IMfundiso neziVumelwano 2021
Februwari 22–28. IMfundiso neziVumelwano 18–19: “Ukubaluleka Kwabantu Kukhulu”


“Februwari 22–28. IMfundiso neZivumelwano 18–19: “Ukubaluleka Kwabantu Kukhulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neZivumelwano 2021 (2020)

“Februwari 22–28. IMfundiso neziVumelwano 18–19,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Ipulazi likaMartin Harris

Ipulazi likaMartin Harris, ngu–Al Rounds

Februwari 22–28

IMfundiso neziVumelwano 18–19

“Ukubaluleka kwabantu kukhulu”

Izambulo ezikwiMfundiso neziVumelwano zanikwa kuphendulwa imikhuleko mayelana nezimo ezithile cishe eminyakeni engama–200 eyadlulayo, kodwa izimfundiso ezikuzo azinqunyelwe sikhathi. Zibheke lezi zimfundiso ngesikhathi ufunda, futhi ucabange ukuthi ngabe zikuthinta kanjani wena.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UMartin noLucy Harris babenepulazi elihle kakhulu ePalmyra, eNew York. Kwakubathathe iminyaka ukulithola, labasiza bakwazi ukukhulisa abantwana, labenza baba negama elihle emphakathi. Kodwa ngo–1829 kwacaca ukuthi iNcwadi kaMormoni yayingakhishwa kuphela uma uMartin ebambisa ngepulazi lakhe ukuze kutholakale imali yokugaya. UMartin wayenabo ubufakazi beNcwadi kaMormoni, kodwa uLucy wayengenabo. Uma uMartin wayeqhubeka nokubambisa nepulazi bese iNcwadi kaMomoni ingadayisi kahle, wayezolahlekelwa yipulazi lakhe futhi abeke umshado wakhe engozini. Ziningi izikhathi lapho nathi sibhekana nemibuzo efana nayo lena uMartin ayebhekene nayo: Libaluleke kangakanani ivangeli likaJesu Kristu kimi na? Yini engizimisele ukunikela ngayo ukwelekelela ukwakha umbuso kaNkulunkulu na? Kungasisiza ukukhumbula ukuthi akekho owenza umnikelo odlula yonke ukuze abusise abantwana baNkulunkulu ngaphandle kukaJesu Kristu, “omkhulu kunabo bonke” (IMfundiso neziVumelwano 19:18).

UMartin wathatha isinqumo sokubambisa ngepulazi lakhe. Umnikelo awenzayo wasiza ukuthi kugaywe izincwadi zokuqala eziyi–5000 zeNcwadi kaMormoni. Manje sekwenziwe izincwadi eziyi–190 zezigidi, futhi izigidi zabantu sebebusisekile.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 18:10–16

INkosi iyajabula uma siphenduka.

Qaphela ukuthi amagama athi phenduka nelithi ukuphenduka asetshenziswa kangaki kwiMfundiso neziVumelwano 18 no 19, futhi uzindle ngokuthi yini oyifundayo kulamagama njalo uma esetshenziswa. Cabanga ikakhulu ngeMfundiso neziVumelwano 18:10–16; ukuthi lamavesi enza uzizwe kanjani ngokuphenduka—ukuphenduka kwakho nomthwalo onawo wokumema abanye ukuba baphenduke.

Bheka futhi ku–Alima 36:18–21; uDale G. Relund, “Repentance: A Joyful Choice,” kwi–Ensign noma iLiyahona, yangoNov. 2016, 121–24.

IMfundiso neziVumelwano 18:34–36

Ngiyalizwa izwi leNkosi kwiMfundiso neziVumelwano.

Uma kukhona okubuzayo ukuthi linjani izwi leNkosi, ungaphendula uthini? Ake ucabange ngalombuzo ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 18:34–36. Ngabe yikuphi okufundile ngezwi leNkosi ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano na? Yikuphi ongakwenza ukuze ulizwe kangconywana izwi Lakhe na?

IMfundiso neziVumelwano 19:15–20

UJesu wezwa ubuhlungu ukuze ngiphenduke ngize Kuye.

ITestamente Elisha lichaza ngokuzwa ubuhlungu kukaMsindisi ngokubuka kwalabo abalugubha lolo suku. KwiMfundiso neziVumelwano 19:15–20, uJesu Kristu wakhuluma ngokuzwa Kwakhe ubuhlungu ngawakhe amagama. Ngesikhathi uyifunda lendaba engcwele, bheka amagama achaza ngokuzwa Kwakhe ubuhlungu. Cabanga ngokuthi igama ngalinye likufundisani. Kungani uMsindisi avuma ukuzwa ubuhlungu na? Cabanga ngokubhala phansi imizwa yakho ngoJesu Kristu nomnikelo akwenzela wona.

