IMfundiso neziVumelwano 2021
Julayi 5–11. IMfundiso neziVumelwano 76: “Uyoba Mkhulu Umvuzo Wabo futhi Iyoba Ngeyaphakade Inkazimulo Yabo”


“Julayi 5–11. IMfundiso neziVumelwano 76: ‘Uyoba Mkhulu Umvuzo Wabo futhi Iyokuba Ngeyaphakade Inkazimulo Yabo,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Julayi 5–11. IMfundiso neziVumelwano 76,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
izinkanyezi emkhathini

Inqaba Yokuphephela nguShaelynn Abel

Julayi 5–11

IMfundiso neziVumelwano 76

“Uyoba Mkhulu Umvuzo Wabo futhi Iyokuba Ngeyaphakade Inkazimulo Yabo”

Kwi sigaba 76, iNkosi iveze ukuthi ikufuna kangakanani ukusambulela iqiniso (bheka amavesi 7-10). Funda imibhalo engcwele ngokukholwa ukuthi uzokwazi futhi uzokwambulela “izinto zikaNkulunkulu” (vesi 12) odinga ukuzazi. Bese ubhala phansi okutholayo “ngesikhathi [use] kuMoya” (amavesi 28, 80, 113).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

“Kuzokwenzekani kimi uma sengifa na?” Cishe zonke izinkolo emhlabeni zikhuluma ngalombuzo ngezindlela ezahlukene. Emakhulwini eminyaka, ngokwejwayelekile amaKristu amaningi, ngokwethembela ezimfundisweni zeBhayibheli, bafundise ngezulu nesihogo, ngeparadesi yalabo abalungile nokuhlushwa kwalabo ababi. Kodwa ngabe abantu bonke emhlabeni bangahlukaniswa ngokuthi kukhona abahle nababi kuphela na? Futhi ngabe igama elithi izulu liqonde ukuthini empeleni? NgoFebruwari ngonyaka ka 1832, uJoseph Smith noSidney Rigdon babefuna ukwazi kabanzi ngaloludaba (bheka IMfundiso neziVumelwano 76, isihloko sesigaba).

Nakanjani kuningi abakuthola. Ngesikhathi besacabanga ngalezi zinto, iNkosi “yathinta amehlo okuqonda [kwabo] futhi avuleka” (ivesi 19). UJoseph and Sidney bathola isambulo esimangalisayo, esibanzi kakhulu, futhi nesikhanyisayo, kangangoba abaNgcwele bagcina besibiza “ngoMbono.” Savula amawindi ezulu futhi sanika abantwana baNkulunkulu ukubuka ububanzi bephakade. Umbono wembula ukuthi izulu likhulu kakhulu futhi libanzi futhi linokuningi kakhulu kunalokhu abantu abaningi ababekucabanga ngaphambilini. UNkulunkulu unomusa kakhulu futhi unokulunga kakhulu kunalokhu esikwaziyo. Futhi abantwana baNkulunkulu lokho abadalelwe kona kwaphakade kukhazimula kakhulu kunalokho esingakucabanga.

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 76

Insindiso iza ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Ngesikhathi uWilford Woodruff efunda umbono ochazwe kwi sigaba 76, wathi, “Ngazizwa ngiyithanda iNkosi kakhulu kunakuqala empilweni yami” (bheka “Amazwi Okubuyiselwa” emva kwalesi sifundo). Mhlawumbe nawe ube nemizwa efanayo ngesikhathi ufunda lesambulo. Vele, izibusiso zenkazimulo ezichazwe kwi sigaba 76 bezingeke zitholakale ngaphanhle kukaMsindisi. Mhlawumbe ungabheka ivesi ngalinye kwi sigaba 76 elikhuluma ngeNkosi uJesu Kristu. Ngabe lamavesi akufundisani Ngaye nangendima Yakhe kwisu likaNkulunkulu na? Anamuphi umthelela kuwe ngendlela ozizwa ngayo Ngaye na? Ngesikhathi ufunda futhi uzindla, kukhona ongakuthola mayelana nendlela “[ongemukela] ngayo ubufakazi ngoJesu” futhi ube “uqine” kubo (amavesi 51, 79).

IMfundiso neziVumelwano 76:39-44, 50-112

UNkulunkulu ufisa ukusindisa “yonke imisebenzi yezandla zakhe.”

Abanye abantu, okubalwa kubo namalungu okuqala eBandla, babewuphikisa umbono kwi sigaba 76 ngoba wawufundisa ukuthi cishe wonke umuntu uyosindiswa futhi uyothola izinga elithile lenkazimulo Ukuphikisa kwabo kwakwenziwa, phakathi kokunye, wukungaqondi ngoNkulunkulu nobudlelwane Bakhe nathi. Ngesikhathi ufunda lesi sambulo, yikuphi okufundayo ngesimilo sikaNkulunkulu nangesu Lakhe labantwana Bakhe na?

