IMfundiso neziVumelwano 2021
Mashi 8–14. IMfundiso neziVumelwano 23–26: “Liqinise iBandla”


“Mashi 8–14. IMfundiso neziVumelwano 23–26: ‘Liqinise iBandla’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Mashi 8–14. IMfundiso neziVumelwano 23–26” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021

Isithombe
U-Emma Smith

Mashi 8–14

IMfundiso neziVumelwano 23–26

“Liqinise iBandla”

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 23–26, bhala phansi leyo mizwa oyitholayo evela kuMoya oNgcwele. Yini ongayenza ngokulandela lezi zambulo ukuze uqinise ubufundi bakho ngokunjalo neBandla na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kwathi emva kokumiswa kweBandla, abangcwele babhekana nenselelo entsha—okwakungukwandisa ivangeli nokuqinisa labo abase bezihlanganise neBandla, ekubeni ukuhlushwa kwakusaqhubeka. U–Emma Smith wazibonela ngokwakhe lokhu kuhlushwa. NgoJuni ngo–1830, u-Emma nabomndeni wakwaKnight babefuna ukubhabhadiswa. Kodwa izitha zeBandla zazama ukukuphazamisa lokho okungcwele okwakuzokwenzeka. Abaqale bakwenza wukubhidliza idamu elalakhiwe ukuze imibhabhadiso yenziwe emanzini ajule ngokwanele. Ngisho emveni kokwakhiwa kabusha kwalelodamu, abahluphi baqoqana ndawonye besabisa futhi behlekisa ngalabo ababebhabhadiswa. Emva kwalokho, kwathi uJoseph esezowaqinisa amalungu amasha, waboshwa ngoba kuthiwa wona umphakathi ngokushumayela ngeNcwadi kaMormoni. Kwabonakala sengathi kwakungezukuba kuhle ukuqala kweBandla leNkosi elibuyiselwe kabusha. Kodwa kwathi phakathi kwalobu bubi, iNkosi yanika amazwi ezeluleko aba yigugu nenkuthazo, okwakungamazwi Akhe ayemele “izwi kubo bonke” (IMfundiso neziVumelwano 25:16.)

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 23–26

Ngingalekelela ukuqinisa iBandla leNkosi.

Namhlanje, nakuba sekuphele cishe iminyaka engamakhulu amabili iBandla lamiswa, isidingo soku “qinisa ibandla” sisekhona. (IMfundiso neziVumelwano 23:3–5.). Futhi lomsebenzi akusiwo nje kuphela okaJoseph Smith, no–Oliver Cowdery, noma abaholi bethu beBandla abakhona manje—ungowethu sonke. Kuso sonke isifundo sakho seMfundiso neziVumelwano 23–26, ake udlinze ngeseluleko iNkosi eyasinika abaNgcwele bokuqala ukubasiza baqinise iBandla. Ngabe yikuphi ozwa ukuthi iNkosi ifuna ukwenze ukubamba iqhaza kulomzamo na?

IMfundiso neziVumelwano 24

UMsindisi angangiphakamisa “angikhiphe ezinhluphekweni [zami].”

Ukuhola iBandla ngezikhathi zokuhlushwa okunzima kufanele ukuthi kwakungumthwalo osindayo kuJoseph Smith. Bheka amazwi enkuthazo avela eNkosini ebhekiswe kuJoseph Smith kwi Mfundiso neziVumelwano 24.

Isho ukuthini kuwe lemibhalo engcwele elandelayo mayelana nokuthi uMsindisi angakuphakamisa akukhiphe kanjani ezinhluphekweni zakho na?

IMfundiso neziVumelwano 24:1–3 

Imfundiso neziVumelwano 24:8 

IMfundiso neziVumelwano 121:7–8 

Isaya 40:28–31 

Mosiya 24:14–15 

Ukukhiphe kanjani uJesu Kristu ezinhluphekweni zakho na? Yikuphi ongakwenza ukuze uqhubeke nokufuna usizo Lwakhe ngezikhathi zobunzima na?

Isithombe
UJesu Kristu elapha abantu

Waphilisa Abaningi Abaphethwe Yizifo Ezahlukene, ngu–J. Kirk Richards

IMfundiso neziVumelwano 25

U–Emma Smith “yinkosikazi ekhethiweyo.”

