IMfundiso neziVumelwano 2021
Agasti 30–Septhemba 5. IMfundiso neziVumelwano 94–97: “KuSindiswe iSiyoni”


“Agasti 30–Septhemba 5. IMfundiso neZivumelwano 94-97: ‘KuSindiswe iSiyoni,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Agasti 30–Septhemba 5. IMfundiso neziVumelwano 94-97,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
iThempeli laseKirtland

IThempeli laseKirtland, ngu–Al Rounds

Agasti 30–Septhemba 5

IMfundiso neziVumelwano 94-97

“KuSinidiswe iSiyoni”

Yimiphi imigomo nemfundiso ekugqamelayo ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 94-97na? Qinisekisa ukuthi uyakubhala okufika emqondweni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi iNkosi iyala uMose ukuba akhe itabernakele, yatshela uMose ukuba “enze konke ngesifanekiso aboniswa sona entabeni” (kumaHebheru 8:5; bheka futhi ku Eksodusi 25:8-9). Itabernakele kwakumele ibe maphakathi nendawo kwama-Israyeli ehlane (bheka ku Numeri 2:1-2). Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wayala uSolomon nabantu bakhe ukuba bakhe ithempeli ngendlela ayeyikhombisile (bheka ku 1 IziKronike 28:12, 19).

Ngesikhathi iNkosi ibuyisela ivangeli ngokuphelele, yayala uJoseph Smith ukuba akhe amathempeli ngendlela ayayikhonjisiwe. “Mayakhiwe indlu, hhayi ngendlela yomhlaba,” kwasho iNkosi. “Mayakhiwe ngendlela engiyoyitshengisa” (IMfundiso neziVumelwano 95:13–14; bheka futhi 97:10). Njengetabernakele ehlane, ithempeli kwakumele libe maphakathi neKirtland (bheka IMfundiso neziVumelwano 94:1).

Namuhla, izindlu zeNkosi zitholakala emhlabeni jikelele. Noma ngabe azikho maphakathi namadolobha ethu, zingaba maphakathi nezimpilo zethu. Noma ngabe amathempeli ayahluka ngokubukeka, ngaphakathi sifunda indlela engcwele efanayo—uhlelo olungcwele lokusibuyisela kuNkulunkulu. Izimiso ezingcwele, futhi ezingunaphakade zisisiza ukuthi sakhe izimpilo zethu futhi siqinise imindeni “hhayi ngendlela yomhlaba” kepha ngendlela uNkulunkulu asikhombisa yona.

Bheka ku Saints, 1:169-70; “A House for Our God,” Revelations in Context, 165-73.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 94; 97:15-17

Inkosi ingaba nami empilweni yami yansuku zonke.

Imiyalo kwi Mfundiso neziVumelwano 94 no-97 yanikezwa ngosuku olulodwa—ngo-Agasti 2, 1833. Isigaba 97 sikhuluma ngethempeli elihlelelwe isifunda saseJackson County, eMissouri, kanti isigaba 94 sikhuluma ngezakhiwo zamahhovisi eKirtland, e-Ohio. Ungase ubone okufanayo kulokho okushiwa yiNkosi ngalezi zakhiwo ezihlukile (bheka IMfundiso neziVumelwano 94:2-12; 97:10-17). Ngesikhathi uzindla lemiyalo, cabanga ngalokho ongakwenza ukuzwa inkazimulo nobukhona beNkosi kakhulu, ezakhiweni zeBandla kanye nasempilweni yakho yansuku zonke.

IMfundiso neziVumelwano 95

INkosi ijezisa labo ebathandayo.

Mhlawumbe kwase kudlule izinyanga ezinhlanu kusukela ngoJanuwari 1833, ngesikhathi iNkosi iyale abaNgcwele eKirtland ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu futhi babe nomhlangano onesizotha (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:117-19). Ngesikhathi isambulo esibalwe kwi sigaba 95 sitholwa ngoJuni wangonyaka ka-1833, babengakasebenzi phezu kwalowo myalelo. Ufundani ngendlela iNkosi yajezisa ngayo abaNgcwele kulesi sambulo? Kukhona yini imiyalo noma amazwi ongakasebenzeli phezu kwayo na? Ngabe uzizwa ugqugquzeleka ukuthi wenze ini?

Bheka futhi kuD. Todd Christofferson, “As Many as I Love, I Rebuke and Chasten,” kwi-Ensign noma kwi-Liyahona, Meyi 2011, 97–100.

