IMfundiso neziVumelwano 2021
Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Egcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021

Isithombe
imindeni ifunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele

Ukuvama ukufunda imibhalo engcwele ningumndeni kuyindlela enamandla yokusiza umndeni wakho ukuba ulifunde ivangeli. Ukuthi nifunda okungakanani nokuthi nifunda isikhathi eside kangakanani akubalulekile njengokuhlezi nenza imizamo yokufunda njalo. Ngesikhathi ukufunda imibhalo engcwele ukwenza kube yingxenye ebalulekile yempilo yomdeni wakho yansuku zonke, uzobasiza abomndeni wakho ukuba basondelane futhi basondele nakuJesu Kristu futhi nokuthi bakhele ubufakazi babo phezu kwesisekelo sezwi Lakhe.

Ake ucabange nganansi imibuzo:

  • Ngabe ungabakhuthaza kanjani abomndeni wakho ukuba bazifundele bona imibhalo engcwele na?

  • Yikuphi ongakwenza ukubakhuthaza ukuba baxoxelane ngalokho abakufundayo na?

  • Ungazigcizelela kanjani izimfundiso ozifundayo kwiMfundiso neziVumelwano ngesikhathi ubafundisa nsukuzonke na?

Ukhumbule ukuthi ikhaya yiyona ndawo enhle kakhulu yokufunda ngevangeli. Ekhaya ungakwazi ukulifunda futhi ulifundise ivangeli ngezindlela ezingeke zenzeka ngesikhathi kufundwa esontweni. Ziqambele okuthile ngesikhathi ucabanga ngezindlela ongabasiza ngazo abomndeni wakho ukuba bafunde emibhalweni engcwele.

Amasu Ezinto Eningazenza

Ake ucabange ngananka amasu alandelayo ukuze nikhulise ukufunda kwenu imibhalo engcwele njengomndeni:

Sebenzisani umculo

Culani amaculo azoqinisa leyomigomo evela emibhalweni engcwele. Ezifundweni zamasonto onke kuhlezi kunamaculo noma amaculo abantwana aphakanyisiwe ukuba angaculwa. Ungabuza imibuzo ngamagama noma ngemishwana ekulawo maculo. Okunye eningakwenza ngesikhathi kuculwa, abomndeni wakho bangenza lezo zinto ezihambisana neculo noma kulalelwe iculo elithile ngesikhathi kukhona okuthile enikwenzayo.

Xoxani ngaleyomibhalo engcwele enizuza kakhulu kuyo

Nikeza abomndeni wakho isikhathi sokuba baxoxelane nangalokho abazuze kakhulu kukho emibhalweni engcwele ngesikhathi bezifundela.

Sebenzisani awenu amagama

Bameme abomndeni wakho ukuba basho kafushane ngawabo amagama ukuthi yikuphi abakufundile ngesikhathi kufundwa.

Kusebenziseni okusemibhalweni engcwele ezimpilweni zenu.

Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, bacele abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi leyondinyana bangayisebenzisa kanjani ezimpilweni zabo na?

Makubuzwe imibuzo

Bameme abomndeni wakho ukuba babuze umbuzo oqondene nevangeli, bese bechitha isikhathi bebheka amavesi angasiza kuphendulwe lowo mbuzo.

Bonisa ngombhalo ongcwele othile

Khetha lelovesi enizuza kakhulu kulo, bese ubonisa ngalo lapho abomndeni wakho bezohlezi belibona khona njalo. Ameme amanye amalungu omndeni wakho ukuba ashintshane ngokukhetha umbhalo abangabonisa ngawo.

Yenza uhla lwamavesi athile

Njengomndeni, khethani amavesi ambalwa eningathanda ukukhuluma ngawo ngesonto elizayo.

Wafakeni emakhanda amavesi

Khetha amavesi abomndeni wakho abazuza kakhulu kuwo, bese uyabamema ukuba bawafake emakhanda abo ngokuwaphinda phinda njalo noma badlale umdlalo wokukhumbuzana lawomavesi.

Izifundo ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile

Thola izinto ezithile ezihambisana nezahluko namavesi eniwafundayo njengomndeni. Bameme abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi ngabe leyonto ethile ihambisana kanjani nezimfundiso enizithola emibhalweni engcwele na?

Khetha isihloko esithile

Abomndeni wakho mabashintshane ngokukhetha isihloko enizosifunda ndawonye. Sebenzisa IziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org) ukuthola amavesi ahambisana naleso sihloko.

