“ngoJanuwari 25–31. IMfundiso neZivumelwano 6–9: ‘Lona nguMoya weSambulo,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)
“ngoJanuwari 25–31. IMfundiso neziVumelwano 6–9,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021
Januwari 25–31.
IMfundiso neZivumelwano 6–9
“Lona nguMoya weSambulo”
INkosi isambulela amaqiniso ezingqondweni nasezinhlizyweni zethu (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 8:2-3). Ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 6–9, yibhale phansi imizwa oyitholayo.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Ngekwindla yangonyaka ka–1828, umfundisi owayesemncane igama lakhe kwakungu–Oliver Cowdery wathola umsebenzi wokufundisa endaweni yase Manchester eNew York, wase ehlala nomndeni kaLucy noJoseph Smith oMdala. U-Oliver wayesezwile ngendodana yabo uJoseph, ngalesi sikhathi owayesehlala eHarmony, ePennsylvania, futhi u-Oliver, owayezithatha njengomuntu owayefuna iqiniso, wayefuna ukwazi kabanzi ngoJoseph. AbakwaSmith bamxoxela ngezigameko zokuvakashelwa yizingelosi, umbhalo wasendulo, nangesipho sokuhumusha ngamandla kaNkulunkulu. U-Oliver wayemangazekile. Ngabe kuyiqiniso lokhu na? ULucy noJoseph bamnika iseluleko esithinta noma ngubani ofuna iqiniso: khuleka ucele eNkosini.
Wenza njalo u–Oliver, futhi iNkosi yamuphendula, imnika ukuthula nokuqiniseka engqondweni yakhe. U-Oliver wathola ukuthi isambulo yinto eqondene nomuntu uqobo lwakhe—futhi lokhu yinto ayesazoyifunda ngokujulileyo ezinyangeni ezizayo. Isambulo akusiso esabaphrofethi nje kuphela, singesanoma ngubani osifisayo nosifunayo. U–Oliver wayengakakwazi okuningi, kodwa wayesazi okwanele ukuthi athathe isinyathelo esilandelayo. Kukhulu iNkosi eyayikwenza ngoJoseph Smith, u–Oliver naye wayefuna ukuba yingxenye yalokho.
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
IMfundiso neziVumelwano 6; 8–9
UBaba oseZulwini ukhuluma nami ngo “Moya weqiniso.”
Ngentwasahlobo yangonyaka ka–1829 u–Oliver Cowdery wahamba waya eHarmony wafike wazinikela ukuba ngumbhali kaJoseph Smith ngesikhathi ehumusha iNcwadi kaMormoni. Ngalesi sikhathi u–Oliver wayesekubona kahle konke ukuhumusha okwakwenzeka ngenxa yezambulo. Lokhu ayekubona kwamenza wajabula, wase ezibuza ukuthi kazi naye wayengabusiswa yini ngesipho sokuhumusha. INkosi yamuvumela ukuba ahumushe, kodwa kwakuyinto entsha kuye ukuthola isambulo, futhi imizamo yakhe ayibanga yimpumelelo. Kuningi okwakusafanele akufunde, futhi kwiMfundiso neziVumelwano 6, 8, kanye no–9 kuyakhombisa ukuthi iNkosi yayithanda ukumfundisa.
Ngesikhathi uzifunda lezi zigaba, qaphela ukuthi iNkosi yamfundisani ngesambulo umuntu azitholela sona. Lamazwi eNkosi ahambisana kanjani nalokho wena osukuzwile—noma ongathanda ukukuzwa na?
Isibonelo, IMfundiso neziVumelwano 6:5–7; 8:1; 9:7–8 ngabe isifundisani mayelana nokufunwa yiNkosi ngaphambi kokwambula intando Yayo na?
Yikuphi okufundayo kwiMfundiso neziVumelwano 6:14–17, 22–24; 8:2–3; 9:7–9 mayelana nezindlela ezahlukene esingathola ngazo isambulo na?
Ngabe kukhona yini okunye okufundayo ngesambulo kulezi zigaba na?
Ukuze ufunde kabanzi ngesambulo, bheka inkulumo kaRussell M Nelson, “Reveleation for the Church, Revelation for Our Lives,” kwi–Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2018, 93–96; Julie B Beck, “And upon the Handmaids in Those Days Will I Pour Out My Spirit,” kwi–Ensign noma iLiahona, yangoMeyi 2010, 10–12.
