IMfundiso neziVumelwano 2021
Ephreli 12–18. IMfundiso neziVumelwano 37–40: “Uma Ningemunye Anibona Abami”


“Ephreli 12–18. IMfundiso neziVumelwano 37–40: “Uma Ningemunye Anibona Abami”Wozani Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Ephreli 12–18. IMfundiso neziVumelwano 37–40,” Wozani Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Abangcwele belungisela ukuhamba

Abangcwele baya eKirtland nguSam Lawlor

Ephreli 12–18

IMfundiso neziVumelwano 37–40

“Uma Ningemunye Anibona Abami”

Ukubhala okufikayo kuwe ngesikhathi ufunda enye yezindlela zokulalela umyalelo kaNkulunkulu woku “beka ukuhlakanipha” (IMfundiso neziVumelwano 38:30).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

KwabaNgcwele bokuqala, iBandla lalilʼkhulu kunendawo nje yokulalela intshumanyelo ngeSonto. Kwizambulo Zakhe kuJoseph Smith, iNkosi yachaza iBandla layo ngamagama athi isizathu umbuso iSiyoni futhi, kaningi wayethi, umsebenzi. Lokhu kungaba yingxenye yalokhu okwaheha amalunga eBandla okuqala amaningi. Noma ngabe babezithanda izimfundiso zokubuyiswa kweBandla, abaningi babefuna into abangazinikela kuyona. Noma kunjalo, umyalelo weNkosi kubaZalwane ukuba bahlangane e–Ohio wawungelula kwabanye ukuba bewulandele. Abantu abanjengoPhebe Carter, kwakuchaza ukushiya amakhaya abo anokunethezeka baye ezindaweni ezingajwayelekile (Bona “Amazwi Okubuyiswa Kwevangeli” ekugcineni kwaloluhlaka). Namhlanje sibona ngokucacile lokho abangcwele bokuqala ababekubona ngamehlo okholo: iNkosi yayinezibusiso ezinkulu ezibalindile e–Ohio.

Isidingo sokuhlanganyela e–Ohio sadlula kudala, kepha abaNgcwele namuhla basabumbanele ngesizathu esisodwa, umsebenzi owodwa woku “letha iSiyoni” (IMfundiso neziVumelwano 39:13). NjengabaNgcwele bokuqala, sishiya “izinto zomhlaba” (IMfundiso neziVumelwano 40:2) ngoba sethemba isethembiso seNkosi: “Uzothola … isibusiso esikhulu ngendlela ongakaze uyibone” (IMfundiso neziVumelwano 39:10).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 37:1

UJoseph Smith wayehumusha ini ngo–1830?

Kuleli vesi, iNkosi yayikhuluma ngomsebenzi kaJoseph Smith ekugqugquzeleni ukubuyekezwa kweBhayibheli, okwakubizwa ngokuthi “ukuhumusha.” Ngesikhathi uJoseph Smith ethole isambulo esibhalwe kwisigaba 37, wayeseqede ukubuyekeza izahluko ezimbalwa encwadini kaGenisisi futhi esefundile ngo-Enoch nesizwe sakhe seSiyoni (bheka Genesisi 5:18–24; Mose 7). Eminye imigomo iNkosi eyiwafundise u-Enoch iyafana naleyo ayiveze kwisigaba 38.

Bheka futhi Izihloko Zomlando Webandla, “Joseph Smith Translation of the Bible,” ChurchofJesusChrist.org/study/topics.

Isithombe
uJoseph Smith noSidney Rigdon

UJoseph Smith usebenza noSidney Rigdon ukubuyekeza iBhayibheli. Isithombe senziwe ngu–Annie Henrie Nader

IMfundiso neziVumelwano 38

UNkulunkulu usihlanganisela ukusibusisa.

UNkulunkulu wavala umyalelo wokuthuthela e-Ohio ngokuthi, “Bukani, nakhu ukuhlakanipha” (IMfundiso neziVumelwano 37:4). Kepha akuwona wonke umuntu owabona ukuhlakanipha ngaleso sikhathi Kwisigaba 38, iNkosi yaveza ukuhlakanipha Kwayo kabanzi. Ufundani kumavesi 11–33 ngezibusiso zokuhlangana? Amalunga ebandla awasayalwa ukuba ahlanganyele ngokuthuthela endaweni eyodwa; yiziphi izindlela esihlangana ngazo namhlanje? Lezi zibusiso sizithola kanjani? bheka uRussell M. Nelson, “The Gathering of Scattered Israel,” Ensign noma Liahona, Nov. 2006, 79–81).

