IMfundiso neziVumelwano 2021
Ephreli 5–Ephreli 11. IMfundiso neziVumelwano 30–36: “Nibizelwe Ukushumayela Ivangeli Lami”


“Ephreli 5–Ephreli 11. IMfundiso neziVumelwano 30–36: “Nibizelwe Ukushumayela Ivangeli Lami,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Ephreli 5–Ephreli 11. IMfundiso neziVumelwano 30–36,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
abefundisi beBandla bokuqala

Ephreli 5–Ephreli 11

IMfundiso neziVumelwano 30–36

“Nibizelwe Ukushumayela Ivangeli Lami”

Ngemibhalo engcwele, singakwazi ukubona okufihlakeleyo maqondana nezimo esikuzo. Cela iNkosi ukuba ikusize uthole umyalezo oqondene nawe kwiMfundiso neziVumelwano 30–36.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UParley P. Pratt wayeseyilungu leBandla cishe isikhathi esingangenyanga ngesikhathi ebizelwa “ehlane” ukuba ayoshumayela ivangeli (iMfundiso neziVumelwano 32:2). UThomas B. Marsh yena wayeseyilungu leBandla isikhathi esincane kunaleso ngesikhathi etshelwa ukuthi, “Ihora lomsebenzi wakho lifikile” (iMfundiso neZivumelwano 31:3). U–Orson Pratt, u–Edward Patridge, nabaningi abanye nabo babesanda kubhabhadiswa ngesikhathi bebizelwa kulomsebenzi. Mhlawumbe loluhlelo lwalwenziwa ngenxa yesidingo—ngehlobo langonyaka ka–1830 akekho owabe eseyilungu leBandla isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziyisithupha. Kodwa kukhona isifundo kulesi sifanekiso esiqondene nathi esikhathini sethu: uma wazi okwanele ukuba ulamukele ivangeli elibuyiselwe ngombhabhadiso, wazi okwanele ukuba wazise nabanye. Vele sihlezi sifuna ukwandisa ulwazi esinalo ngevangeli, kodwa uNkulunkulu akakaze angabaze ukubiza “abangafundile” ukuba balishumayele ivangeli Lakhe (iMfundiso neziVumelwano 35:13). Eqinisweni, uyasimema sonke uthi, “vula umlomo wakho ushumayele ivangeli lami” (iMfundiso neziVumelwano 30:5). Futhi lokho asikwenzi ngokuhlakanipha nokwazi kwethu kodwa “ngamandla oMoya” (iMfundiso neziVumelwano 35:13).

Bheka futhi ku “The Faith and Fall of Thomas Marsh,” “Ezra Thayer: From Skeptic to Believer,” “Orson Pratt’s Call to Serve,” Revelations in Context, 54–69.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 30–36

Ngibizelwe ukuba ngilishumayele ivangeli likaJesu Kristu.

Noma ngabe ubizelwe ebufundisini noma cha, iNkosi ifuna wazise abanye ngevangeli Layo, futhi amaningi amagama ayebhekiswe kubefundisi bokuqala bakulesi sikhathi abhekiswe nakuwe futhi. Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 30–36, kubhale phansi okufundayo mayelana nokubizelwa ukushumayela ivangeli. Ungenza uhla lwezinto iNkosi ezicela kubefundisi Bayo (isibonelo, bheka iMfundiso neziVumelwano 30:8) uphinde wenze olunye uhla lwezinto iNkosi ebathembisa zona (isibonelo, bheka iMfundiso neziVumelwano 30:11).

Lamavesi angamkhuthaza kanjani omaziyo osemsebenzini weBandla wokushumayela ivangeli noma olungiselela ukuya khona na? Ngabe yikuphi okukugqugquzelayo ukuba utshele abanye ngevangeli na?

Bheka futhi iMfundiso neziVumelwano 35:13–15; uRussell M. Nelson no Wendy W. Nelson, “Hope of Israel” (ngomhlangano omkhulu wentsha, ngoJuni 3, 2018), HopeofIsrael.ChurchofJesusChrist.org; uSilvia H. Allred, “Go Ye Therefore,” Ensign noma iLiyahona, Nov. 2008, 10–12.

Isithombe
Abefundisi befundisa

Sonke singabefundisi beBandla likaJesu Kristu.

