IMfundiso neziVumelwano 2021
Disemba 28–Januwari 3. IMfundiso neziVumelwano 1: “Lalelani, O Nina Bantu”


“Disemba 28–Januwari 3. IMfundiso neziVumelwano 1: ‘Lalelani, O Nina Bantu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Disemba 28–Januwari 3. IMfundiso neziVumelwano 1,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
umndeni ofunda imibhalo engcwele

Disemba 28–Januwari 3

IMfundiso neziVumelwano 1

“Lalelani, O Nina Bantu”

Cabanga ngeMfundiso neziVumelwano 1 njengesingeniso seNkosi ebhukwini Lakhe lezambulo zezinsuku zokugcina. Yikuphi Afuna ukwazi ngeMfundiso neziVumelwano? Cabangisisa lombuzo futhi ubhale phansi okukufikelayo emqondweni ngesikhathi ufunda isigaba 1.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngonyaka ka–1831 kuNovemba, iBandla elibuyisiwe likaJesu Kristu lalinonyaka owodwa nohhafu kuphela. Noma lalikhula, lalisayiqembu lamakholwa elingajwayelekile elihlala endaweni enganabo abantu abaningi, liholwa umphrofethi owayeminyaka engaphezulu kancane kwamashumi amabili. Kepha uNkulunkulu wayazi ukuthi lamakholwa yizinceku nezithunywa Zakhe, futhi Wayefuna izambulo ayebanike zona zaziwe umhlaba wonke.

IMfundiso neziVumelwano isigaba 1 isingeniso seNkosi ezincwadini ezihlanganisiwe zalezi zambulo, futhi kukhombisa kahle ukuthi noma amalunga eBandla ayesamancane, yayingekho into encane ngomyalezo uNkulunkulu ayefisa abangcwele Bakhe bawuqhubeze. “Kuyizwi lesexwayiso” elizoya “kubo bonke abantu emhlabeni,” bebafundisa ukuphenduka nokwakha “isivumelwano saphakade” sikaNkulunkulu (amavesi 4, 8, 22). Izinceku eziphethe lomyalezo “zibuthaka futhi abafokazana,” kepha izinceku ezinesizotha yizo uNkulunkulu azidingayo—ngalesiya sikhathi ngisho namanje—ukukhipha iBandla Lakhe “ekusithekeni nasebumnyameni” (amavesi 23, 30).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 1

INkosi ingimema ukuba “ngibheke imiyalelo.”

Isingeniso sethula incwadi. Siveza izihloko kanye nezinjongo zencwadi futhi sisiza abafundi balungele ukufunda. Ngesikhathi ufunda isigaba 1—“isingeniso” seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano (vesi 6)—bheka izihloko nezinjongo iNkosi ezinike izambulo Zayo. Ufundani kwisigaba 1 okuzokusiza uthole okuningi okuhle ekufundeni kwakho iMfundiso neziVumelwano? Isibonelo, ungacabanga ngokuthi kuchaza ukuthini “ukuzwa izwi leNkosi” kulezi zambulo (vesi 14) noma “ukubheka lemiyalelo” (vesi 37).

Bheka futhi Isingeniso seMfundiso neziVumelwano.

IMfundiso neziVumelwano 1:1–6, 23–24, 37–39

UNkulunkulu ukhuluma ezincekwini zakhe futhi amazwi Akhe azofezeka.

Isigaba 1 siqala futhi sigcina ngokushiwo nguNkulunkulu ukuthi ukhuluma ezincekwini Zakhe Azikhethile (bheka kumavesi 4–6, 23–24, 38). Bhala phansi okufundayo kulesambulo ngeNkosi nezwi Layo. Yini oyifundayo ngezinceku zeNkosi? Yinini lapho owezwa khona izwi leNkosi emazwini ezinceku zayo? (bheka kuvesi 38).

Isithombe
ingxenye yomhlangano omkhulu

Abaphrofethi nabaphostoli basifundisa ngemiyalelo kaNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 1:3, 24–28, 31–33

Uma ngizithoba, ukujeziswa yiNkosi kungangiholela ekutheni ngiphenduke.