Ngesikhathi usifunda sonke lesisigaba, bheka imisho engabe yasiza abaNgcwele ukuba babe nokholo ababeludinga ukuba balandele umyalelo kaNkulunkulu wokuthi bahlanganyele e-Ohio. Futhi, cabanga ngemiyalo akunikeze yona nokholo oludingayo ukuze uwalalele. Lemibuzo elandelayo ingakusiza ukuqondisa ukufunda kwakho:

  • Yikuphi okutholayo kumavesi 1–4 okukuninga ukuzethemba eNkosini kanye nasemiyalelweni Yakhe?

  • Uvesi 39 ungakusiza kanjani ukuthi ulalele imiyalelo kaNkulunkulu noma ngabe idinga ukuzinikela?

Yikuphi okunye okutholayo?

IMfundiso neziVumelwano 38:11–13, 22–32, 41–42

Uma ngilungisile, ngeke ngisabe.

AbaNgcwele besebedlule ebunzimeni obuningi futhi iNkosi yayazi ukuthi kuningi okuseza (bheka IMfundiso neziVumelwano 38:11–13, 28–29). Ukubasiza bangasabi wabembulela umgomo obalulekile: “uma nilungisile ngeke nesabe” (IMfundiso neziVumelwano 38:30). Thatha umzuzu ucabange ngobunzima obhekene nabo. Bese ngesikhaathi ufunda isigaba 38, lalela ukukhushulwa okuvela eMoyeni oyiNgcwele ngezindlela ongazilungiselela ngazo ukubhekana nobunzima khona ungeke ube nokwesaba.

Bheka futhi uRonald A. Rasband, “Be Not Troubled,” Ensign noma Liahona, Nov. 2018, 18–21.

IMfundiso neziVumelwano 39–40

Izinkinga zomhlaba akumele zingiphazamise ekuphileni izwi likaNkulunkulu.

Funda isigaba 3940, ufunde nangomlando wesizinda kwizihloko zesigaba, futhi ucabange ngezindlela okwenzeka kuJames Covel kungase kube nokubaluleka empilweni yakho. Isibonelo, cabanga ngezikhathi lapho “inhliziyo yakho … yayilungile phambi [kukaNkulunkulu]” (IMfundiso neziVumelwano 40:1). Wabusiseka kanjani ngenxa yokukholwa kwakho? Futhi, cabanga “ngemithwalo yomhlaba” obhekene nayo (IMfundiso neziVumelwano 39:9; 40:2). Yikuphi okutholayo kulezi zigaba okukukhuthazayo ukuthi ulalele kakhulu kunakuqala?

Bheka kuMathewu 13:3-23.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 37:3.Ukusiza umndeni wakho uqondisise umnikelo abaNgcwele abayenza ukuze bahlangane e-Ohio, ungabuka ibalazwe elihambisana nalombhalo.

IMfundiso neziVumelwano 38:22.Singamenza kanjani uJesu Kristu ukuba abe “ngumniki-mthetho” emndenini wethu? Ukulandela imithetho Yakhe kusenza kanjani “abantu abakhululekile”?

IMfundiso neziVumelwano38:24–27.Ukufundisa abantwana ukuthi kuchaza ukuthini “ukuba munye,” ungabasiza babale amalunga omndeni wenu bese nikhuluma ngokuthi kungani umuntu ngamunye ebalulekile emndenini wenu. Gcizelela ukuthi ndawonye ningumndeni owodwa. Ungasiza abantwana bakho badwebe inombolo 1 enkulu ephepheni elikhulu bese beyalihlobisa ngamagama nemidwebo noma izithombe zelunga lomndeni ngalinye. Ungabhala futhi ephepheni elikhulu izinto enizozenza ukuze nibe munye ningumndeni. Ningase futhi nibuke ividiyo ethi “Love in Our Hearts” (ChurchofJesusChrist.org) noma nifunde uMose 7:18.

IMfundiso neziVumelwano 38:29–30.Ningaxoxa ngokwenzeke kungekudala emndenini noma koyedwa okudinge ukulungiselwa. Ukuzilungiselela kwakho kukuthinte kanjani lokho obekwenzeka? Yikuphi lokhu iNkosi efuna sizilungiselele kona? Ukuyilungela into kungasisiza kanjani ukuthi singesabi? Singenzani ukuze silungise?