Dwebani isithombe

Njengomndeni, fundani amavesi ambalwa bese nizinika isikhathi sokuthi amalungu omndeni wakho adwebe okuthile okuhambelana nalokho abakufundile. Chithani isikhathi nikhuluma ngalokho enikudwebile.

Yenzeni umdlalo wendaba enifunda ngayo

Emveni kokufunda ngendaba ethile, bameme abomndeni wakho ukuba bayenze umdlalo. Emveni kwalokho, khulumani ngokuthi ngabe leyo ndaba ihambisana kanjani nalokho enidlula kukho ngabanye futhi ningumneni.

Ukufundisa abantwana

Uma unabantwana emndenini wakho, nakhu abangakwenza okungabasiza bafunde:

Culani

Amaculo avela kwi Children’s Songbook afundisa ngendlela enamandla. Uhlelo ngalunye kulencwadi yezihlabelelo lunamaculo aphakanyisiwe ukuthi angaculwa. Ungasebenzisa futhi uhlu lwezihloko olutholakala ngemuva kwe Children’s Songbook ukuze uthole lawomaculo ahambisana naleyomfundiso oyifundisayo. Basize abantwana bakho ukuba bahlanganise imiyalezo yamaculo nalokho okwenzeka ezimpilweni zabo.

Makulalelwe indaba noma indaba yenziwe umdlalo

Abantwana abancane bayazithanda izindaba––ezivela emibhalweni engcwele, empilweni yakho, emlandweni weBandla, noma emabhukwini eBandla. Thola izindlela zokuthi nabo babambe iqhaza uma kuxoxwa indaba. Bangaphatha izithombe noma izinto ezithile, bangadweba izithombe zalokho okwenzekayo, bangayenza umdlalo indaba ethile, noma ngisho bangasizana kuxoxwe ngendaba ethile. Basize abantwana bakho ukuba bawabone amaqiniso evangeli ezindabeni ezixoxwayo.

Funda ivesi elithile

Abantwana abancane ngeke bakwazi ukufunda kangako, kodwa ungabenza ukuthi babambe iqhaza ukuze bafunde emibhalweni engcwele. Kungadingeka ukuba ugxile evesini elilodwa, emushweni osemqoka owodwa, noma egameni elilodwa.

Makubhekwe isithombe noma kubukwe i-video

Babuze umbuzo ngesithombe noma nge-video ehambisana nemfundiso okukhulunywa ngayo. Isibonelo, ungabuza uthi, “Kwenzekani kulesisithombe na? Ngabe sikwenza uzizwe kanjani?” I-app yeNhlanganisela yoLwazi lweVangeli, i Gospel Media Library etholakala ku ChurchofJesusChrist.org, naku children.ChurchofJesusChrist.org ziyimthombo emihle kakhulu lapho ungathola khona izithombe ngokunjalo nama-video.

Mabaziqambele okuthile

Abantwana bangakha, badwebe, noma bafake imibala kulokho okuhambisana nendaba noma imfundiso abafunda ngayo.

Mababambe iqhaza ezifundweni ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile

Isifundo esilula lapho kusetshenziswa khona okuthile singabasiza abantwana bakho bayiqonde imfundiso enzima ukuqondwa. Uma wenza isifundo lapho kusetshenziswa khona izinto ezithile, thola izindlela zokuthi abantwana babambe iqhaza. Bazofunda okuningi uma nabo kukhona abakwenzayo kunokubuka abanye benza okuthile.

Ukwenza kube wumdlalo

Uma abantwana benza isimo esithile abangahle behlangabezane naso empilweni sibe wumdlalo, bakwazi kangcono ukuqonda ukuthi ngabe imfundiso yevangeli ibathinta kanjani ezimpilweni zabo.

Ukuphinda phinda okwenziwayo

Abantwana abasebancane kungadingeka imiqondo ethile bayizwe izikhathi eziningi ukuze bayiqonde kahle. Isibonelo, ungabaxoxela indaba evela emibhalweni engcwele izikhathi eziningana ngezindlela ezahlukene––ngokubafundela imibhalo engcwele, ngokuxoxa kafushane ngawakho amagama, ngokubavumela ukuba bakulekelele uxoxe indaba ethile, ngokubamema ukuba bayenze umdlalo indaba ethile, njalo njalo.

Kuhlanganise obafundisa kona nezinjongo zabo zokuzithuthukisa

Ukufunda imibhalo engcwele kungayikhuthaza intsha nabantwana ukuba nenjongo ngokomoya, ngokwenyama, ngokwengqondo, nangokuxhumana nabanye abantu (bheka ku Luka 2:52).

