IMfundiso neziVumelwano 2021
Februwari 15–21. IMfundiso neziVumelwano 14–17: “Yima njengoFakazi”


“Februwari 15–21. IMfundiso neziVumelwano 14–17: ‘Yima njengoFakazi,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Februwari 15–21. IMfundiso neziVumelwano 14–17,”Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UJoseph Smith noFakazi abaThathu beguqile bekhuleka

Februwari 15–21

IMfundiso neziVumelwano 14–17

“Yima njengoFakazi”

Umndeni nabangani baJoseph Smith babebuye bemucele ukuba athole isambulo ngokuthi uNkulunkulu wayefisa benzeni. Ngesikhathi ufunda lezi zambulo, cabanga ukuthi uNkulunkulu ufisa uthathe yiphi indlela.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Nakuba umsebenzi wokuhumusha wawuhamba kahle, ngoMeyi 1829 isimo eHarmony sabanzima kakhulu kuJoseph, u-Emma no-Oliver. Ubutha bomakhelwane babukhula kanti ukusekelwa umndeni ka-Emma kwakuncipha. Ezwa ukuthi eHarmony akusaphephile, u-Oliver waxhumana nomngani owayekhombise uthando ngomsebenzi kaJoseph: uDavid Whitmer. UDavid wayehlala nabazali nezelamani zakhe eFayette, eNew York, okungamamayela ayikhulu kude naseHarmony. Wayehlangane no-Oliver onyakeni odlule, futhi u-Oliver wayemubhalele izincwadi ezimbalwa kusukela lapho, ngokwakwenzeka ngesikhathi esebenza noMphrofethi. Akekho phakathi kwaDavid nomndeni wakhe owake wahlangana noJoseph. Kepha ngesikhathi u-Oliver ebuza ukuthi yena noJoseph bangeza ukuzohlala ekhaya lakwaWhitmer ukuze baqedele ukuhumusha iNcwadi kaMormoni, abakwaWhitmer bavula iminyango yabo ngokungangabazi. NeNkosi yayihlele okuningi ngabakwaWhitmer kunokuba bahlalise uMprofethi nje kuphela. Yayinemiyalelo ethile eyayiqondene nabo, etholakala kwi Mfundiso neziVumelwano 14–17, futhi babezoba eminye yemndeni eyisisekelo seBandla nofakazi bokuBuyiselwa kweVangeli okwakusaqhubeka.

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 14

Ngingasiza “emsebenzini omkhulu nomangalisayo” kaNkulunkulu.

Ngesikhathi ehlangana noJoseph Smith, uDavid Whitmer wayeyinsizwa eyayizinikele emsebenzini wepulazi lomndeni wakhe. Kepha iNkosi yayimuhlelele omunye umsebenzi uDavid—yize ngezinye izindlela, nawo wawufana nokulima. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 14:1–4 naka indlela iNkosi efanisa ngayo umsebenzi Wayo nomsebenzi uDavid ayewujwayele. Yikuphi okufundayo ngomsebenzi weNkosi kulesi sifaniso?

Ungali “shwiba kanjani isikela [lakho]”? (uvesi 4). Naka izethembiso kulesi sigaba ezinikezwe labo aba “funa ukuletha futhi bakhe … iSiyoni” (uvesi 6).

IMfundiso neziVumelwano 14:2

Izwi likaNkulunkulu “liyashesha futhi linamandla.”

INkosi iqhathanise izwi Layo ne “nkemba ebukhali nhlangothi zombili” (IMfundiso neziVumelwano 14:2). Lokhu kuqhathanisa kukutshela ukuthini ngezwi likaNkulunkulu? Isibonelo, izwi Lakhe liyashesha, linamandla futhi libukhali ngayiphi indlela? Wena usuke wawezwa kanjani amandla ezwi likaNkulunkulu?

Cabanga ezinye izindlela uNkulunkulu achaza ngazo izwi Lakhe. Isibonelo, yikuphi okufundayo ngezwi likaNkulunkulu uma ubheka ukuqhathanisa okusetshenzisiwe kulemibhalo elandelayo?

AmaHubo 119:105 

Isaya 55:10–11 

Matewu 4:4 

1 Nefi 15:23–24 

Alima 32:28 

Isithombe
inkemba ibekwe phezu kwemibhalo engcwele

INkosi iqhathanise izwi Layo nenkemba.