IMfundiso neziVumelwano 40.Isisho esithi “ukunaka okomhlaba” (vesi 2) sichaza ukuthini kithi? Kukhona esikunakile emhlabeni okusivimba ukuba sithole izwi likaNkulunkulu “ngenjabulo”? Sizokunqoba kanjani?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “Jesus Said Love Everyone,” Children’s Songbook, 61.

Isithombe
uphawu lwamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

Ukuhlangana e–Ohio

Isithombe
Amabhilidi aseKirtland

Indawo yaseKirtland, ngu–Al Rounds

Isithombe
uPhebe Carter Woodruff

Phakathi kwabaNgcwele abaningi abahlanganyela e-Ohio ngabo–1830 kwakukhona uPhebe Carter. Wakhetha iBandla enyakathoyempumalanga eMelika eniminyaka engamashumi amabili, noma abazali bakhe bengalikhethanga. Wayesebhala ngesinqumo sakhe sokuya e-Ohio eyohlangana nabaNgcwele:

“Isinqumo sami sabathusa abangani bami, kanye nami, kepha khona into eyayingigqugquzela ngaphakathi. Usizi lukamama wami ngokuhamba kwami lwacishe lwaba ngaphezulu kwamandla ami; ngaphandle koMoya owawungaphakathi kimi ngabe angiphumelelanga. Umama wami wathi uncamela ukungibona ngigqitshiwe kunokuthi ngihambe ngedwa kulelizwe elingenanhliziyo.

Wathi, “[Phebe], ‘uzobuyela kumina uma uthola ukuthi iBandla lakho liyinkohliso?’

“Ngaphendula ngathi, ‘yebo, mama; ngizokwenza njalo.’ … Impendulo yami yamukhulula ebunzimeni bakhe; kepha sonke sezwa ubuhlungu ngesikhathi sihlukana. Ngesikhathi kufika isikhathi sokuthi sihambe ngangingazithembi ukuthi ngiyokwazi ukuvalelisa; ngakho-ke ngabhalela umuntu ngamunye incwadi yokuvalelisa, ngazishiya phezu kwetafula, ngagijima ngaya ezansi ngagibela esasithutha ngakho. Kanjalo-ke ngashiya ikhaya engakhulela kulo ukuyohlanganisa impilo yami nabangcwele baNkulunkulu.”1

Kweyodwa yalezo zincwadi, uPhebe wabhala ukuthi:

“Bazali engibathandayo—sengizoshiya ikhaya labazali bami isikhashana … angazi ukuthi kuzoba isikhathi esingakanani—kodwa angihambi ngingagcwele imizwa yokubonga umusa engiwutholile selokhu ngazalwa kuze kube yimanje—kepha uNkulunkulu ungiyala ukuba ngithathe enye indlela njengamanje. Masinikele konke lokhu ezandleni zikaNkulunkulu futhi sibonge ukuthi sinikeziwe ithuba lokuthi siphile ndawonye isikhathi eside kangaka ezimweni ebezimnandi kangaka, sithemba ukuthi zonke izinto zilungele thina uma sithanda uNkulunkulu kakhulu. Masibone ukuthi singakhuleka kuNkulunkulu oyedwa ozozwa imithandazo yethu asinikeze lokho okusilungele. …

“Mama, ngikholelwa ukuthi yintando kaNkulunkulu ukuthi ngiye entshonalanga futhi sengikwazi lokhu isikhathi eside. Manje indlela isivulekile … ; Ngikholwa ukuthi uMoya weNkosi ukwenzile konke lokhu okwanele zonke izinto. Ningakhathazeki ngomntwana wenu, iNkosi izongiduduza. Ngikholwa ukuthi iNkosi izonginakekela futhi inginike lokho okungilungele. … Ngihamba ngoba uSomandla uyangibiza—ungicacisele umsebenzi wami.”2

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Ku Edward W. Tullidge, The Women of Mormondom (1877), 412.

  2. Phebe Carter letter to her parents, no date, Church History Library, Salt Lake City; punctuation modernized. UPhebe wajoyina iBandla ngo–1834, wathuthela e–Ohio ngabo–1835, wase eshada uWilford Woodruff ngo–1837.

Shicilela