Ake ucabange ngomehluko phakathi kokusindiswa (ekufeni komzimba nomoya; bheka amavesi 39, 43-44) nokuphakanyiswa (ukuhlala noNkulunkulu nokufana Naye; bheka amavesi 50-70).

Bheka futhi NgokukaJohane 3:16–17; IMfundiso neziVumelwano 132:20–25.

IMfundiso neziVumelwano 76:50-70, 92-95

UBaba oseZulwini ufuna ngithole impilo yaphakade embusweni wesilestiyali.

Ngabe wake wazibuza—noma wake wakhathazeka—ngokuthi ngabe uzofaneleka yini noma cha ukungena embusweni wesilestiyali na? Ngesikhathi ufunda incazelo yalabo abazothola lenkazimulo (bheka amavesi 50–70, 92–95), kunokuthi ubheke uhla lwezinto okumele uzenze, bheka ukuthi uNkulunkulu usenzeni—nokuthi wenzani manje—ukukusiza ufane Naye. Ngabe ukufunda umbono ngalendlela kuyithinta kanjani imizwa yakho mayelana nemizamo yakho na?

Ungacabanga futhi ngokuthi kuyisibusiso esikhulu kangakanani ukwazi lemininingwane mayelana nombuso wesilestiyali. Ngabe umbono wenkazimulo yesilestiyali uyithinta kanjani indlela obona ngayo nofuna ukuphila ngayo impilo yakho yansuku zonke na?

Bheka futhi uMose 1:39. ­ ­

Isithombe
igumbi ekhaya ngezikhathi zeminyaka yekhulu neshumi nesishiyagalolunye

UJoseph Smith wabona umbono wamazinga enkazimulo kuleli gumbi.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 76:22–24, 50–52, 78–79, 81–82.Yikuphi esikufundayo kulamavesi mayelana nokubaluleka kobufakazi bethu na? Iyiphi indima edlalwa wubufakazi bethu kulokho esidalelwe kona ingunaphakade na? Kungasiza ukubheka izincazelo zegama elithi ukuqina ukuxoxisana ngokuthi ungakwenza kanjani ukuthi “uqine ebufakazini bukaJesu” (ivesi 79. Iculo eningalicula: “I Will Be Valiant,” (Children’s Songbook, 162).

IMfundiso neziVumelwano 76:24.Umndeni wakho kungenzeka ububone ubudlelwano phakathi kwamaqiniso kwi sigaba 76 nalawo afundiswa esihlabelelweni “I Am a Child of God” (Children’s Songbook, 2-3); elinye lalamaqiniso litholakala kwiMfundiso neziVumelwano 76:24. Umhlaba ungahluka kanjani uma wonke umuntu engaqonda ukuthi sonke singabantwana bakaNkulunkulu? Ngabe leliqiniso liyithinta kanjani indlela ophatha ngayo abanye abantu na? Mhlawube ukubuka izithombe zamadodana namadodakazi kaNkulunkulu ezizwe zonke emhlabeni kungawusiza umndeni wakho ucabangisise ngalombuzo. ­

Cabanga ngokucula iculo elithi “I Am a Child of God” ndawonye futhi nibheke ukuxhumana kwezimfundiso kwi sigaba 76 (bheka, isibonelo, amavesi 12, 62, 96).

IMfundiso neziVumelwano 76:40-41.Uma singafingqa “izindaba ezimnandi” (uvesi 40), noma izindaba ezinhle, kulamavesi kwiphephandaba noma ezinkundleni zokuxhumana, singathini? Ngabe yiziphi ezinye izindaba ezimnandi esizitholayo kwi sigaba 76na?

IMfundiso neziVumelwano 76:50-70.Uzowusiza kanjani umndeni wakho ukulindela nokulungiselela impilo yaphakade embusweni wesilestiyali? Ningasebenzisana ukuthola izithombe, imibhalo engcwele, nezimfundiso zobaphrofethi ezihambisana nalemishwana kwi Mfundiso neziVumelwano 76:50-70 Ungazithola zonke lezi zinto emaphephabhukwini eBandla, ku ChurchofJesusChrist.org, noma kwizinezezelo emibhalweni ezingcwele. Ningabe seniqoqa lezi zithombe, imibhalo engcwele, nezimfundiso nikubeke oqwembeni olukhulu lwephepha elingakhumbuza umndeni wakho ngezinjongo zenu zaphakade.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Know That My Redeemer Lives,” Hymns, no 136.