Bheka ukuthi kuvesi 3 nakumavesi 24–28, iNkosi yathi izono zabantu namaphutha kuzokwaziwa. Ngelinye icala lokhu kubuhlungu, futhi kuyadabukisa, ngelinye icala kuyafundisa. Kungani lezi zimo zehlukile? Cabanga ngokuthi wenzanjani uma wazi izono nobuthakathaka bakho. Yikuphi okuhle okutholayo kumavesi 24–28 okukusiza uphendule ngendlela elungile? Akufundisani lamavesi, kanye nalamavesi 31–33, ngendlela iNkosi ibuka ngayo ubuthakathaka kanye nezono zakho?

Bheka futhi kwiZaga 3:11–12; Etere 12:27; Moroni 6:8.

IMfundiso neziVumelwano -1:12–30, 35–36

INkosi yabuyisa ivangeli Layo ukungisiza ngibhekane nobunzima bezinsuku zokugcina.

Noma isigaba 1 sisexwayisa ngezinsuku ezikhathazayo ezizayo, siqukethe umlayezo oduduzayo “Ngalokho-ke, mina iNkosi, ngokwazi usizi oluzoza phezu kwabantu basemhlabeni, ngabiza inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi ngakhuluma naye ngisezulwini” (vesi 17).

Bheka izinkinga iNkosi eyasixwayisa ngazo (bheka, isibonelo, amavesi 13–16, 35). Yiziphi ezinye izinkinga ozibonayo emhlabeni namuhla—noma empilweni yakho? Amavesi 17–30 achaza ukuthi iNkosi ikwenzeleni ukulindela lezi zinkinga. Cabanga ngokwenza uhla lwalokho ngokutholayo.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 1:1–6, 37–39.Ukuqala ingxoxo ngezixwayiso zeNkosi, ungakhuluma ngezixwayiso esizithola kwabanye ngezingozi esingaziboni thina—Njengendawo yaphansi endlini eshibilikayo, isiphepho esikhulu, noma imoto ezayo. Lezi zibonelo zisifundisani ngezixwayiso zeNkosi? Uma ufunda IMfundiso neziVumelwano 1:1–6, 37–39, iNkosi isixwayisa kanjani? Isixwayise ngani ezinsukwini ezidlule? Mhlawumbe ungabuka noma ufunde izingxenye zemiyalezo kumhlangano omkhulu osanda kuba khona ubheke izibonelo “zezwi lesixwayiso.”

Imfundiso neziVumelwano 1:16.Kuchaza ukuthini “ukwakha ukulunga [kweNkosi]”? Singaba kanjani nesiqiniseko sokuthi senza lokho, kunokuthi sihambe “ezinyathelweni zethu”?

IMfundiso neziVumelwano 1:30.Kuchaza ukuthini ukuthi iBandla “liyiqiniso futhi liyaphila”? Ukwenza umndeni wakho ucabange ngalombuzo, mhlawumbe ungawukhombisa izithombe zezinto eziphilayo nezingaphili. Ningaxoxa nangokuthi ningenzani njengomndeni ukusiza “ukukhipha [ibandla] ekusithekeni nasebumnyameni.”

IMfundiso neziVumelwano 1:37.Cabanga ngokuhlela ningumndeni ukuthi nizoyi “bheka kanjani lemiyalelo” kwiMfundiso neziVumelwano kulonyaka. Nizokwenza kanjani ukuthi nifunde njalo ningumndeni imibhalo engcwele? Yimaphi amanye amasu okufunda angakusiza ufunde kwimibhalo engcwele? (Bheka futhi “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni” ekuqaleni kwalombhalo.)

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo eningalicula: “Follow the Prophet,” Children’s Songbook, 110–11, ikakhulukazi ivesi lokugcina.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka uJesu Kristu, Injongo yemibhalo engcwele ukufakaza ngoMsindisi nevangeli Lakhe. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 1, cabanga ngokudwebela noma ubhale phansi amavesi akufundisa ngoJesu Kristu.

Isithombe
INcwadi yemiYalelo

Izambulo zokuqala eBandleni elibuyisiwe zahlanganiswa zaba yiNcwadi yemiYalelo.

Shicilela