Ngesikhathi u–Emma Hale egana uJoseph Smith, kungenzeka ukuthi wayazi ukuthi wayezobe ezinikela. Wakwenza lokhu ephikisana nentando kayise futhi eshiya impilo eyayinokunethezeka engena kwengacacile. Kungenzeka wayezibuza ukuthi iNkosi yayilindele ukuthi enzeni yena kulomsebenzi wokuBuyiselwa. Bheka izimpendulo iNkosi eyamnika zona kwiMfundiso neziVumelwano 25. Qaphela amazwi eNkosi evesini 16—ngabe kukhona yini kulesi sigaba okuzwa sengathi kungeLakhe “izwi [kuwe]” na?

Bheka futhi ku “An Especially Noble Calling,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2020, 15–18.

IMfundiso neziVumelwano 26:2

Kuyini ukuvumelana na?

Kuye kuthi uma amalungu emukela ubizo noma ukugcotshelwa ebuphristini eBandleni, thina siye sibe nethuba lokukhombisa ngokuphakamisa izandla ukuthi siyabeseka. Lomgomo wokukhonjiswa kokwesekwa yiwo wonke umuntu ubizwa ngokuthi ukuvumelana. Njengoba uMongameli uGordon B. Hinkley asifundisa wathi, “Lesi senzo sokusekela abanye akulona nje usiko lokuphakamisa isandla. Kusho ukuzinikela ekutheni sibaqinise, sibasekele, sibasize labo asebekhethiwe” (“This Work Is Concerned with People,” kwi–Ensign yangoMeyi 1995, 51).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 23:6.Kungani iNkosi ifuna sikhuleke “emndenini [yethu] naphakathi kwabangani [bethu], nakuzo zonke izindawo na”? Ngabe leliculo elithi “Love Is Spoken Here” (Children’s Songbook, 190)—noma elinye iculo elikhuluma ngomkhuleko—lisifundisani ngamandla omkhuleko na?

Bheka futhi ku–2 Nefi 32:8–9; 3 Nefi 18:18–23.

IMfundiso neziVumelwano 24:8.Kungaba nosizo yini ukuthi wena nomndeni wakho ke nikhulume ngokuthi kusho ukuthini uku “bekezela ezinhluphekweni na”? Uma unabantwana abasebancane kungakuhle ukuthi usenze kabusha isenzo uMongameli uDieter F. Uchtdorf asichaza kwinkulumo yakhe ethi “Continue in Patience” (kwi–Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2010, 56; bheka futhi i-vidiyo ku ChurchofJesusChrist.org). Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 24:8 ngokubekezela na? Ngabe iNkosi isisiza kanjani ukuze sibekezele ezinhluphekweni zethu na?

IMfundiso neziVumelwano 25:11–12.Mhlawumbe ningahlabelela iculo elithandwa yilungu lomndeni ngalinye bese nikhuluma ngokuthi kwenziwa yini leloculo libe yi “culo lenhliziyo” kulelolungu lomndeni. Ngabe lamaculo afana kanjani “nomkhuleko ku[Nkulunkulu]” na?

IMfundiso neziVumelwano 26:2.Kungasiza ukubheka isihloko esithi “Ukuvumelana” Kwizihloko Zemibhalo Engcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngabe sibakhombisa kanjani ukubasekela abaholi bethu na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Lift Up Your Voice and Sing,” Children’s Songbook, 252 (bheka “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni”).

Isithombe
uphawu lwamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

U–Emma Hale Smith

Amazwi eNkosi ku–Emma Smith abhalwe kwiMfundiso neziVumelwano 25 aveza imizwa yeNkosi ngaye nokuthi yayifuna abambe liphi iqhaza emsebenzini Wayo. Wayengumuntu onjani u-Emma? Ngabe kukhona yini esikwaziyo ngaye, ubudlelwane bakhe nabanye, namandla akhe na? Enye yezindlela zokuyazi le “nkosikazi ekhethiweyo” (IMfundiso neziVumelwano 25:3.) wukufunda okushiwo ngabantu ababemazi yena uqobo.

Isithombe
U-Emma Smith

U-Emma Smith, nguLee Greene Richards

UJoseph Smith Jr., umyeni wakhe

Isithombe
UJoseph Smith

“Kwaba yintokozo engachazeki, futhi ngezwa injabulo igcwala ezibeleni zami, ngesikhathi ngimthatha ngesandla, ngalobo busuku, u–Emma wami othandekayo—lowo owayengumkami, ngisho umkami ebusheni bami; futhi lowo owayekhethwe yinhliziyo yami. Miningi imicabango engaba nayo ngesikhathi ngidlinza ngokuningi esabizelwa ukuba sidlule kukho. Ukukhathala, nokusebenza kanzima, ukudabuka, nezinhlupho, nentokozo nokududuzwa izikhathi ngezikhathi kwazihlukanisa izindlela zethu futhi kwenza ukuhlala ndawonye kwethu kwaba nenzuzo. O! Miningi kangakanani imicabango eyagcwala emqondweni wami isikhashana nje, Usekhona lapha futhi, ngisho nakuyo inkathazo yesikhombisa, enesibindi, egxilile, futhi engenakunyakaziswa engashintsheki, u-Emma onothando.”1-