IMfundiso neziVumelwano 6:18–21, 29–37
Bheka kuKristu ngayo yonke imicabango yakho.
Nakuba uJoseph wayeseke wabhekana ne “zimo ezinzima” ngesikhathi esenza umsebenzi weNkosi (IMfundiso neziVumelwano 6:18), cishe yena no-Oliver babengazi kahle ukuthi lezo zimo zazisazoba nzima kangakanani eminyakeni embalwa ezayo. Kodwa iNkosi yayazi, futhi iyazi ukuthi bungakanani ubunzima obuzayo nakuwe. Izeluleko ezibhekiswe kuJoseph naku–Oliver kwiMfundiso neziVumelwano 6:18–21, 29–37 zingakusiza nawe. Kungase ukuba imizwa yaJoseph no–Oliver yaba njani emva kokuzwa lamazwi? Yikuphi okutholayo kulamavesi okwenza uyethembe iNkosi? Ungabheka kanjani kakhudlwana kuKristu empilweni yakho na?
U–Oliver Cowdery, nguLewis A. Ramsey
IMfundiso neziVumelwano 6–7; 9:3; 7–14
“Ngisho njengoba ulangazelela kimi kuyoba njalo nakuwe.”
Qaphela ukuthi kukangaki lamagama alandelayo evela kwizigaba 6 no–7 “langazelela” “izifiso”. Yikuphi okufundayo kulezi zigaba ngokubaluleka kwezifiso zakho kuNkulunkulu? Zibuze lombuzo weNkosi okwiMfundiso neziVumelwano 7:1: “Yini oyilangazelelayo na?”
Esinye sezifiso zika–Oliver Cowdery ezilungileyo—ukuhumusha njengoba uJoseph Smith ayehumusha—asigcwalisekanga. Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 9:3, 7–14, yimiphi imizwa onayo engakusiza uma kwenzeka zingagcwaliseki izifiso zakho ezilungileyo na?
Bheka futhi kwiMfundiso neziVumelwano 11:8,; Dallin H. Oaks, “Desire,” kwi–Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2011, 42–45.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
IMfundiso neziVumelwano 6:7, 13.Ungawusiza kanjani umndeni wakho uqonde ukuthi “ingcebo” yangempela itholakala ekuphileni okuphakade na? (ivesi 7). Ungawumema umndeni wakho wenze imali okungeyona eyangempela babhale kuyo ezinye zezibusiso esenizitholile ngenxa yevangeli elibuyiselwe.
-
IMfundiso neziVumelwano 6:15, 22–23; 8:2–3; 9:7–9.Ukufunda lamavesi amayelana nokuthi uNkulunkulu ukhuluma kanjani nabantwana Bakhe kungaveza ithuba elihle kakhulu lokukhuluma ngokuthi usekhulume kanjani nawe.
-
IMfundiso neziVumelwano 6:33–37.Amalunga omndeni angakhuluma ngezindlela “angenza ngazo okuhle,” ngisho besaba. Kungasiza futhi nokulalela inkulumo yeGosa uRonald A. Rasband “Be Not Troubled” (kwi–Ensign noma iLiyahona, yangoNovemba 2018, 18–21). Kusho ukuthini uku “bheka [kuKristu] ngayo yonke imicabango”? (ivesi 36). Yiziphi ezinye izibonelo zabantu ababheka eNkosini ukuze banqobe ukungabaza nokwesaba na? (Bheka ku–Esteri 4; Alima 26:23–31).
-
IMfundiso neziVumelwano 8:10.Kungaba yithuba elihle kakhulu leli lokukhuluma ngokuthi ukholo kuJesu Kristu lukuqinise kanjani wena nomndeni wakho. Yingani kubalulekile ukuthi si “cele ngokukholwa” na? Yiziphi izibusiso oke wazibona ngokufuna izimpendulo noma usizo ngokukholwa na?
Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.
Iculo elingaculwa: “Dare to Do Right,” Children’s Songbook, 158.
Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli
Ukuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni
Ngo–Ephreli 1829, inyanga okwatholakala ngayo izigaba 6–9 zeMfundiso neziVumelwano, umsebenzi omkhulu kaJoseph Smith kwakuwukuhumusha iNcwadi kaMormoni. Kwathi kamuva esecelwa ukuthi ake achaze ukuthi lendaba yahunyushwa kanjani, uJoseph wathi “kwakungeyona inhloso ukutshela umhlaba konke ngayo.”1 Wayevame ukuthi yahunyushwa “ngesipho, nangamandla kaNkulunkulu.”2
Asiyazi yonke imininingwane ngesimangaliso salokho okwakwenzeka kuhunyushwa, kodwa siyazi ukuthi uJoseph Smith wayengumboni, esizwa yizinto ezazilungiswe nguNkulunkulu: amatshe amabili akhanyayo ayebizwa ngokuthi yi–Urimi neThumimi nelinye itshe okwakuthiwa yitshe lomboni.3
Lamazwi alandelayo ashiwo yilabo abangofakazi abazibonela ngamehlo abo konke okwakwenzeka ngesikhathi kuhunyushwa, ayabusekela ubufakazi bukaJoseph.
Kunenkolelo yokuthi lelibhokisi, okwakungela Hyrum Smith, lalisetshenziswa okwesikhashana ukuzifihla izingcwephe.
u-Emma Smith
“Ngenkathi umyeni wami ehumusha iNcwadi kaMormoni, ngayibhala ingxenye yayo, ngesikhathi enginika amazwi omusho ngamunye, igama negama, futhi kwakuthi uma efika emagameni abantu noma ezindawo ayengakwazi ukuwabiza, noma amagama amade wayewabizela, futhi ngesikhathi ngisawabhala kwakuthi uma ngenza iphutha ukuwabhala, wayengimisa alungise lelophutha nakuba wayengakwazi ukubona ukuthi ngiwabhala kanjani. Ngisho igama Sara wayengakwazi ukulibiza ekuqaleni, kwakufanele ukuthi alibize, mina ngimusholo lona.”4
“Izingcwephe zazivamise ukuhlala etafuleni kungekho mizamo yokuzicashisa, zigoqwe ngendwangu yetafula encane yelineni engangimnike yona ukuba azigoqe ngayo. Ngake ngizithinta izingcwephe zisahleli kanjalo etafuleni, ngizwa isimo sazo. Zazizwakala sengathi zithambile njengephepha eliwugqinsi, futhi zazenza umsindo wensimbi uma zazicindezelwa emacaleni ngesithupha, njengoba kwesinye isikhathi uye ucindezele ngesithupha amakhasi encwadi. …
“Engikholwa yikho wukuthi iNcwadi kaMormoni ivela kuNkulunkulu—lokho angikungabazi nakancane. Nganelisekile ukuthi akekho umuntu owayengakwazi ukunika amagama abhalwa ngesandla ngaphandle uma ayeyalwa nguMoya; ngokuba ngesikhathi ngimbhalela, [uJoseph] wayenginika amagama ihora nehora; futhi kwakuthi uma sesibuyela emva kokudla, noma emva kokuphazamiseka, wayevele aqhubeke lapho ayegcine khona, ngaphandle kokubuka umbhalo noma afundelwe lapho kugcinwe khona. Lokhu kwakuyinto ayevame ukuyenza. Kwakungabazeka ukuthi indoda efundile yayingakwazi ukukwenza lokhu; futhi-ke kumuntu owayengafundile kangaka njengaye, lokhu kwakungenakwenzeka.”5
Umfanekiso ka-Emma noJoseph Smith wenziwe nguMichael T. Malm
U–Oliver Cowdery
“Ngayibhala ngelami ipeni yonke iNcwadi kaMormoni (ngaphandle kwamakhasi ambalwa) ngesikhathi ivela ezindebeni zomphrofethi, ngesikhathi eyihumusha ngesipho nangamandla kaNkulunkulu, nge-Urimi neThumimi, noma, njengoba zibizwa encwadini, izihumushi ezingcwele. Ngazibona ngawami amehlo, futhi ngaziphatha ngezami izandla, izingcwephe zegolide eyahunyushwa ivela kuzo. Ngazibona futhi nezihumushi.”6
UJoseph Smith no-Oliver Cowdery kuningi abakufunda ngababekwenza behumusha izingcwephe zegolide.