IMfundiso neziVumelwano 2021
Januwari 18–24. IMfundiso neziVumelwano 3–5: “Umsebenzi Wami Uyoqhubeka”


“Januwari 18–24. IMfundiso neziVumelwano 3–5: ‘Umsebenzi Wami Uyoqhubeka,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Januwari 18–24. IMfundiso neziVumelwano 3–5,” Wozani, Ngilandeleni—Okwabantu Ngabanye Nemindeni: 2021

Isithombe
amadoda esebenza ensimini

Isikhathi sokuVuna eFrance, nguJames Taylor Harwood

Januwari 18–24

IMfundiso kanye neziVumelwano 3–5

“Umsebenzi Wami Uyoqhubeka”

Bhala phansi okufundayo nokuzwayo ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele. Lokhu kuzokusiza ukhumbule okuzwile futhi ukutshele nabanye.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi esaqala ukuba ngumphrofethi weNkosi, uJoseph Smith wayengazi konke “ngomsebenzi omangalisayo” ayebizelwe wona. Kepha, into eyodwa izimo zakhe ezamfundisa yona ukuthi ukulungela umsebenzi kaNkulunkulu kumele iso lakho ngempela “liqonde inkazimulo kaNkulunkulu” (iMfundiso neZivumelwano 4:1, 5). Isibonelo, uma iNkosi imnikeza umyalo owawungahambisani nezifiso zakhe, kwakudingeka alandele umyalo weNkosi. Futhi noma wayengaba “nezambulo eziningi, futhi … namandla okwenza imisebenzi eminingi emikhulu,” uma intando yakhe yayibaluleke kakhulu emehlweni akhe kunentando kaNkulunkulu, “kufanele awe” (IMfundiso neziVumelwano 3:4). Kepha uJoseph wafunda okunye nakho okubaluleke kakhulu ngokwenza umsebenzi kaNkulunkulu: “UNkulunkulu unomusa,” futhi uma uJoseph wayephenduka ngempela, kwakusawuye “okhethiwe” (vesi 10). Umsebenzi kaNkulunkulu, ekugcineni, umsebenzi wensidiso. Futhi lowo msebenzi “ngeke uphazamiseke” (vesi 1).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 3:1-15

Kumele ngithembe uNkulunkulu kunokuthi ngesabe umuntu.

Ekuqaleni komsebenzi kaJoseph Smith, abangani abalungile kwakunzima ukubathola—ikakhulukazi abangani abanjengoMartin Harris, indoda ehlonishwayo, ecebile, eyayikwazi ukunikeza usizo. Futhi uMartin wazikhethela ukwemeseka uJoseph, noma ngabe kwambiza ukuhlonishwa abalingani bakhe futhi kudinga ukuthi anikele ngemali.

Ngakho–ke kulula ukubona ukuthi kungani uJoseph wayefuna ukuhlonipha isicelo sikaMartin sokuthatha ingxenye yokuqala yokuhumushwa kweNcwadi kaMormoni ukukhombisa unkosikazi wakhe, owayengabaza iqiniso leNcwadi kaMormoni. UJoseph waqhubeka ukucela iNkosi ngalesicelo, ngisho Isinqabile, kwaze kwaba ukuthi, emva kokuba uJoseph acele okwesithathu, iNkosi yavuma. Okubi–ke, okuhumushiwe kwalahleka ngesikhathi kusezandleni zikaMartin, futhi uJoseph noMartin bajeziswa kakhulu yiNkosi.

Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 3:1–15, cabanga ukuthi imibono yabanye abantu ingaba nomthelela onjani kuwe. Ungase futhi ubone ukuthi ngaphezulu kokuthethisa uJoseph Smith, iNkosi yakhuluma amazwi omusa. Ufundani ngendlela iNkosi eyalungisa futhi yagqugquzela ngayo uJoseph? Yimuphi umyalo owutholayo ongakusiza uma ulingeka ukuba wesabe abanye abantu ngaphezulu kwaNkulunkulu?

IMfundiso neziVumelwano 4

INkosi ingicela ukuthi ngiyisebenzele ngayo yonke inhliziyo yami.