Isithombe
umndeni umamatheka ndawonye

Ukufundisa Intsha

Uma unentsha emndenini wakho, nakhu abangakwenza okungabasiza bafunde:

Bameme ukuba bafundise

Sivamise ukufunda okuningi uma kukhona esikufundisayo kunokuzwa nje ngakho. Intsha yakwakho yinike ithuba lokuthi ihole uma kuxoxwa ngemibhalo engcwele.

Kuhlanganise obafundisa kona nokufundwa esikoleni

Kulonyaka abafundi besikole bafunda iMfundiso neziVumelwano. Uma intsha yakwakho ihamba isikole, yimeme ukuba ixoxe ngalokho ekufundayo esikoleni.

Yifanise nabo imibhalo engcwele

Kwesinye isikhathi intsha iba nobunzima ukubona ukuthi ngabe imfundiso noma imigomo yemibhalo engcwele ihlangene kanjani nezimpilo zabo. Basize ukuba babone ukuthi ngabe izindaba nezimfundiso zemibhalo engcwele zihlangana kanjani nezimo ababhekana nazo ekhaya, esikoleni, noma kubangani babo.

Buza imibuzo ebakhuthaza ukuba bazindle

Iningi lentsha liphendula kangcono uma libuzwa imibuzo ebavumela ukuthi bazwakalise uvo lwabo ngemibhalo engcwele. Isibonelo, ungabuza nansi imibuzo, “Ngabe iNkosi inifundisani kulamavesi na?” noma “Ngokucabanga kwenu ngabe abaNgcwele ababephila ngeminyaka yango1830 babengazuzani kulesisambulo na?”

Kuhlanganise obafundisa kona nezinjongo zabo zokuzithuthukisa

Ukufunda imibhalo engcwele kungayikhuthaza intsha nabantwana ukuba nenjongo ngokomoya, ngokwenyama, ngokwengqondo, nangokuxhumana nabanye abantu (bheka ku Luka 2:52).

Yivumele imibuzo yabo

Umbuzo wentsha uyithuba elihle kakhulu lokubatshela ngeqiniso nokufuna ikuqonda isihlokweni esithanda kakhulu. Ungayesabi imibuzo noma uyenqabe, ngisho noma ngabe ayihambisani nesihloko okukhulunywa ngaso. Kulungile uma ungenazo zonke izimpendulo. Ikhaya liyindawo ekahle kakhulu lokufuna izimpendulo ndawonye.

Bakhuthaze ukuba baxoxe ngolwazi olufihlekileyo abanalo.

Intsha ineyayo yodwa imibono nolwazi olufihlekileyo engalekelela ngako ngesikhathi umndeni ufunda imibhalo engcwele. Bazise ukuthi uyathanda ukuzwa ukuthi ngabe uMoya ubafundisani ngemibhalo engcwele. Ungabacela ngisho ukuthi baxoxe ngolwazi lwabo olufihlakeleyo abaluthola ngesikhathi bezifundela imibhalo engcwele.

Lindela noma yini.

Uma unomuntu omusha ongathandi ukubamba iqhaza uma kufundwa, bheka ezinye izindlela zokuxhumana naye. Isibonelo, ungakhuluma ngevangeli ngesikhathi nizixoxela nje noma ukhulume ngombhalo ongcwele onenzuzo ngendlela engabonakali iwukushumayela noma ukuba yingqongqo. Ukufunda imibhalo engcwele asikho isidingo sokuthi kuhlezi kufana kuyo yonke imindeni. Abanye abantwana bangakuthanda ukuzifundela imibhalo engcwele bebodwa. Wohlezi unomkhuleko futhi ulandele ugqozi olufakwa wuMoya kuwe.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi usebenza ngokukhuthala ukushintsha ikhaya lakho kube ngelokufunda ivangeli, ngokuhamba kwesikhathi izinsuku zenu zeSabatha ngempela ziyoba nenjabulo. Abantwana benu bazokwesasela ukuzifunda futhi nokuziphila izimfundiso zikaMsindisi, futhi nomthelela wesitha ezimpilweni zenu nasemakhaya enu uzoncipha. Izinguquko ezenzeka emndenini wakho ziyomangalisa futhi kuyoba ezingapheliyo” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” kwi-Ensign, noma iLiyahona, yangoNovemba 2018, 113).

Shicilela