IMfundiso neziVumelwano 2021
Mashi 1–7. IMfundiso neziVumelwano 20–22: “Ukuvuka kweBandla likaKristu”


“Mashi 1–7. IMfundiso neZivumelwano 20–22: “Ukuvuka kweBandla likaKristu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni 2021 (2020)

“Mashi 1–7. IMfundiso neZivumelwano 20–22.Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Ikhaya likaPeter Whitmer

Ikhaya likaPeter Whitmer, ngu-Al Rounds

Mashi 1–7.

IMfundiso neziVumelwano 20-22

“Ukuvuka kweBandla likaKristu”

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 20-22, lalela imizwa yoMoya oyiNgcwele. Yibhale phansi ukuze ubuyele kuyona.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Umsebenzi waMphrofethi uJoseph Smith wokuhumusha iNcwadi kaMormoni wawusuphelile. Kepha umsebenzi wokubuyiselwa kwevangeli wawusuqala. Kwakucacile kwizambulo zokuqala ukuthi ngaphezulu kokubuyisa imfundiso nobuphristi, iNkosi yayifuna ukubuyisa inhlangono ehlelekile—ibandla Lakhe (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 10:53.; 18:5). Ngo–Ephreli 6, 1830, amakholwa angaphezulu kwa-40 agcwala ekhaya lakwaWhitmer eFayette, eNew York, ukuze abone ukuhlelwa kweBandla likaJesu Kristu.

Namanje abanye, bayazibuza ukuthi kungani lidingeka iBandla elihleliwe? Impendulo ingatholakala kwizambulo ezihlangene nalowo mhlangano wokuqala weBandla ngo–1830. Lapha, kukhona izibusiso ezichaziwe ebezingeke zatholwa uma iBandla likaJesu Kristu leqiniso alizange “lihlelwe futhi liqalwe kahle” ezinsukwini zokugcina (IMfundiso neziVumelwano 20:1).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela imiBhalo eNgcwele

IMfundiso neziVumelwano 20:1-36

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lakhiwe phezu kwezimfundiso eziyiqiniso.

Isigaba 20 sethulwe njenge“sambulo senhlangano nohulumeni weBandla” (isihloko sesigaba). Kodwa ngaphambili kokuchaza imithetho, izikhundla zobuphristi, kanye nezindlela zokwenza izimiso zeBandla, lesambulo siqala ngokusifundisa isisekelo semfundiso. Ngesikhathi ufunda amavesi angama-36 okuqala alesambulo, zibuze ukuthi kungani kungaba njalo. Ungase futhi wakhe uhla lwamaqiniso evangeli owatholayo. Nazi ezinye izibonelo:

Kungani lamaqiniso kubalulekile ukuthi agcizelelwe ngesikhathi lisasungulwa iBandla?

IMfundiso neziVumelwano 20:37, 75-79

Izimiso ezingcwele ziyingxenye ebalulekile eBandlani elibuyiselwe.

Ngesikhathi iBandla lihlelwa, iNkosi yafundisa abaNgcwele Bayo ngezimiso ezingcwele, kubalwa ukubhabhadiswa kanye nesidlo. Ngesikhathi ufunda imiyalelo “ngendlela yokubhabhadisa” kuvesi 37, cabanga ngokubhabhadiswa kwakho. Waba nayo imizwa echazwe kuleli vesi? Unawo njengamanje? Cabanga ukuthi ungenza njani ukuze “ukuzimisela kwakhoekusebenzeleni [uJesu Kristu] kuze kube yisekugcineni.” kuhlezi kuvuselelekile.

Ngesikhathi ufunda ngesidlo kwiMfundiso neziVumelwano 20:75-79, zama ukufunda lemikhuleko engcwele singathi ungumuntu oqalayo ukuwuzwa. Yikuphi okusha okutholayo ngesidlo? Ngawe? Lokhu kungashintsha kanjani indlela othatha ngayo isidlo kulelisonto?

Isithombe
idikoni lidlulisa iSidlo

Isidlo yisimiso esingcwele.

IMfundiso neziVumelwano 20:38–60

Ukusebenza kobuphristi kubusisa amalunga eBandla kanye nemindeni yawo.

