IMfundiso neziVumelwano 2021
Agasti 23-29. IMfundiso neziVumelwano 93: “Nifumane Ukuphelela Kwakhe”


“Agasti 23-29. IMfundiso neziVumelwano 93: ‘Nifumane Ukuphelela Kwakhe,’” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (2020)

“Agasti 23-29. IMfundiso neziVumelwano 93,” Wozani, Ngilandeleni—Okomuntu Ngamunye Nemindeni: 2021

Isithombe
UStephen ubona uNkulunkulu noJesu Kristu

Ngibona iNdodana yoMuntu Imi ngakwesoKunene sikaNkulunkulu, nguWalter Rane

Agasti 23–29

IMfundiso neziVumelwano 93

“Nifumane Ukuphelela Kwakhe”

IMfundiso neziVumelwano 93 ifundisa ukuthi “iqiniso liwulwazi lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizoza” (uvesi 24). Ngesikhathi ufunda lesisigaba, bheka iqiniso ubhale okufundayo. Yikuphi ozimisele ukukwenza ukuze uthole iqiniso na? (bheka emavesini 27-28).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

“Uma ugibela isitebhisi,” kwafundisa uJoseph Smith, “kumele uqale ezansi, bese ukhuphuka kancane kancane, uze ufike phezulu; futhi kunjalo ngemigomo yevangeli—kumele uqale ngowokuqala, bese uyaqhubeka uze uyifunde yonke imigomo yokuphakanyiswa” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 268).

Ngesinye isikhathi leso sithebhisi sokuphakanyiswa sibukeka siphezulu kakhulu, kepha sizalelwe ukuthi sigibele size sifinyelele phezulu. Noma yikuphi esikubonayo kithi okusikhubazayo, uBaba oseZulwini neNdodana Yakhe babona into enhle kakhulu kithi, into efana nonkulunkulu. Njengoba uJesu Kristu “wayekhona ekuqaleni noBaba,” nathi “ngokunjalo” (iMfundiso neziVumelwano 93:21, 23). Njengoba Naye “waphikelela wanda ngomusa, waze wafumana ukuphelela,” nani ngokunjalo “niyofumana umusa ngenxa yomusa” (amavesi 13, 20). Ivangeli elibuyiselwe lisifundisa ngesimilo sikaNkulunkulu seqiniso, ngakho-ke lisifundisa ngathi nalokho nathi esingaba yikho. Noma ngabe “loyo omubi” kukhona akuzamayo (uvesi 39)—futhi noma ngabe yini le ozizwa ngathi awunayo—ungumntwana kaNkulunkulu ngempela futhi ungakwazi “ngesikhathi esifanele [u]fumane ukuphelela kwakhe.” (uvesi 19).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IMfundiso neziVumelwano 93

Sikhonza uBaba uNkulunkulu neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.

Ekhuluma ngesambulo kwi Mfundiso neziVumelwano 93, iNkosi yachaza ukuthi, “Ngini nika lokhu engikushoyo ukuze niqonde futhi nazi ukuthi kukhonzwa kanjani, futhi nazi ukuthi nikhonzani, ukuze nize kuBaba egameni lami, futhi ngesikhathi esifanele nifumane ukuphelela kwakhe” (uvesi 19). Ngesikhathi ufunda ngalesisambulo, dwebela amaqiniso owatholayo ngalabo esibakhonzayo: uBaba uNkulunkulu neNdodana Yakhe uJesu Kristu. Yikuphi okufundayo “ngendlela yokuBakhonza”? ngendlela “yokuza kuBaba”?

UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “uma abantu bengasiqondisisi isimilo sikaNkulunkulu, kusho akuthi abaziqondi bona” (Teachings: Joseph Smith, 40). Ngesikhthi ufunda ngoMsindisi ngokuthi ufunde IMfundiso neziVumelwano 93, bheka ukuthi yikuphi okunye okufundayo ngawe. Isibonelo, yikuphi okufundayo Ngaye kulamavesi 3, 12, 21, no-26 na? Ngabe yimaphi amaqiniso owatholayo ngawe kulamavesi 20, 23, na-28–29 na? (Bheka futhi 1 John 3:2; 3 Nephi 27:27; Dean M. Davies, “The Blessings of Worship,” Ensign noma iLiyahona, Nov. 2016, 93–95.)

IMfundiso neziVumelwano 93:1-39

Inkazimulo kaNkulunkulu ukukhanya neqiniso.

