IMfundiso neziVumelwano 2021
Julayi 12-18. IMfundiso neziVumelwano 77–80: “Ngizonihola Phambili”


“Julayi 12-18. IMfundiso neziVumelwano 77–80: ‘Ngizonihola Phambili,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Julayi 12-18. IMfundiso neziVumelwano 77–80,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
izimvu zilandela uJesu

Ukuya Ekhaya, nguYongsun Kim

Julayi 12-18

IMfundiso neziVumelwano 77–80

“Ngizonihola Phambili”

INkosi yatshela uJoseph Smith ukuthi iyo “khuluma ezindlebeni [zakhe] amazwi okuhlakanipha” (IMfundiso neziVumelwano 78:2). Yimaphi amagama okuhlakanipha owathola ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 77-80 na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kungakapheli iminyaka embili emva kokubuyiselwa kweBandla likaJesu Kristu, lase likhule laba namalungu angaphezu kwezi-2000 futhi lalikhula ngokushesha. NgoMashi ngonyaka ka-1832 uJoseph Smith wahlangana nabanye abaholi beBandla “ukukhuluma ngebhizinisi leBandla”: isidingo sokukhipha izambulo, ukuthenga umhlaba okuzohlanganelwa kuwo, futhi nokunakekela abampofu (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 78, isihloko sesigaba). Ukuhlangabezana nalezi zidingo, iNkosi yabiza abaholi abambalwa beBandla ukuthi bakhe iNkampani yoBumbano, eyayizohlanganisa imizamo “ukuqhuba inhloso” yeNkosi (ivesi 4) kulezi zindawo. Kepha ngisho nasezindabeni zokuphatha, iNkosi yayigxila ezintweni zaphakade. Ekugcineni, inhloso yokuba kube khona umshini wokugaya noma indlu yokugcina izimpahla—njengakho konke okukhona embusweni kaNkulunkulu—wukulungiselela abantwana Bakhe ukuba bathole “indawo ezweni lesilestiyali” kanye “nengcebo yaphakade” (amavesi 7, 18). Futhi uma lezo zibusiso kunzima ukuziqonda manje, phakathi nobuphithiphithi bempilo yansuku zonke, Uyasiqinisekisa ukuthi, “[masibe] nenjabulo, ngokuba ngizonihola phambili” (ivesi 18).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 77

UNkulunkulu wembula izimfihlo zakhe kulabo abafisa ukuzazi.

Emva kweminyaka eyishumi nambili emveni koMbono wokuQala, isimemo ku Jakobe 1:5 soku “cela kuNkulunkulu” saqhubeka ukuhola uJoseph Smith njalo uma ayeswele ukuhlakanipha. Ngesikhathi yena beno Sidney Rigdon benemibuzo mayelana nencwadi yeZambulo ngesikhathi behumusha iBhayibheli ngokuyalelwa nguMoya, ngokujwayelekile uJoseph wafuna ukuhlakanipha kuNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 77, cabanga ngokubhala ulwazi olufihlekile olutholayo isahluko nesahluko encwadini yeZambulo.

Phezu kwalokho, dlinza ngokuthi ungasilandela kanjani isibonelo sikaMphrofethi uJoseph ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele. Ungambuza uBaba oseZulwini ukuthi, “Yini okumele ngiyiqondisise na?”

Isithombe
uJoseph Smith noSidney Rigdon befunda

Ukuhunyushwa kweBhayibheli, nguLiz Lemon Swindle

IMfundiso neziVumelwano 78

Ngabe kwakuyini iNkampani yoBumbano na?

INkampani yoBumbano yasungulwa ngenhloso yokubhekana nezidingo zokukhipha izincwadi nezindaba zebhizinisi zeBandla e-Ohio naseMissouri. Kuyo kwakukhona uJoseph Smith, uNewel K. Whitney, kanye nabanye abaholi beBandla abahlanganisa amasu abo ukuze kufezeke izidingo zeBandla elikhulayo. Ngeshwa iNkampani yoBumbano yaba nezikweletu futhi yachithwa ngonyaka ka-1834 ngesikhathi izikweletu zingasalawuleki.

­

IMfundiso neziVumelwano 78:1-7

Ngingasiza “ukuqhuba inhloso” yeBandla.

INkosi yatshela uJoseph Smith nabanye abaholi beBandla ukuthi ukuphatha indlu yokubeka izimpahla kanye neyokugaya izincwadi kuzosiza “ukuqhuba inhloso, enizinikele kuyo” (IMfundiso neZivumelwano 78:4). Ungathi yini “inhloso” yeBandla na? Ake ucabange ngalokhu ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 78:1-7. Mhlawumbe ukucabanga ngalamavesi kungaba nethonya kuwe endleleni ofeza ngayo ubizo lwakho eBandleni noma ekusizeni umndeni wakho. Ukusiza kwakho kungayi “qhuba [kanjani] inhloso” yeNkosi na? Ngabe lokho kukulungiselela kanjani ukuba ube “nendawo ezweni lesilestiyali” na? (ivesi 7).

