IMfundiso neziVumelwano 2021
Februwari 8–14. IMfundiso neziVumelwano 12–13; Joseph Smith—uMlando 1:66–75: “Kini Zinceku Engisebenza Nazo”


“Februwari 8–14. IMfundiso neZivumelwano 12-13; Joseph Smith—uMlando 1:66–75: ‘Kini Zinceku Engisebenza Nazo,’” Wozani, Ngilandeleni––Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Februwari 8–14. IMfundiso neziVumelwano 12–13; Joseph Smith uMlando 1:66–75,” Wozani, Ngilandeleni––Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neZivumelwano 2021

Isithombe
Umfula iSusquehanna

Februwari 8–14

IMfundiso neziVumelwano 12–13; Joseph Smith––uMlando 1:66–75

“Kini Zinceku Engisebenza Nazo”

UJoseph Smith no–Oliver Cowdery bathola olunye ulwazi ngesikhathi bekhuleka ngamaqiniso ababefunde ngawo emibhalweni engcwele (bheka kuJoseph Smith ––uMlando 1:68). Ungasilandela kanjani isibonela sabo na?

Yibhale phansi imizwa onayo

Iningi labantu emhlabeni jikelele cishe abakaze bezwe ngendawo okuthiwa yiHarmony, ePennsylvania. Kodwa iNkosi ivame ukukhetha izindawo ezingaziwa lapho okwenzeka khona izehlakalo ezibalulekile embusweni Wakhe. Endaweni enezihlahla maduzane naseHarmony ngomhlaka–15 kuMeyi 1829, uJohane uMbhabhadisi wavela kuJoseph Smith no–Oliver Cowdery engumuntu osevuke ekufeni. Wabeka izandla zakhe emakhanda abo wabanika ubuphristi buka-Aroni, ebabiza nge “zinceku engisebenza nazo” (IMfundiso neZivumelwano 13:1).

Ukubizwa ngenceku esebenza noJohane uMbhabhadisi, owabhabhadisa uMsindisi futhi walungisa indlela ngaphambi kokuza Kwakhe (bheka kuMathewu 3:1–6, 13–17), kufanele ukuthi kwakuzithobekisa, futhi mhlawumbe kwakuziqeda amandla lezi zinsizwa. Ngaleso sikhathi, uJoseph no–Oliver babengaziwa, njengayo indawo yase Harmony. Kodwa ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu selokhu njalo kwahlala kumayelana nokuthi simsebenzela kanjani kunokuthi ngubani obonayo. Noma ngabe kuncane kangakanani okwenzayo kwesinye isikhathi, nawe uyinceku esebenza nabanye emsebenzini omkhulu weNkosi.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 12

INkosi ifuna ngilekelele ukumisa inhloso yeSiyoni.

UJoseph Knight oMdala nomkakhe uPolly, bahlangana noJoseph Smith ngesikhathi eqala ukusebenza epulazini labo eColesville, eNew York, eseneminyaka engamashumi amabili ubudala. UJoseph Knight wamchaza njengesisebenzi esilhle kunazo zonke ezake zamsebenzela. Wabukholwa ubufakazi bukaJoseph Smith mayelana nezingcwephe zegolide wase ethatha uPolly ukuba bavakashele uJoseph Smith ngesikhathi esahumusha iNcwadi kaMormoni emzini wakhe eHarmony, ePennsylvania. UPolly wakholwa masinyane. Izimpilo zabo zonke, uJoseph no Polly bahlala bebambelele evangelini elibuyiselwe. Amalungu omndeni akwaKnight angaphezulu kuka–60 alijoyina iBandla futhi balekelela ukulimisa eNew York, e-Ohio, eMissouri, eNauvoo, ngokunjalo naseSalt Lake City ekugcineni.

UJoseph wayefuna ukwazi ukuthi wayengasiza kanjani emsebenzini weNkosi. Impendulo yeNkosi (manje esibizwa ngeMfundiso neziVumekwano 12) ithinta “bonke abanezifiso zokuveza futhi bamise lomsebenzi” (ivesi 7)––kuhlanganisa nawe. Kusho ukuthini kuwe uku “veza futhi umise inhloso yeSiyoni na”?(ivesi 6). Imfundiso nesimilo emavesini 7–9 kukusiza kanjani ukuba ukwenze lokhu na?

IMfundiso neziVumelwano 13

UbuPhristi buka-Aroni babuyiselwa nguJohane uMbhabhadisi.

