IMfundiso neziVumelwano 2021
Januwari 11–17. IMfundiso neziVumelwano 2; Joseph Smith—uMlando 1:27–65: “Izinhliziyo Zabantwana Ziyophendukela Koyise”


“Januwari 11–17. IMfundiso neziVumelwano 2; Joseph Smith—uMlando 1:27–65: ‘Izinhliziyo Zabantwana Ziyophendukela Koyise,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Januwari 11–17. IMfundiso neziVumelwano 2; Joseph Smith—uMlando 1:27–65,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UMoroni evela kuJoseph Smith

Wangibiza Ngegama, nguMichael T. Malm

Januwari 11–17

IMfundiso neziVumelwano 2; Joseph Smith—uMlando 1:27–65

“Izinhliziyo Zabantwana Ziyophendukela Koyise”

UMoya oNgcwele ungakufundisa njalo uma ufunda imibhalo engcwele—ngisho naleyo mibhalo engcwele osuyifunde izikhathi eziningi. Ngakho–ke lindela ukuthola ulwazi olusha olufihliweyo kanye nentshisekelo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kwase kudlule iminyaka emithathu uBaba uNkulunkulu kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, bavela kuJoseph Smith esixhobeni semithi, kodwa uJoseph wayengazange aphinde athole ezinye izambulo. Wabe eseba nokuzibuza ukuthi kazi isimo sakhe phambi kweNkosi sesinjani. Njengathi sonke, wayewenzile amaphutha, futhi wazizwa enecala. Nakuba kunjalo uNkulunkulu wayesenomsebenzi ayefuna amenzele wona. Futhi lowo msebenzi uJoseph ayebizelwe wona uhlangene nalokho uNkulunkulu akucela kithi. UJoseph wayezoletha iNcwadi kaMormoni; yini esicelwe ukuthi siyenze ngayo na? UJoseph wayezothola izikhiye zobuphristi ukuze aphendulele izinhliziyo zabantwana koyise; ngabe thina siziphendulela kanjani izinhliziyo zethu kokhokho bethu na? UJoseph watshelwa ngeziphrofetho ezase zizogcwaliseka; ngabe iyiphi eyethu indima okufanele siyidlale ukulekelela ekutheni zigcwaliseke lezo ziphrofetho na? Uma sesibamba iqhaza emsebenzini kaNkulunkulu, masikulindele ukuthi sizobhekana nobunzima ngisho nokuhlushwa, njengoba kwaba njalo nakuMphrofethi. Kodwa futhi masibe nokholo ukuthi iNkosi izosisebenzisa, njengoba Yamusebenzisa noJoseph.

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Joseph Smith—uMlando 1:27-33

UNkulunkulu unomsebenzi afuna ngimenzele wona.

Ngesikhathi ufunda ku Joseph Smith—uMlando 1:27–33, ake ucabange ngokuthi uNkulunkulu unomsebenzi afuna umenzele wona, njengoba kwakunjalo nakuJoseph Smith. Ake udlinze nganasi isimemo esivela kuMongameli uRussell M, Nelson: “Cela kuBaba oseZulwini, egameni likaJesu Kristu, ukuthi ngabe unamiphi imizwa ngawe nomsebenzi wakho kulomhlaba. Uma uzocela ngenhloso okuyiyo, ngokuhamba kwesikhathi uMoya uzokuhlebela iqiniso eliyoguqula impilo yakho. … Ngiyakwethembisa ukuthi kuyothi uma nje usuqala ukubona ukuthi uBaba oseZulwini ukubona kanjani nokuthi ngabe yikuphi akulindele kuwe ukuthi umenzele kona, impilo yakho ayisophinde ifane!” (“Becoming True Millennials” [worldwide devotional for young adults, Jan.10,2016], broadcast.ChurchofJesusChrist.org).

Kwesinye isikhathi ungaba nemizwa efana nekaJoseph emavesini 28–29. Ngabe yisiphi isifundo ositholayo ngesibonelo sikaJoseph mayelana nokufanele ukwenze uma izenzo zakho zingahambisani nomsebenzi uNkulunkulu akubizele kuwo na?

Joseph Smith—uMlando 1:34–65

INcwadi kaMormoni iqukethe “ivangeli elipheleleyo laphakade.”

Ngesikhathi ufunda kuJoseph Smith—uMlando 1:34–65, ake ucabange ngokuthi ngabe yikuphi obekuzokugqamela kulamavesi ukube ubungazi ngeNcwadi kaMormoni na? Njengekholwa, ngabe lendaba ibaluleke kanjani kubufakazi bakho ngeNcwadi kaMormoni na?

Ake ucabange ngokuthi iNcwadi kaMormoni izigcwalisa kanjani iziphrofetho eziku–Isaya 29:4, 11–18.

Joseph Smith—uMlando 1:36–41

UkuBuyiselwa kwevangeli kwagcwalisa iziphrofetho zasemandulo.