IMfundiso neziVumelwano 78:17–22

INkosi izongihola phambili.

Uke uzizwe sengathi ungumntwana osemncane, mhlawumbe ngenxa yento “ongakayiqondi okwamanje” noma “ongakwazi ukuyibekezelela” na? IMfundiso neziVumelwano 78:17–18. Bheka iseluleko kulamavesi esingakusiza “ube nenjabulo” (ivesi 18) esikhathini ezinjenga lezo. Uma ucabanga yingani iNkosi kwesinye isikhathi ibiza abalandeli Bayo “ngabantwana abancane” na? (ivesi 17). Ungacabanga futhi nangokuthi iNkosi ingabe “ikuhola [kanjani] phambili” (ivesi 18).

IMfundiso neziVumelwano 79–80

Ubizo lokusebenzela uNkulunkulu lubaluleke kakhulu kunalapho ngisebenzela khona.

Mayelana ne Mfundiso neziVumelwano 80, Igosa uDavid A. Bednar wasifundisa wathi, “Mhlawumbe enye yezifundo uMsindisi asifundisa yona kulesi sambulo wukuthi ukunikwa umsebenzi endaweni ethile kuyadingeka futhi kubalulekile kodwa akubalulekile njengokubizelwa emsebenzini uqobo” (“Called to the Work,” kwi Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2017, 68). Ake ucabange ngobizo lwakho lwamanje noma oselwadlula. Ngabe yikuphi osuke wakubona osekukufundise ukuthi amagama eGosa uBednar ayiqiniso na? Yiziphi ezinye izifundo ongazithola kwi Mfundiso neZivumelwano 79–80 ezingasiza omunye umuntu oqeda kuthola ubizo olusha na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 77:2.Emuva kokufunda leli vesi, amalungu omndeni wakho angadweba izithombe “zezilwane, … nalokho okunwabuzelayo, … [noma] izinyoni zezulu” abazithandayo ezadalwa nguNkulunkulu. Sifundani ngendalo kaNkulunkulu kulamavesi na? (bheka futhi iMfundiso neziVumelwano 59:16–20). Ningacula futhi neculo elikhuluma ngendalo kaNkulunkulu, njengelithi ““My Heavenly Father Loves Me” (Children’s Songbook, 228–29), bese nibeka isithombe esihambisana nalesi sifundo.

IMfundiso neziVumelwano 77:14.Leli vesi liyachaza ukuthi uJohane wadla incwadi eyayimele ukuthunywa kwakhe ukuqoqa abakwa-Israyeli. Ngabe isibonakaliso sokudla siveza ukuthi kufanele siyidlale kanjani indima yethu ekuqoqeni u-Israyeli noma ekwenzeni ezinye izinto iNkosi efuna sizenze na? Nansi eminye imibhalo engcwele lapho khona isenzo sokudla sisetshenziswa ukufundisa ngamaqinso omoya: uJohane 6:48-51; 2 Nefi 32:3; uMoroni 4. Mhlawumbe ungenza isidlo esiyintandokazi emndenini sidliwe ngesikhathi niba nalengxoxo.

IMfundiso neziVumelwano 78:17–19.Amalungu omndeni wakho angadweba izithombe zezibusiso ezivela kuNkulunkulu ababongayo ngazo. Yikuphi esikwenzayo ukukhombisa ukubonga kwethu ngalezi zibusiso na? Ningaxoxa futhi ngokuthi umndeni wakho usilandela kanjani iselulekho sokuthola “izinto zonke ngokubonga” (ivesi 19). Yikuphi lokhu iNkosi ekuthembisayo kulabo abenza njalo na?

IMfundiso neziVumelwano 79:1.Yabelana ngobufakazi bakho “ngamandla” owawathola ngesikhathi ugcotshwa noma uhlukaniselwa ubizo eBandleni. Yiziphi izipho ezithile nokuyalwa nguMoya iNkosi ekubusise ngakho ngesikhathi usebenza na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Count Your Blessings,” hymns, no. 241.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Dweba isithombe. Njengomndeni, ningahle nifunde amavesi ambalwa bese nizinika isikhathi sokuthi amalungu omndeni wakho adwebe okuthile okuhambelana nalokho abakufundile. Zungeza ikhaya lakho ngezithombe ezizonikhumbuza ngemigomo eniyifundile.

Isithombe
ingadi enezilwane

Ingadi kaNkulunkulu nguSam Lawlor

Shicilela