ngabe leli vesi lifundisani mayelana noJesu Kristu nabantwana abancane na?

IMfundiso neziVumelwano 75:3–5, 13, 16.Ungasiza umndeni wakho uqonde ukuthi iNkosi ifuna siyisebenzele kanjani ngokukhuluma ngokuhlukile phakathi “kokungenzi lutho” kanye “nokusebenza ngamandla akho wonke.” Mhlawumbe ungakhetha eminye yemisebenzi yasendlini bese umema amalunga omndeni ukuthi atshengise ukwenza leyo misebenzi ngobuvila baphinde bayenze ngenhliziyo yabo yonke. Singayisebenzela kanjani iNkosi ngamandla ethu onke? Ngokwe Mfundiso neziVumelwano 75:3-5, 13, 16,yikuphi Akuthembisa izithunywa Zakhe ezinokholo?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Let Us All Press On,” Hymns, no. 243.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka amagama nemishwana ekukhuthazayo. Ngesikhathi ufunda, uMoya ungaletha amagama noma imishwana ethize ukuthi uyiqaphele. Cabanga ukwenza umbhalo wamagama noma wemishwana kwi Mfundiso neziVumelwano 71-75 ekugqugquzelayo.

Isithombe
Indoda encane nomholi wobuPhristi

Umfanekiso wendoda encane nomholi wobuphristi wenziwe nguD. Keith Larson

Shicilela