UMoroni waphinda amazwi kuJoseph eziphrofetho ezimbalwa zeTestamente eliDala neLisha, njengalezi Isaya 11; iZenzo 3:22–23; ngokunjalo noJoweli 2:28–32. Kwakubaluleke ngani ukuba uJoseph azi ngalezi ziphrofetho na? Kubaluleke ngani ukuba wena uzazi na?

IMfundiso neziVumelwano 2

Yikuphi okwabuyiselwa ngu–Eliya na?

UMongameli uHenry B. Eyring wathi: “Kubalulekile ukwazi ukuthi kungani iNkosi yethembisa ukuthumela u–Eliya. U–Eliya kwakungumphrofethi omkhulu owayenamandla amakhulu ayenikwe wona nguNkulunkulu. Wayenamandla amakhulu uNkulunkulu awanika abantwana Bakhe: wayenamandla okubopha; namandla okuhlanganisa okusemhlabeni nokusezulwini.” (“Hearts Bound Together,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2005,78).

Bheka futhi kwi Mfundiso neziVumelwano 110:13–16; kuDavid A. Bednar, “Let This House Be Built unto My Name,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2020, 84–87.

Isithombe
IThempeli laseNew York ePalmyra ngesikhathi sasentwasa-bsika

IThempeli laseNew York ePalmyra. Imindeni iyaboshwa ethempelini ngamandla abuyiselwa ngo-Eliya.

IMfundiso neziVumelwano 2

U–Eliya weza ukuzophendulela inhliziyo yami kokhokho bami.

Ngabe akufundisani amagama akulesi sigaba athi “tshala”, “izinhliziyo,” kanye “nokuphendukela” kusifundisani ngokuthunywa kuka–Eliya nangezibusiso zezikhiye zobuphristi azibuyisela na? Inhliziyo yakho ngabe uyizwe iphendukela kanjani kokhokho bakho? Ake ucabange ngezinye izindlela ezingenza uzwe leyo mizwa njalo. Mhlawumbe ungacela isihlobo sakho sikuxoxele indaba ngomunye wokhokho bakho—ungayibhala ngisho phansi leyo ndaba. Mhlawumbe ungaqoka omunye wokhokho bakho osewadlula ongakaze azithole izimiso zevangeli umenzele lowo msebenzi ethempelini.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Joseph Smith—UMlando 1:28–29.Yimiphi imizwa ayenayo uJoseph Smith ngamaphutha akhe na? Yikuphi akwenza mayelana naleyo mizwa ayenayo na? Yikuphi esikufundayo kuye mayelana nokuthi senzeni uma senze amaphutha?

Joseph Smith—uMlando 1:33–54̣.Ungacela elinye ilungu lomndeni lifunde kuzwakale umyalezo kaMoroni ku Joseph Smith—uMlando 1:33–42 izikhathi ezine (ngoba noMoroni wawuphinda lomyalezo izikhathi ezine). Maphakathi nokufunda, bacele abomndeni ke basho ukuthi yikuphi abakukhumbulayo ngomyalezo kaMoroni ngaphandle kokubheka imibhalo engcwele. INkosi ngabe iyiphindelani imiyalezo ebalulekile izikhathi ezimbalwa na? Yiziphi ezinye izindlela iNkosi esifundisa ngazo ngokuphindaphinda?

IMfundiso neziVumelwano 2:2.Ukusiza abantwana bakho baqonde nge “zethembiso ezenziwa kobaba,” ningafunda ku–Abrahama 2:9–11 ndawonye noma nibuke ividiyo “Special Witnesses of Christ—President Russell M. Nelson” (ChurchofJesusChrist.org). Bhekani izethembiso uNkulunkulu azenza njengesivumelwano Sakhe asenza no–Abrahama. Sizi “tshala” kanjani lezi zethembiso ezinhliziyweni zethu na?

IMfundiso neziVumelwano 2:2–3.Ukusiza abomndeni baphendulele izinhliziyo zabo koyise (noma kokhokho), bameme ukuthi ke bafunde ngomunye wokhokho bese bexoxela wonke umuntu ukuthi bafundeni ngaye. Kungani iNkosi ifuna sifunde ngamalungu emindeni yethu futhi sibenzele umsebenzi wezimiso ethempelini na? Ngabe sibusiseka kanjani uma sihlanganyela kumlando womndeni nomsebenzi wasethempelini na? (Bheka kuDale G. Renlund, “Family History and Temple Work: Sealing and Healing,” kwi-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2018, 46–49).

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Family History—I am Doing It,” Children’s Songbook, 94.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa izinsiza ezikhona emibhalweni engcwele Amathuluzi anjengezenezelo, Isichazamazwi seBhayibheli, Izihloko Zemibhalo Engcwele, ngokunjalo ne ChurchofJesusChrist.org kungakusiza ube nokuqonda kangcono abantu, izehlakalo, ngokunjalo nemishwana esemibhalweni engcwele.

Isithombe
UMoroni enika uJoseph Smith izingcwephe zegolide

UJoseph Smith Uthola Izingcwephe, nguGary E. Smith

Shicilela