IMfundiso neziVumelwano 2021
Ukusebenzisa Lencwadi ethi, Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021


“Ukusebenzisa Lencwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni,Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Ukusebenzisa Lencwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni,Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni 2021

Ukusebenzisa Lencwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni

Ngabe Yenzelwe bani Lencwadi na?

Lencwadi yenzelwe umuntu ngamunye nemindeni ekuleliBandla. Yenzelwe ukuba ikusize ulifunde ivangeli––uwedwa noma unomndeni wakho. Uma ubungakaze ulifunde ivangeli njalo ngaphambilini, lencwadi ingakusiza ukuqale lokho. Uma ubusuvele unawo umkhuba wokulifunda ivangeli, lencwajana ingakusiza uzuze kakhulu ngesikhathi ufunda.

Ngiyisebenzise Kanjani Lencwadi?

Yisebenzise lencwajana ngendlela ezoba wusizo kuwe. Ungayithola ilusizo ukukukhombisa indlela ukuze uzifundele wedwa noma nifunde imibhalo engcwele ningumndeni. Ungayisebenzisa futhi ngesikhathi sobusuku bomndeni. Izinhlelo ezikuyo zigcizelela izimfundiso ezibalulekile ezitholakala kwiMfundiso neziVumelwano, zikhombisa ngamasu okufunda nokungenziwa ngumuntu ngamunye nemindeni, futhi zinezindawo lapho ungabhala khona imizwa nemicabango efika kuwe ngesikhathi ufunda.

Lencwajana ethi Wozani, Ngilandeleni––Okomuntu Ngamunye Nemindeni akuqondiwe ngayo ukuba ithathe indawo yalokho okuhle okwenzayo noma iqophisane nakho. Landela ukuholwa nguMoya ukuze unqume ukuthi ngabe uzolifunda kanjani izwi likaNkulunkulu.

Ngabe Lencwajana Ihambisana Kanjani Nalokho Okwenzeka eBandleni na?

Izifundo ezikulencwadi zihlelelwe ukulandelwa masonto onke. Incwadi ethi Come, Follow Me—For Primary nalena ethi Come, Follow Me—For Sunday School zombili zilandela uhlelo olufanayo. Ukulekelela imizamo yakho yokulifunda nokuliphila ivangeli ekhaya, abakufundisayo ebandleni bazokunika amathuba okuba uxoxe ngalokho odlula kukho, ngemicabango nemibuzo yakho ngemibhalo engcwele okade uyifunda ekhaya.

Ngenxa yokuthi esiKoleni sangeSonto kufundwa kabili ngenyanga, abafundisayo kulezi zikole kungenzeka bakhethe ukuzeqa noma ukuzihlanganisa izifundo ngenhloso yokugcina ukulandela izinhlelo zamasonto onke. Kungadingeka kwenzeke lokhu amasonto ambalwa uma izinkonzo zamasonto onke zingabi-khona ngenxa yomhlangano wesikhonkwane noma ngenxa yezinye izizathu. Ngalezi zikhathi uyamenywa ukuba uqhubeke nokuzifundela iMfundiso neziVumelwano ekhaya.

Ngabe Kudingekile Yini Ukuba Ngilandele Uhlelo Olukhona na?

Uhlelo olukhona luzokusiza ukuba ukuqede ukufunda iMfundiso neziVumelwano ngokuphela konyaka. Phezu kwalokho, ukulandela uhlelo olufanayo njengabanye kungaholela ekutheni uzuze ekhaya, ebandleni, nakwezinye izindawo. Kodwa ungazizwa ubophekile ukuba ulandele uhlelo olukhona noma uzizwe uphoqelekile ukuba ufunde wonke amavesi, uhlelo olukhona kuqondwe ngalo ukuba likukhombise indlela ngenhloso yokukulekelela ukuba uqhubeke nokufunda. Okubaluleke kakhulu wukuthi uyalifunda ivangeli uwedwa futhi ningumndeni.

Isithombe
umyeni nomkakhe befunda imibhalo engcwele

Shicilela