IMfundiso neziVumelwano 2021
Februwari 1–7. IMfundiso neziVumelwano 10–11: “Ukuze ube ngumqobi”


“Februwari 1-7. IMfundiso neziVumelwano 10–11: ‘Ukuze ube ngumnqobi,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Februwari 1-7. IMfundiso neziVumelwano 10–11,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Umbhalo olotshwe ngesandla weNcwadi kaMormoni

Okufana ncamashi nombhalo olotshwe ngesandla weNcwadi kaMormoni.

Februwari 1–7

IMfundiso neziVumelwano 10–11.

“Ukuze ube ngumqobi”

Ukuyibhala imizwa oba nayo ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele kunjengokutshala isithombo; ngisho imizwa emincane kangakanani ingaholela umuntu ukuba athole isambulo esiqondene naye.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi ukuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni kusaqhubeka, kwaba khona umbuzo othi: Ngabe uJoseph Smith no–Oliver Cowdery kufanele benzeni ngalawo makhasi okuhunyushwa ayeselahlekile na? Okwakucacile ababengakwenza wukubuyela emuva bayoyihumusha futhi leyongxenye, kodwa iNkosi yayibona ababengakuboni—abantu ababi base bebakhela ugobe lokuwashintsha amagama ayekulawo makhasi ukuze abantu basingabaze isipho sokuhumusha uJoseph ayenaso. UNkulunkulu wayenesu lokuvimbela imizamo kaSathane futhi nokubuyisela lokho okwakulahlekile. Lelisu lenziwa izinkulungwane zeminyaka eseyadlula ngesikhathi umphrofethi uNefi ezwa eyalwa nguMoya ukuba enze futhi omunye umbhalo owawukhuluma ngesikhathi esifanayo. Kamuva, uMormoni wayalwa nguMoya ukuba awufake nalombhalo eNcwadini kaMormoni “ngenhloso yokuhlakanipha”eyaziwa yiNkosi (bheka Amazwi kaMormoni 1:3–7).

INkosi yathi kuJoseph: “ukuhlakanipha kwami kukhulu kunobuqili bukadeveli” (IMfundiso neziVumelwano 10:43). Lokho kusinika ithemba kulesi sikhathi esiphila kuso lapho isitha senza konke okusemandleni aso ukuqeda ukholo. NjengoJoseph, singa “thembeka futhi siqhubeke” emsebenzini uNkulunkulu asibizele kuwo (ivesi 3). Futhi siyothola ukuthi Yena useyivezile indlela ukuze “amasango esihogo “angasinqobi (ivesi 69).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 10:1-33

USathane ufuna ukuwona umsebenzi kaNkulunkulu.

USathane uthanda ukuthi sikhohlwe ukuthi ukhona—noma okungenani singayiboni imizamo yakhe yokusilutha (bheka ku–2 Nefi 28:22–23). Kodwa amazwi eNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 10 aveza ukuthi njalo uSathane uhlezi ephikisana nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda amavesi 1–33, ake uthole ukuthi uSathane wayefuna ukuwona kanjani umsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi sikaJoseph Smith (Bheka futhi amavesi 62–63). Ngabe kukhona yini okubonayo okufana nendlela uSathane asebenza ngayo namhlanje na? Ungayicela iNkosi ikusize ukwazi ukubona ukuthi uSathane ukulinga kanjani. Yikuphi okufundayo kwisigaba 10 okungakusiza uvimbele imizamo kaSathane na?

IMfundiso neziVumelwano 10:34–52

“Ukuhlakanipha [kweNkosi] kukhulu kunobuqili bukadeveli.”

Eminyakeni engu–2,400 phambilini, iNkosi yalungiselela ukukhokhela ukulahleka kwamakhasi eNcwadi kaMormoni (bheka ku–1 Nefi 9). Yikuphi okufundayo ngeNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 10:34–52? Yibuphi ubufakazi bokuhlakanipha nokwazi ngaphambili kweNkosi osuke wakubona empilweni yakho na?

Umbhalo owalungiswa yiNkosi ukuthatha indawo yamakhasi alahleka manje usutholakala ku–1 Nefi kuya ku–Omini. Izindaba nezimfundiso ezikulemibhalo “[zikuvezela] kabanzi [kanjani] ngevangeli” na? (I(Mfundiso neZivumelwano 10:45).

Isithombe
UMormoni ufinyeza indaba esezingcwepheni

UMormoni Ufinyeza Indaba Esezingcwepheni nguTom Lovell

IMfundiso neziVumelwano 11

Uma ngicela kuNkulunkulu ngizophiwa.