Uma kukhona ongakubuza ukuthi ubale imisebenzi yomuntu onobuphristi ungathini? Funda kwiMfundiso neZivumelwano 20:38–60, lapha kubalwe khona imisebenzi eyahlukene yobuphristi. Kukhona okulawa mavesi okushintsha indlela ocabanga ngayo ngemisebenzi yobuphristi nangendlela uMsindisi enza ngayo umsebenzi Wakhe? Wena ubusiseke kanjani ngomsebenzi ochaziwe kulamavesi?

Ukufunda ukuthi abesifazane babusebenzisa kanjani ubuphristu emsebenzini weBandla, bheka kuDallin H. Oaks, “The Keys and Authority of the Priesthood,” kwi–Ensign noma iLiahona, yangoMeyi 2014, 49–52.

IMfundiso neziVumelwano 21

IBandla likaJesu Kristu liholwa ngumphrofethi ophilayo.

Ufundani kwiMfundiso neziVumelwano 21:4-9 ngamazwi abaphrofethi beNkosi? Cabanga ngezithembiso ezibhaliwe kuvesi 6 zalabo abamukela amazwi eNkosi avela kuMphrofethi Wakhe. Lezi zethembiso zisho ukuthini kuwena?

Ungalamukela kanjani izwi lomphrofethi ophilayo “sengathi liphuma emlonyeni waNkulunkulu uqobo”? (vesi 5). Yimiphi imiyalo enikezwe umphrofethi wanamuhla engaletha izibusiso ezithenjisiwe ezibhalwe kuvesi 6?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 20.Singathini uma umuntu esibuza ukuthi kungani sidinga iBandla? Yiziphi izimpendulo esizitholayo kwiMfundiso neZivumelwano 20:13? Bheka futhi ku D. Todd Christofferson, “Why the Church,” kwi–Ensign noma iLiahona, yangoNov. 2015, 108–11.

IMfundiso neziVumelwano 20:69.Kuchaza ukuthini “ukuhamba ngobungcwele phambi kweNkosi”? Kungaba mnandi uma amalunga omndeni edweba noma ebhala emaphepheni izinto ezingabasiza bahambe ebungcweleni noma izinto ezingabaphazamisa ukuthi benze njalo Bangenza indlela ngalawo maphepha bazame ukuhamba kuwo, banyathele ezithombeni ezizobayisa kuKristu.

IMfundiso neziVumelwano 20:37, 71-74.Uma kukhona emndenini wakho ongakabhabhadiswa, lamavesi angasiza kukhulunywe ngokulungisela ukubhabhadiswa (bheka kuvesi 37) nokuthi ukubhabhadiswa kwenziwa kanjani (bheka kwamavesi 71–74). Amalunga omndeni angabelana izithombe noma izinkumbulo zosuku lwabo lokubhabhadiswa.

IMfundiso neziVumelwano 20:75-79.Umndeni wakho ungawasebenzisa kanjani lamavesi ukulungiselela isidlo ngendlela enenjongo kanye nokuhlonipha? Lamavesi angakhombisa izinto ongazicabanga ngesikhathi sesidlo, amalunga omndeni angathola noma adwebe izithombe zalezo zinto. Uma kulungile ,ungaletha lezo zithombe emhlanganweni wesidlo olandelayo njengesikhumbuzo sokuthi ucabange ngani ngesikhathi sesidlo.

IMfundiso neziVumelwano 21:4-7.Amalunga omndeni akabheke amazwi kwamavesi 4-5 asifundisa ngokulandela umphrofethi weNkosi. Kuchaza ukuthini ukwamukele amazwi omphrofethi ngesineke? ngokholo? Kunini lapho sithole khona izibusiso izithenjisiwe ezibhalwe kuvesi 6?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “The Church of Jesus Christ,” Children’s Songbook, 77.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukuhamba ezinyathelweni zoMsindisi. “Amandla oMsindisi okufundisa nokuphakamisa abanye aqhumuka endleleni aphila ngayo nakumuntu ayeNguye. Ngesikhathi sikhuthalela ukuphokophelela phambili siphile njengoJesu Kristu, yilapho esizokwazi khona ukufundisa njeNgaye” (Teaching in the Savior’s Way, 13).

Isithombe
U–Oliver Cowdery ugcoba uJoseph Smith

U–Oliver Cowdery ugcoba uJoseph Smith nguWalter Rane

Shicilela