IMfundiso neziVumelwano 2021
Julayi 19–25. IMfundiso neziVumelwano 81–83: Lapho “Kuphiwe Khona Okuningi, Kufuneka Okuningi”


“Julayi 19–25. IMfundiso neZivumelwano 81–83: Lapho ‘Kuphiwe Khona Okuningi, Kufuneka Okuningi,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neZivumelwano 2021 (2020)

“Julayi 19–25. IMfundiso neziVumelwano 81–83,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UKristu Nensizwa Enothile Ebusayo

UKristu Nensizwa Enothile Ebusayo, nguHeinrich Hofmann

Julayi 19–25

IMfundiso neziVumelwano 81–83

Lapho “Kuphiwe Khona Okuningi, Kufuneka Okuningi”

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neZivumelwano 81–83, bhala phansi imigomo engakusiza wenze okuhle emndenini wakho, kubangani bakho, kanye nakwabanye.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

NgoMashi ka-1832, iNkosi yabiza uJesse Gause ukuba abe ngumeluleki kaJoseph Smith kubuMungameli bobuPhristi obuKhulu (manje osebubizwa ngobuMongameli bokuQala). IMfundiso neziVumelwano 81 yisambulo kuMfowethu uGause, simyala obizweni lakhe olusha futhi simthembisa izibusiso ngokusebenza ngokwethembeka. Kepha uJesse Gause akazange asebenze ngokwethembeka. Ngakho ke uFrederick G. Williams wabizwa ukuba angene esikhaleni sakhe, futhi igama lika Mfowethu uGause lasuswa kwafakwa elika Mfowethu uWilliams kulesi sambulo.

Lokhu kungabonakala sengathi kuyinto encane nje, kepha kusho iqiniso elibalulekile: Izambulo eziningi kwi Mfundiso neziVumelwano zibhekiswe kubanti abathize, kepha nathi singakwazi ukuthola izindlela zokuzisebenzisa ezimpilweni zethu (bheka kuNefi 19:23). Iseluleko seNkosi kuFrederick G. Williams soku “qinisa amadolo axegayo” singasenza nathi sicabange ngalabo okudingeka sibaqinise (IMfundiso neZivumelwano 81:5). Iseluleko seNkosi kumalungu eNkampani yoBumbano ukuba “bazibophe ngalesi sivumelwano” ukuze bahlangabezane nezidingo zansuku zonke kungasenza nathi sicabange ngezethu izivumelwano. Futhi nesethembiso seNkosi sokuthi “ngizibophezele uma nenza lokho engikushoyo” kungasikhumbuza ngesethembiso Sakhe kithi uma silalela (IMfundiso neZivumelwano 82:10, 15). Kunjalo, ngoba nayo iNkosi ikushilo ukuthi, “engikusho koyedwa ngikusho kubo bonke” (ivesi 5).

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 81

Ngingathembeka ekwenzeni lokho iNkosi engicela khona.

Ngabe ngesinye isikhathi uke uzibuze ukuthi ungayifeza kanjani imisebenzi ebalulekile empilweni yakho na? Njengomeluleki kuMphrofethi uJoseph Smith, uFrederick G. Williams ngokuqinisekile wayenemisebenzi eminingi ebalulekile. Kwi sigaba 81, iNkosi yamnikeza iseluleko sokuthi angayifeza kanjani. Yikuphi okutholayo kulesi sigaba okungakusiza ufeze imisebenzi oyinikezwe iNkosi na?

Nansi imibuzo ezokusiza ucabange ivesi 5:

  • Yiziphi ezinye zezindlela umuntu angaba “buthakathaka” ngazo? Kusho ukuthini “ukusiza” labo ababuthakathaka?

  • Yini engenza izandla zomuntu ukuthi ngokulinganisa “zilenge” na? Singazi “phakamisa” kanjani lezo zandla na?

  • Ngabe usho ukuthini lomushwana othi “amadolo axegayo” na? Singaba “qinisa” kanjani labo abanamadolo axegayo na?

Mhlawumbe ukufunda leli vesi sekulethe umuntu emqondweni wakho “ongamsiza”, “umphakamise,” noma “umqinise.” Ngabe yini ozoyenza ukusiza lowo muntu na?

Isithombe
USidney Rigdon, uJoseph Smith, uFrederick G. Williams

UbuMongameli bokuQala: uSidney Rigdon, uJoseph Smith, uFrederick G. Williams

IMfundiso neziVumelwano 82:1–7

INkosi ingimema ukuba ngiphenduke futhi ngizishiye izono zami.

Ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 82:1–7, cabanga ukwenza uhlu olubili lwezinto ozifundayo: izexwayiso ngesono kanye namaqiniso mayelana nokuxolelwa. Angakusiza kanjani lamaqiniso ukuthi umelane nezilingo zesitha na?