Baningana abomndeni kaJoseph Smith nabangani bakhe ababecela uJoseph abacelele intando yeNkosi. Wayengenankinga ukukwenza lokho uJoseph, kodwa iNkosi yayithanda ukubanika ngabanye isambulo somuntu uqobo. KwiMfundiso neziVumelwano 11, isambulo uJoseph Smith asitholela umfowabo omdala uHyrum, iNkosi yathi, “ngizokwambula kuwe okoMoya wami, … futhi emva kwalokho uyokwazi … zonke izinto zanoma yini oyifisayo kimi” (IMfundiso neziVumelwano 11:13–14).

INkosi yathi amazwi Ayo ngawabo “bonke abanezifiso ezinhle, futhi nabashwibe isikela labo ukuze bavune” (ivesi 27). KwiMfundiso neziVumelwano 11, ngabe ikutshelani iNkosi ngesambulo esiqondene nomuntu nangokubamba iqhaza emsebenzini weNkosi na? Yimiphi eminye imiyalezo iNkosi ekuphathele yona na?

IMfundiso neziVumelwano 11:15–26

Ngesikhathi ngifuna “ukulithola izwi [likaNkulunkulu],” ngizowuthola uMoya Wakhe namandla.

Ngisho nangaphambi kokuba iNcwadi kaMormoni ihunyushwe, uHyrum Smith wayemagange ukushumayela ivangeli. Ngesikhathi ufunda ngempendulo yeNkosi kuye, ake ucabange ngokuthi kusho ukuthini kuwe “ukulithola izwi [likaNkulunkulu]” (ivesi 21). Ngabe kukusiza kanjani ukulithola izwi likaNkulunkulu ukuze ukwazi ukusiza eBandleni na? Lokho ngabe kuwaletha kanjani amandla kaNkulunkulu empilweni yakho na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 10:5.Yini esiyifundayo kulelivesi ngamandla omkhuleko na? Ngabe “sikhuleka [kanjani] njalo” na? (Ukuze uthole olunye ulwazi, bheka ku David A. Bednar, “Pray Always,” kwi–Ensign noma iLiyahona, yangoNov. 2008, 41–44.)

IMfundiso neziVumelwano 10:38–46.Ukuze usize umndeni wakho ukhulume ngokuthi ngabe iNkosi yawakhokhela kanjani amakhasi alahleka eNcwadi kaMormoni, mhlawumbe bangaxoxelana ngokusanda kubalahlekela. Kwabanjani ngesikhathi bethola ukuthi kukhona osekulahlekile na? Kwabanjani ngesikhathi bekuthola obekulahlekile na? Nakuba amakhasi eNcwadi kaMormoni alahleka engaphindanga atholakala, ngabe iNkosi yawakhokhela kanjani ngokwe Mfundiso neziVumelwano 10:38-46 na?

IMfundiso neziVumelwano 10:55–70.Cela amalungu omndeni athole amagama aqala ngokuthi “Ngingu” noma “Ngizo.” Sifundani kumagama athi “Ngingu” mayelana nokuthi ungubani uJesu Kristu nokuthi unjani? Sifundani kumagama athi “Ngizo” mayelana nokuthi Yena wenzani na? Bakhuthaze abomndeni wakho ukuba baxoxe ngokuthi lamaqiniso aluqinisa kanjani ukholo lwabo kuJesu Kristu.

IMfundiso neziVumelwano 11:12–14.Ukufunda lamavesi kungawasiza amalunga omndeni wakho akwazi ukubona uma uMoya ukhuluma nabo. Ungakhanyisa ithoshi phansi bese umema omunye wabo ukuthi makaye lapho kukhona khona ukukhanya. Kufana kanjani lokhu nokulandela ukuholwa nguMoya oNgcwele na? Yikuphi osuke wakubona ongabaxoxela ngakho na?

IMfundiso neziVumelwano 11:15–30.Ake ucabange ngokwenza uhla lwezinto iNkosi eyathi uHyrum Smith makazenze ukuze akulungele ukushumayela ivangeli. Ngabe yikuphi okufanele sikwenze njengomndeni na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Search, Ponder, and Pray,”Children’s Songbook, 109, bheka “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumdeni.”

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Kusebenzise okusemibhalweni engcwele empilweni yakho. Emva kokufunda indinyana ethile kwimibhalo engcwele, cela omunye wamalunga omndeni ukuba akhulume ngokuthi leyo ndinyana angayisebenzisa kanjani empilweni yakhe na? Isibonelo, bangakhuluma ngokuthi uMoya ubathinte kanjani ngezindlela ekukhulunywa ngazo kwiMfundiso neziVumelwano 11:12–13.

Isithombe
UJoseph noHyrum Smith

UJoseph noHyrum Smith nguKen Corbett

Shicilela