IMfundiso neziVumelwano 2021
Septhemba 6–12. IMfundiso neziVumelwano 98–101: “Thula futhi Wazi Ukuthi nginguNkulunkulu”


“Septhemba 6–12. IMfundiso neZivumelwano 98–101: ‘Thula futhi Wazi Ukuthi nginguNkulunkulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Septhemba 6–12. IMfundiso neziVumelwano 98–101,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
Abangcwele bebalekela uquqaba lwabachwensi

C. C. A. Christensen (1831–1912), Saints Driven from Jackson County Missouri, c. 1878, tempera on muslin, 77 ¼ × 113 inches. Brigham Young University Museum of Art, gift of the grandchildren of C. C. A. Christensen, 1970

Septhemba 6–12

IMfundiso neziVumelwano 98–101

“Thula futhi Wazi Ukuthi nginguNkulunkulu”

Ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 98–101, naka imicabango nemibono efika engqondweni yakho. Uma wenza lokho okufika engqondweni yakho ngabe lokho kungakusiza kanjani ukuba ube yilowo muntu uNkulunkulu afuna ube nguye na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

KwabaNgcwele ababephila eminyakeni esondelene no1830, i-Independence yaseMissouri kwakuyizwe lesethembiso okwangempela. Kwakuyindawo “ephakathi nendawo” yaseSiyoni (bheka IMfundiso neziVumelwano 57:3)––idolobha likaNkulunkulu emhlabeni––ababezinikela kakhulu ukulakha. Kubo, ukuhlanganyela kwabaNgcwelekwakuyisehlakalo esihle kakhulu futhi esasandulela ukuZa kwesiBili. Kodwa ababakhelene nabo endaweni babezibona ngendlela eyehlukile izinto. Babengavumelani nokwakushiwo ukuthi uNkulunkulu wayenike abaNgcwele lowo mhlaba, futhi babengayithandisisi kahle imiphumela eyayithinta ezombangazwe, ezomnotho, nokuhlalisana eyayizolandela ngenxa yabantu ababebaningi kangaka ababesuka endaweni eyayingaziwa bezongena kulendawo masinya kangaka. Masinyane ukukhathazeka kwaphenduka ukwesatshiswa, ukwesatshiswa kwaphenduka uhlupho nodlame. NgoJulayi 1833, ihhovisi lokugaya amaphepha leBandla labhujiswa, kwathi ngenyanga kaNovemba abaNgcwele baphoqeleka ukuba bayishiye imizi yabo esiGodini sase Jackson, eMissouri.

UJoseph Smith wayekude ngaphezu kwamamayela angamakhulu ayisishiyagalombili endaweni yaseKirtland, futhi kwathatha amasonto ukuba lezizindaba zifike kuye. Kodwa iNkosi yayazi ukuthi kwenzekani, futhi yembulela uMphrofethi Wayo imigomo yokuthula nenkuthazo ukuze kududuzeke abaNgcwele––imigomo nathi engasisiza uma sibhekene nokuhlushwa, uma izifiso zethu ezilungile zingafezeki, noma uma kudingeka sikhumbule ukuthi ubunzima bethu bansuku zonke ekugcineni, ngandlela thize, “buyosebenzelana ukuze [si] zuze” (IMfundiso neziVumelwano 98:3).

Bheka kui Saints, 1:171-93; “Waiting for the Word of the Lord,” Revelations in Context, 196–201.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 98:1–3, 11–14; 101:1–16

Izivivinyo zami zingasebenzelana ukuze kube kuhle kimi.

Obunye ubunzima esibhekana nabo empilweni budalwa yithi. Obunye budalwa yizenzo zabanye. Kwesinye isikhathi usuke engekho onecala––izinto ezimbi zivele zenzeke nje. Noma ngabe buvela kanjani, ubunzima bungasiza ukuze kufezeke izinhloso zaphezulu. Ngesikhathi ufunda ngalokho iNkosi eyakusho ngobunzima abaNgcwele ababhekana nabo kwi Mfundiso neziVumelwano 98:1–3, 11–14 no 101:1–16, ngabe yikuphi okutholayo okungakusiza kobakho ubunzima na? Lamavesi ngabe angenza kanjani ukuba ubunzima bakho ububuke ngendlela ehlukile na? Ake udlinze ngokuthi ngabe izivivinyo zakho zisebenzelane kanjani ngokuhle kuwe ukuba zifeze izinhloso zikaNkulunkulu empilweni yakho.

Bheka futhi ku 2 Nefi 2:2; IMfundiso neziVumelwano 90:24.

IMfundiso neziVumelwano 98:23–48

INkosi ifuna ngifune ukuthula ngendlela Yayo.

Nakuba kungekona konke kwi Mfundiso neziVumelwano 98:23–48 ongakwenza kubudlelwano onabo nabanye empilweni yakho, ngabe yimiphi imigomo oyitholayo engakukhombisa indlela uma kwenzeka woniwa ngabanye na? Kungakusiza ukuba udwebele amagama noma imishwana echaza ukuthi iNkosi yayifuna abaNgcwele babhekane kanjani nokuxabana okwakukhona eMossouri.

Bheka futhi uJeffrey R. Holland, “The Ministry of Reconciliation,” kwi–Ensign noma iLiyahona, ngoNov. 2018, 77-79.

