IMfundiso neziVumelwano 2021
Inhloso Yethu Wukuba Siguquke


“Inhloso Yethu Wukuba Siguquke,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Inhloso Yethu Wukuba Siguquke,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Inhloso Yethu Wukuba Siguquke

Inhloso yakho konke ukulifunda nokulifundisa ivangeli wukuba ukuguqukela kwethu kuJesu Kristu kujule futhi kusisize sifane Naye. Ngenxa yalesisizathu, uma silifunda ivangeli, asifuni nje kuphela ulwazi olusha, kodwa sifuna ukuba “yisidalwa esisha” (II KwabaseKorinte 5:17). Lokhu kusho ukuthembela kuBaba oseZulwini noJesu Kristu ukuba baselekelele sishintshe izinhliziyo zethu, imibono yethu, izenzo zethu, ngokunjalo nemvelo yethu uqobo.

Kodwa lolohlobo lokulifunda ivangeli oluqinisa ukholo lwethu noluholela kuso isimangaliso sokuguquka alwenzeki masinyane. Luqhubekela phambili nokufunda lufinyelele enhliziyweni yomuntu nasekhaya. Ludinga imizamo evumelanayo, yansuku zonke ngenhloso yokuliqonda nokuliphila ivangeli. Kodwa uBaba oseZulwini akalindele ukuthi lokho sikwenze sisodwa––Uzothumela uMoya oNgcwele ukuba asisize siguquke.

UMoya Ongcwele usiholela eqinisweni futhi ufakaze ngaleloqiniso (bheka ku Johane 16:13). Ukhanyisela izingqondo zethu, andise ukuqonda kwethu, futhi athinte izinhliziyo zethu ngokwambulelwa okuvela kuNkulunkulu, ongumthombo walolonke iqiniso. UMoya oNgcwele uhlambulula izinhliziyo zethu. Ufaka ugqozi kithi ukuba sibe nesifiso sokuphila ngeqiniso, futhi uyasihlebela izindlela zokukwenza lokhu. Ngempela, “uMoya oNgcwele … uyaku[si]fundisa konke” (NgokukaJohane 14:26).

Ngenxa yalezizizathu, emizamweni yethu yokuliphila, ukulifunda, nokulifundisa ivangeli, kufanele okokuqala naphambi kwakho konke sifune ukuhambisana noMoya. Lenjongo kufanele ibuse konke ukukhetha kwethu futhi ihole ukucabanga kwethu nezenzo zethu. Kufanele sifune konke lokho okumema imfundiso kaMoya futhi sikwenqabe konke okuyixoshayo leyomfundiso––ngoba siyazi ukuthi uma singafaneleka ukuhlala noMoya oNgcwele, singafaneleka futhi ukuphila lapho kukhona khona uBaba oseZulwini noJesu Kristu.

Shicilela