IMfundiso neziVumelwano 31:1–2, 5–6, 9,13

INkosi ingangisiza ngobudlelwano bami nomndeni wami.

Imindeni ngeminyaka yango–1830 yayibhekene nezinkinga ezifanayo nalezo imindeni eminingi yanamhlanje ebhekene nazo. Ngabe yikuphi ukuqondiswa nezethembiso iNkosi eyazinika uThomas B. Marsh mayelana nomndeni wakhe na? Angakusiza kanjani amazwi eNkosi kubudlelwano bakho nomndeni wakho na?

IMfundiso neziVumelwano 32; 35

Ngabe behluleka yini ababethunywe ukuyoshumayela ivangeli kumaLamani na?

Ngesikhathi u–Oliver Cowdery, uPeter Whitmer oMncane, uParley P. Pratt, no Ziba Peterson bethatha uhambo lokuyoshumayela kwabaseNdiya baseMelika entshonalanga neMissouri, babekholwa wukuthi babegcwalisa iziphrofetho ngokufika kwevangeli kumaLamani ngezinsuku zokugcina (isibonelo, bheka ku–1 Nefi 13:34–41; Enoshe 1:11–18). Kodwa kwathi uma kuphela isikhathi somsebenzi wabo, nakuba baba nokuhlangana okuhle nabanye balesi sizwe, abazange babhabhadise noyedwa womNdiya waseMelika. Kodwa babebhabhadise ngaphezu kwekhulu labantu maduze nase Kirtland, e–Ohio, lapho bake bema khona besendleleni eya eMissouri. Phakathi kwalabo abaguquka kwakukhona abaholi bakusasa beBandla, kubalwa noSidney Rigdon, futhi kamuva indawo yase Kirtland yaba yindawo ebalulekile yokuhlanganela yeBandla. Ngabe lokhu okwenzeka kukufundisani wena ngendlela iNkosi efeza ngayo umsebenzi Wayo na?

IMfundiso neziVumelwano 33:12–18

Uma impilo yami ngiyakhela phezu kwevangeli likaMsindisi, angisoze ngawa.

IMfundiso neziVumelwano 33 yayibhekiswe kuNorthrop Sweet naku–Ezra Thayer, ababesanda kuguqukela eBandleni. UNorthrop walishiya iBandla masinyane emva kokunikwa kwalesi sambulo. U–Ezra yena wasebenza ngokwethembeka eBandleni isikhashana, kodwa naye ekugcineni wawa. Leli kungaba yithuba elihle kakhulu lokuba uke uzibheke ukuthi ngabe wakhele ngokuqina kangakanani “phezu kwaleli dwala” levangeli (ivesi 13). Ngabe yimaphi amaqiniso akulamavesi angakusiza ukuba uhlale ngokwethembeka kuMsindisi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufundwa Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 30:2.Ngabe siqhuba kanjani njengomndeni ekutheni sigxile ezintweni zikaNkulunkulu kunokugxila “ezintweni zomhlaba” na?

IMfundiso neziVumelwano 31.Ngesikhathi ufunda ngezethembiso zeNkosi kuThomas B. Marsh, ungakhuluma ngezibusiso esezitholwe ngumndeni wakho ngenxa yomsebenzi wabefundisi wokushumayela ivangeli. Ningacula futhi neculo elihambisana nalesi sifundo, njengaleli elithi “Iʼll Go Where You Want Me To Go” (Hymns, no. 270). Ngabe umndeni wakho ubusiseke kanjani ngokwazisa abanye ngevangeli na?

IMfundiso neziVumelwano 33:7–10.Ngabe yikuphi ukufanekisa iNkosi eyakwenza kulamavesi ichaza ngokwazisa abanye ngevangeli na? Yimiphi eminye imifanekiso noma ukungathekisa umndeni wakho ongacabanga ngakho na? Mhlawumbe lemifanekiso ingawusiza umndeni wakho ukuba ucabange ngezindlela ezithile zokwazisa abanye ivangeli. Lenkulumo ingaholela eswini lokwabelana ngevangeli. Cabangani ngokulingisa ezinye izimo ezinokwenzeka.