Isithombe
UJesu Kristu

Umfanekiso onesihloko esithi UKristu Nensizwa Enothile Ebusayo, nguHeinrich Hofmann

IMfundiso neziVumelwano 100

INkosi iyabanakekela labo abayisebenzelayo.

Emasontweni ambalwa nje emva kokuba uJoseph ezwile ngezinhlupho eMissouri, kwabakhona ikholwa elalisanda kuguquka elamcela ukuba aye eCanada ukuba ayofundisa amadodana alo ngevangeli. Wavuma uJoseph, nakuba wayekhathazekile ngokushiya umndeni wakhe, ikakhulukazi ngenxa yezinhlupho nokwesatshiswa okwakubhekiswe emndenini wakhe naseBandleni. Ngesikhathi besendleleni eya eCanada, uJoseph nowayemphelezela, uSidney Rigdon, bakhulekela induduzo, kwathi isigaba 100 saba yimpendulo yeNkosi kubo. Yikuphi okutholayo okwakhulunywa yiNkosi okungenzeka ukuthi kwabanika isiqiniseko nosizo?

Mhlawumbe nawe usuke wabhekana nobunzima bokuthi uthwale ngokuyekelela ukukhathazeka ngemisebenzi yakho yaseBandleni nokukhathazeka ngomndeni wakho. Ngabe amazwi eNkosi atholakala kwi sigaba 100 angakusiza kanjani kuleso simo na?

Bheka futhi “A Mission to Canada,” Revelations in Context, 202–7.

IMfundiso neziVumelwano 101:43–65

Ukulandela izeluleko zeNkosi kuyangisiza ngihlale ngiphephile.

Umfanekiso otholakala kwi Mfundiso neziVumelwano 101:43–62 wanikwa ngenhloso yokuchaza ukuthi kungani iNkosi yavumela ukuba abaNgcwele bakhishwe eSiyoni. Ngesikhathi uwafunda lamavesi, ngabe kukhona yini okufanayo phakathi kwakho nezinceku ezikulomfanekiso na? Kungenzeka uzibuze uthi: Kodwa ngabe mina ngiye ngiyingabaze yini imiyalelo kaNkulunkulu na? Ngabe ukungabi nalo ukholo noma ukuzinikela kungasivumela kanjani “isitha” ukuba silethe ushintsho empilweni yami na? Ngingamkhombisa kanjani uNkulunkulu ukuthi “Ngiyathanda ukuholwa ngendlela eqondile futhi nefanele ukufeza ukusindiswa [kwami]” na? (Bheka amavesi 63–65).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neZivumelwano 98:16, 39–40.Ngabe yikuphi kulamavesi okungasisiza sibe nokuthula emndenini wethu na? Ningacula iculo elimayelana nokuthula noma ukuxolela, njengaleli elithi “Truth Reflects upon Our Senses” (Hymns, no. 273). Abantwana bona bangathanda ukulingisa bexolelana.

IMfundiso neziVumelwano 99.Ngesikhathi uJohn Murdock ebizwa ukuba alishiye ikhaya lakhe “ukuba amemezele ivangeli laphakade” (uvesi 1, wayesanda kubuya eMissouri emsebenzini ayethunywe wona wonyaka wonke futhi nowawunzima (bheka “John Murdock’s Missions to Missouri,”Revelations in Context, 87-89). Ngabe yikuphi esikutholayo kwi sigaba 99 okungenzeka ukuthi kwamsiza noma kwamkhuthaza uMzalwane uMurdock na? Ngabe yimuphi umyalezo iNkosi esiphathele wona kulesi sambulo na?

IMfundiso neziVumelwano 100:16; 101:3–5, 18.Emva kokufunda lamavesi, ningase nithande ukukhuluma ngokuthi abakhandi bensimbi bayishisa kanjani besusa ukungcola bese beyayishaya bephindelela ukuze ibe sesimweni esithile (bheka ividiyo ethi “The Refiner’s Fire” ku ChurchofJesusChrist.org). Ningafunda futhi ndawonye ngokuthi kususwa kanjani ukungcola kwezinye izinto, njengamanzi noma usawoti. Mhlawumbe futhi ningasusa ukungcola noma nihlanze okuthile ndawonye njengomndeni. Kungani sifuna ukuba msulwa na? Ngabe lezi zibonelo zisifundisani ngokuthi ukuvivinywa kwethu kungasisiza kanjani sibe “ngabantu abamsulwa” na?

IMfundiso neziVumelwano 101:22–36.Ngabe lamavesi abasiza kanjani abaNgcwele ababe bhekene nokuhlushwa na? Angabasiza kanjani labo abazizwa besaba ngesimo esikhona emhlabeni kulesi sikhathi esiphila kuso na?

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “Help Me, Dear Father,” Children’s Songbook, 99.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka imigomo. IGosa uRichard G. Scott wasifundisa wathi: “Ngesikhathi usafuna ulwazi lukamoya, bheka imigomo. … Imigomo amaqiniso anamandla, okuhloswe ngawo ukuba abe wusizo ezimweni ezahlukahlukene” (“Acquiring Spiritual Knowledge,” Ensign, ngoNovemba 1993, 86).

Isithombe
uquqaba lwabachwensi luhlupha abaNgcwele

IMissouri Isha, nguGlen S. Hopkinson

Shicilela