Kungenzeka ubone ukuthi inkazimulo, ukukhanya, kanye neqiniso kuvela ngokuvamile kulesisambulo. Ngesikhathi ufunda amavesi 21-39 , bhala uhla ngamaqiniso owafundayo amayelana nenkazimulo, ukukhanya, kanye neqiniso. Lamaqiniso akugqugquzela kanjani ukuba ufune ukukhanya neqiniso okukhulu na? Lamaqiniso athinta kanjani indlela ophila ngayo impilo yakho yansuku zonke na?

Isithombe
Ifastela lengilasi

Sithola ukukhanya neqiniso uma sigcina imiyalo kaNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 93:40-50

“Lungisani izindlu zenu zihleleke.”

Ku vesi 40, IMfundiso neziVumelwano 93 kungathi iyasuka ezimfundisweni eziphathelene nenkazimulo kaNkulunkulu nesimilo sethu esingcwele iya kwimiyalo ngokuba ngabazali nokuhlela izindlu zethu. Izimfundiso zeNkosi ngokukhanya, iqiniso nenkazimulo kulamavesi 1-39 zikusiza kanjani ukuthi uqondisise futhi ulandele imiyalo ku vesi 40-50 na?

Bheka futhi uDavid A. Bednar, “More Diligent and Concerned at Home,” kwi-Ensign noma kwi-Liyahona, Nov. 2016, 17–20.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IMfundiso neziVumelwano 93:2.Ngabe uJesu Kristu ube kanjani “ukukhanya kweqiniso” ezimpilweni zethu na? Ngabe sikubone kanjani Ukukhanya Kwakhe kwabanye abantu abaseduzane nathi na?

IMfundiso neziVumelwano 93:3-29.Ukusiza umndeni wakho uxoxe ngalokho okufundile kwi sigaba 93 ngoMsindisi nangabo, ungadlala umdlalo wokuqhathanisa. Isibonelo, ungalungisa amakhadi anamavesi acashunwe kwi sigaba 93 asifundisa amaqiniso ngoMsindisi (bheka kulamavesi 3, 12, 21, 26) namanye amakhadi afundisa into ecishe ifane ngathi (bheka kulamavesi 20, 23, 28–29). Amalunga omndeni angashintshisana ngokucosha ikhadi ngala nangala, afunde amavesi, futhi azame ukuthola amaqiniso ahambisanayo. Lamaqiniso athinta kanjani indlela esizizwa ngayo ngoMsindisi kanye nathi na?

IMfundiso neziVumelwano 93:12-13, 20.Kuqonde ukuthini ukuthola “umusa ngenxa yomusa” nokuphikelela “wand[e] ngomusa”? (amavesi 12 -13). Ngabe lamavesi afundisani ngendlela esikhula ngayo nesifunda ngayo? Ngabe ukwazi lokhu kuthinta kanjani indlela esiphatha ngayo abanye—kanye nathi na?

IMfundiso neziVumelwano 93:24.Funda incazelo yeqiniso etholakala kulelivesi, futhi umeme amalunga omndeni ukuba abe okuthile okutholakala kwi sigaba 93 abakubona kuyiqiniso elibalulekile. Yiziphi ezinye izincazelo esizithola kungokukaJohane 14:6; Jakobe 4:13; noma iculo elikhuluma ngeqiniso, njengaleli elithi “Oh Say, What Is Truth?” (Hymns, no. 272).

IMfundiso neziVumelwano 93:40.Mhlawumbe ngesikhathi ufunda lelivesi, umndeni wakho ungacula iculo eliphathelene nokufunda ekhaya, njengaleli elithi “Teach Me to Walk in the Light” (Children’s Songbook, 177). Abantwana abancane bengase bekuthokozele ukwakha izenzo ezihambiselana namagama. Ngabe yikuphi ozwa ugqugquzeleka ukukwenza ukumema “ukukhanya neqiniso” okuningi ekhaya lakho na?

IMfundiso neziVumelwano 93:41-50.Xoxani ndawonye njengomndeni ngalokho “okungalungile endlini yenu.” Yikuphi esingakwenza”ukulungisa indlu [yethu] ihleleke”? (amavesi 43–44).

Ukuthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lalelisonto ku Come, Follow Me—For Primary.

Iculo elingaculwa: “I Am a Child of God,” Children’s Songbook, 2–3.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Funda kaningi Ungakhetha ukufunda IMfundiso neziVumelwano 93 izikhathi eziningi esontweni. Njalo uma ufunda, ungathola ukuthi amaqiniso ahlukile ayakugqamela noma ayakugqugquzela ngendlela entsha. Ukufunda kaningi kuzokunika namathuba okuba uzindle ngokujulile.

Isithombe
uJesu Kristu

UkuKhanya neQiniso nguSimon Dewey

Shicilela