IMfundiso neziVumelwano 95:8, 11-17; 97:10-17

Ethempelini uNkulunkulu ubusisa abantu Bakhe.

Emuva kokujeziswa ngokuthi abayakhanga indlu yeNkosi eKirtland, abaholi beBandla bakhetha indawo esensimini yokolo lapho bengakha khona. UHyrum Smith, umfowabo kaMphrofethi, wagijima mathupha wayothatha isikela futhi waqala wavula insimu. “Silungiselela ukwakha indlu yeNkosi,” washo, “futhi ngizimisele ukuba ngowokuqala emsebenzini” (ku Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 271, 273). Ake udlinze ngokuzimisela kukaHyrum ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 95:8, 11-1; 97:10–17. Ngabe yikuphi okutholayo okugqugquzela ukuzimisela okucishe kufane ekutholeni izibusiso zethempeli na?

Isithombe
uHyrum Smith ebambe isikela

UHyrum Smith eVula uMhlaba, nguJoseph Brickey

IMfundiso neziVumelwano 97:18-28

ISiyoni “ngabacwebileyo enhliziyweni.”

UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “Kumele sithathe ukwakha iSiyoni njengomsebenzi omkhulu kunayo yonke” (Teachings: Joseph Smith, 186). KwabaNgcwele ngabo-1830, iSiyoni kwakuyindawo “iyidolobha langempela likaNkulunkulu wethu” (IMfundiso neziVumelwano 97:19). Kepha kwisambulo esilotshwe kwi sigaba 97, iNkosi yayikhulisa leyo ndlela yokubuka. ISiyoni sichaza nabantu— “abacwebileyo enhliziyweni” (uvesi 21). Ngesikhathi ufunda amavesi 18-28, cabanga ngalencazelo uma ufunda igama elithi “Siyoni.” Kusho ukuthini kuwe ukucweba enhliziyweni? Ithempeli likusiza kanjani ukuba “kusindiswe iSiyoni”? (uvesi 12).

Bheka futhi uMose 7:18; Izihloko zeVangeli, “Siyoni,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 95:8.Ukwenza nokugcina izivumelwano kulethe kanjani “amandla avela phezulu” ezimpilweni zethu na? Mhlawumbe amalunga omndeni angabelana ngendlela azizwa ngayo ngethempeli noma babelane ngesikhathi lapho bezizwe bebusiswa “ngamandla aphezulu” ngokukhonza ethempelini.

Ukusiza labo abalungiselela ukungena ethempelini, ningabuka amavidiyo, izithombe, nemiyalo etholakala ku temples.ChurchofJesusChrist.org. Ukusiza abantwana befunde ngethempeli, ungasebenzisa “Your Path to the Temple” (ku Temples of The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints [ kwi-Ensign noma kwiLiyahona, ekhethekile Oct. 2010], 72–75).

IMfundiso neziVumelwano 95:1-11.Yikuphi esikufundayo ngokujeziswa kulamavesi na? Yikuphi esikufundayo ngeNkosi? Ngabe ukwazi lokhu kuthinta kanjani indlela esamukela ngayo ukujeziswa noma ukujezisa abanye?

IMfundiso neziVumelwano 97:8.Ngokwalelivesi, “singamukelwa” kanjani yiNkosi? Lokho kuhluke ngani kunokwamukelwa umhlaba na? Kusho ukuthini “ukugcina izivumelwano [zethu] ngokunikela”? Lokhu sikwenze kanjani?

IMfundiso neziVumelwano 97:10-21.UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “Noma iyiphi indawo lapho abaNgcwele behlanganyela khona iSiyoni, lapho wonke amadoda [nabesifazane] abalungile bezokwakhela abantwana babo indawo ephephile” (Teachings: Joseph Smith, 186). Singayakha kanjani iSiyoni ekhaya lethu? Yimiphi imigomo esiyitholayo kwi Mfundiso neZivumelwano 97:10–21? Njengomndeni, khethani umgomo enizogxila kuwo kulelisonto.

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “.I Love to See the Temple,” Children’s Songbook 95.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bhala Okwenzekile Bhala okwenzekile okuphathelene nemigomo nemfundiso ofunda ngayo. Lokhu kungaba yingxenye yomlando wakho ezobusisa izizukulwane.

Isithombe
Ukwakhiwa kweThempeli laseKirtland

Ukwakha iThempeli laseKirtland nguWalter Rane

Shicilela