uLucy Mack Smith, umamezala wakhe

Isithombe
uLucy Mack Smith

“Ngaleso sikhathi wayesamncane, futhi ngokulangazelela, inhliziyo yakhe yonke yayisemsebenzini weNkosi, futhi akukho okunye ayekuthanda ngaphandle kwebandla nenkambiso yeqiniso. Konke ayekwenza ngezandla zakhe, wayekwenza ngamandla akhe futhi wayengenawo umbuzo womuntu ogcwele umona othi ‘Ngabe ngizozuza kakhulu kunabanye na?’ Kwakuthi uma amagosa ethunyiwe ukuyoshumayela, wayengowokuqala ukuzinikela ukusiza ngokubaqhokisela indlela, noma ngabe wayeswele kangakanani.”2

“Angikaze ngimbone owesifazane empilweni yami, owayezobhekana nakho konke ukukhathala nobunzima, inyanga nenyanga, unyaka nonyaka, ngaleso sibindi, nentshisekelo nokubekezela, ayehlezi ekwenza; ngokuba ngiyakwazi ake akubekezelela; ukuthi uke waba sesimweni sokungalazi ikusasa ukuthi lizoba njani; ukuthi uke wathwala izivunguvungu zezinhlupho, futhi uke washaywa wulaka olukhulu lwamadoda nosathane, waze wagwinywa yizinkathazo nxazonke, futhi cishe akekho omunye wesifazane owayengakumela lokho.”3

uJoseph Smith oMdala, ubabezala

Nasi isibusiso somphatriyakhe esashiwo nguJoseph Smith oMdala, owayengumphatriyakhe weBandla:

“Emma, ndodakazi yami, wena ubusisiwe yiNkosi, ngenxa yokwethembeka nokuba neqiniso kwakho: uzobusiswa kanye nomyeni wakho, futhi uzothokozela inkazimulo ezoza kuye: Uhlushiwe ngenxa yobubi bamadoda afuna ukubulala umyeni wakho, futhi umkhulekele ukuze aphephiswe: Jabula ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikuzwile ukunxusa kwakho.

“Ube nosizi ngenxa yokuqina kwezinhliziyo zabomndeni kayihlo futhi ukulangazelele ukuba basindiswe. INkosi izokuzwa ukukhala kwakho, ngezahlulelo zakhe izokwenza abanye babo babubone ubuwula babo baphenduke ezonweni zabo; kodwa bazosindiswa ngezinhlupho. Ziningi izinsuku osazozibona; yebo, iNkosi izokugcina uze weneliseke, ngokuba uzombona uMkhululi wakho. Inhliziyo yakho izowuthokozela umsebenzi omkhulu weNkosi, futhi akekho ozokwephuca intokozo yakho.

“Uyohlezi njalo ukukhumbula ukuzehlisa kukaNkulunkulu wakho mhla ekuvumela ukuba uphelezele indodana yami ngesikhathi ingelosi iletha indaba yamaNefi kuye. Luningi usizi oluzwileyo ngenxa yokuthi iNkosi ikuthathele abantwana abathathu: awunakubekwa cala ngenxa yalokhu, ngokuba iyazazi izifiso zakho ezinhle zokukhulisa umndeni, ukuze kubusiswe igama lendodana yami. Manje, bheka, ngithi kuwe, isho kanje iNkosi, uma uzokholwa, usazobusiswa kulento futhi usazozala abanye abantwana kuze kuthokoze umphefumulo wakho nabangani bakho.

“Uzobusiswa ngokuqonda, futhi uzonikwa amandla okufundisa abobulili bakho. Fundisa umndeni wakho ukulunga, nabancane bakho indlela yempilo, izingelosi ezingcwele ziyokulondoloza: futhi uzosindiswa embusweni kaNkulunkulu; ngisho kanjalo. Ameni.”4

Isithombe
U-Emma Smith nabantwana bakhe

U-Emma Smith nabantwana bakhe Isikhathi Sokuhleka, nguLiz Lemon Swindle

Isithombe
U–Emma Smith ebhala

Amahubo ka–Emma, nguLiz Lemon Swindle

Shicilela