Isigaba 4 sivamise ukufundwa ngabefundisi abashumayelayo. Kepha, kabalulekile ukwazi ukuthi lesambulo sanikezwa uJoseph Smith Sr., owayengabizwanga ukuyoshumayela kepha owayene “sifiso sokusebenzela uNkulunkulu” (vesi 3).

Enye yezindlela ongafunda ngayo lesi sigaba ukusicabanga njengencazelo yomsebenzi womuntu ofuna ukwenza umsebenzi weNkosi. Yikuphi okudingekalayo? Kungani amakhono noma izici kubalulekile? Mhlawumbe ungathandaza ukhethe into eyodwa ongayenza kangcono ukuze “uzilungiselele umsebenzi” (vesi 5).

IMfundiso neziVumelwano 5

Ngingathola ubufakazi bami beNcwadi kaMormoni.

Isithombe
uMartin Harris

uMartin Harris nguLewis A. Ramsey

Uma ungabizwa ukuyofakaza enkantolo ngeqiniso encwadini kaMormoni, yibuphi ubufakazi ongabuveza? Umbuzo ofanayo wawusemqondweni kaMartin Harris ngesikhathi unkosikazi wakhe, uLucy, wavula icala lokuthi uJoseph Smith wayekhohlisa abantu ngokwenza sengathi uhumusha izingcwephe zegolide. Ngakho–ke uMartin wacela uJoseph ubufakazi obunye obukhombisa ukuthi izingcwephe zegolide ezangempela. IMfundiso neziVumelwano 5 yisambulo esiphendula isicelo sikaMartin Harris.

Ufundani kwiMfundiso neziVumelwano 5 ngalokhu okulandelayo:

IMfundiso neziVumelwano 5:1–10

Lesi sizukulwane sizothola izwi likaNkulunkulu ngoJoseph Smith.

IMfundiso neziVumelwano 5:1–10 ikufundisani ngendima ebalulekile edlalwe uJoseph Smith kulesikhathi esiphila kuso—nasempilweni yakho? Cabanga indlela osuthole ngayo izwi likaNkulunkulu ngenxa yaMphrofethi uJoseph Smith. Cabanga ukubhala encwadini yakho noma wabelane nomunye ukubonga kwakho amaqiniso abuyisiwe noma acacisiwe ngenxa yakhe.

Bheka futhi ku–2 Nefi 3:6-24.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 3:1–4.Cela ilunga lomndeni ukuthi lihambe kulayini “ogwegwile” bese lihamba kulayini “oqondile”. Kuchaza ukuthini ukwazi emndenini wethu ukuthi “Izindlela [zikaNkulunkulu] ziqondile”?

IMfundiso neziVumelwano 3:7–10.Uma umuntu esicindezela ukuba singamulalelile uNkulunkulu, yimaphi amaqiniso kulamavesi angasisiza sihlale okholweni? Mhlawumbe amalunga omndeni angalingisa isimo lapho umuntu ekhethe ukholo esimweni lapho ecindezelwa khona ukuba angamlaleli uNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 4.Ngesikhathi umndeni wakho uxoxa ngokuthi kuchaza ukuthini ukusebenza ensimini kaNkulunkulu, bengasebenza engadini (noma belingise ukwenza njalo). Yimaphi amathuluzi adingekayo ukusebenza engadini? Yikuphi uNkulunkulu akuchazayo kwisigaba 4 okungaba amathuluzi adingekayo ukwenza umsebenzi Wakhe? Umndeni wakho ungaxoxa ngokuthi kungani ithuluzi ngalinye libalulekile ekwenzeni umsebenzi kaNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 5:7.Yiziphi izibonelo zamaqiniso esikholelwa kuwona kodwa esingawaboni? Singamuphendula kanjani umngani ofuna ubufakazi bokuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “I Will Be Valiant,” Children’s Songbook, 162.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Ukubamba ivesi ngenhliziyo. “Ukubamba imibhalo engcwele ukwakha ubungani obusha. Kunjengokuthola umuntu omusha ongakusiza esikhathini esinzima, akukhuthaze futhi akududuze, futhi abe umgqugquzeli woshintsho oludingekayo” (Richard G. Scott, “The Power of Scripture,” Ensign noma iLiahona, yangoNov. 2011, 6).

Isithombe
UJoseph Smith nabazali bakhe

Isisindo Esikhathazayo samakhasi angu–116, nguKwani Povi Winder

Shicilela