IMfundiso neziVumelwano 34:10.Caphuna umushwana evesini 10, bese umema ilunga lomndeni ukuthi lilisholo phansi. Amanye amalungu omndeni bangaqagela ukuthi ngabe yimuphi lowo mushwana owukhethile. Emva kwalokho cela elinye lamalungu omndeni ukuba liwusho lowo mushwana kuzwe wonke umuntu. Lesi senzo ngabe sisisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi yingani iNkosi isiyala ithi “phakamisa iphimbo lakho” na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Hope They Call Me on a Mission,” Children’s Songbook, 169.

Isithombe
uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

Abazalwane Bokuqala

Ngisho nangaphambi kokuba iBandla lihlelwe, iNkosi yathi, “Insimu imhlophe isilungele ukuvunwa” (IMfundiso neziVumelwano 4:4). Lamazwi aba yiqiniso ezinyangeni ezalandela, ngesikhathi abaningi ababefuna iqiniso baholwa nguMoya ukuba balithole iBandla eselibuyiselwe likaJesu Kristu.

Abaningi balaba abazalwane bokuqala babamba iqhaza elikhulu ekubekeni isisekelo sokuBuyiselwa, futhi izindaba zabo zokuguquka zibalulekile kithi namhlanje. Ukholo lwabo yilo nathi esiludingayo ukuze siguqukele evangelini likaJesu Kristu.

U–Abigail Calkins Leonard

Ngesikhathi u–Abigail Calkins Leonard esemaphakathi neminyaka ya-30, waba nesifiso sokuthola ukuxolelwa izono zakhe. Wayevame ukulifunda iBhayibheli, futhi wayevame ukuvakashelwa ngabantu ababevela emabandleni obuKristu, kodwa okwakumdida wukuthi ngabe yini eyayiwenza amabandla ahluke elinye kwelinye. Wathi, “Ngelinye ilanga ekuseni, ngathatha iBhayibheli lami ngaya ehlathini, ngaguqa ngamadolo.” Wakhuleka ngenhliziyo yonke eNkosini. “Masinyane kwedlula umbono phambi kwami,” kusho yena, “kwedlula izinkolo ezahlukene phambi kwami, ngezwa izwi lithi kimi: ‘lezi zinkolo zakhelwe inzuzo.’ Emva kwalokho, ngaphesheya ngangikwazi ukubona ukukhanya okukhulu, ngezwa izwi livela phezulu lithi: ‘Ngizovusa abantu engizothokoza ukubabiza ngabami futhi ngibabusise.’” Kwathi kamuva, u–Abigail wezwa ngeNcwadi kaMormoni. Nakuba wayengakayitholi, wafuna “ukwazi ngobuqiniso balencwadi, ngesipho nangamandla kaMoya oNgcwele,” futhi “masinyane wezwa ukuthi ukhona.” Kwathi uma ekugcineni esekulungele ukuyifunda iNcwadi kaMomoni, wayeseku “lungele ukuyemukela.” Yena nomyeni wakhe, uLyman, babhabhadiswa ngonyaka ka–1831.1

uThomas B. Marsh

Ngesikhathi uThomas B. Marsh eseyinsizwa, walifunda iBhayibheli futhi wangena ebandleni lamaKristu. Kodwa waba nokunganeliseki, kwathi ekugcineni washiya kuwo wonke amabandla. “Nganginesilinganiso somoya wokuphrofetha,” kusho yena, “futhi ngatshela [umholi wenkolo] ukuthi ngangilindele ukuthi kwakuzovela ibandla elisha, elalizobe lineqiniso elimsulwa.” Kungekudala emva kwalokhu, uThomas watshelwa ngumoya ukuba awushiye umuzi wakhe eBoston, eMassachusetts, athathe uhambo oluya entshonalanga. Kwathi esechithe izinyanga ezintathu eNew York esentshonalanga engakutholanga lokho ayekufuna, wabe esethatha uhambo olubheke ekhaya. Kwathi esendleleni, kukhona owesifazane owambuza ukuthi ngabe wayesezwile yini “ngeNcwadi yeGolide eyatholwa ngumfana igama lakhe kuthiwa nguJoseph Smith.” Ekhangwa yilendaba, uThomas wahamba masinyane waya ePalmyra lapho ahlangana khona noMartin Harris esesitolo sokugaya, wafika ngesikhathi kuqeda kuphuma amakhasi okuqala ayishumi nesithupha eNcwadi kaMormoni. UThomas wavunyelwa ukuthatha ikhophi yalawo makhasi ayi–16 wayisa ekhaya kumkakhe, u–Elizabeth. “Wayijabulela kakhulu” incwadi, kukhumbula uThomas, “ekholwa wukuthi ingumsebenzi kaNkulunkulu.” Kamuva uThomas no-Elizabeth bathuthela eNew York nabantwana babo bafike babhabhadiswa lapho.2 (Ukuze uthole olunye ulwazi ngoThomas B. Marsh, bheka kwiMfundiso neziVumelwano 31.)