Isithombe
uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa: Ubufakazi “boMbono”

uWilford Woodruff

UWilford Woodruff wangena eBandleni ngoDisemba ngonyaka ka 1833, cishe eminyakeni emibili emva kokuthi uJoseph Smith noSidney Rigdon bethole umbono obhawe kwi Mfundiso neziVumelwano 76. Wayehlala eNew York ngaleso sikhathi futhi wafunda ngalo “Mbono” ngesikhathi efundiswa ngabefundisi beBandla kuleyo ndawo. Eminyakeni yakamuva wakhuluma ngemizwa yakhe ngalesi sambulo:

“Ngafundiswa ngisemncane ukuthi kwakukhona iZulu elilodwa neSihogo esisodwa, futhi ngatshelwa ukuthi bonke ababi bayothola isijeziso esisodwa nabalungileyo bayothola inkazimulo eyodwa. …

“… Ngesikhathi ngifunda lombono … , wakhanyisa ingqondo yami wanginika injabulo enkulu, kwaba sobala kimi ukuthi uNkulunkulu owembula lemfundiso wayehlakaniphile, eqotho futhi eneqiniso, enesimilo esihle kakhulu nolwazi, Ngezwa ukuthi wayehambisana nothando, umusa, ukulunga nokwahlulela, ngezwa ngiyithanda iNkosi kakhulu kunakuqala empilweni yami.”1

“Umbono yisambulo esinika ukukhanya, iqiniso nemfundiso kunazo zonke izambulo ezikhona kwezinye izincwadi esake sazifunda. Wenza sisicacele kahle isimo sethu samanje, lapho esivela khona, kungani silapha, futhi nokuthi siyakuphi. Wonke umuntu angazi kahle ngenxa yalesi sambulo ukuthi isimo sakhe sizoba njani.”2

“Ngaphambi kokubona uJoseph ngathi anginendaba nokuthi ungakanani ngobudala noma mncane kangakanani, ngangingenandaba nokuthi ubukeka kanjani—noma izinwele zakhe zazizinde noma zimfushane, indoda eyaletha a lo mbono yayingumphrofethi kaNkulunkulu kwaphela. I knew it for myself.”3

uPhebe Crosby Peck

Ngesikhathi uPhebe Peck ezwa uJoseph noSidney befundisa “uMbono,” wayehlala eMissouri ekhulisa abantwana abahlanu eyedwa. Umbono wamhlaba umxhwele wamkhuthaza nokuthi aze abhale lokhu okulandelayo ukwabelana ngokuthi yikuphi akufunda nomndeni wakhe nezihlobo:

“INkosi yembula izimfihlakalo zoMbuso wezulu kuBantwana bakhe. … UJoseph Smith noSidney Rigdon basivakashela ngentwasahlobo edlule, futhi ukuhlangana kwethu kwaba yinjabulo ngesikhathi belapha, futhi ziningi izimfihlakalo abasivezela zona, okwanginika induduzo kakhulu. Singakubona ukuzehlisa kukaNkulunkulu ngesikhathi elungisa izindlu eziningi zokuthula zabantwana bakhe. Futhi lowo ongalemukeli ivangeli elipheleleyo futhi ame njengesosha eliqinile emsebenzini kaKristu akakwazi ukuhlala lapho kukhona khona uBaba neNdodana. Kodwa ikhona indawo elungiselwe bonke labo abangeke bakwemukele lokhu, kodwa kuyindawo yenkazimulo engaphansi kunokuhlala embusweni weSilestiyali. Angeke ngizame ukusho okunye mayelana nalezi zinto njengoba manje sezibhaliwe futhi ziya emhlabeni wonke. Mhlawumbe nawe uzoba nethuba lokuzifundela ngokwakho, futhi uma ukwenza lokho, ngiyethemba uzofunda ngenhliziyo enomkhuleko neqaphelayo, ngoba lezi zinto kufanele zaziwe. Futhi ngiyafisa ukuthi uzihlole ngokwakho lezi zinto, ngoba ziyilokho okusilethela injabulo kulomhlaba nasemhlabeni ozayo.”4

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Remarks,” Deseret News, Meyi 27, 1857, 91.

  2. Deseret News, Agasti. 3, 1881, 481; bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2004), 120–21.

  3. “Remarks,” Deseret Weekly, Sept. 5, 1891, 322.

  4. uPhebe Crosby Peck letter to Anna Jones Pratt, Aug. 10, 1832, Church History Library, Salt Lake City; spelling and punctuation modernized.

Isithombe
umfanekiso wemibuso emithathu yenkazimulo

Inkazimulo Ngezigaba, nguAnnie Henrie Nader

Shicilela