Bheka ku Johane 15:13; Mosiya 3:7; Alima 7:11–12; IMfundiso neziVumelwano 18:10–13.

Isithombe
UJesu ephethe umfanyana

Ukubaluleka Komuntu nguLiz Lemon Swindle

IMfundiso neziVumelwano 19:26–27, 34–41

Izibusiso zikaNkulunkulu zinkulu kunamagugu omhlaba.

INcwadi kaMormoni ayithengisanga kahle ePalmyra, ngakho–ke uMartin Harris kwadingeka ukuba adayise ingxenye enkulu yepulazi lakhe ukuze akhokhele isikweletu. Ake uzindle ngalowo mnikelo—ngokunjalo nagezibusiso ozitholile ngenxa yawo—ngesikhathi uwafunda lamavesi. Ungacabanga futhi ngokuthi iNkosi wena ikucele ukuba unikele ngani. Ngabe yini oyithola kulamavesi ekugqugquzela ukuthi wenze leminikelo “ngokuthokoza” nango “kwenama” na? (Bheka futhi amavesi 15–20).

IMfundiso neZivumelwano 19:23

Ukuthula sikuthola ngokufunda kuJesu Kristu nokumlandela.

Cabanga ngesimemo sikaMsindisi “Funda kimi.” Ufundani ngoJesu Kristu kwiMfundiso neziVumelwano 19 na? Yibhale imicabango yakho futhi uzindle ngokuthi akusiza kanjani lamaqiniso ngoMsindisi ukuthi uthole ukuthula na? Kusho ukuthini kuwe uku “hamba ngobumnene boMoya [Wakhe]” na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 18:1–5.Mhlawumbe abomndeni wakho bangakhuluma “ngezikhathi eziningi” (ivesi 2) lapho uMoya ubambulele ukuthi imibhalo engcwele iyiqiniso, njengoba wenze naku–Oliver Cowdery. Umndeni wakho unga “thembela [kanjani] ezintweni ezibhaliweyo” (ivesi 3) emibhalweni engcwele na? Ungasakha kanjani isisekelo somndeni wakho “edwaleni” (ivesi 4) levangeli na?

IMfundiso neZivumelwano 18:10–13; 19:16–19.Ilunga lomndeni ngalinye lingafunda kwiMfundiso neziVumelwano 18:10–13 bese kuthi esikhundleni samagama “umuntu,” “abantu,” “bonke abantu” afake igama lakhe. Emva kwalokho seningakhuluma–ke ngokuthi lamavesi asisiza kanjani siqonde ukuthi sibalulekile kuBaba nakwiNdodana ( bheka iMfundiso neziVumelwano 19:16–19.).

IMfundiso neziVumelwano 18:21–25.Ngabe amagama amalunga omndeni wakho asho okuthile na? Mhlawumbe ningakhuluma ngokuthi yingani amagama ebalulekile futhi nokuthi kusho ukuthini ukwemukela uJesu Kristu ubizwe ngegama lakhe (bheka uMosiya 5:7). Kungayithuba elihle leli ukusiza amalunga omndeni alungiselele ukwemukela uKristu abizwe ngegama lakhe ngesikhathi bebhabhadiswa.

IMfundiso neziVumelwano 19:15–20.Ukusiza umndeni wakho ukuthi abakuzwayo kube nesisindo ngalamavesi, mhlawumbe ningawafunda ngesikhathi nibeke isithombe sikaJesu Kristu phambi kwenu (sikhona esihambisana nalamanqampunqampu). Kungathi emva kwalokho amalunga omndeni akhulume ngemizwa yabo ngoMsindisi. Iculo enilithandayo ngoMsindisi lingamema uMoya ube phakathi kwenu.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Stand All Amazed,” Hymns, no. 193.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Buza imibuzo. IMfundiso neziVumelwano ngubufakazi bokuthi ukubuza imibuzo kuholela ekutheni kwambulwe izinto. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, yibhale phansi imibuzo oba nayo. Emva kwalokho bese uzindla futhi ukhuleke ukuze uthole izimpendulo.

Isithombe
UKristu ekhuleka eNsimini yaseGetsemane

UKristu Ekhuleka Ensimini YaseGetsemane, nguHermann Clementz

Shicilela