UParley noThankful Pratt

NjengoThomas Marsh, uParley kanye no Thankful Pratt nabo bezwa benetshisekelo yokuthatha uhambo bashiye ipulazi labo e–Ohio elalinempumelelo ngenhloso yokuyoshumayela ivangeli njengokuliqonda kwabo eBhayibhelini. Ngokusho kukaParley etshela umfowabo, wathi, “Umoya walezi zinto uze ngamandla engqondweni yami kamuva nje kangangoba bengingakwazi ukuphumula.”3 Kwathi uma befika eNew York esempumalanga, uParley wezwa efisa ukuthi ake ahlale okwesikhashana kuleyo ndawo. Banquma ukuthi uThankful yena wayezoqhubeka nohambo ngaphandle kukaParley. “Nginomsebenzi okufanele ngiwenze kulendawo yalelizwe,” kusho uParley etshela uThankful, “ukuthi ngabe msebenzi muni noma ngabe kuzothatha isikhathi esingakanani ukuwenza, angazi, kodwa ngizoza uma usuphelile.”4 Kwakulapho–ke uParley ezwa khona ngeNcwadi kaMormoni okokuqala. “Ngezwa nginehuha elingajwayelekile lalencwadi,” kusho yena.5 Wayicela wase eyifunda ubusuku bonke. Ngakusasa ekuseni, wabe esazi ukuthi lencwadi yabe iliqiniso, eyazisa “ngaphezu kwengcebo yonke yomhlaba.”6 Ezinsukwini ezimbalwa uParley wabhabhadiswa. Wabe esebuyela kuThankful, naye owabhabhadiswa. Ukuze uthole olunye ulwazi ngoParley P. Pratt, bheka kwiMfundiso neziVumelwano 32.)

Isithombe
uParley P. Pratt

Umdwebo kaParley P. Pratt wenziwe nguJeffrey Hein

USidney noPhebe Rigdon

Kwathi uParley Pratt nasebenza nabo besendleleni yabo esuka eNew York beyosebenza eMissouri, bathi ukuphumula eMentor, e–Ohio, emzini kaSidney noPhebe Rigdon—okwakungabangani abadala uParley ayebazela e-Ohio. USidney wayengumfundisi ongumKristu, futhi uParley wake waba yilungu lebandla lakhe futhi emazisa njengomeluleki othembekileyo. Ngomkhulu umdlandla uParley wamtshela umngani wakhe ngeNcwadi kaMormoni nangokubuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu. USidney kwayena wayekade efuna ukubuyiselwa kweBandla leqiniso athola kukhulunywa ngakho eTestamenteni Elisha, nakuba wayengayikholwa kahle iNcwadi kaMomoni ekuqaleni. “Kodwa ngizoyifunda incwadi yakho,” etshela umngani wakhe uParley, “futhi ngizozama ukwazisisa ukuthi ngabe iyisambulo esivela kuNkulunkulu noma cha.”7 Emva kwamasonto amabili kufundwa futhi kukhulekwa, bobabili badeliseka ukuthi lencwadi iliqiniso. Kodwa uSidney wayazi ukuthi ukungena eBandleni kwakuyoba umhlatshelo omukhulu emndenini wakhe. Kwakucaca ukuthi wayezolahlekelwa ngumsebenzi wakhe njengomfundisi, ngokunjalo nokuma kwakhe emphakathini. Ngesikhathi yena noPhebe bebhunga ngokwakungahle kwenzeke, uPhebe washo nokusho wathi, “Sengikubalile okuzosilahlekela, futhi … kuyisifiso sami ukwenza intando kaNkulunkulu, noma kungenzekani.”8

Isithombe
amadoda ahamba eqhweni elikhithikile

Hambe Uye Ehlane, nguRobert T. Barrett

Shicilela