IMfundiso neziVumelwano 2021
Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021

Isithombe
indoda ifunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele

Nazi izindlela ezilula zokukhulisa ukufunda kwakho izwi likaNkulunkulu emibhalweni engcwele.

Khulekela ukuyalwa nguMoya oNgcwele

Imibhalo engcwele iyizwi likaNkulunkulu, ngakho-ke cela Yena ukuba akusize uyiqonde.

Bheka Amaqiniso ngoJesu Kristu

Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi zonke izinto zifakaza ngoKristu. (bheka ku 2 Nefi 11:4; Mose 6:63), ngakho-ke cabanga ngokuqaphela noma ngokudwebela lawo mavesi afakaza ngoMsindisi, akwenza ube nothando Lwakhe olujulile, futhi akufundisayo ukuthi ungamlandela kanjani.

Bheka Amagama Nemishwana Ekufaka Ugqozi

Kungenzeka uthole ukuthi amagama nemishwana ethile emibhalweni engcwele ikuhlaba umxhwele, sengathi yayibhalelwe wena qobo. Kungaba sengathi iqondene nawe qobo futhi ingakufaka ugqozi. Cabanga ngokuyidwebela leyomishwana emibhalweni yakho engcwele nona uyibhale ebhukwini lakho lokufunda.

Bheka Amaqiniso Evangeli

Kwesinye isikhathi amaqiniso evangeli (avame ukubizwa ngemfundiso noma imigomo) abekwa kucace, kwezinye izikhathi kukhulunywa ngawo ngesibonelo esithile noma ngendaba ethile. Ngesikhathi ufunda, ake uzibuze uthi, “Ngabe yimaphi amaqiniso aphakade okufundiswa ngawo kulamavesi na?”

Lalela uMoya oNgcwele

Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ngabe ingahlangene nalokho okufundayo. Leyomizwa kungenzeka kube yizona zinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde.

Yifanise Nempilo Yakho Imibhalo Engcwele

Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso ofunda ngazo ziyithinta kanjani impilo yakho na? Isibonelo, ungazibuza uthi, “Ngabe yiziphi izinto engidlule kuzo ezifana nalokhu engikufundayo na?” noma uthi “Ngingasilandela kanjani isibonelo salomuntu emibhalweni engcwele na?”

Buza Imibuzo Ngesikhathi Ufunda

Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika engqondweni yakho. Lemibuzo kungenzeka ihambisane nalokho okufundayo noma nempilo yakho nje yonke. Dlinza ngalemibuzo futhi ufune izimpendulo ngesikhathi usaqhubeka nokufunda.

Sebenzisa Izinsiza Ezikhona Zokufunda Imibhalo Engcwele

Ukuze uthole olunye ulwazi olufihlakele emavesini owafundayo, sebenzisa izenezelo, kanye ne ziHloko zemiBhalo eNgcwele(scriptures.ChurchofJesusChrist.org), nokunye okungakusiza ufunde .

Cabanga Ngomongo Wendaba Emibhalweni Engcwele

Ungathola ulwazi olufihlakele olunenzuzo ngendinyana yombhalo ongcwele uma ucabanga ngomongo wendaba kulowombhalo ongcwele, kuhlanganisa nesimo indaba evela kuso. Isibonelo, ukwazi ngemvelaphi nezinkolelo zabantu uNkulunkulu ayekhuluma nabo kungakusiza ube nokuqonda ngenhloso yamazwi Akhe kubo.

Yibhale Phansi Imicabango Nemizwa Yakho

Ziningi izindlela zokubhala imizwa efika kuwe ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ungadwebela lawomagama noma imishwana enenzuzo kuwe bese imicabango yakho uyibhala khona emibhalweni engcwele ngesikhathi ufunda. Ungazigcinela futhi incwajana ozobhala kuyo ulwazi olusithekile, imizwa yakho, nemicabango yakho efikayo kuwe.

Funda Amazwi abaPhrofethi nabaPhostoli beziNsuku zokuGcina.

Funda lokho abaPhrofethi nabaPhostoli abakufundisayo ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele (isibonelo, bheka ku conference.ChurchofJesusChrist.org ngokunjalo nakumaphephabhuku eBandla).

Xoxela Abanye Ngolwazi Olutholayo

Ukukhuluma ngolwazi olutholayo ngesikhathi ufunda akuyona nje kuphela indlela enhle yokufundisa abanye, kodwa lokho kuyasiza futhi ukuthi kuqinise ukuqonda kwakho lokho okufundile.

Kuphile Lokho Okufundayo

Ukufunda imibhalo engcwele akufanele nje kusifake ugqozi kuphela kodwa futhi kufanele kusiholele ekutheni sishintshe indlela esiphila ngayo. Lalela lokho uMoya okukhuthaza ukuba ukwenze ngesikhathi ufunda bese uzinikela ukuthi ukwenze lokho okhuthazwa ngakho.

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

IGosa uDavid A. Bednar wathi: “Akufanele silindele iBandla lisifundise noma lisitshele konke okudingeka sikwazi nokuthi sikwenze ukuze sibe ngabafundi abazinikele futhi nababekezela ngokuqina kuze kube sekugcineni. Kodwa, umthwalo wethu wukuba sifunde lokho okufanele sikufunde, siphile ngendlela esazi ukuthi kufanele siphile ngayo, futhi sibe yilokho iNduna ethanda sibe yikho. Futhi-ke amakhaya ethu yiyona ndawo yokugcina lapho singafunda khona, siphile khona, futhi sibe wutho khona” (“Prepared to Obtain Every Needful Thing,” Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2019, 102).

Shicilela