IMfundiso neziVumelwano 14:7

Ukuphila ingunaphakade “yisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu.”

Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 14:7, ake uzindle ngokuthi kungani ukuphila ingunaphakade “kuyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu.” Lolulwazi oluvela kuMongameli uRussell M. Nelson lungase lusize: “Ngaphansi kohlelo lwenjabulo lukaNkulunkulu, imindeni ingaboshwa emathempelini futhi ilungele ukubuyela iyohlala Naye ingunaphakade. Lokho ukuphila ingunaphakade!” (“Thanks Be to God,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2012, 77).

Cabanga ngokusebenzisa amanye amavesi ahambisana ne vesi 7 akusiza uqondisise kabanzi ngempilo engunaphakade (bheka “Ukuphila okuphakade” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele, scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Yikuphi okufundayo okukukhuthazayo ukuba usebenzele impilo engunaphakade na?

Imfundiso neziVumelwano 15–16

Ukuletha imiphefumulo kuKristu kubaluleke kakhulu.

UJohn noPeter Whitmer babefuna ukwazi ukuthi yikuphi “okubaluleke kakhulu” ezimpilweni zabo (IMfundiso neziVumelwano 15:4; 16:4). Wake wacabanga ngalokhu uwedwa? Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 15–16, cabanga ukuthi kungani ukuletha abantu kuKristu kubaluleke kangaka. Ungabamema kanjani abantu kuKristu na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 18:10–16.

IMfundiso neziVumelwano 17

UNkulunkulu usebenzisa ofakazi ukumisa izwi Lakhe.

Yini ufakazi? Kungani iNkosi isebenzisa ofakazi emsebenzini Wayo? (bheka 2 kwabaseKorinte13:1). Cabanga ngalemibuzo ngesikhathi ufunda amazwi uNkulunkulu awanike oFakazi abaThathu kwiMfundiso neziVumelwano 17. Kungase kusize ukubuyekeza “UbuFakazi boFakazi abaThathu” eNcwadini kaMormoni. Ofakazi basiza kanjani ekufezeni “izinhloso ezilungileyo” zikaNkulunkulu? (kuvesi 4).

Ubuwazi ukuthi noMary Whitmer naye wathola ubufakazi ngezingcwephe zegolide? Ingelosi uMoroni yamukhombisa ngendlela yokubonga iminikelo ayenza ngesikhathi uJoseph, u-Emma no-Oliver behlala ekhaya lakhe. Ufundani ngalokhu okwenzeka kuye ngokuthola ubufakazi?

Bheka futhi ku-Ulisses Soares, “The Coming Forth of the Book of Mormon,” kwi-Ensign or iLiyahona, yangoMeyi 2020, 32–35.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 14:1–4.Cabanga ngokumema umndeni wakho ukuba uthole amagama ahlangene nokulima kulamavesi. Kungani iNkosi ifanisa umsebenzi wayo nokuvuna? Thina singasiza kanjani emsebenzini Wayo na?

IMfundiso neziVumelwano 14:2.Umsebenzi walelivesi obhalwe “Kwamasu Okufunda imiBhalo eNgcwele uWedwa” unamavesi emibhalo engcwele akhuluma ngamazwi kaNkulunkulu. Mhlawumbe amalungu omndeni angawafunda abelane ngalokho akufundile. Lamavesi asikhuthaza kanjani ukuthi sili “nake” izwi likaNkulunkulu?

IMfundiso neziVumelwano 15:6; 16:6.Lamavesi angakhuthaza ingxoxo ngalokho okubaluleke kakhulu emndenini wakho (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 18:10).

IMfundiso neziVumelwano 17.Umndeni wakho ungase ukujabulele ukudweba izithombe zalokho oFakazi abaThathu abakubona (bheka ivesi 1). Ngesikhathi ufunda isigaba 17, bheka imisho efundisa ngokubaluleka kweNcwadi kaMormoni. Singaba kanjani ofakazi beNcwadi kaMormoni?  

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I’ll Go Where You Want Me to Go,” Hymns, no. 270.