IMfundiso neziVumelwano 82:8–10

Imiyalelo ingeyensindiso kanye nokungivikela kwami.

Uma wena—noma umuntu omaziyo—senike nazibuza ukuthi kungani iNkosi isinika imiyalelo emining kangaka, IMfundiso neziVumelwano 82:8–10 inganisiza. Yiluphi ulwazi olufihlekileyo kulamavesi olungakusiza ukuthi uchazele umuntu thizeni ukuthi kungani ukhetha ukulandela imiyalelo yeNkosi na? Ake ucabange ukuthi imiyalelo Yakhe isiyishintshe kanjani impilo yakho. Yikuphi okufundayo ngeNkosi ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 82 ivesi 10?

Bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 130:20–21.

IMfundiso neziVumelwano 83

“Abafelokazi nezintandane bayokondliwa.”

Ngo-Ephreli wonyaka ka-1832, njengoba ayeyalwe iNkosi, uJoseph Smith wahamba cishe ibanga elingamakhilomitha angama-800 ukuvakashela abaNgcwele ababeqoqene eMissouri (bheka kwi Mfundiso neZivumelwano 78:9). Komunye umphakathi awuvakashela kwakukhona abafelokazi ababekhulisa abantwana babo bebodwa. Abanye babo kwakunguPhebe Peck kanye no-Anna Rogers, uMphrofethi ayebazi yena uqobo. EMissouri ngonyaka ka-1830, imithetho yezwe yayinikeza umfelokazi amalungelo amancane ngokuphathelene nempahla yomyeni wakhe ongasekho emhlabeni. Ufundani kwi sigaba 83 ngemizwa yeNkosi ngabafelokazi kanye nezintandane na? Ukhona yini omaziyo okulesi simo ongazuza okuthile ngothando nokumkhathalela ongamnika kona na?

Bheka futhi u-Isaya 1:17; uJakobe 1:27.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 81:3.Unganikeza amalunga omndeni wakho izinhliziyo ezenziwe ngephepha ubameme ukuba badwebe noma babhale into abangathanda ukuthi bayikhulekele. Khuluma ngokuthi kusho ukuthini “ukukhuleka njalo ngokuzwakala, nasenhliziyweni yakho.”

IMfundiso neziVumelwano 81:5.Ukuze nifunde ngemigomo ekuleli vesi, mhlawumbe amalungu omndeni wakho angabelana ngezibonelo lapho khona bazizwa “bebuthakathaka” noma “bexega” amadolo kwabakhona umuntu owabasiza noma owabaqinisa. ­ Xoxisanani nomndeni wakho ukuthi ningasizana kanjani njalo ngezindlela ezilula.

IMfundiso neziVumelwano 82:8–10.Mhlawumbe umdlalo olula ungasiza umndeni wakho uzizwe unokubonga ngemiyalelo kaNkulunkulu. Ilunga lomndeni elilodwa linganikeza imiyalo yokusiza ilunga lomndeni elivalwe amehlo ukuthi lenze isamishi noma liphume endleleni enezithiyo. Cabanga ngento ejabulisayo futhi enizenzele yona! Xoxani ngokuthi imiyalelo kaNkulunkulu ifana kanjani nemiyalo ekulomudlalo.

IMfundiso neziVumelwano 82:18–19.Yini engenziwa ilungu lomndeni ngalinye “ukuthuthukisa ithalente lakhe” futhi “nokuthola amanye amathalente” na? Kungajabulisa ukuthi umndeni ube nombukiso wamathalente. Ake ucabange ngezindlela zokubheka amathalente angabonakali kalula (njenge zipho zomoya; bheka IMfundiso neziVumelwano 46:11–26). Singawasebenzisa kanjani amathalente futhi sabelane nezinto esinazo ukubusisa imindeni kanye nomakhelwane bethu na? Kusho ukuthini ukusebenzisa amathalente ethu “ngeso eliqonde udumo lukaNkulunkulu”?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Have I Done Any Good?Hymns, no. 223; bheka futhi “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni.”

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Buza imibuzo eholela ekutheni abantu benze okuthile. Ake ucabange ngemibuzo engenza amalungu omndeni wakho ukuthi acabange ngokuthi angaliphila kanjani ivangeli ngokugcwele. “Lemibuzo akuvamile ukuthi kuxoxwe ngayo; yenzelwe ukuthi umuntu azindle ngayo” (Teaching in the Savior’s Way, 31).

Isithombe
UJesu elapha indoda

Umfanekiso kaJesu elapha indoda wenziwe nguDan Burr

Shicilela