Kumusho owodwa nje, uJohane uMbhabhadisi wembula okuningi ngobuPhristi buka-Aroni. Ake ucabange ngokwenza uhla lwakho konke okufundayo kulesi sigaba (ngokunjalo nasemazwini esihloko). Kungahle kukusize ukuthi ufunde ngemisho oyitholayo. Nazi izibonelo ongaqala ngazo:

Ngabe yiziphi izibusiso osuzitholile ngezimiso zobuPhristi buka-Aroni na?

Isithombe
UJoseph Smith ebhabhadisa u–Oliver Cowdery

UJoseph Smith ubhabhadisa u–Oliver Cowdery, nguDel Parson

Joseph Smith—uMlando 1:66–75

Izimiso zenza ngikwazi ukuthola amandla kaNkulunkulu.

Udade uCarole M. Stephens, owayengumeluleki kubuMongameli beNhlangano yokuSiza yabesiFazane, wasifundisa wathi: “Izimiso nezivumelwano zobuphristi zisinika ukuphelela kwezibusiso esithenjiswe zona nguNkulunkulu, esizithola ngeNhlawulo kaMsindisi. Zihlomisa amadodana namadodakazi kaNkulunkulu ngamandla, kaNkulunkulu, futhi zisinika ithuba lokuthola ukuphila okuphakade” (“Do We Know What We Have?kwi–Ensign noma iLiahona, yangoNov. 2013, 12.

Ngesikhathi ufunda ku Joseph Smith—uMlando 1:66–75, ngokunjalo nencazelo ekugcineni kwevesi 71, ake ucabange ngokuthi ngabe yini eyagqugquzela uJoseph no–Oliver ukuba babuze ngombhabhadiso, futhi qaphela izibusiso ezeza kubo emva kokwenza izimiso zobuphristi. Cabanga ngokufunda lokho owakubhala emva kokuthola izimiso noma ubhale okukhumbulayo ngaleso sikhathi. Ngabe yiziphi izibusiso osuzitholile ngezimiso zobuphristi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 12:8.Kungani lezi zimilo ezibalulwe kulelivesi zidingekile uma senza umsebenzi weNkosi na?

IMfundiso neziVumelwano 13.Yini engenza umndeni wakho ube nokholo ekubuyiselweni kobuPhristi buka-Aroni na? I-vidiyo enesihloko esithi “Restoration of the Aaronic Priesthood” (ChurchofJesusChrist.org) noma imidwebo ehambisana nalendaba kungawusiza umndeni wakho ukwazi ukuba nesithombe sokuthi kwakwenzekani ngesikhathi kubuyiselwa ubuPhristi buka-Aroni. Uma ucabanga bangakuthokozela ukudweba isithombe salesi sehlakalo, ngokwalokho abakufundile kuJoseph Smith—uMlando 1:68-74? Bangakhuluma futhi ngobufakazi babo mayelana namandla obuphristi ezimpilweni zabo.

Bheka futhi i “Priesthood Restoration Site” etholakala ku history.ChurchofJesusChrist.org.

Joseph Smith—uMlando 1:68.Singasilandela kanjani isibonelo sikaJoseph no–Oliver ukuze sithole izimpendulo emibuzweni esinayo na? Mhlawumbe ngesikhathi nisafunda ndawonye, ningakwenza kube yinjwayelo ukuthi ke nime nibuze ukuthi ngabe ukhona yini onombuzo na?

Joseph Smith—uMlando 1:71, incazelo.Yikuphi okuwuhlaba umxhwele umndeni wakho ngamagama ka–Oliver na? Ngabe yiziphi emndenini wakho lezo “zinsuku ezingeke zakhohlakala” na?

Joseph Smith—uMlando 1:73–74.Waba namuphi umthelela uMoya oNgcwele kuJoseph no–Oliver na? Kunini lapho uMoya usize umndeni wakho ukuba uyiqonde imibhalo engcwele futhi uthokoze eNkosini na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “The Priesthood Is Restored,” Children’s Songbook, 89

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Funda ngesihloko. Khethani isihloko eningafunda ngaso kabanzi njengomndeni. Isibonelo, kuleli sonto ningasebenzisa Izihloko noma Izihloko Zemibhalo Engcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org) ukuze nithole imibhalo engcwele emayelana nobuPhristi buka-Aroni.

Isithombe
UJohane uMbhabhadisi enika uJoseph Smith ubuPhristi buka-Aroni

Kini Zinceku Engisebenza Nazo, nguLinda Curley Christensen

Shicilela