Isithombe
uphawu lwamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

ULucy Mack Smith noFakazi abaThathu noFakazi abayisiShagalombili

Ingelosi uMoroni yakhombisa uJoseph Smith, u-Oliver Cowdery, uDavid Whitmer noMartin Harris izingcwephe zegolide ehlathini ngasekhaya lakwaWhitmer eFayette, eNew York. Abazali baJoseph babevakashele ekhaya lakwaWhitmer ngaleso sikhathi. ULucy Mack Smith, unina kaJoseph, wachaza ngomthelela lesi senzo esimangalisayo esabanawo kofakazi:

Isithombe
uLucy Mack Smith

Kwakuphakathi kwehora lesithathu nelesine. UNkosikazi Whitmer noMnumzane Smith kanye nami sasihleli ekamelweni. Ngangihleli eceleni kombhede. Ngesikhathi uJoseph engena, waziphosa phansi eceleni kwami. ‘Baba! Mama!’ kusho yena. ‘Anazi ukuthi ngijabule kanjani. INkosi isidale ukuthi izingcwephe zikhonjiswe abanye abathathu ngaphandle kwami, nabo ababone ingelosi futhi abazofakaza ngeqiniso lalokho engikushilo. Ngoba bayazazela ngokwabo ukuthi angihambi ngikhohlisa abantu. Futhi ngizizwa ngathi ngikhululwe umthwalo, owawucishe ube ngaphezulu kwamandla ami. Kodwa manje kuzofanele nabo bathwale ingxenye, futhi kuyangithokozisa emphefumulweni ukuthi angisengedwa emhlabeni.’ Kwase kwangena uMartin Harris. Wabukeka ethokoze kakhulu. Wayesefakaza ngalokho akubonile nakuzwile, nabanye ngokunjalo, u-Oliver noDavid. Ubufakazi babo babufana nalabo obubhaliwe kwiNcwadi kaMormoni. …

“UMartin Harris wabukeka engakwazi ukubeka imizwa yakhe ngamazwi. Wathi, ‘manje sengibone ingelosi evela eZulwini efakaze ngeqiniso lakho konke engikuzwile ngombhalo, namehlo ami ayibonile. Ngizibonile nezingcwephe futhi ngaziphatha ngezandla zami futhi ngingafakaza ngalokho emhlabeni wonke. Kepha ngizitholele ubufakazi amazwi angeke abuchaza, ulimi angeke lubuchaze, futhi ngiyambusisa uNkulunkulu ngomphefumulo wami wonke ukuthi uzikhothamisile ukwenza mina, yebo mina, ufakazi wobukhulu bomsebenzi wakhe nezinhlelo zakhe mayelana nabantwana babantu.’ U-Oliver noDavid nabo bahlanganyela naye ekudumiseni uNkulunkulu ngokulunga nomusa wakhe. Sabuyela ekhaya [ePalmyra, eNew York,] ngosuku olulandelayo sithokozile, sijabulile.”1

Isithombe
oFakazi abaThathu

Izithombe zika-Oliver Cowdery, uDavid Whitmer, noMartin Harris zenziwe nguLewis A. Ramsey

ULucy Mack Smith naye wayekhona ngesikhathi oFakazi abayisiShiyagalombili bebuya emva kokuzibonela:

“Emuva kokuba laba ofakazi bebuyele endlini, ingelosi futhi yavakashela uJoseph; ngaleso sikhathi uJoseph wayinikeza izingcwephe. Ngalobo busuku saba nomhlangano, lapho bonke ofakazi bethula ubufakazi ngamaqiniso njengoba eshiwo ngenhla; futhi wonke umndeni wethu, ngisho uDon Carlos [Smith] owayeneminyaka eyishumi nane ubudala, wafakaza ngeqiniso lezikhathi zokugcina—ukuthi zase ziqalile.”2

Isithombe
UJoseph Smith ekhombisa izingcwephe koFakazi abayisiShagalombili

Isifanekiso sikaJoseph Smith noFakazi abayisiShiyagolombili senziwe nguGary Ernest Smith

Isithombe
ingelosi uMoroni ikhombisa uJoseph Smith, u-Oliver Cowdery, noDavid Whitmer izingcwephe zegolide

Ingelosi uMoroni ikhombisa uJoseph Smith, u-Oliver Cowdery, noDavid Whitmer izingcwephe zeGolide, nguGary B. Smith

Shicilela